Isahluko 22
Ingxenye 5—Ofakazi Kuze Kube Sekugcineni Komhlaba
Ngo-1975 kwenziwa izinqumo ezibalulekile ngokuqondene nendlela umsebenzi woFakazi BakaJehova owawuyoqondiswa ngayo endlunkulu yabo yomhlaba wonke. Ngalesosikhathi babengazi ukuthi yimaphi amasimu ayesazovuleka ukuba kufakazwe kuwo ngaphambi kokuphela kwesimiso sezwe samanje noma ukuthi kungakanani ukushumayela okwakusazokwenziwa emazweni ababeshumayele kuwo ngokukhululekile iminyaka eminingi. Kodwa babefuna ukuwasebenzisa kangcono nganokunokwenzeka wonke amathuba. Amakhasi 502 kuya ku-520 alandisa ngezinye zezenzakalo ezithakazelisayo.
KUYE kwaba nezinguquko ezinkulu eNingizimu Melika. Eminyakeni engemingaki edlule oFakazi BakaJehova e-Ecuador babebhekana nezixuku zamaKatolika, abapristi bamaKatolika eMexico babebusa njengamakhosi emadolobhaneni amaningi, futhi oFakazi BakaJehova bavinjelwa uhulumeni e-Argentina naseBrazil. Kodwa izimo ziye zashintsha kakhulu. Manje abaningi balabo ababefundiswa ukuba besabe noma bazonde oFakazi bona uqobo bangoFakazi BakaJehova. Abanye balalela ngenjabulo lapho oFakazi bebahambela behlanganyela nabo isigijimi seBhayibheli sokuthula. OFakazi BakaJehova baziwa kakhulu futhi bahlonishwa yonke indawo.
Ubukhulu bemihlangano yabo nokuziphatha kobuKristu kwalabo ababa khona kuyo kuye kwadonsa ukunakekela kwabaningi. Emibili yemihlangano enjalo, eyaqhutshwa kanye kanye eSão Paulo naseRio de Janeiro, eBrazil, ngo-1985, yaba nenani eliphakeme lababekhona abangu-249 351. Kamuva, eminye imihlangano engu-23, eyaqhutshwa ukuze abantu abathakazelayo abasengxenyeni esele yeBrazil bathole ithuba, yaphakamisa ingqikithi yababekhona yaba ngu-389 387. Imiphumela yomsebenzi oFakazi BakaJehova baseBrazil abebewenza njengabafundisi beZwi likaNkulunkulu yabonakala ngokucacile lapho abantu abangu-4 825 bebonakalisa ukuzinikezela kwabo kuJehova ngokucwiliswa emanzini kuleyomihlangano eyayiwuchungechunge. Eminyakeni emihlanu nje kamuva, ngo-1990, kwadingeka kuqhutshwe imihlangano engu-110 kulo lonke elaseBrazil ukuze kuzuze abangu-548 517 ababekhona. Kulokhu abangu-13 448 bacwiliswa emanzini. Ezweni lonke amakhulu ezinkulungwane zabantu ngabanye kanye nemikhaya babebamukela oFakazi BakaJehova ukuba babafundise iZwi likaNkulunkulu.
Kuthiwani-ke nge-Argentina? Ngemva kwamashumi eminyaka okuvinjelwa uhulumeni, oFakazi BakaJehova lapho baphinde bakwazi ukuhlangana ngokukhululekile ngo-1985. Yeka injabulo okwakuyiyo ukuba abangu-97 167 babe khona kowokuqala wemihlangano yabo eyayiwuchungechunge! Ngaphansi kwesihloko esasithi “UMbuso Owandayo—WoFakazi BakaJehova,” iphephandaba lendawo i-Ahora lamangazwa ukuhleleka kwesixuku esasize emhlanganweni eBuenos Aires, ukungabikho nakancane kobandlululo lohlanga nolwezenhlalo, ukuba kwaso nokuthula, kanye nothando esasilubonakalisa. Lase liqhubeka: “Kungakhathaliseki ukuthi thina sinemibono nezimfundiso ezifana nezaso noma cha, lesisixuku sisonke sifanelwe inhlonipho yethu enkulu kakhulu.” Nokho, abantu base-Argentina abaningi benza okungaphezu kwalokho. Baqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, futhi beza emihlanganweni eHholo LoMbuso ukuze bazibonele indlela oFakazi abazisebenzisa ngayo izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwabo. Lezizibukeli zabe sezenza izinqumo. Phakathi neminyaka eyisikhombisa eyalandela, amashumi ezinkulungwane alezizibukeli anikezela ukuphila kwawo kuJehova, futhi inani loFakazi e-Argentina landa ngamaphesenti angu-71!
Ukusabela ezindabeni ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kwaba okungavamile ngisho nangokwengeziwe eMexico. Eminyakeni edlule, oFakazi BakaJehova kuleyondawo babeye bahlaselwa njalo izixuku ezazigqugquzelwa abapristi. Kodwa iqiniso lokuthi oFakazi abazange baphindisele noma bafune ukuphindisela labahlaba umxhwele kakhulu abantu abanhliziyo ziqotho. (Roma 12:17-19) Baqaphela nokuthi oFakazi babesekela zonke izinkolelo zabo eBhayibhelini, eliyiZwi likaNkulunkulu eliphefumlelwe, kunasemasikweni abantu. (Math. 15:7-9; 2 Thim. 3:16, 17) Babona ukuthi oFakazi babenokholo olwalubasekela ngempela lapho bebhekene nokuhlupheka. Imikhaya eyengeziwe yamukela oFakazi BakaJehova lapho becela ukuyiqhubela izifundo zeBhayibheli zasekhaya zamahhala. Eqinisweni, phakathi no-1992, amaphesenti angu-12 ezifundo zeBhayibheli ezaziqhutshwa oFakazi emhlabeni wonke zaziseMexico, futhi eziningi zalezizifundo zaziqhutshelwa imikhaya emikhulu. Ngenxa yalokho, inani loFakazi BakaJehova eMexico—hhayi nje elalabo ababeba khona emihlanganweni yabo kodwa elabantu ababengabamemezeli boMbuso kaNkulunkulu basobala abakhuthele—landa lisuka kwabangu-80 481 ngo-1975 laya ku-354 023 ngo-1992!
NaseYurophu, izenzakalo ezingavamile zaba nengxenye ekusakazweni kwesigijimi soMbuso.
Izenzakalo Ezimangalisayo EPoland
Nakuba umsebenzi woFakazi BakaJehova wawuvinjelwe ePoland kusukela ngo-1939 kuya ku-1945 (phakathi nenkathi yokubusa kobuNazi neSoviet) nasenkathini eqala ku-July 1950 (ngaphansi kokulawula kweSoviet), oFakazi BakaJehova abayekanga ukushumayela lapho. Nakuba babengu-1 039 kuphela ngo-1939, ngo-1950 kwakunabamemezeli boMbuso abangu-18 116, futhi laba baqhubeka bengabashumayeli bevangeli abashisekayo (nakuba babeqaphile). (Math. 10:16) Nokho, imihlangano yona yayiqhutshwa umphakathi ungaboni—emaphandleni, ezitebeleni, emahlathini. Kodwa, kusukela ngo-1982, uhulumeni wasePoland wabavumela ukuba babe nemihlangano yosuku olulodwa engemikhulu ngokwedlulele ezindaweni ezaziqashiwe.
