Ingabe Ubonisana Ngokuphumelelayo Nabanye Ngemibhalo?
“UPawulu njengokwenza kwakhe wangena kubo, waphendulana nabo amasabatha amathathu, ethathela emibhalweni.”—IZENZO 17:2.
1. Kungani iBhayibheli liyigugu kithi?
YEKA ukuthi liyigugu kanjani iZwi likaNkulunkulu! Liphendula imibuzo ebalulekile okungekho omunye umthombo ongayiphendula. Lokho iBhayibheli elikunikezayo akuwona nje omunye umbono ngokuphila; kuyiqiniso. EZwini lakhe, uJehova usitshela lokho akufunayo kithi, futhi zonke izimfuneko zakhe zingezenzuzo yethu.—IHubo 19:7-11; Isaya 48:17.
2. (a) Lapho sifakaza kwabanye, singawugcizelela kanjani kubo umthombo wesigijimi sethu? (b) Imiphi imibuzo esikhuthazwa ukuba siyicabangele ngokomuntu siqu?
2 Ngenxa yokuthi oFakazi BakaJehova bayaqiniseka ngokuthi iBhayibheli ngempela livela kuNkulunkulu nokuthi lokho elikuqukethe kunamandla okuthonyela abantu kokuhle, bakumelela ngobuqotho lokho elikuqukethe kwabanye. (Heberu 4:12) Lapho behlanganyela enkonzweni yasobala, bafuna abantu babone ukuthi isigijimi abasimemezelayo akusona esabo kodwa sivela eZwini likaNkulunkulu. Ngakho balisebenzisa ngokuqondile iBhayibheli, belifundela abanye ngokoqobo noma nini lapho kunokwenzeka. Ingabe wena ngokwakho alisebenzisa ngalendlela iBhayibheli? Ungabonisana yini nabantu abaqotho ngemiBhalo ngendlela yokuthi basizakale ukuba baqonde futhi bamukele lokho elikufundisayo?—2 Thimothewu 2:15.
3, 4. (a) Ukubaluleka kokukhuluma iZwi likaNkulunkulu kwagcizelelwa kanjani ngosuku lukaJeremiya? (b) Kukubani futhi kukuphi lapho sifuna ukuqondisa khona abantu esibafundisayo?
3 Ukubaluleka kokutshela abantu lokho uNkulunkulu akushoyo kunokubanikeza umbono womuntu siqu kwaqokonyiswa ngesikhathi somprofethi uJeremiya. Leyonkathi yomlando yayiyisiprofetho sosuku lwethu. Abaprofethi abaningi eJerusalema ngalesosikhathi babenza izimemezelo ababecabanga ukuthi abantu babefuna ukuzizwa, kodwa babengalimemezeli ngobuqotho izwi likaJehova. Ngokuqondene nabo, uJehova wathi: “Bakhuluma umbono wenhliziyo yabo, kungengokuvela emlonyeni kaJehova.” Futhi wanezela ngokunamandla: “Onezwi lami makakhulume izwi lami ngeqiniso.”—Jeremiya 23:16-28.
4 UJeremiya ‘walikhuluma izwi likaJehova ngeqiniso.’ Nathi, ngokufanayo, kumelwe sizizwe sinesibopho sokunamathela emiBhalweni lapho sifundisa abanye. Asifuni ukuba abantu babe abafundi bethu. Sifuna ukuba babe abakhulekeli bakaJehova, bahambe ezinyathelweni zikaJesu Kristu, futhi bayibone inhlangano uJehova ahola ngayo izinceku zakhe namuhla.—Qhathanisa neyoku-1 Korinte 1:11-13; 3:5-7.
5. UJohane 7:16-18 usinikeza kanjani isiqondiso (a) kwabadala? (b) kithi sonke njengoba sihlanganyela enkonzweni yasensimini?
