Ingabe Umshado Uwukuphela Kwesihluthulelo Senjabulo?
“Ukhululekile, angendela nakubani ngokubona kwakhe, kuphela ukuba kube-seNkosini. Kepha unenhlanhla [“ujabula ngokwengeziwe,” “NW”] . . . uma ehlala njengalokhu enjalo.”—1 KORINTE 7:39, 40.
1. ImiBhalo imchaza kanjani uJehova, futhi yini aye wayenzela izidalwa zakhe?
UJEHOVA ‘unguNkulunkulu ojabulayo.’ (1 Thimothewu 1:11, NW) NjengoMlungiseleli Ophanayo ‘wezipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo,’ unikeza zonke izidalwa zakhe ezihlakaniphile—ezingabantu nezomoya—lokho kanye ezikudingayo ukuze zijabule enkonzweni yakhe. (Jakobe 1:17) Ngalokho, inyoni etshiyozayo, umdlwane odlalayo, noma ihlengethwa elidlalayo konke kufakazela ukuthi uJehova wadala izilwane ukuze zijabulele ukuphila ezindaweni zazo zokuhlala ezihlukahlukene. Umhubi uze afinyelele ngisho nasezingeni lokuba athi ngokusankondlo “iyasutha imithi kaJehova, imisedari yaseLebanoni ayitshalileyo.”—IHubo 104:16.
2. (a) Yini ebonisa ukuthi uJesu uthola injabulo ekwenzeni intando kaYise? (b) Iziphi izizathu zokujabula abafundi bakaJesu ababenazo?
2 UJesu Kristu ‘ufuze uNkulunkulu uqobo.’ (Heberu 1:3) Khona-ke, akumangalisi ukuthi uJesu kufanele abizwe ngokuthi “uMbusi ojabulayo nowukuphela kwakhe.” (1 Thimothewu 6:15, NW) Usinikeza isibonelo esimangalisayo sokuthi ukwenza intando kaJehova kungaba kanjani okwanelisa ngaphezu kokudla, kubangele injabulo engokoqobo. UJesu usibonisa futhi ukuthi kungaba nenjabulo lapho senza izinto ngokwesaba uNkulunkulu, okuwukuthi, ngenhlonipho ejulile nokwesaba okunempilo ukumdumaza. (IHubo 40:8; Isaya 11:3; Johane 4:34) Ngenkathi abafundi abangu-70 bebuya “ngokujabula” ngemva kohambo lokushumayela ngoMbuso, uJesu ngokwakhe “wathokoza ngomoya ongcwele.” Ngemva kokuzwakalisa injabulo yakhe kuYise ngomthandazo, waphendukela kubafundi bakhe wayesethi: “Abusisiwe [“ayajabula,” NW] amehlo abona enikubonayo. Ngokuba ngithi kini: Baningi abaprofethi namakhosi ababethanda ukubona enikubonayo, abakubonanga, nokuzwa enikuzwayo, abakuzwanga.”—Luka 10:17-24.
Izizathu Zokujabula
3. Iziphi ezinye izizathu zokujabula?
3 Ingabe amehlo ethu akufanele yini ajabule ngokubona izinto esizibonayo ekugcwalisekeni kweZwi likaJehova nezinjongo kulesikhathi sokuphela? Ingabe akufanele yini sithokoze ngokuqonda iziprofetho abaprofethi abathembekile namakhosi njengoIsaya, uDaniyeli, noDavide ababengaziqondi? Ingabe asijabuli yini ngokukhonza uNkulunkulu ojabulayo, uJehova, ngaphansi kokuhola koMbusi ojabulayo, iNkosi yethu uJesu Kristu? Yebo siyajabula!
4, 5. (a) Ukuze sihlale sijabula enkonzweni kaJehova, yini okumelwe siyigweme? (b) Iziphi ezinye izinto ezibangela injabulo, futhi lokhu kuphakamisa muphi umbuzo?