Khona-ke, ngo-1985 oFakazi BakaJehova banikezwa izinkundla zemidlalo ezinkulu kakhulu ePoland ukuba bayiqhubele kuzo imihlangano emikhulu emine phakathi nenyanga ka-August. Lapho isihambeli esithile somhlangano sase-Austria sifika ngendiza, samangazwa ukuzwa kumenyezwa ngombhobho kwamukelwa oFakazi BakaJehova ababeze emhlanganweni wabo ePoland. Eqaphela ushintsho esimweni sengqondo sikahulumeni olwaluboniswa yilokhu, uFakazi othile osekhulile wasePoland owayelapho ezokwamukela izivakashi wavele wakhala ngenxa yenjabulo. Kulemihlangano kwakunezihambeli ezingu-94 134, kuhlanganise namaqembu asemazweni angu-16. Ingabe umphakathi wawukwazi okwakwenzeka? Yebo, kunjalo! Phakathi nalemihlangano nangemva kwayo, wawufunda imibiko emaphephandabeni amakhulu, ubona izixuku ezazize emhlanganweni kuthelevishini, futhi uzwa izingxenye zesimiso eziteshini zomsakazo zakhona. Abaningi bakuthanda abakubona nabakuzwa.
Kwakusenziwa amalungiselelo omhlangano omkhulu ngisho nangaphezulu ePoland, lapho, ngo-May 12, 1989, uhulumeni enza ukuba oFakazi BakaJehova baqashelwe ngokomthetho njengenhlangano engokwenkolo. Kungakapheli nezinyanga ezintathu, kwase kuqhubeka imihlangano emithathu yezizwe zonke—eChorzów, ePoznan, naseWarsaw—sekukonke inani lababa khona laba ngu-166 518. Ngokumangalisayo, izinkulungwane zoFakazi ezazivela endaweni ngalesosikhathi eyayiyiSoviet Union (U.S.S.R.) naseCzechoslovakia zakwazi ukuthola izimvume ezazidingeka futhi zaba khona. Ingabe ikhona imiphumela umsebenzi woFakazi BakaJehova wokwenza abafundi owaba nayo kulamazwe lapho kwase kungamashumi amaningi eminyaka uMbuso ukusekela ngokuqinile ukuthi uNkulunkulu akekho? Impendulo yabonakala lapho abangu-6 093, kuhlanganise nentsha eningi, becwiliswa emanzini kuleyomihlangano.
Umphakathi wavele wazibonela ukuthi oFakazi babehlukile—ngendlela enempilo kakhulu. Ephephandabeni lomphakathi, wawufunda izinkulumo ezinjengale elandelayo: “Labo abakhulekela uJehova uNkulunkulu—njengoba bona uqobo besho—bayazisa kakhulu imibuthano yabo, ngokuqinisekile ewukubonakaliswa kobunye obukhona phakathi kwabo. . . . Ngokuqondene nokuhleleka, ukuba nokuthula, nokuhlanzeka, ababa khona kulemihlangano bayizibonelo zokulingiswa.” (Życie Warszawy) Abanye babantu basePoland banquma ukwenza okungaphezu nje kokubuka ababeze emhlanganweni. Babefuna ukuba oFakazi BakaJehova batadishe nabo iBhayibheli. Ngenxa yemfundo enjalo yeZwi likaNkulunkulu, iningi loFakazi BakaJehova ePoland landa lisuka ku-72-887 ngo-1985 laba ngu-107 876 ngo-1992; futhi phakathi nalonyaka wamuva, banikela ngamahora angaphezu kwangu-16 800 000 ekutsheleni abanye ngethemba elimangalisayo elivezwe emiBhalweni.
Nokho, akukhona ePoland kuphela lapho kwakwenzeka khona izinguquko ezivusa amadlingozi.
Enye Ingxenye YeMpumalanga Yurophu Ivula Iminyango Yayo
EHungary oFakazi BakaJehova baqashelwa ngokomthetho ngo-1989. Indawo ngalesosikhathi eyayiyiGerman Democratic Republic (GDR) yasusa ukuvinjelwa koFakazi okwase kuneminyaka engu-40 ngo-1990, ezinyangeni ezine nje ngemva kokuba kuqale ukudilizwa koDonga LwaseBerlin. Ngenyanga elandelayo i-Christian Association of Jehovah’s Witnesses eRomania yaqashelwa ngokomthetho uhulumeni waseRomania omusha. Ngo-1991 uNgqongqoshe Wezobulungisa eMoscow wamemezela ukuthi iNcwadi Yomthetho-sisekelo ye-“Religious Organization of Jehovah’s Witnesses in the U.S.S.R.” yayibhaliswe ngokomthetho. Ngawo lowonyaka umsebenzi woFakazi BakaJehova waqashelwa ngokomthetho eBulgaria. Phakathi no-1992, oFakazi BakaJehova e-Albania baqashelwa ngokomthetho.
OFakazi BakaJehova benzani ngenkululeko abayinikezwa? Umcosheli wezindaba wabuza uHelmut Martin, umqondisi womsebenzi woFakazi BakaJehova eGDR: “Ingabe nizozingenela ezombangazwe?” Kakade, yilokho abaningi babefundisi beLobukholwa ababekwenza. “Cha,” kuphendula uMfoweth’ uMartin, “uJesu wanikeza abafundi bakhe isabelo esingokomBhalo, futhi sisibheka njengomsebenzi wethu oyinhloko.”—Math. 24:14; 28:19, 20.
OFakazi BakaJehova ngokuqinisekile babengaqali ukunakekela lowomthwalo wemfanelo kulengxenye yomhlaba. Nakuba kwakuye kwadingeka bafeze umsebenzi wabo ngaphansi kwezimo ezinzima kakhulu iminyaka eminingi, kwamaningi alamazwe amabandla (ayehlangana ngamaqembu amancane) ayelokhu eqhubeka, futhi ukufakaza kwakwenziwe. Kodwa manje kwakuvuleka ithuba elisha. Base bengaqhuba imihlangano ababengamemela umphakathi kuyo ngokukhululeka. Base bengashumayela ngokukhululeka endlini ngendlu, bengasabi ukuboshwa. Lapha kwakunamazwe anenani labantu abangaphezu kwabangu-390 000 000 sebebonke, mkhulu umsebenzi okwakumelwe wenziwe khona. Bekuqaphela ukuthi siphila ezinsukwini zokugcina zalesisimiso sezinto sezwe lamanje, oFakazi BakaJehova bathatha isinyathelo ngokushesha.
Ngisho nangaphambi kokuba baqashelwe ngokomthetho, amalungu eNdikimba Ebusayo ahambela amazwe amaningi ukuze abone ukuthi yini eyayingase yenziwe ukuze kusizwe abafowabo abangamaKristu. Ngemva kokususwa kokuvinjelwa, baya kwezengeziwe zalezindawo ukuze basize ekuhleleni umsebenzi. Eminyakeni embalwa, base bebabonile futhi bakhuluma noFakazi ePoland, eHungary, eRomania, eCzechoslovakia, eRussia, e-Ukraine, e-Estonia, naseBelarus.
