IZwi LikaJehova Liyaphila
Amaphuzu Avelele Encwadi Ka-Isaya—INgxenye II
U-ISAYA ukufeza ngokwethembeka ukuthunywa kwakhe njengomprofethi. Akubikezela ngombuso wakwa-Israyeli wezizwe eziyishumi sekugcwalisekile kakade. Manje uyaqhubeka ememezela ngezinto ezizokwenzeka eJerusalema.
Umuzi waseJerusalema uzobhujiswa, nezakhamuzi zawo zizothunjwa. Nokho, ngeke uhlale uyincithakalo unomphelo. Ngemva kwesikhathi esithile, ukukhulekela kweqiniso kuyovuselelwa. Lesi isigijimi esiyinhloko esiku-Isaya 36:1–66:24.a Singazuza ngokucabangela lokho okushiwo kulezi zahluko ngoba iziprofetho eziningi ezikule ngxenye zigcwaliseka ngokuyinhloko osukwini lwethu noma zizogcwaliseka maduze. Le ngxenye yencwadi ka-Isaya iqukethe neziprofetho ezivusa amadlingozi ngokuqondene noMesiya.
“BHEKA! KUZA IZINSUKU”
Ngonyaka we-14 wokubusa kweNkosi uHezekiya (ngo-732 B.C.E.), abase-Asiriya bahlasela uJuda. UJehova uthembisa ukuvikela iJerusalema. Usongo lokuhlasela luphela lapho ingelosi kaJehova eyodwa ibulala amasosha ase-Asiriya angu-185 000.
UHezekiya uqala ukugula. UJehova uyawuphendula umthandazo wakhe amphulukise futhi unezela iminyaka engu-15 ekuphileni kwakhe. Lapho inkosi yaseBhabhiloni ithumela amanxusa ukuba ayombongela, uHezekiya wenza ubuwula ngokuwabonisa yonke ingcebo yakhe. U-Isaya uhambisa umyalezo kaJehova kuHezekiya, athi: “Bheka! Kuza izinsuku, futhi konke okusendlini yakho nalokho okhokho bakho abakubekelele kuze kube yilolu suku impela kuyothwalwa kuyiswe eBhabhiloni.” (Isaya 39:5, 6) Ngemva kweminyaka engaphezudlwana kweyikhulu, lesi siprofetho siyagcwaliseka.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
38:8—Ziyini ‘izitebhisi’ isithunzi esahlehliswa kuzo? Njengoba ngekhulu lesi-8 B.C.E. kwakusetshenziswa amawashi aqondiswa isithunzi selanga eGibhithe naseBhabhiloni, kungenzeka ukuthi lezi zitebhisi kwakungamagabelo alelo washi lika-Ahazi, uyise kaHezekiya. Noma kungenzeka kwakuyizitebhisi ezingaphakathi esigodlweni. Kungenzeka ukuthi insika eyayiba seceleni kwezitebhisi yayenza isithunzi esasihamba kancane kancane size simboze izitebhisi, okungenzeka ukuthi kwakubonwa ngaso isikhathi.
Izifundo Esizitholayo:
36:2, 3, 22. Nakuba asuswa esikhundleni sokuba umphathi, uShebina wavunyelwa ukuba aqhubeke ekhonza inkosi njengonobhala womphathi omusha. (Isaya 22:15, 19) Uma ngasizathu simbe sigudluzwa esikhundleni esithile somthwalo wemfanelo enhlanganweni kaJehova, akufanele yini siqhubeke sikhonza uNkulunkulu kunoma isiphi isici asivumela ukuba sikhonze kuso?
37:1, 14, 15; 38:1, 2. Lapho sicindezelekile, kuyoba ukuhlakanipha ukuphendukela kuJehova ngomthandazo futhi sithembele kuye ngokugcwele.
37:15-20; 38:2, 3. Lapho iJerusalema lisongelwa abase-Asiriya, into eyakhathaza kakhulu uHezekiya ukuthi ukubhujiswa kwalo kwakuyoletha isihlamba egameni likaJehova. Lapho uHezekiya ezwa ukuthi isifo esasimphethe sasizombulala, wakhathazeka ngezinto eziningi. Wakhathazeka kakhulu ngokuthi wayezofa engenayo indlalifa, okwakuyosho ukuphela kohlu lwamakhosi lukaDavide. Wayekhathazwa nawukuthi ubani owayezohola empini yabase-Asiriya. NjengoHezekiya, sibheka ukungcweliswa kwegama likaJehova nokugcwaliseka kwezinjongo zakhe njengokubaluleke ngaphezu kwensindiso yethu.
38:9-20. Le ngoma kaHezekiya isifundisa ukuthi ayikho into ebaluleke kakhulu ekuphileni kunokwazi ukudumisa uJehova.
“LIZOKWAKHIWA KABUSHA”
Ngemva nje kokubikezela ngokubhujiswa kweJerusalema nokuthunjelwa eBhabhiloni, u-Isaya uprofetha ngokubuyiselwa. (Isaya 40:1, 2) U-Isaya 44:28 uthi iJerusalema “lizokwakhiwa kabusha.” Izithombe ezingonkulunkulu baseBhabhiloni zizothathwa kuhle ‘kwemithwalo ehlukahlukene.’ (Isaya 46:1) IBhabhiloni lizobhujiswa. Konke lokhu kuyagcwaliseka ngemva kweminyaka engamakhulu amabili.
UJehova uzokwenza inceku yakhe ibe “ukukhanya kwezizwe.” (Isaya 49:6) “Amazulu” aseBhabhiloni, noma ababusi, “ayohlakazeka abe yizicucu njengomusi,” nezikhonzi zawo ‘ziyofa njengensensane nje’ kodwa ‘indodakazi eyisithunjwa yaseZiyoni iyozithukulula imichilo esentanyeni yayo.’ (Isaya 51:6; 52:2) Kulabo abezayo bazolalela, uJehova uthi: “Ngizokwenza nani ngokushesha isivumelwano esimi kuze kube nini nanini ngokuqondene nomusa wothando . . . engawunika uDavide.” (Isaya 55:3) Ukuphila ngokuvumelana nezimfuneko zikaNkulunkulu ezilungile kuholela ekutholeni ‘injabulo enkulu ngoJehova.’ (Isaya 58:14) Ngakolunye uhlangothi, iziphambeko zabantu ‘zibangela ukwahlukana phakathi kwabo noNkulunkulu wabo.’—Isaya 59:2.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
40:27, 28—Kungani u-Israyeli athi: “Indlela yami ithukusiwe kuJehova, futhi ubulungisa kimi buyamphunyuka noNkulunkulu wami”? Kungenzeka ukuthi amanye amaJuda eBhabhiloni ayenomuzwa wokuthi ukuhlupheka kwawo ngokungenabulungisa kwakuthukusiwe kuJehova noma wayengakuboni. Akhunjuzwa ukuthi iBhabhiloni lalingekude kuMdali womhlaba, ongakhathali noma aphelelwe amandla.
43:18-21—Kungani ababuya ekudingisweni batshelwa ukuba ‘bangazikhumbuli izinto zangaphambili’? Lokhu kwakungashiwo neze ngomqondo wokuthi kufanele bakhohlwe izenzo zikaJehova zokubakhulula zangesikhathi esidlule. Kunalokho, uJehova wayefuna bamdumise ngenxa ‘yento entsha’ ababezozibonela yona, njengohambo lwabo oluphephile beya eJerusalema, mhlawumbe ebahambisa ngendlela engajikelezi edabula ogwadule. “Isixuku esikhulu” esiphuma “osizini olukhulu” naso siyoba nezizathu zaso ezintsha zokukhazimulisa uJehova.—IsAmbulo 7:9, 14.
49:6—Kungayiphi indlela uMesiya ‘engukukhanya kwezizwe,’ nakuba inkonzo yakhe yasemhlabeni ayenza kubantwana bakwa-Israyeli kuphela? Lokhu kungenxa yalokho okwenzeka ngemva kokufa kukaJesu. IBhayibheli libonisa ukuthi u-Isaya 49:6 usebenza kubafundi bakhe. (IzEnzo 13:46, 47) Namuhla, amaKristu agcotshiwe, esizwa isixuku esikhulu sabakhulekeli, akhonza ‘njengokukhanya kwezizwe,’ ngenxa yokuthi akhanyisela abantu ‘kuze kufinyelele emkhawulweni womhlaba.’—Mathewu 24:14; 28:19, 20.