5 UJesu ngokwakhe wathi: “Imfundiso yami akusiyo eyami kodwa ngeyongithumileyo. Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe, uzakwazi ngemfundiso noma ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela okwami. Okhuluma ngokwakhe ufuna udumo lwakhe.” (Johane 7:16-18) Ngisho neNdodana kaNkulunkulu ephelele yayikuqaphela ukugwema ukukhuluma okungokwayo. Kangakanani-ke thina! Ngakho-ke, yeka ukuthi kungokufaneleke kanjani ukuba abadala ‘babambelele ngokuqinile ezwini elithembekileyo’ ekhonweni labo lokufundisa! (Thithu 1:9) Yeka ukuthi sifaneleka kanjani, futhi, iseluleko esikweyesi-2 Thimothewu 4:2: “Shumayela izwi”! Leyo indinganiso esibambelela kuyo ngaphakathi ebandleni nalapho sihlanganyela enkonzweni yasensimini ngaphandle.
6. Ngaphezu kokufunda kwethu amavesi eBhayibhelini, yini ngokuvamile edingekayo? Bonisa.
6 Kodwa lokhu akusho ukuthi kumelwe simane sifunde amavesi eBhayibhelini bese singasho lutho. Ukuze abantu bakuthole ngokugcwele ukubaluleka kwemibhalo, kubalulekile ngabo ukuqonda ukusebenza kwayo. Kwakunjalo ngomthenwa wase-Etiyopiya okubhekiselwe kuye kuzEnzo 8:26-38. Lendoda yayifunda isiprofetho sikaIsaya, kodwa ayizange iqonde ukuthi sasisho ukuthini. Nokho, lapho imibuzo yayo isiphenduliwe, lapho isikutholile ukubaluleka kwalokho eyayikufunda futhi yabona ukuthi kwakuyithinta kanjani yona ngokwayo, yaba ngumKristu. Kumelwe sinikeze usizo olufanayo kwabafuna iqiniso namuhla futhi kumelwe ngaso sonke isikhathi sikunakekele ukuphatha kahle izwi leqiniso.
Indlela UJesu Asebenzisa Ngayo ImiBhalo
7. Isibonelo sikabani esingasisiza ngokuvelele ukuba sithuthukise ikhono lethu lokubonisana nabanye ngemiBhalo?
7 UJesu Kristu wabeka isibonelo esihle kakhulu ekusebenziseni imiBhalo ngokuphumelelayo. (Mathewu 7:28, 29; Johane 7:45, 46) Ukuhlaziya indlela yakhe yokufundisa kungasisiza ukuba sithuthukise ikhono lethu lokubonisana ngemiBhalo. Cabangela izibonelo ezilandelayo:
8. (a) Imuphi umbuzo “isazimthetho esithile” esawubuza uJesu? (b) UJesu wawusingatha kanjani lowombuzo, futhi ngani?
8 KuLuka isahluko 10, amavesi 25-28, sifunda ‘ngesazimthetho esithile’ esasifuna ukuvivinya uJesu ngokumbuza: “Mfundisi, ngizakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?” Wena wawuyophendula kanjani? Yini uJesu ayenza? Wayengamane anikeze kalula impendulo eqondile, kodwa waqaphela ukuthi kakade indoda yayinawo umbono othile ngalendaba. Ngakho uJesu wayibuza ukuthi yona yayingawuphendula kanjani lombuzo, ethi: “Kulotshweni emthethweni? ufunda kanjani?” Indoda yaphendula: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho. nangawo onke amandla akho, nangayo yonke ingqondo yakho, nomakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.” UJesu waphendula: “uphendule kahle,” khona-ke, ephinda ingxenye kaLevitikusi 18:5, wathi: “Yenza lokho, uzakuphila.” Kwesinye isenzakalo uJesu ngokwakhe wacaphuna leyomithetho emibili ekuphenduleni umbuzo. (Marku 12:28-31) Kodwa ngalesikhathi indoda ayekhuluma nayo yayiwazi uMthetho kaMose futhi ngokusobala yayifuna ukubona ukuthi uJesu wayevumelana yini nalokho eyayikufunde kuwo. UJesu wayenelisa ngokuba inikeze impendulo ngokwayo.
