Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ‘Jabulani Kuze Kube Phakade Ngalokho Engikudalayo’
    Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
    • 7, 8. Abantu bakaJehova abanenkani bamchukuluze ngaziphi izindlela?

      7 AmaJuda anenkani achukuluze uJehova ngokuphindaphindiwe ngokuziphatha kwawo okuyihlazo. UJehova uchaza izenzo zawo ezinengayo: “Isizwe esakhiwa yilabo abangicasula njalo phambi kobuso bami, abenza imihlatshelo emasimini bashunqise umusi womhlatshelo phezu kwezitini, abahlala emangcwabeni, abachitha ubusuku besezindlwaneni zokulinda, bedla inyama yengulube, kukhona ngisho nomhluzi wezinto ezingcolile ezitsheni zabo; labo abathi, ‘Mela kude. Ungasondeli kimi, ngoba ngokuqinisekile ngizodlulisela ubungcwele kuwe.’ Laba bawumusi emakhaleni ami, umlilo ovutha usuku lonke.” (Isaya 65:3-5) Laba abazibona bengcwele bacasula uJehova ‘phambi kobuso bakhe’—inkulumo engase isho ukuchwensa nokungahloniphi. Abenzi mzamo wokufihla izinengiso zabo. Akufanele yini kusolwe nakakhulu ukona phambi kwakhe kanye Lowo okufanele ahlonishwe futhi alalelwe?

      8 Kufana nokuthi lezi zoni ezizishaya abalungile zithi kwamanye amaJuda: ‘Melani kude, ngoba mina ngingcwele kunani.’ Yeka ubuzenzisi! Laba “abangcwele” banikela imihlatshelo nempepho eshisiwe konkulunkulu bamanga, labo abalahlwa uMthetho kaNkulunkulu. (Eksodusi 20:2-6) Bahleli emangcwabeni, okubenza babe abangahlanzekile ngokusho koMthetho. (Numeri 19:14-16) Badla inyama yengulube, ukudla okungcolile.a (Levitikusi 11:7) Noma kunjalo, imisebenzi yabo yenkolo ibenza bazizwe bengcwele kunamanye amaJuda, futhi bafuna ukuba abanye abantu baqhele ukuze bangabi ngcwele noma bahlanzeke ngokuzimatanisa nabo. Kodwa lena akuyona neze indlela abheka ngayo izinto uNkulunkulu, yena ofuna “ukuzinikela kuye kuphela”!—Duteronomi 4:24.

  • ‘Jabulani Kuze Kube Phakade Ngalokho Engikudalayo’
    Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
    • a Abaningi bacabanga ukuthi lezi zoni zazisemangcwabeni zizama ukukhuluma nabafileyo. Ukudla kwabo inyama yengulube kungenzeka kwakuhlangene nokukhulekela izithombe.

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela