IBhayibheli—INcwadi Yesiprofetho Esinembile, Ingxenye 4
IBhayibheli Labikezela Ukuthi UKristu Wayeyohlupheka Futhi Afe
Kulolu chungechunge lwezihloko ezingu-8, i-“Phaphama!” izokhuluma ngesici esibalulekile seBhayibheli—iziprofetho zalo, noma izibikezelo. Lezi zihloko zizokusiza ukuba uphendule le mibuzo: Ingabe iziprofetho zeBhayibheli zimane nje ziwumphumela wokuhlakanipha kwabantu? Ingabe ziphefumulelwe uNkulunkulu ngempela? Sikumema ukuba uhlole ubufakazi.
LAPHO uJesu Kristu esemhlabeni eminyakeni engaba ngu-2 000 edlule, wayazi ukuthi wayezobulawa kabuhlungu izitha zakhe. Kungani ayekwazi lokhu? Wayezazi kahle iziprofetho eziphathelene naye ezisemiBhalweni YesiHebheru noma “iTestamente Elidala.” Iningi lalezo zibikezelo lalotshwa umprofethi u-Isaya eminyakeni engaphezu kuka-700 ngaphambi kokuzalwa kukaJesu. Singaqiniseka kanjani ukuthi amazwi ka-Isaya abhalwa kusengaphambili?
Ngo-1947, umelusi ongumArabhu wathola imiqulu eyayifihlwe emhumeni eQumran, eWest Bank, enyakatho-ntshonalanga yogu loLwandle Olufile. Le miqulu, kanye neminye eyatholakala emihumeni eseduze, yabizwa ngokuthi iMiqulu YasoLwandle Olufile. Ihlanganisa nomqulu wayo yonke incwadi ka-Isaya.a Lo mqulu uhlehlela emuva cishe ekhulwini lesibili ngaphambi kokuzalwa kukaJesu. Ngakho-ke, lokho u-Isaya akuloba, empeleni kwakuyisiprofetho. Yini ayibikezela ngokuhlupheka kukaKristu, noma uMesiya?b Cabangela iziprofetho ezimbili zika-Isaya.
Ukuhlupheka KukaKristu Kwabikezelwa
Isiprofetho 1: “Umhlane wami ngawunika abashayayo.”—Isaya 50:6.c
Ukugcwaliseka: Ngonyaka ka-33 C.E., izitha zikaJesu ezingamaJuda zamyisa phambi koMbusi wamaRoma uPontiyu Pilatu ukuze aquliswe icala. Eqaphela ukuthi uJesu wayengenacala, lo mbusi wazama ukumkhulula. Nokho, ngenxa yokuthi amaJuda ayememeza efuna uJesu abulawe, uPilatu ‘wakhipha isinqumo sokuba kwenziwe lokho ayekufuna,’ futhi wamnikela ukuba abethelwe. (Luka 23:13-24) Kodwa, okokuqala, “uPilatu wathatha uJesu wambhaxabula,” noma wahlela ukuba ajeziswe kanzima. (Johane 19:1) Njengoba u-Isaya ayebikezele, uJesu akazange enqabe kodwa ‘umhlane wakhe wawunika abashayayo.’
Lokho okwembulwa umlando:
● Umlando ufakazela ukuthi amaRoma ayekujwayele ukubhaxabula izisulu zawo ngaphambi kokuzibulala. Ngokwencwadi ethile, “ukubhaxabula kwakwenziwa ngesiswebhu sesikhumba esinemicu enomthofu noma izinsimbi ezincane ezicijile. Isisulu . . . sasishaywa emhlane ongembethe . . . kuze kube yilapho umhlane usudabukile. Ezinye izisulu zazibulawa yikho lokho.” Kodwa uJesu, akumbulalanga lokhu kuhlukunyezwa kokuqala.
Ukufa KukaKristu Kwabikezelwa
Isiprofetho 2: “Umphefumulo wakhe wawuthululela ekufeni uqobo.” (Isaya 53:12)d Linezela kulokhu, iHubo 22:16 lithi: “Iqembu labantu ababi lingizungezile, lingigwaze izandla nezinyawo.”—“New International Version.”