9. (a) Yini uJesu ayenza ukuze asize lendoda ithole umqondo womunye wemibhalo eyayiwucaphunile? (b) Kungani leyondlela yayiphumelela?
9 Nokho, leyondoda yayingawuqondi ngokugcwele umqondo wemiBhalo eyayiyicaphuna. Kanjalo, ‘ithanda ukuzithetha yathi kuJesu: Umakhelwane wami ngubani na?’ Ekuphenduleni, uJesu akazange acaphune imibhalo eyengeziwe. Akazange amane anikeze incazelo lendoda eyayingeke iyithande. Kunalokho, wasebenzisa umfanekiso—omuhle kakhulu owazifanela ngempela izidingo zalendoda, umfanekiso owawuzoyisiza ukuba icabange ngencazelo yalombhalo. UJesu wakhuluma ngomSamariya ongumakhelwane owasiza isihambi esasigetshengiwe futhi sashaywa, kuyilapho umpristi nomLevi bengazange bamsize. Lona kwakungumfanekiso owenza igama elithi “umakhelwane” laba nencazelo lendoda eyayingakaze icabange ngayo ngaphambili, futhi lokhu wakwenza ngendlela eyayiklanyelwe ukufinyelela inhliziyo. Khona-ke, njengoba uJesu ayephetha, wabuza umbuzo ukuze aqiniseke ukuthi lendoda yayilitholile iphuzu, futhi wayikhuthaza ukuba isebenzise ekuphileni kwayo siqu lokho ababekuxoxile.—Luka 10:29-37.
10. (a) Yini esingayifunda kulesosibonelo sokufundisa kukaJesu? (b) Singawasebenzisa kanjani amanye alawomaphuzu lapho sisebenzisa isihloko sengxoxo samuva enkonzweni yasensimini?
10 Yini esingayifunda kulesosibonelo sokufundisa? Ingabe ukuphawulile okulandelayo? (1) UJesu waqondisa ukunakekela emiBhalweni ekuphenduleni umbuzo wokuqala wendoda. (2) UJesu wayimema lendoda ukuba izikhulumele, futhi wayincoma ngokufudumele lapho inikeza impendulo enengqondo. (3) UJesu waqiniseka ukuthi ukuxhumana phakathi kombuzo nemibhalo kwakugcinwa kusobala, njengoba kuboniswe Luka 10 evesini 28. (4) Kwasetshenziswa umfanekiso owawuthinta inhliziyo ukuze kuqinisekwe ngokuthi lendoda ayilahlekelwa umqondo wangempela wempendulo. Ukulandela leyondlela kungasisiza ukuba sibonisane ngokuphumelelayo nabanye ngemiBhalo.
“Mfundisi, Ukhulume Kahle”
11. (a) Lapho abaSadusi bebuza uJesu umbuzo ngokuganwa ngokuqondene novuko, iyiphi impendulo efanele ayinikeza? (b) Kungani engagcinanga ngayo?
11 KuLuka isahluko 20, amavesi 27-40, kulotshwe esinye isibonelo esivelele sokusebenzisa ngokuphumelelayo iZwi likaNkulunkulu. Abanye babaSadusi babeye baya kuJesu benombuzo. Baletha kuJesu isimo ababecabanga ukuthi sasibonisa ubuphukuphuku bokukholelwa ukuthi abafileyo bayophinde bavuke. Bakhuluma ngowesifazane owayebe ngumfazi wamadoda ayisikhombisa, enye ngemva kwenye. Babuza, “Ekuvukeni owesifazane uyakuba-ngumfazi wamuphi kubo?” Impendulo uJesu ayinikeza ngokusobala yayingekhona neze lokho ababekulindele. Ngokusobala babengazange bacabangele ngisho nokuthi kungenzeka labo abavusiwe bangaganwa kodwa, kulokhu, babeyoba njengezingelosi. Nokho, kwakudingeka okwengeziwe ukuze enze impendulo ibe nethonya.