4 Nokho, uma sifuna ukuhlala sijabula enkonzweni kaNkulunkulu akumelwe sisekele izimfuneko zethu zenjabulo emibonweni yezwe. Lena ingakufiphaza kalula ukucabanga kwethu ngenxa yokuthi ihlanganisa ingcebo yezinto ezibonakalayo, indlela yokuphila yokuzigabisa, nokunye okunjalo. Noma iyiphi “injabulo” esekelwe ezintweni ezinjalo iyoba ngeyesikhashana, ngoba lelizwe liyadlula.—1 Johane 2:15-17.
5 Iningi lezinceku zikaJehova ezizinikezele liyaqaphela ukuthi ukufinyelela imigomo yezwe ngeke kuyilethe injabulo yeqiniso. UBaba wethu wasezulwini kuphela olungiselela izinto ezingokomoya nezibonakalayo ezibangela injabulo yangempela ezincekwini zakhe. Yeka indlela esibonga ngayo ngokudla okungokomoya asinikeza khona ‘ngenceku ethembekileyo neqondayo’! (Mathewu 24:45-47) Siyabonga futhi nangokudla okungokwenyama nezinye izinto ezingokwenyama esizamukela esandleni sikaNkulunkulu sothando. Khona-ke, kukhona futhi nesipho esimangalisayo somshado nezinjabulo zokuphila komkhaya ezihlangene naso. Akumangalisi ukuthi isifiso sikaNawomi esisuka enhliziyweni ngomalokazana bakhe ababengabafelokazi savezwa ngalamazwi: “UJehova makaninike [isipho, NW] ukuba nifumane ukuphumula, kube-yilowo nalowo endlini yomyeni wakhe.” (Ruthe 1:9) Ngakho umshado uyisihluthulelo esingavula umnyango oya enjabulweni enkulu. Kodwa ingabe umshado uwukuphela kwesihluthulelo esivula amasango okuphila okujabulisayo? Abasebasha ikakhulu abadinga ukuhlola ngokungathi sína ukuthi ingabe kunjalo yini.
6 .NgokukaGenesise, yayiyini injongo eyinhloko yelungiselelo lomshado?
6 Lilandisa ngesiqalo somshado, iBhayibheli lithi: “UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso kaNkulunkulu; wamdala ngomfanekiso wakhe; wabadala owesilisa nowesifazane. UNkulunkulu wababusisa; uNkulunkulu wathi kubo: Zalani, nande, nigcwalise umhlaba, niwunqobe.” (Genesise 1:27, 28) Ngokuqalisa kukaJehova umshado, uAdamu wasetshenziswa ukuba enze kube nezidalwa ezingabantu ezengeziwe, ngaleyondlela andisa uhlanga lwesintu. Kodwa kunokwengeziwe kunalokhu emshadweni.
“Kuphela Ukuba Kube-seNkosini”
7. Iyiphi imfuneko yomshado enye inzalamizi ethembekile eyazikhandla kakhulu ukuze iyifeze?
7 Njengoba uJehova uNkulunkulu enguMsunguli womshado, besingalindela yena ukuba amise izindinganiso zomshado eziyophumela enjabulweni yezinceku zakhe. Ezikhathini zezinzalamizi, ukushada nalabo ababengebona abakhulekeli bakaJehova kwakungakhuthazwa neze. UAbrahama wafungisa inceku yakhe uEliyezeri ngoJehova ukuthi yayingeke ithathele indodana yenzalamizi uIsaka umfazi kwabaseKhanani. UEliyezeri wathatha uhambo olude futhi wazilandela ngokucophelela iziyalezo zika-Abrahama ukuze athole ‘umfazi uJehova ammiseleyo indodana yenkosi yakhe.’ (Genesise 24:3, 44) Ngaleyondlela uIsaka washada noRebeka. Lapho indodana yabo uEsawu ikhetha abafazi phakathi kwamaHeti angamaqaba, labafazi “[babangela] usizi enhliziyweni kaIsaka noRebeka.”—Genesise 26:34, 35; 27:46; 28:1, 8.