Kwahlelwa imihlangano ukuze kuqiniswe oFakazi abahlala kulamazwe futhi kwenziwe umphakathi usiqaphele ngisho nangaphezulu isigijimi soMbuso kaNkulunkulu. Kungakapheli nezinyanga ezinhlanu ukuvinjelwa kususiwe kuleyondawo ngalesosikhathi eyayiyiGDR, kwaqhutshwa umhlangano onjalo e-Olympia Stadium yaseBerlin. OFakazi bakwamanye amazwe angu-64 basabela kalula esimemweni sokuba babe khona. Bakubheka njengelungelo ukujabulela lesosenzakalo nabafowabo nodadewabo abangamaKristu okwase kuphele amashumi eminyaka bebonisa ubuqotho kuJehova bebhekene nokushushiswa okunzima.
Kokubili ngo-1990 nango-1991, eminye imihlangano yaqhutshwa kulo lonke elaseMpumalanga Yurophu. Ngemva kokuba imihlangano emine yendawo iye yaqhutshwa eHungary ngo-1990, kwenziwa amalungiselelo ombuthano wezizwe zonke eNépstadion, eBudapest ngo-1991. Kwaba nabangu-40 601 ababevela emazweni angu-35. Ngokokuqala ngqá eminyakeni engaphezu kwengu-40, oFakazi BakaJehova bakwazi ukuqhuba imihlangano yeningi eRomania ngo-1990. Ngalowonyaka kwaqhutshwa uchungechunge lwemihlangano ezweni lonke, futhi kamuva kwaba nemihlangano emikhulu kunaleyo. Kwaba neminye imihlangano eyisishiyagalombili ngo-1991, okwaba khona kuyo abangu-34 808. Ngo-1990, endaweni ngalesosikhathi eyayiyiYugoslavia, kwaqhutshwa imihlangano kumariphabhuliki ngamanye ayakha lelozwe. Ngonyaka olandelayo, nakuba izwe lalisongelwa impi yombango, abangu-14 684 boFakazi BakaJehova bajabulela umhlangano wezizwe zonke eZagreb, inhloko-dolobha yaseCroatia. Amaphoyisa amangala lapho ebona abaseCroatia, eMontenegro, eSerbia, eSlovenia, nabanye behlangene ngokuthula bezolalela isimiso.
Nasendaweni ngalesosikhathi eyayiyiCzechoslovakia, kwahlelwa imihlangano ngokushesha. Emhlanganweni wezwe lonke ePrague ngo-1990 kweza abangu-23 876. Ababephethe inkundla bakujabulela kakhulu abakubona kangangokuba bathi oFakazi bangathola indawo enkulu kunazo zonke kulelozwe ngomhlangano wabo olandelayo. Kulesosenzakalo esaqopha umlando, ngo-1991, bangu-74 587 ababeze emhlanganweni abashisekayo abagcwalisa iStrahov Stadium ePrague. Izihambeli zomhlangano zaseCzechoslovakia naseSlovakia zajabula futhi zashaya ihlombe ngentshiseko lapho kumenyezelwa ukukhululwa kwe-New World Translation of the Holy Scriptures ephelele ngezilimi zabo, babezoyisebenzisa enkonzweni yasobala nasesifundweni somuntu siqu nesebandla.
Futhi kwakuphakathi no-1991, ngokokuqala ngqá emlandweni, lapho oFakazi BakaJehova bakwazi khona ukuqhuba imihlangano ngokukhululeka ezindaweni ngalesosikhathi ezaziseSoviet Union. Ngemva komhlangano eTallinn, e-Estonia, kwaba nomunye eSiberia. Emine yaqhutshelwa emadolobheni amakhulu e-Ukraine, kwathi omunye waba seKazakhstan. Inani lababekhona lafinyelela ingqikithi yabangu-74 252. Futhi njengesithelo samuva somsebenzi wokwenza abafundi woFakazi BakaJehova kulezindawo, abangu-7 820 bacwiliswa emanzini. Lesi kwakungesona isinqumo esasibangelwa umzwelo ngoba bejabulela umhlangano. Ababezobhapathizwa babehlonyiswe ngokucophelela ezinyangeni eziningi kusengaphambili—futhi ezimweni eniningi, iminyaka ethile.
Babevelaphi bonke labantu? Kwakusobala ukuthi akukhona ukuthi umsebenzi woFakazi BakaJehova wawuqala kuleyongxenye yomhlaba. Izincwadi ze-Watch Tower zazithunyelwe ngeposi kubantu abathakazelayo eRussia emuva ngo-1887. Umongameli wokuqala we-Watch Tower Society uqobo wayevakashele eKishinev (manje eseMoldova) ngo-1891. Abanye abaFundi BeBhayibheli babeye eRussia beyoshumayela phakathi nawo-1920; kodwa kwakunokuphikisa okunamandla kwezikhulu, futhi amaqembu ambalwa ayebonise isithakazelo esigijimini seBhayibheli ayengemakhulu. Nokho, isimo sashintsha phakathi nangemva kweMpi Yezwe II. Imingcele yezwe yahlelwa kabusha, futhi abantu abaningi bahlaliswa kwezinye izindawo. Ngenxa yalokho, oFakazi abangaphezu kwenkulungwane abakhuluma isi-Ukraine ababevela endaweni eyayiyimpumalanga Poland bazithola sebeseSoviet Union. Abanye oFakazi ababehlala eRomania naseCzechoslovakia bathola ukuthi izindawo ababehlala kuzo zase siyingxenye yeSoviet Union. Ngaphezu kwalokho, abaseRussia ababebe oFakazi BakaJehova lapho besemakamu okuhlushwa eJalimane baphindela emazweni akubo endabuko, futhi bahamba nezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Ngo-1946, kwakunoFakazi abangu-4 797 abakhuthele eSoviet Union. Abaningi balaba uhulumeni wabayisa ezindaweni ezihlukahlukene eminyakeni engaphambili. Abanye bavalelwa emakamu angamajele. Nomaphi lapho babeya khona babefakaza. Amanani abo anda. Ngisho nangaphambi kokuba uhulumeni abaqaphele ngokomthetho, amaqembu abo ayekhuthele yonke indawo kusukela eLviv entshonalanga kuya eVladivostok emngceleni osempumalanga weSoviet Union, ngaphesheya kolwandle kusuka eJapane.
Abaningi Manje Bathambekele Ekulaleleni
Lapho oFakazi beba nemihlangano kuleyondawo eyayaziwa ngokuthi i-U.S.S.R. ngo-1991, umphakathi wathola ithuba lokubabukisisa kahle. Wasabela kanjani? ELviv, e-Ukraine, isikhulu samaphoyisa satshela umunye wababeze emhlanganweni: “Niphuma phambili ekufundiseni abanye okuhle, nikhuluma ngoNkulunkulu, futhi anihlanganyeli ebudloveni. Besixoxa ngokuthi besinishushiselani, futhi siphethe ngokuthi asizange sinilalele futhi besingazi lutho ngani.” Kodwa manje abaningi babelalela, futhi oFakazi BakaJehova babefuna ukubasiza.
