Ukugqashula Enkolweni Yamanga
“Phumani phakathi kwabo, . . . isho iNkosi; ningathinti okungcolileyo; khona ngiyakunamukela.”—2 KORINTE 6:17.
1. Ikuphi ukuthengiselana uSathane azama ukukwenza noJesu, futhi iziphi izinto ezimbili lokhu kwenza kwakhe lesithembiso okusifundisa zona?
“KONKE lokhu ngizakukunika khona, uma uziwisa phansi, ukhuleke kimi.” Nakuba lesithembiso senziwa ezinkulungwaneni eziningi zeminyaka ngemva kokuqala kwenkolo yamanga, sinikeza isihluthulelo sokuqonda ukuthi ngubani osekela inkolo yamanga nokuthi iyini injongo yayo. Ngasekupheleni konyaka ka-29 C.E., uDeveli wathembisa ukunika uJesu yonke imibuso yezwe uma ayengenza isenzo sokukhulekela. Lesenzakalo sisitshela izinto ezimbili: ukuthi imibuso yalelizwe yayingekaSathane ukuba aphisane ngayo nokuthi injongo yangempela yenkolo yamanga iwukukhulekelwa kukaDeveli.—Mathewu 4:8, 9.
2. Yini esiyifundayo emazwini kaJesu kuMathewu 4:10?
2 Empendulweni yakhe, uJesu akalahlanga nje kuphela inkolo yamanga kodwa futhi wabonisa lokho inkolo yeqiniso ekuhilelayo. Wathi: “Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.” (Mathewu 4:10) Ngakho-ke, injongo yenkolo yeqiniso iwukukhulekela uNkulunkulu oyedwa weqiniso, uJehova. Ihilela ukholo nokulalela, ukwenziwa kwentando kaJehova.
Umsuka Wenkolo Yamanga
3. (a) Inkolo yamanga yaqala nini futhi kanjani emhlabeni? (b) Isiphi isenzo sokuqala esilotshiwe sokungabekezelelwa kwenkolo, futhi ushushiso olungokwenkolo luye lwaqhubeka kanjani kusukela lapho?
3 Inkolo yamanga yaqala emhlabeni lapho abantu bokuqala bengamlaleli uNkulunkulu futhi bemukela ukusikisela kweNyoka ukuba bazinqumele ngokwabo “okuhle nokubi.” (Genesise 3:5) Ngokwenza kanjalo benqaba ukubusa kukaJehova okulungile futhi bashiya ukukhulekela okufanele, inkolo yeqiniso. Baba ngabantu bokuqala “[abaguqula] iqiniso likaNkulunkulu balenza amanga; bahlonipha, bakhonza okudaliweyo kunoMdali.” (Roma 1:25) Isidalwa abakhetha ngokungazi ukusikhulekela kwakunguSathane uDeveli uqobo lwakhe, “inyoka endala.” (IsAmbulo 12:9) Indodana yabo endala, uKayini, yenqaba ukulalela iseluleko sikaJehova esinomusa futhi kanjalo yahlubuka ebukhosini baKhe. Azi noma engazi, uKayini waba “umntwana womubi,” uSathane, kanye nomqhubi wokukhulekelwa kukaDeveli. Wabulala umfowabo omncane, uAbela, owayeqhuba ukukhulekela kweqiniso, inkolo yeqiniso. (1 Jonane 3:12, Revised English Bible; Genesise 4:3-8; Heberu 11:4) Igazi lika-Abela liyigazi lokuqala elachitheka ngenxa yokungabekezelelwa kwenkolo. Ngokudabukisayo, inkolo yamanga iye yaqhubeka ichitha igazi elingenacala kwaze kwaba sosukwini lwanamuhla.—Bheka uMathewu 23:29-35; 24:3, 9.
