-
Thembela KuJehova Lapho Ubhekene NobunzimaIsiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu I
-
-
9. Yiziphi iziqinisekiso okufanele zimqunge isibindi u-Ahazi namaKristu anamuhla?
9 Ingabe icebo leSiriya no-Israyeli lizophumelela? Cha. UJehova uthi: “Ngeke kume, futhi ngeke kwenzeke.” (Isaya 7:7) Ngo-Isaya, uJehova akasho nje kuphela ukuthi ukuvinjezelwa kweJerusalema ngeke kufeze lutho, kodwa uthi “ngeminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu nje kuphela u-Efrayimi uyophihlizwa abe yizicucu ukuze angabe esaba yisizwe.” (Isaya 7:8) Yebo, phakathi neminyaka engu-65 uyobe engasekho u-Israyeli njengesizwe.a Lesi siqinisekiso, nesikhathi esiqondile esiyogcwaliseka ngaso, kufanele simqunge isibindi u-Ahazi. Ngendlela efanayo, abantu bakaNkulunkulu namuhla baqiniswa ukwazi ukuthi siyaphela isikhathi esisalele izwe likaSathane.
-
-
Thembela KuJehova Lapho Ubhekene NobunzimaIsiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu I
-
-
a Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe ngokugcwaliseka kwalesi siprofetho, bheka i-Insight on the Scriptures, uMqulu 1, amakhasi 62 no-758, enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
-