Ukuze bafeze umsebenzi wabo ngokuphumelelayo kulamazwe, kwakudingeka izincwadi zeBhayibheli. Kwenziwa umzamo omkhulu ukuze zilungiselelwe ngokushesha. ESelters/Taunus, eJalimane, oFakazi BakaJehova bandisa izindawo zabo zokunyathelisa zacishe zaphindwa kabili. Nakuba lokhu kwandiswa kwakungakapheli, emasontweni acishe abe mabili ngemva kokuba ukuvinjelwa kususiwe endaweni ngalesosikhathi eyayiyiMpumalanga Jalimane, amathani angu-25 ezincwadi athunyelwa kulendawo esuka endaweni yokunyathelisa eSelters. Kusukela esikhathini sokususwa kokuvinjelwa emazweni aseMpumalanga Yurophu kuze kube ngo-1992, amathani acishe abe ngu-10 000 ezincwadi ngezilimi ezingu-14 eziyinhloko aye athunyelwa kulamazwe ahlukahlukene evela eJalimane, amanye amathani angu-698 ayevela e-Italy, namanye evela eFinland.
Njengoba babengabodwa iminyaka eminingi, oFakazi bakwamanye amazwe babedinga nosizo ezindabeni zokuphathwa kwebandla nokuqondisa kwenhlangano. Ukuze bahlangabezane nalesidingo esiphuthumayo, abadala abanokuhlangenwe nakho—ababekwazi ukukhuluma ulimi lwakulelozwe, lapho kwenzeka—bathintwa eJalimane, e-United States, eCanada, nakwezinye izindawo. Ingabe babengathanda ukuthuthela kwelinye lalamazwe eMpumalanga Yurophu ukuze basize ekuhlangabezaneni nalesidingo? Ukusabela kwakujabulisa ngempela! Lapho kwakungaba usizo khona, abadala ababeqeqeshwe eSikoleni SaseGileyadi noma eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo nabo bathunyelwa.
Khona-ke, ngo-1992, umhlangano wezizwe zonke ophawulekayo waqhutshelwa eSt. Petersburg, eyidolobha lesibili ngobukhulu eRussia. Izihambeli zomhlangano ezicishe zibe ngu-17 000 zazivela emazweni angu-27 angaphandle kweRussia. Lomhlangano wamenyezelwa kabanzi. Phakathi kwalabo abeza kwakunabantu ababengakaze bezwe ngoFakazi BakaJehova. Ababekhona bafinyelela inani eliphakeme labangu-46 214. Izihambeli zomhlangao zafika zivela kuzo zonke izingxenye zeRussia, ezinye zivela kude empumalanga eSakhalin Island, ngaseJapane. Amaqembu amaningi ayevela e-Ukraine, eMoldova, nakwamanye amazwe ayeyingxenye ye-U.S.S.R. Ayeze nezindaba ezinhle. Imibiko yabonisa ukuthi amabandla ngamanye emadolobheni anjengeKiev, iMoscow, neSt. Petersburg ngokwesilinganiso ayeba nenani lababeba khona emihlanganweni yabo elaliliphinda kabili noma ngaphezulu inani loFakazi. Abantu abaningi ababefuna ukuba oFakazi BakaJehova babafundele iBhayibheli kwadingeka bafakwe ohlwini lwabalindile. Kwafika izihambeli zomhlangano ezingu-600 zivela eLatvia, kanye nezinye ezazivela ngisho nase-Estonia. Ibandla lase-St. Petersburg lalinabangaphezu kwekhulu ababelungele ukubhapathizwa emhlanganweni. Abaningi balabo ababonisa isithakazelo kwakuyintsha noma abantu abafundile. Ngempela, umsebenzi omkhulu wokuvuna okungokomoya usuqalile kulensimu enkulu osekuyisikhathi eside abantu beyibheka njengendawo ebuswa inkolelo yokuthi uNkulunkulu akekho!
Amasimu Alungele Ukuvunwa
Njengoba izimo zengqondo ngokuqondene nenkululeko engokwenkolo zazishintsha, namanye amazwe, aqeda imithetho evimbela oFakazi BakaJehova noma abenza baqashelwa ngokomthetho okuyinto okwase kukade beyinqatshelwa. Kweziningi zalezozindawo, isivuno esikhulu esingokomoya sasilungele ukubuthwa. Izimo zazinjengalezo uJesu azichazela abafundi bakhe lapho ethi: “Phakamisani amehlo enu, nibone ukuthi amasimu asemhlophe, aselungele ukuvunwa.” (Joh. 4:35) Cabangela izindawo ezimbalwa nje lapho lokhu kwakunjalo khona e-Afrika.
Inkonzo yendlu ngendlu yoFakazi BakaJehova yayivinjelwe eZambia ngo-1969. Ngenxa yalokho, oFakazi lapho basebenzisa isikhathi esengeziwe ekuqhubeni izifundo zeBhayibheli nabantu abathakazelayo. Nabanye baqala ukufuna oFakazi ukuze bafundiswe. Kancane kancane ukwenqatshelwa uhulumeni kwaphela, futhi inani lababeba khona emihlanganweni lakhula. Ngo-1992, bangu-365 828 ababa khona eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa eZambia, isilinganiso soyedwa kubantu abangu-23!
Enyakatho yeZambia, eZaire, izinkulungwane ezengeziwe zazifuna ukuthola lokho oFakazi BakaJehova abakufundisayo ngokuphila kobuKristu nangenjongo kaNkulunkulu ngesintu. Ngo-1990 lapho izimo zivumela oFakazi ukuba bawavule kabusha amaHholo abo oMbuso, kwezinye izindawo abantu abangaba ngu-500 batheleka emihlanganweni yabo. Kungakapheli neminyaka emibili, oFakazi abangu-67 917 eZaire babeqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya nabantu abanjalo abangu-141 859.
Inani lamazwe ayevuleka lalimangalisa. Ngo-1990, izithunywa zevangeli ze-Watch Tower ezazixoshwe eBenin eminyakeni engu-14 ngaphambili zanikezwa ithuba ngokomthetho lokuba zibuye, futhi umnyango wavulekela nezinye ukuba zize. Ngawo lowonyaka uNgqongqoshe Wezobulungisa eCape Verde Republic wasayina imvume eyayigunyaza izimiso ze-Association of Jehovah’s Witnesses yakuleyondawo, kanjalo ebenza baqashelwe ngokomthetho. Khona-ke, ngo-1991, oFakazi BakaJehova bakhululwa ngokomthetho eMozambique (lapho ababengababusi babebashushise khona kanzima), eGhana (lapho umsebenzi wabo wawuvinjelwe khona ngokomthetho), nase-Ethiopia (lapho kwakungenakwenzeka khona ukushumayela ngokukhululekile nokuqhuba imihlangano iminyaka engu-34). Ngaphambi kokuba unyaka uphele iNiger neCongo nazo zazibenze baqashelwa ngokomthetho. Ekuqaleni kuka-1992, ukuvinjelwa kwasuswa noma oFakazi BakaJehova baqashelwa ngokomthetho eChad, eKenya, eRwanda, eTogo, nase-Angola.
Lawa kwakungamasimu alungele ukuvuna okungokomoya. Ngokwesibonelo, e-Angola oFakazi ngokushesha baba nokwanda kwamaphesenti angu-31; ngaphezu kwalokho, abamemezeli boMbuso abangu-19 000 lapho babeqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingu-53 000. Ukuze banikeze usizo olwaludingeka ekuphatheni kulesisimiso esikhulu semfundo yeBhayibheli e-Angola naseMozambique (lapho abaningi bekhuluma khona isiPutukezi), abadala basePortugal nabaseBrazil bamenywa ukuba bathuthele e-Afrika ukuze bafeze inkonzo yabo khona. Izithunywa zevangeli ezikhuluma isiPutukezi zabelwa ensimini eyayisanda kuvuleka yaseGuinea-Bissau. Futhi oFakazi abafanelekayo eFrance nakwamanye amazwe bamenywa ukuba basize ekufezeni umsebenzi ophuthumayo wokushumayela nokwenza abafundi eBenin, eChad, naseTogo, lapho isiFulentshi sikhulunywa khona abantu abaningi.
Phakathi kwalezozindawo eziye zaba namaqembu amaningi ngokukhethekile abadumisi bakaJehova kukhona lezo ezazibuswa iRoma Katolika. Ngaphandle kwaseLatin America, kwenzeka okufanayo naseFrance (lapho umbiko ka-1992 wabonisa abashumayeli bevangeli abangoFakazi abangu-119 674), eSpain (lapho babengu-92 282), ePhilippines (bengu-114 335), e-Ireland (enezinga lokwanda koFakazi lesilinganiso samaphesenti angu-8 kuya kwayishumi ngonyaka), nasePortugal.
Lapho abangu-37 567 beza emhlanganweni woFakazi eLisbon, ePortugal, ngo-1978, umagazini wezindaba i-Opção wathi: “Kunoma ubani oke waba seFátima phakathi nesikhathi sohambo lokuyokhuleka, lokhu kuhluke ngempela. . . . Lapha [emhlanganweni woFakazi BakaJehova] izimfihlakalo ziyanyamalala, esikhundleni sazo kuqhutshwa umhlangano lapho amakholwa ngokuvumelana exoxa khona ngezinkinga zawo, ukholo lwawo nombono wawo ongokomoya. Indlela aphathana ngayo inikeza uphawu oluhlukanisayo lokuba nobuhlobo bokukhathalelana.” Phakathi neshumi leminyaka elalandela, inani loFakazi ePortugal landa ngamaphesenti acishe abe ngu-70.
Kuthiwani-ke nge-Italy? Ukuntuleka okukhulu kwabantu abazoba abapristi bamaKatolika kuye kwenza kwadingeka ukuba ezinye izikole zokufundela ubufundisi zivalwe. Amasonto amaningi awasenabo abapristi bezifunda. Ezimweni eziningi izakhiwo ezazingamasonto manje ziyizitolo noma amahhovisi. Naphezu kwakho konke lokhu, abefundisi baye balwa kanzima ukuze bavimbele oFakazi BakaJehova. Eminyakeni edlule bacindezela izikhulu ukuba zixoshe izithunywa zevangeli ezingoFakazi futhi bafuna ngenkani ukuba amaphoyisa amise imihlangano yabo. Kwezinye izindawo phakathi nawo-1980, abapristi bezifunda baye benza ukuba kunanyathiselwe emizini yabo bonke abantu (kuhlanganise nokuye kwenzeka ukuthi bangoFakazi BakaJehova), izigqebhezana ezithi: “Ungangqongqozi. SingamaKatolika.” Amaphephandaba ayenezihloko ezinkulu ezithi: “Isixwayiso SeSonto NgoFakazi BakaJehova” nesithi “‘IMpi Engcwele’ Elwiwa NoFakazi BakaJehova.”
Lapho abapristi bamaJuda bekhulu lokuqala bezama ukuthulisa abaphostoli, uGamaliyeli, owayefundisa uMthetho, ngokuhlakanipha weluleka: “Uma lelisu nalomsebenzi kuvela kubantu, kuyakuchitheka; kepha uma kuvela kuNkulunkulu, aniyikuba-namandla okubachitha.” (IzE. 5:38, 39) Waba yini umphumela lapho abapristi bamaRoma Katolika bekhulu lama-20 bezama ukuthulisa oFakazi BakaJehova? Umsebenzi woFakazi abangu-120 e-Italy ngo-1946 awuzange upheliswe. Kunalokho, ngo-1992, kwakunoFakazi abakhuthele abangu-194 013 ababehlanganyela emabandleni angu-2 462 ezweni lonke. Baye bagcwalisa i-Italy ngemfundiso yabo yeZwi likaNkulunkulu. Kusukela ngo-1946 baye banikela ngamahora angaphezu kwezigidi ezingu-550 bekhuluma nabantu bakubo e-Italy ngoMbuso kaNkulunkulu. Njengoba benza lokhu, baye babahambisela izigidi zamaBhayibheli kanye nezincwadi, izincwajana, nomagazini konke okuchaza imiBhalo okungaphezu kwezigidi ezingu-400. Bafuna ukuqikelela ukuthi abantu base-Italy bathola ithuba eligcwele lokuthatha ukuma kwabo ngasohlangothini lukaJehova ngaphambi kokuba kufike i-Armagedoni. Njengoba benza kanjalo, bakhumbula lokho umphostoli uPawulu akuloba kweyesi-2 Korinte 10:4, 5, okuwukuthi: “Izikhali zethu zokulwa kasizo ezenyama, kodwa ngaye uNkulunkulu zinamandla okubhidliza izinqaba, sichitha izizindlo, nakho konke okudephileyo okuziphakamisela ukuthiyana nokumazi uNkulunkulu.”
Akuzona izindawo okwakubusa ubuKatolika kuzo kuphela lapho oFakazi BakaJehova beqondisa khona ukunakekela kwabo. Bayazi ukuthi uJesu Kristu wathi: “Ivangeli limelwe ukushunyayelwa . . . ezizweni zonke.” (Marku 13:10) Futhi lomsebenzi yiwona oFakazi abawenzayo. Ngo-1992, babengu-12 168 kubo ababematasa betshela abantu eNdiya ngoMbuso kaNkulunkulu. Abanye abangu-71 428 kubo babeshumayela eRepublic of Korea. EJapane, babengu-171 438, futhi amanani abo ayekhula nyanga zonke. Futhi baqhubeka befinyelela nasemazweni okwakushunyeyelwe kancane noma okwakungakashunyayelwa kuwo.
Ngakho, phakathi nengxenye yokugcina yawo-1970, bakwazi, ngokokuqala ngqá, ukuyisa isigijimi soMbuso kubantu ababehlala eMarquesas Islands naseKosrae—zombili ezisoLwandlekazini lwasePacific. Bafinyelela naseBhutan, esemngceleni waseChina oseningizimu, naseComoros, ngasogwini lwase-Afrika olusempumalanga. Phakathi nawo-1980 umsebenzi wokuqala ngqá wokushumayela owawenziwa oFakazi BakaJehova wabikwa eWallis naseFutuna Islands, naseziqhingini zaseNauru naseRota, zonke eziseningizimu-ntshonalanga Pacific. Ezinye zalezindawo zincane uma kuqhathaniswa; kodwa kunabantu abahlala kuzo, futhi ukuphila kubalulekile. OFakazi BakaJehova basazi kahle isiprofetho sikaJesu sokuthi ngaphambi kokuba ukuphela kufike, isigijimi soMbuso siyobe sesishunyayelwe “kuwo wonke umhlaba owakhiwe.”—Math. 24:14, NW.