12. (a) Iyiphi indlela yokubonisana uJesu ayisebenzisa ukuze asekele ukukholelwa ovukweni? (b) Kungani yayibafanele ngokukhethekile abaSadusi?
12 UJesu waqaphela ukuthi inkinga yangempela yabaSadusi yayiwukuthi babengakholelwa ovukweni. Ngakho waqondisa ukunakekela okukhethekile kulokho. Iphuzu lakhe walithathela emibhalweni kaMose, kuEksodusi 3:6, leyo abaSadusi abathi bayakukholelwa. Wathi: “Ukuthi bayavuswa abafileyo, noMose wakubonakalisa esihlahleni, lapho eyibiza iNkosi ngokuthi uNkulunkulu ka-Abrahama noNkulunkulu kaIsaka, noNkulunkulu kaJakobe.” Kodwa ingabe abaSadusi babekubona ukubhekisela ovukweni kulawomazwi? Abazange kwaze kwaba yilapho uJesu enezela: “UNkulunkulu kasiye owabafileyo kodwa owabaphilayo, ngokuba bonke baphila kuye.” Kwakusobala: Izinto ezingaphili kanye nabantu zingaba naye uMdali, kodwa abantu abaphilayo kuphela abangaba noNkulunkulu, Lowo abazinikela kuye futhi bamkhulekele. Ukuba uAbrahama, ulsaka noJakobe babemane nje befile futhi bengcwatshiwe, bengenawo amanye amathemba okuphila, uJehova wayengathi kuMose ‘NgangiwuNkulunkulu wabo.’ Kodwa akashongo njalo. Ngemva kokuzwa indlela abonisana nabo ngayo ngemiBhalo ngalendaba, ingabe kuyamangalisa ukuthi abanye ababhali basabela ngokuthi: “Mfundisi, ukhulume kahle”?
13. Ikuphi ukusikisela okunikezwe lapha okungasisiza ukuba sithuthukise ikhono lokubonisana nabanye ngemiBhalo? Chaza ukuthi kungani unomuzwa wokuthi ngakunye kubalulekile.
13 Ungalithola kanjani noma ulithuthukise ngokwengeziwe ikhono elinjalo lokubonisana ngemiBhalo? Izinto eziningana zibalulekile: (1) Kumelwe ube nolwazi oluhle lwemiBhalo. Isifundo somuntu siqu sasikhathi sonke nokuba khona njalo emihlanganweni kuyizici ezibalulekile ekuzuzeni lololwazi. (2) udinga ukuzinika isikhathi sokuzindla, ufune ngengqondo amaqiniso ngokucabangela amaphuzu ahlukahlukene futhi wakhe ukwazisa kwakho ngawo. (3) Lapho utadisha, ungafuni nje kuphela izincazelo zemibhalo kodwa futhi nezizathu ezingokomBhalo zalezozincazelo. Kuphawule lokhu eceleni kwemiBhalo ofuna ukuxoxa ngayo. (4) Cabangela indlela oyoyichaza ngayo imiBhalo ezinhlotsheni ezihlukahlukene zabantu. (5) Cabanga indlela ongenza ngayo imifanekiso emaphuzwini athile. Zonke lezizinto zibalulekile ekuhlakuleleni ikhono lokubonisana ngemiBhalo.