53:10—UJehova wakujabulela ngamuphi umqondo ukuchoboza iNdodana yakhe? Njengoba uJehova enguNkulunkulu onesihawu nobubele, kumelwe ukuba kwamzwisa ubuhlungu ukubona iNdodana yakhe ayithandayo ihlupheka. Noma kunjalo, wakujabulela ukulalela kukaJesu ngokuzithandela nalokho okwakuyofezwa ukuhlupheka nokufa kwakhe.—IzAga 27:11; Isaya 63:9.
53:11—Yiluphi ulwazi uMesiya ayolusebenzisa ukuze ‘enze abantu abaningi babe nokuma okulungile’? Wulwazi uJesu aluthola ngokuza emhlabeni, waba umuntu futhi wahlupheka ngokungafanele waze wafa. (Hebheru 4:15) Lapho efa, waba umhlatshelo wesihlengo owawudingeka ukuze amaKristu agcotshiwe nesixuku esikhulu babe nokuma okulungile phambi kukaNkulunkulu.—Roma 5:19; Jakobe 2:23, 25.
56:6—Obani “abezinye izizwe,” futhi ‘basibamba’ ngaziphi izindlela ‘isivumelwano sikaJehova’? “Abezinye izizwe” ‘bangezinye izimvu’ zikaJesu. (Johane 10:16) Babamba isivumelwano esisha ngokuthi balalela imithetho ehlobene naleso sivumelwano, babambisane ngokugcwele namalungiselelo enziwe ngaso, badle ukudla okungokomoya okufana nalokho okudliwa amaKristu agcotshiwe futhi bawasekele emsebenzini wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi.
Izifundo Esizitholayo:
40:10-14, 26, 28. UJehova unamandla, umnene, unguMninimandla onke, uhlakaniphe kunawo wonke umuntu futhi unokuqonda okukhulu kakhulu esingasoze sakuqonda.
40:17, 23; 41:29; 44:9; 59:4. Izivumelwano zezombusazwe nezithombe ‘ziyizinto ezingezona ezingokoqobo.’ Ukuthembela kuzo akusizi.
42:18, 19; 43:8. Ukungalinaki iZwi likaNkulunkulu elilotshiwe nokungasilaleli isiyalo asinika sona ‘ngenceku ethembekileyo neqondayo’ kuwukuba impumputhe nesithulu ngokomoya.—Mathewu 24:45.
43:25. UJehova usula izeqo ngenxa yakhe. Ukungcweliswa kwegama likaJehova kuyinto eyinhloko bese kulandela ukukhululwa kwethu ebugqilini besono nokufa nokuthola ukuphila.
44:8. Sisekelwa uJehova ongaguquki futhi oqine njengedwala. Akufanele neze sesabe ukumemezela ukuthi unguNkulunkulu!—2 Samuweli 22:31, 32.
44:18-20. Ukukhonza izithombe kuwuphawu lokonakala kwenhliziyo. Akukho okufanele kungene esikhundleni sikaJehova enhliziyweni yethu.
46:10, 11. Amandla okwenza ‘injongo yakhe ime,’ okungukuthi ukugcwalisa injongo yakhe, awubufakazi obungenakuphikwa bokuthi uJehova unguNkulunkulu.
48:17, 18; 57:19-21. Uma sithembela kuJehova ukuze sithole insindiso, uma sisondela kuye, futhi silalela imiyalo yakhe, ukuthula kwethu kuyokwanda njengamanzi omfula ogelezayo nezenzo zethu ezilungile ziyoba ziningi njengamagagasi olwandle. Abangalilaleli iZwi likaNkulunkulu “banjengolwandle olunyakaziswayo.” Abanakuthula.
52:5, 6. AbaseBhabhiloni benza iphutha ngokuphetha ngokuthi uNkulunkulu weqiniso wayebuthaka. Abazange baqaphele ukuthi ama-Israyeli ayeyizigqila ngenxa yokuthi uJehova wayewathukuthelele. Lapho abanye behlelwa inhlekelele, siyobe sihlakaniphile uma singasheshi siphethe ngokuthi ibangelwe yini.