Ukuxhumana Nabantu Nomaphi Nanoma Nini Uma Kwenzeka
Nakuba ukushumayela endlini ngendlu kuqhubeka kuyindlela eyinhloko esetshenziswa oFakazi BakaJehova ekufinyeleleni abantu, bayaqaphela ukuthi ngisho nangalendlela ehleliwe abakwazi ukufinyelela wonke umuntu. Benomuzwa wokuphuthuma kwesimo, bayaqhubeka befuna abantu nomaphi lapho bengabathola khona.—Qhathanisa noJohane 4:5-42; IzEnzo 16:13, 14.
Lapho izikebhe zimi ezikhumulweni zaseJalimane naseNetherlands, ngisho nakuba zizokuma isikhathi esifushane, oFakazi BakaJehova bayazama ukubavakashela, baqale bafakaze kukaputeni bese beya kwabayizisebenzi. Babaphathela izincwadi zeBhayibheli ngezilimi eziningi. Ezimakethe zendawo zaseChad, enkabeni ye-Afrika, akukhona okungavamile ukubona iqembu labantu abangu-15 noma abangu-20 bengunge omunye woFakazi BakaJehova okhuluma nabo ngethemba loMbuso kaNkulunkulu. Beshintshana besebenza njengamaqembu, oFakazi bakhuluma nabathengisa emgwaqweni ezindaweni zabo kanye nezinkulungwane zabathengi ngoMgqibelo ekuseni ezindaweni ezithengisa izimpahla ezingamasekeni e-Auckland, eNew Zealand. Abantu abadlula ezitobhini ezinkulu zamabhasi eGuayaquil, e-Ecuador—abaningi babo abavela ezingxenyeni ezikude zezwe—bakhulunyiswa oFakazi ababahambisela incwajana efike ngesikhathi noma i-Atalaya ne-¡Despertad! Labo abasebenza ebusuku ezitolo zokudla ezingavali eDolobheni laseNew York bavakashelwa emsebenzini oFakazi ukuze nabo babe nethuba lokuzwa izindaba ezinhle.
Lapho behamba ngezindiza, izitimela, amabhasi, nangezitimela ezihamba ngaphansi komhlaba, abaningi boFakazi BakaJehova bahlanganyela amaqiniso eBhayibheli nalabo abagibele nabo. Phakathi namakhefu asemini emisebenzini yabo yokuziphilisa nasesikoleni, nalapho abantu beza emakhaya abo ngezebhizinisi, babamba lawomathuba ukuze bafakaze. Bayazi ukuthi abaningi balabantu bangase bangabikho ekhaya lapho oFakazi benza ukuhambela kwabo kwasikhathi sonke.
Lapho befakaza kwabanye, abawakhohlwa amalungu aseduze omkhaya nezinye izihlobo. Kodwa lapho uMaria Caamano, onguFakazi e-Argentina, ezama ukutshela umkhaya wakubo ngendlela ayeshukunyiswe ngayo yilokho ayekufunde eBhayibhelini, bamgcona noma bangamnaka. Akazange ayeke kodwa wahamba amakhilomitha angu-1 900 eyofakaza kwezinye zezihlobo zakhe. Ezinye zasabela kahle. Kancane kancane, nezinye zalalela. Ngenxa yalokho, phakathi kwezihlobo zakhe manje kunabantu abadala abangaphezu kwabangu-80 nabantwana abangaphezu kwabangu-40 abamukele amaqiniso eBhayibheli futhi bawahlanganyela nabanye.
Ukuze asize izihlobo zakhe, uMichael Regan wathuthela edolobheni lakubo lendabuko, eBoyle, eCounty Roscommon, e-Ireland. Wafakaza kuzo zonke. Umshana wakhe wahlatshwa umxhwele umoya wenjabulo nendlela enhle yokuphila kwabantwana bakaMichael. Ngokushesha yena nomyeni wakhe bavuma ukutadisha iBhayibheli. Lapho bebhapathizwa, uyise wamvimbela ukuba aphinde eze ekhaya. Nokho, kancane kancane isimo sakhe sengqondo saba ngcono, futhi wamukela izincwadi ezithile—ehlose ukudalula “iphutha” loFakazi. Kodwa ngokushesha waqaphela ukuthi lokho ayekufunda kwakuyiqiniso, futhi ngokuhamba kwesikhathi wabhapathizwa. Manje amalungu omkhaya angaphezu kwangu-20 ahlanganyela nebandla, iningi lawo selibhapathiziwe kakade.
Kuthiwani ngabantu abasemajele? Bangazuza kulesigijimi soMbuso kaNkulunkulu? OFakazi BakaJehova ababashayi indiva. Ejele elithile eNyakatho Melika, amalungiselelo ezifundo zeBhayibheli eziqondene nomuntu siqu eziqhutshelwa iziboshwa, kanye nokuba khona emihlanganweni yasikhathi sonke eqhutshwa oFakazi BakaJehova ejele, kwaba nemiphumela emihle kangangokuba abaphathi bejele benza kwenzeka ukuba kuqhutshwe imihlangano emikhulu lapho. Kulemihlangano kwakungezi iziboshwa kuphela kodwa nezinkulungwane zoFakazi bangaphandle. Nakwamanye amazwe, kwenziwa imizamo eqotho yokufakaza kwabesilisa nabesifazane abasejele.
Akukhona ukuthi oFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi isifundo seBhayibheli siyoshintsha zonke iziboshwa. Kodwa banolwazi lokuzibonela ukuthi ezinye zingasizakala, futhi bafisa ukuzinikeza ithuba lokwamukela ithemba loMbuso kaNkulunkulu.
Imizamo Ephindaphindiwe Yokufinyelela Izinhliziyo
OFakazi BakaJehova baya kubantu bephindelela. Njengoba abafundi bakaJesu bokuqala benza, ‘bayaqhubeka beya’ kubantu emasimini abawabelwe ukuze bazame ukubenza babe nesithakazelo eMbusweni kaNkulunkulu. (Math. 10:6, 7, qhathanisa neNW.) Kwezinye izindawo bayakwazi ukuhambela yonke imizi endaweni abakuyo ngonyaka owodwa kuphela; kwezinye, baya njalo ngemva kwezinyanga ezimbalwa. EPortugal, eLisbon namaphethelo, lapho uFakazi ngamunye kufanele ashumayele kubantu abangu-160, abantu bavakashelwa oFakazi cishe isonto ngalinye. EVenezuela, kunamadolobha lapho amasimu ehlanganiswa khona njalo ngaphezu kwesikhathi esisodwa ngesonto.
Lapho oFakazi BakaJehova beya kubantu bephindelela abazami ukuphoqelela isigijimi seBhayibheli kubo. Bamane nje bazama ukubanikeza ithuba lokwenza isinqumo esihlakaniphile. Ngesinye isikhathi, abanye abantu bangase bathi abanasithakazelo; kodwa izinguquko ezinkulu ekuphileni kwabo noma ezimweni zezwe zingase zibenze balalele ngesinye isikhathi. Ngenxa yobandlululo noma ngenxa yokuba nje matasa kakhulu ukuba balalele, abantu abaningi abakaze ngempela bakuzwe lokho oFakazi abakufundisayo. Kodwa ukubahambela ngomusa ngokuphindaphindiwe kungabenza banake. Abantu ngokuvamile bahlatshwa umxhwele ukwethembeka nobuqotho bokuziphatha koFakazi abahlala endaweni abakuyo noma abasebenza nabo. Ngenxa yalokho, ngokuhamba kwesikhathi, baba nesithakazelo kangangokuba baze bafune ukwazi ukuthi isigijimi sabo siphetheni. Owesifazane owayenjalo eVenezuela, ngemva kokuba ngenjabulo amukele izincwadi futhi wavuma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala wathi: “Akukho muntu owake wangichazela lezizinto.”