4. Endabeni kaNowa, imiphi imibhalo ebonisa isimo senkolo yeqiniso?
4 Ngaphambi kukaZamcolo, uSathane waphumelela ekuphambukiseni iningi lesintu enkolweni yeqiniso. Nokho, uNowa “wayetholile umusa emehlweni kaJehova.” Ngani? Ngoba “wayehamba noNkulunkulu.” Ngamanye amazwi, wayeqhuba ukukhulekela kweqiniso. Inkolo yeqiniso ayiwona umkhosi noma isiko elithile kodwa iyindlela yokuphila. Ihilela ukuba nokholo kuJehova nokumkhonza ngokwethembeka, ‘ukuhamba naye.’ UNowa wakwenza lokhu.—Genesise 6:8, 9, 22; 7:1; Heberu 11:6, 7.
5. (a) Yini uDeveli azama ukuyimisa ngemva kukaZamcolo, futhi kanjani? (b) UJehova walibhuntshisa kanjani icebo likaDeveli, futhi waba yini umphumela?
5 Ngokushesha ngemva kukaZamcolo, uDeveli ngokusobala wasebenzisa uNimrode, indoda eyayidume ‘ngokumelana noJehova,’ ezama ukuhlanganisa sonke isintu ohlotsheni lokukhulekela olwaluyophikisana futhi noJehova. (Genesise 10:8, 9; 11:2-4, qhathanisa neNW.) Kwakuyoba inkolo yamanga eyodwa enobunye, ukukhulekelwa kukaDeveli okuhlangene, esikhungo sayo sisemzini nasembhoshongweni laba bakhulekeli ababewakhile. UJehova walibhuntshisa lelicebo ngokusanganisa ‘ulimi lunye’ olwalukhulunywa yiso sonke isintu ngalesosikhathi. (Genesise 11:5-9) Ngakho-ke, lomuzi wabizwa ngokuthi iBabele, kamuva wabizwa ngokuthi iBabiloni, womabili lamagama asho “Ukusangana.” Lokhu kusanganiswa kolimi kwabangela ukuhlakazekela kwesintu kuwo wonke umhlaba.
6. (a) Imiphi imiqondo engokwenkolo eyafakwa kubakhulekeli bakaSathane ngaphambi kokuba bahlakazeke? (b) Kungani izinkolo emhlabeni wonke zinezinkolelo ezifanayo? (c) IBabiloni lalifeza yiphi injongo kaSathane, futhi lowomuzi wasendulo waba uphawu lwani?
6 Nokho, ngesisekelo somlando wezinkolelo nowenkolo kuyabonakala ukuthi ngaphambi kwalokhu kuhlakazwa kwesintu nguJehova, uSathane wayesefake izimfundiso ezithile zenkolo yamanga eziyisisekelo ezingqondweni zabakhulekeli bakhe. Lezi zazihlanganisa imiqondo engokwenkolo yokusinda komphefumulo ngemva kokufa, ukwesaba abafile, nokuba khona kwendawo yabafileyo enesihogo somlilo kanye nokukhulekelwa konkulunkulu nonkulunkulukazi abangenakubalwa, abanye babo ababengamaqembu ahamba ngamathathu. Izinkolelo ezinjalo zayiswa emaphethelweni omhlaba amaqembu ezilimi ezihlukahlukene. Ngokuhamba kwesikhathi, lemiqondo eyisisekelo yayilokhu iguquguqulwa iba izinhlobonhlobo. Kodwa isiyonke yakha ingxenye eyisisekelo yenkolo yamanga kuzo zonke izingxenye zomhlaba. Nakuba abhuntshiswa emzamweni wakhe wokwakha inkolo yamanga eyodwa enobunye enekomkhulu layo lomhlaba wonke eBabiloni, uSathane wasale esekhetha izinhlobo ezihlukahlukene zokukhulekela kwamanga, ezaziphefumlelwe eBabiloni futhi ezaziklanyelwe ukuphambukisa ukukhulekela okuya kuJehova kuze kuye. IBabiloni laqhubeka amakhulu amaningi eminyaka liyisikhungo esinethonya sokukhulekelwa kwezithombe, imilingo, ukubhula, nokufundwa kwezinkanyezi—konke okuyizingxenye ezibalulekile zenkolo yamanga. Akumangalisi ukuthi incwadi yesAmbulo ifanekisa umbuso wezwe wenkolo yamanga nesifebe esingcolile esibizwa ngokuthi iBabiloni Elikhulu.—IsAmbulo 17:1-5.