Ukubonisana Okufanela Izilaleli
14. Iziphi izici eziphawulekayo zendlela kaPawulu yokufundisa ezilethwa ekunakekeleni kwethu kuzEnzo 17:2, 3?
14 Umphostoli uPawulu. ngokufanayo, wayengumfundisi omuhle, esingafunda kuye. Inyanga uLuka wahamba naye isikhathi esithile, futhi indlela awuchaza ngayo umsebenzi kaPawulu iyaphawuleka. Uyabika: “Bafika eThesalonika, lapho kwakukhona isinagoge labaJuda. Kepha uPawulu njengokwenza kwakhe wangena kubo, waphendulana nabo amasabatha amathathu, ethathela emibhalweni, ebavulela, ebachasisela ukuthi kwakumelwe ukuba uKristu ahlupheke, avuke kwabafileyo, ethi futhi: UJesu lo engimshumayela kini unguKristu.” Waba yini umphumela? UJehova wayibusisa imizamo kaPawulu. “Base bevuma abanye kubo . . . nesixuku esikhulu samaGreki akholwayo, kanye nabesifazane abadumileyo abangeyingcosana.” Indlela yokufundisa eyayisetshenziswa uPawulu iphawuleka ngokukhethekile: Wenza okungaphezu kokufunda nje imiBhalo; wabonisana [waphendulana] nabo ngayo, futhi wenza ukubonisana kwakhe nabo kwafanela izilaleli. Akazange amane abatshele izindaba ezinhle, kodwa wazichaza futhi wanikeza ubufakazi obuvela eZwini likaNkulunkulu eliphefumlelwe. (IzEnzo 17:1-4) Cabangela izibonelo ezimbili zendlela kaPawulu yokufundisa:
15. (a) Lapho ekhuluma nezilaleli ezingamaJuda eAntiyokiya ePhisidiya, uPawulu wazama kanjani ukuthola iphuzu avumelana ngalo nazo? (b) Kungani unomuzwa wokuthi ukuthola iphuzu enivumelana ngalo kubalulekile ekufakazeni kwethu?
15 KuzEnzo 13:16-41 kubekwe inkulumo uPawulu ayinikeza izilaleli ezingamaJuda eAntiyokiya ePhisidiya. Okokuqala wazama ukuthola iphuzu avumelana ngalo nezilaleli zakhe. (Bheka IzE 13 amavesi 16, 17.) Wakwenzelani lokho? Ngoba kwakuzozisiza ukuba zibe nesifiso sokubonisana naye ngendaba ayezoyinikeza. Akazange azethule njengelungu lebandla lobuKristu eliphethe isigijimi sabo ngoJesu Kristu. Wayekhuluma namaJuda, ngakho wacabangela indlela yabo yokucabanga. Waqaphela ukuthi izilaleli zakhe kwakungabantu abesaba uNkulunkulu, futhi wabonisa ukuthi, njengabaningi babo, naye wayengumHeberu ngokuzalwa. Wabuyekeza futhi izingxenye ezibalulekile zomlando wakwaIsrayeli. Kodwa walilondoloza kanjani iphuzu avumelana ngalo nabo lapho ekhuluma ngoJesu Kristu?
16. UPawulu walilondoloza kanjani iphuzu avumelana ngalo nazo lapho ekhuluma nalawomaJuda ngoJesu?
16 UPawulu wakhuluma ngoJesu njengenzalo kaDavide nanjengalowo owashiwo uJohane uMbhapathizi, lowo abantu ngokuvamile ababemazi njengowayengumprofethi kaNkulunkulu. (IzEnzo 13:22-25; Luka 20:4-6) Kodwa uPawulu wayazi ukuthi izilaleli zakhe zazikuqaphela ukuthi ababusi babemenqabile uJesu eJerusalema, ngakho umphostoli ngokwakhe wayiphakamisa lendaba futhi wachaza ukuthi ngisho nokwenqatshwa kukaJesu kwakugcwalisa isiprofetho. (IzEnzo 13:27-29) Wabonisa ukuthi uNkulunkulu ngokwakhe ngalesosikhathi wamvusa uJesu kwabafileyo nokuthi phakathi kwamaJuda kwakukhona ofakazi bokuzibonela beqiniso lokuthi uJesu wavuswa. (IzEnzo 13:30, 31) UPawulu wayekuqaphela kahle ukuthi lena kwakungaba indaba okunzima ngabaningi ukuyemukela, ngakho wachaza ukuthi lokho ayekukhuluma ‘kwakuyivangeli lesithembiso esenziwa kobaba.’ Wabonisa ukuthi lokho kunjalo, ecaphuna okokuqala kumaHubo 2:7, bese kuba kuIsaya 55:3, futhi ekugcineni kumaHubo 16:10. Wabonisana nabo ngalombhalo wokugcina, ebonisa ukuthi wawungeke ugcwaliseke kuDavide ngoba “wabona ukubola.” Ngakho kumelwe usebenze kulowo ‘ongakubonanga ukubola’ ngenxa yokuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo. (IzEnzo 13:32-37) Eselivezile lelophuzu, uPawulu wanikeza isiphetho esishukumisayo. Wayazi ukuthi kwakubalulekile ngabantu ukuba bathathe ngokungathi sina lokho ababekuzwile. Abaningi basabela ngaleyondlela.—IzEnzo 13:38-43.