Ngendlela enomusa, oFakazi bazama ukufinyelela izinhliziyo zalabo abakhuluma nabo. EGuadeloupe, lapho uFakazi ngamunye kwakufanele ashumayele kubantu abangu-57 ngo-1992, akukhona okungavamile ukuba umninikhaya athi, “Anginasithakazelo.” U-Eric Dodote wayephendula athi: “Ngiyakuzwa, futhi ngizibeka esimweni sakho.” Abese enezela: “Kodwa uma ngingase ngibuze, Ubungathanda yini ukuphila ngaphansi kwezimo ezingcono kunalezo ezikhona namuhla?” Ngemva kokulalela lokho umninikhaya akushoyo, wayesebenzisa iBhayibheli ukuze abonise indlela uNkulunkulu ayoziletha ngayo izimo ezinjalo emhlabeni wakhe omusha.
Ukuhlanganisa Insimu Ngokugcwele Ngokwengeziwe
Eminyakeni yamuva kuye kwaba nzima ngokwandayo kwamanye amazwe ukuthola abantu ekhaya. Ngokuvamile, indoda nomfazi benza umsebenzi wokuziphilisa, futhi ngezimpelasonto bangase baphishekele ukuzijabulisa bangabibikho ekhaya. Ukuze babhekane nalesisimo, emazweni amaningi oFakazi BakaJehova benza ingxenye enkulu ngokwandayo yokufakaza endlini ngendlu kusihlwa. EBrithani, akukhona nje ukuthi abanye oFakazi baphindela lapho bengaficanga muntu khona phakathi nehora lesithupha nelesishiyagalombili kusihlwa kuphela kodwa abanye, bezama ukuxhumana nabantu ngaphambi kokuba baye emsebenzini, benza ukuhambela okunjalo ngaphambi kwehora lesishiyagalombili ekuseni.
Ngisho nalapho abantu bekhona ekhaya, kungase kube nzima kakhulu ukubafinyelela ngaphandle kokuba bekumeme kusengaphambili ngenxa yezinyathelo eziqatha zokuphepha ezithathwayo ngenxa yokwanda kobugebengu. Kodwa eBrazil lapho abanye abangatholakali kalula bephuma beyoshaywa umoya ekuseni kakhulu emgwaqweni osogwini eCopacabana Beach, bangase bamiswe uFakazi oshisekayo oselapho naye ekuseni kangako exoxa nabanye ngokuqondene nendlela uMbuso kaNkulunkulu oyozixazulula ngayo izinkinga zesintu. EParis, eFrance, lapho abantu bephindela emizini yabo ntambama, bangase bathole umbangqwana ongoFakazi onomusa ngasemnyango wesakhiwo, ulindele ukukhuluma nabantu ngabanye abahlala lapha abazimisele ukuchitha imizuzu embalwa ukuze bezwe ngendlela uNkulunkulu azoyisebenzisa ekuletheni ukulondeka kweqiniso. EHonolulu, eDolobheni laseNew York, nakwezinye izindawo eziningi, kwenziwa nemizamo yokubafinyelela ngocingo abantu abahlala ezakhiweni ezihlale zivaliwe ngezizathu zokuphepha.
Nakuba bekwazile ukuxhumana nothile emzini ngamunye, oFakazi abazizwa bewufezile umsebenzi wabo. Isifiso sabo siwukufinyelela abantu abaningi ngangokunokwenzeka emzini ngamunye. Ngezinye izikhathi lokhu kufezwa ngokubahambela ngezinsuku ezihlukile noma ngezikhathi ezihlukile. EPuerto Rico lapho umninikhaya ethe akanasithakazelo, uFakazi wabuza ukuthi ukhona yini omunye umuntu endlini ayengase akhulume naye. Lokhu kwaholela ekuxoxeni nobaba wekhaya, owayesegule iminyaka engu-14 futhi ngokuyinhloko ehlale esembhedeni. Wajatshuliswa ithemba elivezwe eZwini likaNkulunkulu. Enesithakazelo esivuselelwe ekuphileni, ngokushesha walulama, waba khona emihlanganweni eHholo LoMbuso, futhi wahlanganyela nabanye ithemba ayesanda kulithola.
Ukufakaza Ngamandla Njengoba Ukuphela Kusondela
Kuye kwaba nesinye isici esibe nengxenye enkulu ekuqiniseni ukufakaza eminyakeni yamuva. Ukwanda kwenani loFakazi abakhonza njengamaphayona. Befisa ngobuqotho ukunikela ngesikhathi sabo esiningi ngangokunokwenzeka enkonzweni kaNkulunkulu, nangokukhathalela ngothando omakhelwane babo, bahlela izimo zabo ukuze bachithe amahora angu-60, 90, 140 noma ngaphezulu inyanga ngayinye enkonzweni yasensimini. Njengoba kwakunjalo nangomphostoli uPawulu lapho eshumayela eKorinte, eGreece, labo abaqala inkonzo yamaphayona ‘bakhathalela izwi,’ befuna ukufakaza kubantu abaningi ngangokunokwenzeka ngoMbuso wobuMesiya.—IzE. 18:5.
Ngo-1975 kwakunamaphayona angu-130 225 emhlabeni wonke. Ngo-1992 kwakunangu-605 610 ngesilinganiso senyanga ngayinye (kuhlanganise namaphayona avamile, asizayo, nakhethekile). Ngakho, enkathini lapho inani loFakazi emhlabeni wonke lalikhuphuke ngamaphesenti angu-105, labo ababehlelele ukuhlanganyela enkonzweni yesikhathi esigcwele banda ngamaphesenti angu-365! Ngenxa yalokho, isikhathi eqinisweni esinikelwa ekufakazeni sakhuphuka sisuka ezigidini ezicishe zibe ngu-382 saba amahora angaphezu kwezigidi eziyinkulungwane ngonyaka!
‘Omncane Uye Waba Inkulungwane’
UJesu Kristu wathuma abalandeli bakhe ukuba babe ofakazi bakhe kuze kube sekugcineni komhlaba. (IzE. 1:8) Ngomprofethi u-Isaya, uJehova wayebikezele: “Omncane uyakuba-yinkulungwane, ophansi abe-yisizwe esinamandla; mina nginguJehova, ngiyakukusheshisa ngesikhathi sakho.” (Isaya 60:22) Umlando ubonisa ngokucacile ukuthi oFakazi BakaJehova benza umsebenzi uJesu abikezela ukuthi uyokwenziwa, futhi baye baba nohlobo lokwanda uNkulunkulu ngokwakhe aluthembisa.
Ngasekupheleni kweMpi Yezwe II, babebaningi eNyakatho Melika naseYurophu; babekhona nase-Afrika; futhi abanye, ngamaqembu amancane, babesakazeke embulungeni yonke. Babengakafinyeleli wonke amazwe ngesigijimi soMbuso, futhi babengakafinyeleli zonke izingxenye zalawomazwe ababeshumayela kuwo. Nokho, ngesivinini esimangalisayo lesosimo siye sashintsha.