Inkolo Yeqiniso
7. (a) Kungani inkolo yeqiniso ingazange ithinteke ekusanganisweni kolimi? (b) Ubani owaziwa ngokuthi “uyise wabo bonke abakholwayo,” futhi ngani?
7 Ngokusobala, inkolo yeqiniso yahlala ingathintekile ekusanganiseni kukaJehova inkulumo yesintu eBabele. Ngaphambi kukaZamcolo ukukhulekela kweqiniso kwakuqhutshwa amadoda nabesifazane abathembekile njengoAbela, uEnoke, uNowa, umkaNowa, namadodana kaNowa nomalokazana. Ngemva kukaZamcolo ukukhulekela kweqiniso kwalondolozwa ozalweni lwendodana kaNowa uShemi. UAbrahama, oyinzalo kaShemi, waqhuba inkolo yeqiniso futhi waziwa ngokuthi “uyise wabo bonke abakholwayo.” (Roma 4:11) Ukholo lwakhe lwalusekelwe yimisebenzi. (Jakobe 2:21-23) Inkolo yakhe yayiyindlela yokuphila.
8. (a) Inkolo yeqiniso yangqubuzana kanjani nenkolo yamanga ngekhulu le-16 leminyaka B.C.E., futhi waba yini umphumela? (b) UJehova wenza liphi ilungiselelo elisha ngokuqondene nokukhulekelwa kwakhe okumsulwa?
8 Ukukhulekela kweqiniso kwaqhubeka kuqhutshwa ohlwini lwenzalo ka-Abrahama—uIsaka, uJakobe (noma, uIsrayeli), namadodana kaJakobe angu-12, okwavela kuwo izizwe ezingu-12 zakwaIsrayeli. Ikhulu le-16 leminyaka B.C.E. laphela inzalo ka-Abrahama ngoIsaka ilwela ukulondoloza inkolo emsulwa endaweni ezungezile enobumpi nobuqaba—iGibithe—lapho yafike yenziwa khona izigqila. UJehova wasebenzisa inceku yakhe ethembekile uMose, wesizwe sakwaLevi, ukuba akhulule abakhulekeli baKhe ejokeni laseGibithe, izwe elalicwile enkolweni yamanga. NgoMose, uJehova wenza isivumelwano noIsrayeli, emenza abantu baKhe abakhethiwe. Ngalesosikhathi, uJehova wenza isimiso semithetho yokukhulekelwa kwakhe, esihlela okwesikhashana ngaphakathi kwemingcele yesimiso semihlatshelo eyayenziwa abapristi sinendawo engcwele ebonakalayo, okokuqala okwakuyitabernakele elithwalekayo futhi kamuva kwaba ithempeli eJerusalema.
9. (a) Ukukhulekela kweqiniso kwakuqhutshwa kanjani ngaphambi kwesivumelwano soMthetho? (b) UJesu wakubonisa kanjani ukuthi izici ezibonakalayo zoMthetho zazingezona ezihlala njalo?