8. Imuphi umngcele owabekwa isivumelwano soMthetho ngomshado, futhi ngani?
8 Ngaphansi kwesivumelwano soMthetho, ukushada namadoda noma abesifazane bezizwe ezithile zamaKhanani kwakwenqatshelwe. UJehova wayala abantu bakhe: “Ungaganiselani nazo, ungayiniki indodana yakhe indodakazi yakho, ungathatheli indodana yakho indodakazi yakhe. Ngokuba uyakuphambukisa indodana yakho ekungilandeleni ukuba bakhonze abanye onkulunkulu, intukuthelo kaJehova ikuvuthele, akuchithe masinyane.”—Duteronomi 7:3, 4.
9. Isiphi iseluleko mayelana nomshado iBhayibheli elisinikeza amaKristu?
9 Akumangalisi ukuthi imingcele efanayo ngokushada nalabo abangamkhulekeli uJehova kufanele isebenze ngaphakathi kwebandla lobuKristu. Umphostoli uPawulu wayala akholwa nabo: “Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo, ngokuba kunakuhlanganyela kuni ukulunga nokungalungi na? Kunabudlelwane buni ukukhanya nobumnyama na? Unakuzwana kuni uKristu noBeliyali na? Unasabelo sini okholwayo nongakholwayo na?” (2 Korinte 6:14, 15) Leseluleko sisebenza ngezindlela ezihlukahlukene futhi ngokuqinisekile siyasebenza emshadweni. Umyalo kaPawulu ocacile kuzo zonke izinceku zikaJehova ezizinikezele uwukuthi kufanele zicabangele ukushada nothile “kuphela uma esebunyeni neNkosi.”—1 Korinte 7:39, umbhalo waphansi weNW.
Ukungakwazi Ukushada “ENkosini”
10. AmaKristu amaningi angashadile enzani, futhi imuphi umbuzo ophakamayo?
10 AmaKristu amaningi angashadile aye akhetha ukulandela isibonelo sikaJesu Kristu ngokuhlakulela isipho sokungashadi. Nalapha futhi, ngenxa yokungakwazi okwamanje ukuthola umngane owesaba uNkulunkulu futhi ngaleyondlela ashade “eNkosini,” amaKristu amaningi aqotho aye abeka ithemba lawo kuJehova futhi ahlala engashadile kunokuba ashade nongakholwayo. Umoya kaNkulunkulu uletha ngaphakathi kuwo izithelo ezinjengokujabula, ukuthula, ukholo, nokuzithiba, ezenza akwazi ukulondoloza ukungashadi okumsulwa. (Galathiya 5:22, 23) Phakathi kwalabo abahlangabezana ngokuphumelelayo naloluvivinyo lokuzinikela kuNkulunkulu kunenani elikhulu lodadewethu abangamaKristu, esibahlonipha ngokujulile. Emazweni ahlukahlukene, baningi kunabazalwane, ngakho banengxenye eyinhloko emsebenzini wokushumayela. Ngempela, “iNkosi [uJehova] iphumisa izwi; abesifazane ababika indaba ejabulisayo bayisixuku esikhulu.” (IHubo 68:11) Eqinisweni, iningi lezinceku zikaNkulunkulu ezingashadile zabo bobubili ubulili zilondoloza ubuqotho bazo ngoba ‘zithemba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yazo, futhi uqondisa imikhondo yazo.’ (IzAga 3:5, 6) Kodwa ingabe labo okwamanje abangenakushada “eNkosini” ngeke nakanjani bajabule?
11. Yini amaKristu ahlala engashadile ngenxa yenhlonipho ngezimiso zeBhayibheli angaqiniseka ngayo?
11 Masikhumbule ukuthi singoFakazi bakaNkulunkulu ojabulayo, uJehova, sikhonza ngaphansi koMbusi ojabulayo, uJesu Kristu. Ngakho uma inhlonipho yethu ngemingcele ebekwe ngokucacile eBhayibhelini kufanele isishukumisele ukuba sihlale singashadile ngenxa yokwehluleka ukuthola umngane womshado “eNkosini,” ingabe kunengqondo ukucabanga ukuthi uNkulunkulu noKristu bayosishiya singajabule? Ngokuqinisekile akunjalo. Ngakho-ke, kumelwe siphethe ngokuthi kungenzeka ukuba sibe abajabulayo njengamaKristu nakuba singashadile. UJehova angasenza sibe abajabula ngempela kungakhathaliseki ukuthi sishadile noma asishadile.
Isihluthulelo Senjabulo Yeqiniso
12. Indaba yezingelosi ezingalalelanga ibonisani ngomshado?
12 Umshado awusona ukuphela kwesihluthulelo senjabulo ngazo zonke izinceku zikaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, cabangela izingelosi. Ngaphambi kukaZamcolo, ezinye izingelosi zahlakulela izifiso ezingezona ezingokwemvelo ngezidalwa zomoya, azaneliswanga ukuthi zazingenakushada, futhi zathatha imizimba yenyama ukuze zizithathele abesifazane babe ngabafazi. Ngenxa yokuthi lezingelosi ‘zashiya ikhaya lazo’ ngalendlela, uNkulunkulu ‘uzigcinele ukulahlwa kosuku olukhulu ngezibopho ezimiyo phansi kobumnyama.’ (Juda 6; Genesise 6:1, 2) Ngokusobala, uNkulunkulu akakaze alungiselele ukuba izingelosi zishade. Ngakho umshado wawungenakuba neze isihluthulelo senjabulo kuzona.
13. Kungani izingelosi ezingcwele zijabula, futhi lokhu kubonisani ngazo zonke izinceku zikaNkulunkulu?
13 Nokho, izingelosi ezithembekile ziyajabula. Lapho uJehova emisa izisekelo zomhlaba “izinkanyezi zokusa zahuba ngokujabula futhi amadodana kaNkulunkulu [ayizingelosi] ahalalisa ngobunye.” (Jobe 38:7, The New Jerusalem Bible) Kungani izingelosi ezingcwele zijabula? Ngenxa yokuthi zihlala zikhonza uJehova uNkulunkulu, “[zi]lalela ukukhuluma kwezwi lakhe” ukuze zilifeze. Ziyajabula ‘ngokwenza okumthokozisayo.’ (IHubo 103:20, 21, umbhalo waphansi weNW) Yebo, injabulo yezingelosi ezingcwele ivela ekukhonzeni uJehova ngokwethembeka. Yileso isihluthulelo senjabulo yeqiniso nakubantu. Ngokuqondene nalokho, amaKristu agcotshiwe manje akhonza uNkulunkulu ngokujabula ngeke ashade lapho evuselwa ekuphileni kwasezulwini, kodwa ayojabula njengezidalwa zomoya ezenza intando yaphezulu. Khona-ke, kungakhathaliseki ukuthi zishadile noma azishadile, zonke izinceku zikaJehova ezithembekile zingajabula ngoba isisekelo sangempela senjabulo siyinkonzo yokwethembeka kuMdali.
“Okuthile Okungcono Kunamadodana Namadodakazi”
14. Isiphi isithembiso esingokwesiprofetho esanikezwa abathenwa abesaba uNkulunkulu kwaIsrayeli wasendulo, futhi kungani lokhu kungase kubonakale kuyinqaba?
