-
Umyalezo Wethemba Ezithunjweni EzidangeleIsiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
-
-
‘Umyali Emaqenjini Ezizwe’
13. UJesu waba kanjani “ufakazi emaqenjini ezizwe” phakathi nenkonzo yakhe nangemva kokwenyuka kwakhe?
13 Yini eyoyenza le nkosi yesikhathi esizayo? UJehova uthi: “Bheka! Ngimnike ukuba abe ufakazi emaqenjini ezizwe, abe umholi nomyali emaqenjini ezizwe.” (Isaya 55:4) Lapho uJesu ekhula, wayengummeleli kaJehova emhlabeni, engufakazi kaNkulunkulu ezizweni. Ngesikhathi ephila njengomuntu, inkonzo yakhe yayiqondiswe “ezimvwini ezilahlekile zendlu ka-Israyeli.” Kodwa, ngaphambi nje kokuba anyukele ezulwini, uJesu wathi kubalandeli bakhe: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi . . . Bhekani! Nginani izinsuku zonke kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.” (Mathewu 10:5, 6; 15:24; 28:19, 20) Ngakho, ngokuhamba kwesikhathi isigijimi soMbuso sayiswa kwabangemaJuda, futhi abanye babo bahlanganyela ekugcwalisekeni kwesivumelwano esenziwa noDavide. (IzEnzo 13:46) Ngale ndlela, ngisho nangemva kokufa kwakhe, ukuvuka kwakhe, nokwenyuka kwakhe, uJesu waqhubeka ‘engufakazi [kaJehova] emaqenjini ezizwe.’
14, 15. (a) UJesu wazibonisa kanjani ‘engumholi nomyali’? (b) Abalandeli bakaJesu bekhulu lokuqala babenaliphi ithemba?
14 UJesu futhi wayezoba “umholi nomyali.” Njengoba le ncazelo engokwesiprofetho yayishilo, lapho esemhlabeni uJesu wayamukela ngokugcwele imisebenzi yokuba kwakhe inhloko futhi wahola kuzo zonke izici, edonsa izixuku ezinkulu, ezifundisa amazwi eqiniso, futhi eveza izinzuzo ezitholwa yilabo abalandela ukuhola kwakhe. (Mathewu 4:24; 7:28, 29; 11:5) Wabaqeqesha ngokuphumelelayo abafundi bakhe, wabacijela ukuba baqale umkhankaso wokushumayela owawubahlalele. (Luka 10:1-12; IzEnzo 1:8; Kolose 1:23) Eminyakeni nje emithathu nengxenye, uJesu wabeka isisekelo sebandla elinobunye, nelomhlaba wonke elinezinkulungwane zamalungu avela ezinhlangeni eziningi! ‘Ngumholi nomyali’ wangempela owayengafeza umsebenzi omkhulu kangaka.b
15 Labo abaqoqelwa ebandleni lobuKristu lekhulu lokuqala babegcotshwe ngomoya ongcwele kaNkulunkulu, futhi babenethemba lokuba ababusi kanye noJesu eMbusweni wakhe wasezulwini. (IsAmbulo 14:1) Kodwa isiprofetho sika-Isaya sidlulela ngale kwezinsuku zokuqala zobuKristu. Ubufakazi bubonisa ukuthi uJesu Kristu waze waqala ngo-1914 ukubusa njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu. Ngemva nje kwalokho, phakathi kwamaKristu agcotshiwe emhlabeni kwaphakama isimo esasifana ngezici eziningi nesamaJuda ayethunjiwe ngekhulu lesithupha B.C.E. Eqinisweni, lokho okwenzeka kulawo maKristu kuwukugcwaliseka okukhulu kwesiprofetho sika-Isaya.