9 Nokho, kufanele kuphawulwe ukuthi lezizici ezibonakalayo zazingenzelwanga ukuba zibe izingxenye ezihlala njalo zenkolo yeqiniso. UMthetho ‘wawuyisithunzi nje salokhu obekuzakuza.’ (Kolose 2:17; Heberu 9:8-10; 10:1) Ngaphambi koMthetho kaMose, ezikhathini zezinzalamizi, izinhloko zemikhaya ngokusobala zazimelela imikhaya yazo ekunikeleni ngemihlatshelo ema-altare ezaziwakhile. (Genesise 12:8; 26:25; 35:2, 3; Jobe 1:5) Kodwa babungekho ubupristi obuhleliwe noma isimiso semihlatshelo, esinemikhosi nemicikilisho. Ngaphezu kwalokho, uJesu ngokwakhe wakubonisa ukuba ngokwesikhashana kokukhulekela okunesimiso somthetho okwakunesizinda eJerusalema lapho etshela owesifazane ongumSamariya: “Isikhathi siyeza, lapho ningasayikukhuleka kuBaba nakulentaba [iGerizimi, indawo lapho okwakukade kumi khona ithempeli laseSamariya] naseJerusalema. . . . Isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abakhulekayo abaqinisileyo beyakukhuleka kuBaba ngoMoya nangeqiniso.” (Johane 4:21-23) UJesu wabonisa ukuthi inkolo yeqiniso kumelwe iqhutshwe ngomoya nangeqiniso, hhayi ngezinto ezibonakalayo.
Ukuthunjwa YiBabiloni
10. (a) Kungani uJehova avumela abantu bakhe ukuba bathunjelwe eBabiloni? (b) UJehova wayikhulula ngaziphi izindlela ezimbili insali ethembekile ngo-537 B.C.E., futhi yayiyini injongo eyinhloko yokubuyela kwayo kwaJuda?
10 Kusukela ekuhlubukeni e-Edene, kuye kwaba nobutha obuhlala njalo phakathi kwenkolo yeqiniso nenkolo yamanga. Ngezinye izikhathi abakhulekeli beqiniso, ngokomfanekiso, baye bathunjwa inkolo yamanga, eye yafanekiselwa yiBabiloni kusukela esikhathini sikaNimrode. Ngaphambi kokuba uJehova avumele abantu bakhe ukuba bathunjelwe eBabiloni ngo-617 B.C.E. nango-607 B.C.E., kakade base beyizisulu zenkolo yamanga yobuBabiloni. (Jeremiya 2:13-23; 15:2; 20:6; Hezekeli 12:10, 11) Ngo-537 B.C.E., insali ethembekile yaphindela kwaJuda. (Isaya 10:21) Yalalela umyalo ongokwesiprofetho: “Phumani eBabele.” (Isaya 48:20) Lokhu kwakungeke kumane kube ukukhululwa ngokwenyama. Kwakuwukukhululwa futhi ngokomoya endaweni ezungezile yenkolo yamanga engcolile, yokukhulekelwa kwezithombe. Ngakho-ke lensali ethembekile yayalwa: “Mukani, mukani, niphume lapha, ningathinti okungcolileyo, niphume phakathi kwalo, nizihlambulule nina eniphatha izitsha zikaJehova.” (Isaya 52:11) Injongo eyinhloko yokubuyela kwabo kwaJuda yayiwukumisa kabusha ukukhulekela kweqiniso, inkolo yeqiniso.
11. Ngaphandle kokubuyiselwa kokukhulekela okumsulwa kwaJuda, iziphi ezinye izinguquko ezintsha ezingokwenkolo ezenzeka ngekhulu lesithupha leminyaka B.C.E.?
11 Ngokuthakazelisayo, ngalo lelokhulu lesithupha leminyaka B.C.E. kwaqalisa izingxenye ezintsha zenkolo yamanga ngaphakathi kweBabiloni Elikhulu. Kwavela ubuBuddha, ubuConfucius, ubuZoroaster, nobuJain, ingasaphathwa eyefilosofi yokuhlakanipha yamaGreki kamuva eyayizowathonya kakhulu amasonto eLobukholwa. Ngakho lapho ukukhulekela kweqiniso kwakubuyiselwa kwaJuda, isitha sikaNkulunkulu esikhulu sasihlela uhlu olubanzi okungase kuphendukelwe kulo enkolweni yamanga.