Ukugcwaliseka: “Ngemva kokuyala ukuba uJesu abhaxabulwe, [uPilatu] wamnikela ukuba abethelwe,” kusho uMarku 15:15. Esimweni sikaJesu, lesi sijeziso esiyisihluku sasihilela ukubethelwa kwezandla nezinyawo zakhe esigxotsheni. (Johane 20:25) Ngemva kwamahora amaningi, “uJesu wakhamuluka kakhulu wafa.”—Marku 15:37.
Okwembulwa umlando:
● Nakuba ukulandisa okukhona kusho okuncane kakhulu ngendlela uJesu afa ngayo, isazi-mlando esihlonishwayo esingumRoma uTacitus, esazalwa ngo-55 C.E., sabhala ukuthi “uKristu, okwavela ngaye igama elithi [amaKristu], wabulawa esinye sezikhulu zethu uPontiyu Pilatu phakathi nokubusa kukaTiberiyu.”e Amazwi kaTacitus avumelana ngokugcwele nokulandisa kwamaVangeli, nakho okukhuluma ngoTiberiyu Khesari, uPontiyu Pilatu kanye nezinye izikhulu.—Luka 3:1; 23:1-33; Johane 19:1-24.
Umlando uyakuqinisekisa nokuthi amaRoma ayezibethela izigqila nabantu ayebabheka njengezelelesi ezenyanyekayo. Ngezinye izikhathi amaRoma ayezibophela esigxotsheni izisulu zawo. Ngezinye izikhathi ayesebenzisa izipikili. Enye incwadi ithi, “Izipikili zazibethelwa ezandleni nasezinyaweni, futhi isisulu sasishiywa silenga sizwa ubuhlungu,” futhi sibhekene “nokoma okungabekezeleleki, nobuhlungu obukhulu.”
Njengoba kuphawuliwe ekuqaleni, uJesu wayazi ukuthi uzofa kabuhlungu. Ngakho-ke, njengoba isikhathi sokufa sasisondela, le ndoda enesibindi yatshela abalandeli bayo abathembekile: “Sikhuphukela eJerusalema, futhi iNdodana yomuntu izonikelwa kubapristi abakhulu nakubabhali, futhi bazoyibulala, bayinikele kubantu bezizwe ukuba bahlekise ngayo, bayibhaxabule futhi bayibethele.” (Mathewu 20:18, 19) Kodwa abanye bangase babuze, kungani uJesu kwakufanele afe? Impendulo yalowo mbuzo isihilela sonke, futhi isinika izindaba ezinhle kakhulu kunesake sazizwa!
‘Wachotshozwa Ngenxa Yeziphambeko Zethu’
Njengabantu abangaphelele, sivame ukwenza okungalungile. Lokhu iBhayibheli likubiza ngokuthi isono. Isono singase sifaniswe nezinhlayiya zenhlabathi enjinini. Ngokuhamba kwesikhathi, lezi zinhlayiya zingabangela ukuba injini ilimale futhi ingasebenzi. Ngokufanayo, isono sibangela ukuba siguge, sigule futhi sife. EyabaseRoma 6:23 ithi, “inkokhelo yesono ngukufa.” Nokho, ukufa kukaKristu kwenza sikwazi ukukhululeka kulesi simo esibuhlungu. Kanjani? Kwesinye isiprofetho esimangalisayo, u-Isaya wabhala ngokuphathelene noKristu ukuthi wayezokufa “ngenxa yeziphambeko zethu,” noma ‘wachotshozwa ngenxa yezono zethu,’ nokuthi “ngenxa yamanxeba akhe kubé khona ukuphulukiswa kwethu.”f—Isaya 53:5.
Isiprofetho sika-Isaya sisikhumbuza amazwi kaJesu atholakala kuJohane 3:16: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.”