14 Ngisho noma umKristu oqotho engaze angashadi kwanhlobo, uNkulunkulu angayiqinisekisa injabulo yakhe. Isikhuthazo singatholakala kulamazwi ayeqondiswe ngokwesiprofetho kubathenwa kwaIsrayeli wasendulo: “Usho kanje uJehova ngabathenwa, uthi: Abawagcina amasabatha ami, nabakhetha engikuthandayo, nababambelela esivumelwaneni sami bona ngiyakubanika endlini yami naphakathi kwezingange zami isikhumbuzo negama elihle [okuthile okungcono, NW] kunamadodana namadodakazi; ngiyakubanika igama eliphakade, elingayikunqunywa.” (Isaya 56:4, 5) Umuntu ubengase alindele ukuthi labantu babeyothenjiswa umfazi nabantwana ukuze baqhubekisele phambili igama labo. Kodwa bathenjiswa “okuthile okungcono kunamadodana namadodakazi”—igama elihlala njalo endlini kaJehova.
15. Yini engashiwo ngokugcwaliseka kukaIsaya 56:4, 5?
15 Uma labathenwa bebhekwa njengomfuziselo ongokwesiprofetho ohilela ‘uIsrayeli kaNkulunkulu,’ bamelela abagcotshiwe abathola indawo yaphakade endlini kaJehova engokomoya, noma ithempeli. (Galathiya 6:16) Ngokungangabazeki, lesiprofetho siyosebenza ngokoqobo kubathenwa abesaba uNkulunkulu bakwaIsrayeli wasendulo abazovuswa. Uma bamukela umhlatshelo kaKristu wesihlengo futhi beqhubeka bekhetha lokho okuthokozisa uJehova, bayothola “igama eliphakade” ezweni elisha likaNkulunkulu. Lokhu kungasebenza nakulabo ‘bezinye izimvu’ kulesikhathi sokuphela abadela umshado nokuba abazali ukuze bazinikele ngokugcwele enkonzweni kaJehova. (Johane 10:16) Abanye babo bangase bafe bengashadile futhi bengenabantwana. Kodwa uma bethembekile, ovukweni bayothola “okuthile okungcono kunamadodana namadodakazi”—igama “elingayikunqunywa” esimisweni esisha sezinto.
Umshado Awusona Ukuphela Kwesihluthulelo Senjabulo
16. Kungani kungathiwa umshado awuyilethi injabulo ngaso sonke isikhathi?
16 Abanye abantu banomuzwa wokuthi injabulo ihlangene ngokungenakwehlukaniswa nomshado. Nokho, kumelwe kuvunywe ukuthi ngisho naphakathi kwezinceku zikaJehova namuhla, umshado awuyilethi injabulo ngaso sonke isikhathi. Uyazixazulula ezinye zezinkinga kodwa ngokuvamile ubangele ezinye okungaba nzima ukubhekana nazo kunalezo abantu abangashadile ababhekana nazo. UPawulu wathi umshado uletha ‘usizi enyameni.’ (1 Korinte 7:28) Kunezikhathi lapho umuntu oshadile eba ‘okhathazekile nohlukene phakathi.’ Ngokuvamile ukuthola kunzima “ukukhathalela okweNkosi [ngaphandle kokuphazamiseka].”—1 Korinte 7:33-35, qhathanisa neNW.
17, 18. (a) Yini abanye ababonisi abajikelezayo abaye bayibika? (b) Isiphi iseluleko uPawulu asinikeza, futhi kungani kunenzuzo ukusisebenzisa?
17 Kokubili umshado nokungashadi kuyizipho ezivela kuNkulunkulu. (Ruthe 1:9; Mathewu 19:10-12) Nokho, ukuze uphumelele kunoma yikuphi, ukukucabangela ngomthandazo kubalulekile. Ababonisi abajikelezayo babika ukuthi oFakazi abaningi bashada bebancane kakhulu, ngokuvamile beba abazali ngaphambi kokuba bakulungele ukuthwala imithwalo yemfanelo ehambisana nakho. Eminye yalemishado iyachitheka. Eminye imibhanqwana iyabhekana nezinkinga zayo, kodwa umshado wayo awuzange uyilethele injabulo. Njengoba umlobi wemidlalo yaseshashalazini oyiNgisi uWilliam Congreve abhala, labo abasheshe bashade “bangase bazisole lapho sebehlelekile.”