12. Ikuphi ukukhululwa ekuthunjweni yiBabiloni okwenzeka ngekhulu lokuqala leminyaka C.E., futhi uPawulu wanikeza siphi isixwayiso?
12 Ngesikhathi uJesu efika kwaIsrayeli, iningi lamaJuda laliqhuba izinhlobo ezihlukahlukene zobuJuda, uhlobo lwenkolo olwaluthathé imiqondo engokwenkolo eminingi yobuBabiloni. Babuzihlanganise neBabiloni Elikhulu. UKristu wabulahla futhi wakhulula abafundi bakhe ekuthunjweni yiBabiloni. (Mathewu, isahluko 23; Luka 4:18) Njengoba inkolo yamanga nefilosofi yamaGreki kwakwandile ezindaweni ayeshumayela kuzo, umphostoli uPawulu wacaphuna isiprofetho sikaIsaya futhi wasisebenzisa kumaKristu, okwakudingeka adede ethonyeni elingcolile leBabiloni Elikhulu. Wabhala: “Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe [zobuBabiloni] na? Ngokuba thina siyithempeli likaNkulunkulu ophilayo, njengokuba washo uNkulunkulu ukuthi: Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo; ngiyakuba-nguNkulunkulu wabo, bona babe-ngabantu bami. Ngakho-ke phumani phakathi kwabo, isho iNkosi; ningathinti okungcolileyo; khona ngiyakunamukela.”—2 Korinte 6:16, 17.
Ukugqashula Enkolweni Yamanga Esikhathini Sokuphela
13. Yini eboniswa ezigijimini uKristu azithumela emabandleni ayisikhombisa aseAsia Minor, futhi waba yini umphumela?
13 Izigijimi uKristu azithumela emabandleni ayisikhombisa aseAsia Minor ngeSambulo esanikezwa umphostoli uJohane zibonisa ngokucacile ukuthi ngasekupheleni kwekhulu lokuqala C.E., imikhuba engokwenkolo nesimo sengqondo sobuBabiloni kwase kungena ngokunyenya ebandleni lobuKristu. (IsAmbulo, izahluko 2 no-3) Ukuhlubuka kwachuma ikakhulu kusukela ngekhulu lesibili leminyaka kuya kwelesihlanu C.E., okwaphumela ekuveleni kokulingiswa okonakalisiwe kwenkolo emsulwa yobuKristu. Izimfundiso zobuBabiloni ezinjengokungafi komphefumulo, isihogo esivuthayo, noZiqu-zintathu zahlanganiswa nezimfundiso zobuKristu bokuhlubuka. Amasonto obuKatolika, ubuOrthodox, futhi kamuva nawobuProthestani wonke azamukela lezimfundiso zamanga, futhi ngaleyondlela aba ingxenye yeBabiloni Elikhulu, umbuso wezwe kaDeveli wenkolo yamanga.
14, 15. (a) Umfanekiso kaJesu wamabele nokhula wawubonisani? (b) Yini eyenzeka ngasekupheleni kwekhulu le-19 leminyaka, futhi ngo-1914, iyiphi intuthuko eyase yenziwe ngokuqondene nezimfundiso?
14 Inkolo yeqiniso ayikaze nakancane iqedwe ngokuphelele. Bebelokhu bekhona ngaso sonke isikhathi abathandi beqiniso phakathi nawo wonke amakhulu eminyaka, abanye babo balahlekelwa ukuphila kwabo ngenxa yokuthembeka kwabo kuJehova naseZwini lakhe, iBhayibheli. Kodwa njengoba umfanekiso kaJesu wamabele nokhula ubonisa, amabele angokomfanekiso, noma amadodana oMbuso agcotshiwe, ayeyohlukaniswa nokhula, noma amadodana omubi, ‘ekupheleni kwezwe.’ (Mathewu 13:24-30, 36-43) Njengoba isikhathi sokuphela—isikhathi sokuba lokhu kuhlukanisa kwenzeke—sasisondela, abafundi beBhayibheli abaqotho ekupheleni kwekhulu le-19 leminyaka baqala ukugqashula ebugqilini benkolo yamanga.