52:7-9; 55:12, 13. Sinezizathu okungenani ezintathu zokuhlanganyela ngenjabulo emsebenzini wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi. Izinyawo zethu zinhle kubantu abathobekile abalambile ngokomoya. Sibona uJehova “ngaso linye,” noma sinobuhlobo obuseduze naye. Sijabulela nokuchuma ngokomoya.
52:11, 12. Ukuze sifanelekele ukuthwala “izitsha zikaJehova”—amalungiselelo akhe enkonzo engcwele—kumelwe sihlanzeke ngokomoya nangokuziphatha.
58:1-14. Ukubonisa ukuzinikela nokulunga ngokuzenzisa kuyize. Abakhulekeli beqiniso kufanele babonise izenzo eziningi eziqotho zokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu nothando lobuzalwane.—Johane 13:35; 2 Petru 3:11.
59:15b-19. UJehova uyakubona okwenziwa abantu, angenele ngesikhathi sakhe esifanele.
“UYOBA NGUMQHELE OMUHLE”
Ekhuluma ngokuvuselelwa kokukhulekela kweqiniso ezikhathini zasendulo nanamuhla, u-Isaya 60:1 uthi: “Vuka wena wesifazane, khipha ukukhanya, ngoba ukukhanya kwakho kufikile futhi inkazimulo kaJehova uqobo ikhanyé phezu kwakho.” IZiyoni ‘liyoba ngumqhele omuhle esandleni sikaJehova.’—Isaya 62:3.
U-Isaya uthandazela abantu bakubo abayophenduka phakathi nokudingiselwa kwabo eBhabhiloni. (Isaya 63:15–64:12) Ngemva kokubonisa umahluko phakathi kwezinceku zeqiniso nezamanga, lo mprofethi umemezela indlela uJehova azobabusisa ngayo abamkhonzayo.—Isaya 65:1–66:24.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
61:8, 9—Siyini “isivumelwano esimi kuze kube nini nanini,” futhi ingobani “inzalo”? Lesi isivumelwano esisha uJehova aye wasenza namaKristu agcotshiwe. “Inzalo” ‘ingezinye izimvu’—izigidi ezisabela esigijimini sawo.—Johane 10:16.
63:5—Intukuthelo kaNkulunkulu imsekela kanjani? Intukuthelo kaNkulunkulu iwumzwelo olawulekayo—uthukuthela ngendlela elungile. Intukuthelo yakhe imsekela futhi imshukumise ukuba akhiphe izahlulelo zakhe ezilungile.
Izifundo Esizitholayo:
64:6. Abantu abangaphelele angeke bakwazi ukuzisindisa. Maqondana nokuhlawulelwa kwezono, izenzo zabo zokulunga zifana nengubo engcolile.—Roma 3:23, 24.
65:13, 14. UJehova uyazibusisa izinceku zakhe ezithembekile, anelise isidingo sazo esingokomoya ngokuchichimayo.
66:3-5. UJehova uyakuzonda ukuzenzisa.
“Yethabani”
Yeka indlela iziprofetho zokubuyiselwa okumelwe ukuba zawaduduza ngayo amaJuda athembekile ayeyizithunjwa eBhabhiloni! UJehova wathi: “Yethabani, nijabule kuze kube phakade ngalokho engikudalayo. Ngoba bhekani ngidala iJerusalema libe yisizathu sokujabula nabantu balo babe yisizathu sokwethaba.”—Isaya 65:18.
Nathi siphila esikhathini lapho ubumnyama bugubuzele khona umhlaba nezizwe zisesigayegayeni. (Isaya 60:2) Siphila ‘ezikhathini ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ (2 Thimothewu 3:1) Ngakho, isigijimi sikaJehova sensindiso esisencwadini yeBhayibheli ka-Isaya siyisikhuthazo esikhulu kithi.—Hebheru 4:12.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ingxoxo ka-Isaya 1:1–35:10, bheka isihloko esithi “IZwi LikaJehova Liyaphila—Amaphuzu Avelele Encwadi Ka-Isaya—INgxenye I” kuyi-Nqabayokulinda ka-December 1, 2006.
[Isithombe ekhasini 8]
Uyasazi yini isizathu esiyinhloko esénza uHezekiya wathandazela ukuba basindiswe kwabase-Asiriya?
[Isithombe ekhasini 11]
“Yeka ukuthi zibukeka kahle kanjani ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle!”