18 Ababonisi besifunda babika futhi ukuthi abanye abazalwane abasebasha baye bakubalekela ukufaka izicelo zenkonzo yaseBethel noma ukusabela ngokuzithandela ukuya eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo ngenxa yemfuneko yokuhlala bengashadile isikhathi esithile. Kodwa uPawulu unikeza iseluleko sokuba umuntu angashadi ngaphambi kokuba ‘esedlulile ekuqhumeni kwenkanuko yobusha,’ okuwukuthi, alinde kuze kube yilapho igagasi lokuqala lenkanuko enamandla yobulili selidambile. (1 Korinte 7:36-38) Iminyaka umuntu ayichitha ephila njengomuntu omdala ongashadile imnikeza okuhlangenwe nakho okuyigugu nokuqonda, imbeke esimweni esingcono sokuba akhethe umngane womshado noma enze isinqumo esicatshangelwe kahle sokuhlala engashadile.
19. Singazibheka kanjani izinto lapho singenaso isidingo sangempela somshado?
19 Abanye bethu sebedlulile ekuqhumeni kwenkanuko yobusha, nokucindezela kwakho okunamandla kwenkanuko yobulili. Ngezikhathi ezithile singase sicabange ngezibusiso zomshado kodwa empeleni sibe sinesipho sokungashadi. UJehova angase abone ukuthi simkhonza ngokuphumelelayo singashadile futhi asinaso ngempela isidingo sokushada, okungase kudinge ukuba sidele amalungelo athile enkonzweni yakhe. Uma umshado ungesona isidingo somuntu siqu futhi singabusisiwe ngomngane womshado, uNkulunkulu angase abe nokuthile asibekele khona. Ngakho-ke masibonise ukholo lokuthi uyosinika lokho esikudingayo. Injabulo enkulu kakhulu ivela ekwamukeleni ngokuzithoba lokho okubonakala kuyintando kaNkulunkulu ngathi, ngisho nanjengoba abafowethu abangamaJuda “bathula, badumisa uNkulunkulu” lapho beqaphela ukuthi wayenike abeZizwe ukuphenduka ukuze bathole ukuphila.—IzEnzo 11:1-18.
20. (a) Isiphi iseluleko sokungashadi esinikezwa amaKristu asemasha lapha? (b) Iliphi iphuzu eliyisisekelo elihlala liyiqiniso?
20 Ngakho-ke, umshado ungaba isihluthulelo senjabulo, nakuba futhi ungavula umnyango oya ezinkingeni. Yinye into eqinisekile: Umshado awuyona ukuphela kwendlela yokuthola injabulo. Lapho konke sekucatshangelwe, khona-ke kungaba ukuhlakanipha, ikakhulukazi ngamaKristu asemasha, ukuba azame ukuhlala iminyaka ethile engashadile. Leyominyaka ingasetshenziswa kahle ekukhonzeni uJehova nasekuthuthukeni ngokomoya. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi umdala kangakanani noma uthuthuke kangakanani ngokomoya, leliphuzu eliyisisekelo lihlala liyiqiniso ngabo bonke abazinikezele ngokungagodli kuNkulunkulu: Injabulo yeqiniso itholakala enkonzweni yokwethembeka kuJehova.
Ungaphendula Kanjani?
◻ Kungani izinceku zikaJehova zijabula?
◻ Kungani umshado ungesona isihluthulelo senjabulo enkulu kakhulu?
◻ Ekukhetheni umngane womshado, yini efunekayo kubantu bakaJehova?
◻ Kungani kunengqondo ukukholelwa ukuthi amaKristu ahlala engashadile angaba ajabulayo?
◻ Yini okumelwe ivunywe ngokuqondene nomshado nenjabulo?