Ungaluhlakulela kanjani ukholo kuJesu? Ngokufunda ngaye. UJesu wathi emthandazweni: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Lolo lwazi oluyigugu lutholakala eBhayibhelini.—2 Thimothewu 3:16.
Kuyaqondakala ukuthi uJesu ufuna ukuba abantu abaningi nganokunokwenzeka bathole ukuphila okuphakade. Ngaphambi nje kokufa kwakhe, wenza lesi sibikezelo esiphawulekayo: “Lezi zindaba ezinhle zombuso [uhulumeni kaNkulunkulu, oyokwengamela izinzuzo zomhlatshelo kaKristu] ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke.” (Mathewu 24:14) Njengoba sizobona ezihlokweni ezimbili ezilandelayo kulolu chungechunge, leso siprofetho sabonakala sinembe kakhulu.
[Imibhalo yaphansi]
a Okuwukuphela komqulu ophelele uqukethe yonke incwadi ka-Isaya. Kweminye sekusele izinsalela.
b Bheka i-Phaphama! ka-July 2012 ukuze uthole iziprofetho ezengeziwe zeBhayibheli ezisiza ekuboneni uMesiya.
c Umongo ubonisa ukuthi isiqalo esithi “nga-” kulesi siprofetho sibhekisela kuKristu. Ngokwesibonelo, ivesi 8 lithi: “Lowo [uNkulunkulu] othi ngilungile [uJesu Kristu] useduze.” Lapho esemhlabeni, uJesu kuphela owayelungile, noma owayengenasono, emehlweni kaNkulunkulu.—Roma 3:23; 1 Petru 2:21, 22.
d U-Isaya 52:13–53:12 unemininingwane eminingi yeziprofetho eziphathelene noMesiya. Ngokwesibonelo, u-Isaya 53:7 uthi: “Wayelethwa ngokungathi yimvu ekuhlatshweni . . . Naye wayengawuvuli umlomo wakhe.” Ivesi 10 lenezela ukuthi wanikela umphefumulo wakhe “njengomnikelo wecala.”
e Ezinye izazi-mlando zasendulo nazo ziyakhuluma ngoKristu. Lezi zihlanganisa isazi-mlando esihlonishwayo esingumRoma uSuetonius (wangekhulu lokuqala); uPliny Omncane, umbusi waseBhithiniya (ngasekuqaleni kwekhulu lesibili); nesazi-mlando esingumJuda uJosephus (ngekhulu lokuqala), okhuluma “ngoJakobe, umfowabo kaJesu owayebizwa ngoKristu.”
f UJesu “akenzanga sono” ngenxa yalokho wayengakufanelekeli ukufa. (1 Petru 2:22) Kunalokho, wasinika ukuphila kwakhe, ehlawulela izono zethu futhi wasikhulula emaketangeni okufa. Yingakho ukufa kukaJesu kubizwa ngokuthi umhlatshelo ‘oyisihlengo.’ (Mathewu 20:28) Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngale ndaba, bheka incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? engosini ethi www.jw.org.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 20]
UKUFA KUKAKRISTU OKUWUMHLATSHELO KWAFUZISELWA
UMthetho kaNkulunkulu awunikeza isizwe sakwa-Israyeli wawuhlanganisa izimiso ezazifuzisela noma ezaba isibonelo, salokho uMesiya ayeyokwenza kamuva. Ngokwesibonelo, uma umIsrayeli ayona, noma engamlaleli uNkulunkulu, kwakudingeka anikele ngesilwane esiphilile. (Levitikusi 17:11; 22:21) Ingabe leyo mihlatshelo yezilwane yayingasihlawulela ngokuphelele isono? Cha. (Hebheru 10:4) Kodwa yayifuzisela umhlatshelo owawuyokwemboza isono—umhlatshelo ‘weWundlu likaNkulunkulu elisusa isono sezwe.’ (Johane 1:29; Hebheru 10:1, 5-10) Bonke ababonisa ukholo kulelo Wundlu elingokomfanekiso, uJesu Kristu, banethemba eliyigugu lokuphila okuphakade.—Johane 6:40.