17. (a) Kungani ukukhuluma kukaPawulu ngeqiniso eAthene kwakuhlukile? (b) Yini esingayifunda ngalokho okwenzeka kulesosenzakalo?
17 Lapho ekhuluma ezilalelini ezingewona amaJuda, uPawulu wasebenzisa izimiso zokufundisa ezifanayo. Ngakho, eseAreyophagu, eAthene, eGrisi, wafanelanisa intshumayelo yakhe nezimo nendlela yokucabanga yama-Athene. Ezama ukuthola iphuzu avumelana ngalo nalezozigidi, wabatusa ngoba babengabantu ababezinikele enkolweni. Waphawula ngealtare elalisedolobheni, elalibhalwe ukuthi “ElikaNkulunkulu Ongaziwayo.” LoNkulunkulu, kusho uPawulu, yiLowo ayemmemezela. (IzEnzo 17:22, 23) Esekwenzile lokho, wacaphuna izingxenye zemiBhalo ephefumlelwe futhi waqhubeka ebonisana nabo ngesisekelo sayo. Futhi, njengoba ayenolwazi oluthile lwezincwadi zamaGreki, uPawulu wabuye wacaphuna izimbongi zabo, hhayi njengegunya lakhe, kodwa ukuze abonise ukuthi izindaba ezithile ayexoxa ngazo zazikhona ezincwadini zabo. Ngenxa yalokho, abanye bakholwa.—IzEnzo 17:24-31, 34.
18. Yini engasisiza ukuba sithole imiphumela emihle emizamweni yethu yokubonisana nabanye ngemiBhalo?
18 Izindaba ezinhle uPawulu azishumayela eAthene zaziyisigijimi esifanayo naleso asibeka eAntiyokiya. Umehluko endleleni yokusibeka wawubangelwa ukuthi wakuqaphela lokho okwakudingekile ukuze abonisane nabantu. Wayebakhathalela ngokujule ngokwanele ukuba enze umzamo owenezelwe odingekayo ukuze enze lokho. Futhi umzamo onjalo waletha imiphumela emihle. Kwangathi nathi, futhi, singenza umzamo odingekayo futhi sifune isibusiso sikaNkulunkulu emzamweni wethu wokubonisana nabanye ngemiBhalo, ukuze sikwazi ukuhlanganyela izindaba ezinhle nabantu bazo zonke izinhlobo.—1 Korinte 9:19-23.
Yini Esiyifundile?
◻ Kungani kubalulekile ukusebenzisa ngokoqobo iBhayibheli enkonzweni yethu?
◻ KuLuka 10:25-37, iziphi izimiso zokufundisa ezinhle ezibonisiwe?
◻ Imiphi imikhuba engasisiza ukuba sithuthukise ikhono lokubonisana nabanye ngemiBhalo?
◻ Isizinda sabantu singayithonya ngaliphi izinga indlela esizama ngayo ukubonisana nabo?