15 Ngo-1914 lamaKristu, namuhla aziwa ngokuthi oFakazi BakaJehova, ayeseye ahlakulela ukholo oluqinile esihlengweni. Ayekade esazi ukuthi uKristu kumelwe abe khona ngokungabonakali. Ayekuqonda ukuthi unyaka ka-1914 wawuyophawula ukuphela ‘kwezikhathi zabeZizwe.’ (Luka 21:24) Futhi ayeyiqonda kahle incazelo yomphefumulo novuko. Akhanyiselwa futhi ngokuqondene nephutha elikhulu lezimfundiso zamasonto ngesihogo somlilo noZiqu-zintathu. Bafunda futhi baqala ukusebenzisa igama laphezulu futhi baqonda ukuba yiphutha kwemfundiso yokuziphendukela kwemvelo nokusetshenziswa kwemimoya.
16. AmaKristu asabela kusiphi isicelo ngo-1919?
16 Kwakwenziwe isiqalo esihle ekulahleni amaketanga enkolo yamanga. Futhi ngo-1919, abantu bakaNkulunkulu baphuma ngokuphelele ezidladleni zeBabiloni Elikhulu. Njengoba insali yamaJuda yakhululwa eBabiloni ngo-537 B.C.E., kanjalo insali ethembekile yamaKristu agcotshiwe yalalela umyalo ‘wokuphuma phakathi kwalo [iBabiloni Elikhulu].’—Isaya 52:11.
17. (a) Yini eyavela kusukela ngo-1922 kuqhubeke, futhi abantu bakaNkulunkulu baphawula siphi isidingo? (b) Isiphi isimo esiqine ngokweqile esathathwa, futhi kungani lokhu kuqondakala?
17 Kusukela ngo-1922 kuqhubeke, amaqiniso eBhayibheli angagwegwesi anyatheliswa futhi asakazwa obala, ayedalula inkolo yamanga yobuBabiloni, ikakhulu amasonto eLobukholwa. Kwabonakala isidingo sokugxilisa ezingqondweni zabantu bakaNkulunkulu abahlanziwe ukuthi ukuhlukana nazo zonke izinhlobo zenkolo yamanga kumelwe kwenziwe ngokuphelele. Ngakho, eminyakeni, eminingi ngisho nokusetshenziswa kwegama elithi “inkolo” kwakugwenywa lapho kukhulunywa ngokukhulekela okumsulwa. Iziqubulo, ezinjengesithi “iNkolo Iwugibe Nesife,” zazikhangiswa emigwaqweni yasemadolobheni amakhulu. Izincwadi ezinjengezithi Government (1928) nethi “I Qiniso Li Ya Ku Nikulula” (1947) zenza umehluko ocacile phakathi “kobuKristu” “nenkolo.” Lesisimo esiqine ngokweqile siyaqondakala, ngoba kwakumelwe kwehlukanwe ngokuphelele nezimiso ezingokwenkolo ezisakazekile zeBabiloni Elikhulu.
Inkolo Yeqiniso Neyamanga
18. Ikuphi ukuqonda okusha ngegama elithi “inkolo” okwanikezwa ngo-1951, futhi lokhu kuchazwe kanjani kuyiYearbook ka-1975?