Ukuthunjwa Nokukhululwa Kwanamuhla
16. Yiluphi usizi olwalandela ukubekwa kukaJesu esihlalweni sobukhosi ngo-1914?
16 Ukubekwa kukaJesu esihlalweni sobukhosi njengeNkosi ngo-1914 kwaphawulwa usizi lwezwe olwalungakaze lube khona. Kungani? Kungoba lapho uJesu eba iNkosi, waxosha uSathane nezinye izidalwa zomoya ezimbi ezulwini. Wathi angavalelwa emhlabeni, uSathane waqala ukulwa nabaseleyo babangcwele, insali yamaKristu agcotshiwe. (IsAmbulo 12:7-12, 17) Umvuthwandaba waba ngo-1918 lapho umsebenzi wokushumayela obala ucishe uma futhi izikhulu ze-Watch Tower Society zigqunywa ejele ngamacala amanga okuvukela umbuso. Ngale ndlela, izinceku zikaJehova zanamuhla zathunjwa ngokomoya, okusikhumbuza ukuthunjwa okungokoqobo kwamaJuda asendulo. Sasisikhulu isihlamba esasiphezu kwawo.
17. Isimo sabagcotshiwe sashintsha kanjani ngo-1919, futhi babe sebeqiniswa kanjani?
17 Nokho, isimo sokuthunjwa kwezinceku zikaNkulunkulu ezigcotshiwe asithathanga isikhathi eside. Ngo-March 26, 1919, izikhulu ezaziboshiwe zadedelwa, kwathi kamuva esulwa wonke amacala ezazibekwe wona. UJehova wathulula umoya ongcwele kubantu bakhe abakhululiwe, wabafaka umfutho wokwenza umsebenzi owawungaphambili. Ngentokozo, bamukela isimemo sokuba ‘bathathe amanzi okuphila.’ (IsAmbulo 22:17) Bathenga “iwayini nobisi ngaphandle kwemali nangaphandle kwentengo” futhi baqiniswa ngokomoya beqiniselwa ukwanda okukhulu okwakuzoba khona, lokho insali egcotshiwe eyayingazange ikubone kusengaphambili.
Isixuku Esikhulu Sigijimela Kwabagcotshiwe BakaNkulunkulu
18. Yimaphi amaqembu amabili atholakala phakathi kwabafundi bakaJesu Kristu, futhi akhani namuhla?
18 Abafundi bakaJesu banamathemba amabili. Elokuqala, “umhlambi omncane” wabangu-144 000 usuqoqiwe—amaKristu agcotshiwe angamaJuda nangawabeZizwe ‘angu-Israyeli kaNkulunkulu’ futhi anethemba lokubusa noJesu eMbusweni wakhe wasezulwini. (Luka 12:32; Galathiya 6:16; IsAmbulo 14:1) Elesibili, kulezi zinsuku zokugcina, “isixuku esikhulu” ‘sezinye izimvu’ sizivezile. Sinethemba lokuphila phakade emhlabeni oyipharadesi. Lungakagqashuki usizi olukhulu, lesi sixuku—elinganqunywanga kusengaphambili inani laso—sisebenzisana nomhlambi omncane, futhi womabili la maqembu akha ‘umhlambi owodwa’ ongaphansi ‘kukamalusi oyedwa.’—IsAmbulo 7:9, 10; Johane 10:16.
-
-
Umyalezo Wethemba Ezithunjweni EzidangeleIsiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
-
-
b UJesu usaqhubeka engamele umsebenzi wokwenza abafundi. (IsAmbulo 14:14-16) Namuhla, amadoda nabesifazane abangamaKristu babheka uJesu njengoyiNhloko yebandla. (1 Korinte 11:3) Futhi ngesikhathi sikaNkulunkulu esifanele, uJesu uyoba “umholi nomyali” ngenye indlela, lapho eqondisa impi ewumnqamula-juqu ayobe elwa kuyo nezitha zikaNkulunkulu empini ye-Armagedoni.—IsAmbulo 19:19-21.
-
-
Umyalezo Wethemba Ezithunjweni EzidangeleIsiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
-
-
[Isithombe ekhasini 239]
UJesu wazibonakalisa ngokwakhe ukuthi ‘ungumholi nomyali’ emaqenjini ezizwe
-