18 Khona-ke, ngo-1951, kwase kuyisikhathi esifanelekile ngoJehova ukuba anikeze abantu bakhe ukuwuqonda ngokukhanya bhá umehluko phakathi kwenkolo yeqiniso nenkolo yamanga. IYearbook of Jehovah’s Witnesses ka-1975 iyabika: “Ngo-1951, abameleli bokukhulekela kweqiniso bafunda okuthile okuphawulekayo ngokuqondene negama elithi ‘inkolo.’ Abanye babo babesawukhumbula kahle unyaka ka-1938, lapho ngezinye izikhathi, babephatha izingqwembe ezishukumisa ingqondo ezithi ‘Inkolo Iwugibe Nesife.’ Ngokombono wabo wangalesosikhathi yonke ‘inkolo’ yayingebona ubuKristu, ivela kuDeveli. Kodwa INqabayokulinda kaJune 1, 1951, yakuvumela ukusetshenziswa kwesiphawulo esithi ‘yeqiniso’ nesithi ‘yamanga’ ngokuqondene nenkolo. Ngaphezu kwalokho, incwadi ethakazelisayo ethi INkolo Isenzeleni Isintu? (eyanyatheliswa ngo-1951 futhi yakhishwa eMhlanganweni ‘Wokukhulekela Okuhlanzekile’ eWembley Stadium, eLondon, eNgilandi) yasho lokhu: ‘Uma lithathwa ngendlela elisetshenziswa ngayo, igama elithi “inkolo” ngokwencazelo yalo elula kakhulu lisho isimiso sokukhulekela, uhlobo lokukhulekela, kungakhathaliseki ukuthi kungukukhulekela kweqiniso noma kwamanga. Lokhu kuyavumelana nencazelo yegama lesiHeberu elithi ’a·boh·dáh, ngokwezwi nezwi elisho “inkonzo”, kungakhathaliseki ukuthi iyiswa kubani.’ Ngemva kwalokho, amazwi athi ‘inkolo yamanga’ nathi ‘inkolo yeqiniso’ aba ngajwalekile phakathi kofakazi bakaJehova.”—Ikhasi 225.
19, 20. (a) Kungani abakhulekeli beqiniso kwakungamelwe baphatheke kabi ngokusetshenziswa kwegama elithi “inkolo” lapho lisetshenziselwa ukukhulekela okumsulwa? (b) Lokhu kuqonda okusha kwenza abantu bakaJehova bakwazi ukwenzani?
19 Lapho uphendula umbuzo womfundi othile, umagazini weNqabayokulinda ka-August 15, 1951, wathi, “Akekho okumelwe azizwe kabi ngokusetshenziswa kwegama elithi ‘inkolo’. Ukulisebenzisa kwethu akusibeki esigabeni sezinkolo zamanga ezigxile emasikweni, njengoba nokuzibiza kwethu ngamaKristu kungasihlanganisi namaKristu amanga eLobukholwa.”
20 Kunokuba kube ukuhlehla, lokhu kuqondwa okusha kwegama elithi “inkolo” kwenza abantu bakaJehova bawandisa umhosha ophakathi kokukhulekela kweqiniso nokwamanga, njengoba isihloko esilandelayo sizobonisa.
Ukuhlola Ukuqonda Kwethu
◻ Inkolo yamanga yaqala nini emhlabeni futhi kanjani?
◻ Yini uSathane azama ukuyimisa ngemva kukaZamcolo, futhi icebo lakhe labhuntshiswa kanjani?
◻ IBabiloni laba uphawu lwani?
◻ Ikuphi ukukhululwa okwenzeka ngo-537 B.C.E., ngekhulu lokuqala leminyaka C.E., nango-1919?
◻ Ikuphi ukuqonda okusha ngegama elithi “inkolo” okwanikezwa ngo-1951, futhi kungani kwanikezwa ngalesosikhathi?
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 11]
Izimfundiso zamanga abantu abazikholelwayo emhlabeni wonke zinomsuka wazo eBabiloni:
◻ OZiqu-zintathu, noma omthath’ emunye bonkulunkulu
◻ Umphefumulo womuntu uyasinda ekufeni
◻ Ukusebenzisa imimoya—ukukhuluma “nabafileyo”
◻ Ukusetshenziswa kwezithombe ekukhulekeleni
◻ Ukusetshenziswa kweziphonso ukuze kushwelezwe emademonini
◻ Ukubusa kwabefundisi abanamandla