Cabangela iNyakatho Melika. Ingxenye enkulu yezwe isuka eCanada enyakatho iyofika ePanama, kunamazwe ayisishiyagalolunye phakathi kwalezozindawo. Ngo-1945 kwakunoFakazi abangu-81 410 kulendawo enkulu. Amane kulamazwe ayebika oFakazi abangaphansi kwabangu-20, futhi kwelinye izwe wawungahleliwe nhlobo umsebenzi wokushumayela. Kusukela ngalesosikhathi, ubufakazi obunamandla nobuphikelelayo buye banikezwa kuwo wonke lamazwe. Kusukela ngo-1992, kwakunoFakazi BakaJehova abangu-1 440 165 kulengxenye yomhlaba. Kwamaningi alamazwe, uFakazi ngamunye, ngokwesilinganiso, manje unabantu abangamakhulu ambalwa kuphela okufanele afakaze kubo. Ingxenye enkulu yabantu ivakashelwa oFakazi njalo ngemva kwezinyanga ezimbalwa; abaningi bavakashelwa masonto onke. Izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingaphezu kwezingu-1 240 000 ziqhutshwa njalo nabantu ngabanye abanesithakazelo kanye namaqembu.
Kuthiwani ngeYurophu? Lengxenye yembulunga isuka eScandinavia eningizimu ize iyofika eMediterranean. Endaweni engaphandle kweyayaziwa ngokuthi iSoviet Union, ubufakazi obukhulu base bunikeziwe kakade eYurophu ngaphambi kweMpi Yezwe II. Kusukela ngalesosikhathi, kuye kwakhula izizukwalwane ezintsha, futhi nazo ziboniswa ngokusekelwe emiBhalweni ukuthi uMbuso kaNkulunkulu ngokushesha uzothatha isikhundla sabo bonke ohulumeni babantu. (Dan. 2:44) Kusukela koFakazi abayizinkulungwane ezimbalwa ababefeza umsebenzi wabo wokushumayela ngaphansi kokuvinjelwa okunzima phakathi nempi, inani labamemezeli boMbuso emazweni angu-47 okuye kwakhishwa imibiko yawo ngo-1992 liye landa lafinyelela ku-1 176 259, kuhlanganise nalabo abasezindaweni ezaziyingxenye ye-U.S.S.R., kokubili eYurophu nase-Asia. Ezweni ngalinye kwamahlanu—iBrithani, iFrance, iJalimane, i-Italy, nePoland—kwakunoFakazi abakhuthele abangaphezu kwabangu-100 000. Babenzani-ke bonke laboFakazi? Umbiko wabo ka-1992 ubonisa ukuthi phakathi nalowonyaka, banikela ngamahora angaphezu kwangu-230 000 000 ekushumayeleni emphakathini, behambela izindlu ngezindlu, beqhuba nezifundo zeBhayibheli zasekhaya. Lapho beshumayela ivangeli, laboFakazi abazange beqe ngisho neriphabuliki encane yaseSan Marino, izifunda ezinjenge-Andorra neLiechtenstein, noma iGibraltar. Ngempela, kwakunikezwa ubufakazi obabikezelwa.
I-Afrika nayo ithola ubufakazi obukhulu. Imibhalo egciniwe ibonisa ukuthi kuze kube u-1945, izindaba ezinhle ngandlela-thile zazifinyelele emazweni angu-28 akulelozwekazi, kodwa kuncane kakhulu ukufakaza okwakwenziwe kwamaningi alamazwe. Nokho, kusukela ngalesosikhathi kuye kwafezwa okuningi lapho. Ngo-1992, kwakunoFakazi abashisekayo abangu-545 044 ezwekazini lase-Afrika, beshumayela izindaba ezinhle emazweni angu-45. Lapho kugujwa iSidlo SeNkosi Sakusihlwa ngalowonyaka, kwaba nabangu-1 834 863. Ngakho, akukhona ukwanda kuphela okumangalisayo kodwa ukuba nokwenzeka kokunye ukwanda kuyamangalisa!
Umbiko waseNingizimi Melika nawo uyaphawuleka. Nakuba wonke amazwe ngaphandle kwelilodwa kwangu-13 ayesefinyelelwe ngesigijimi seBhayibheli ngaphambi kweMpi Yezwe II, ngalesosikhathi kwakunamabandla angu-29 kuphela ezwekazini lilonke, futhi umsebenzi wokushumayela wawungahleliwe kwamanye amazwe. Umsebenzi omkhulu wokushumayela ngoMbuso wawusengowesikhathi esizayo. Kusukela ngalesosikhathi oFakazi baye basebenza ngenkuthalo. Labo abaye baqatshulwa amanzi okuphila bamema abanye ngenjabulo, bethi: ‘Wozani, nithabathe amanzi okuphila ngesihle.’ (IsAm. 22:17) Ngo-1992, kwakunezinceku zikaJehova ezingu-683 782 emabandleni angu-10 399 eNingizimu Melika ezazihlanganyela ngenjabulo kulomsebenzi. Ezinye zazo ziye zafinyelela ezindaweni ezazingakabutholi ubufakazi ngokugcwele. Ezinye zaya ziphindelela lapho ubufakazi base bunikezwe khona, ukuze zikhuthaze abantu ukuba ‘bezwe babone ukuthi uJehova muhle.’ (IHu. 34:8) Ngaso sonke isikhathi zaziqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingu-905 132 ukuze zisize abathakazelayo benze izindlela zikaJehova zibe indlela yabo siqu yokuphila.
Cabangela ne-Asia neziqhingi eziningi kanye neziqhingi ezingamaqoqo embulungeni yonke. Yini eye yafezwa lapho? Kuze kube senkathini engemva kwempi, eziningi zalezizindawo zazingakutholi ukumenyezelwa koMbuso. Kodwa uJesu Kristu wayebikezele ukuthi lezizindaba ezinhle zoMbuso zaziyoshunyayelwa “ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke.” (Math. 24:14) Ngokuvumelana nalokho, phakathi namashumi eminyaka kusukela eMpini Yezwe II, ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle okwakufinyelele kwangu-76 alamazwe, iziqhingi, neziqhingi ezingamaqoqo kwasakazekela kwamanye angu-40 futhi kwaqiniswa ezindaweni ezazifinyelelwe kuqala. Kulensimu enkulu, ngo-1992 kwakunoFakazi abazinikele abangu-627 537 ababekujabulela ukwazisa abantu ‘ngezenzo [zikaJehova] zamandla nenkazimulo yobukhosi bombuso wakhe.’ (IHu. 145:11, 12) Inkonzo yabo yayingelula neze. Kwezinye izindawo kwakudingeka bahambe amahora amaningi ngesikebhe noma ngendiza ukuze bafinyelele eziqhingini ezikude zensimu yabo. Kodwa phakathi no-1992 banikela ngamahora angaphezu kwangu-200 000 000 emsebenzini wokushumayela ivangeli futhi baqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya zasikhathi sonke ezingu-685 211.
Isithembiso sokuthi ‘omncane wayeyoba inkulungwane’ siye sagcwaliseka ngempela, futhi sagcwaliseka kakhulu! Ezweni ngalinye kwangaphezu kwangu-50 kwakungekho ngisho ‘nomncane’ kuwo—lapho kwakungekho ngisho noyedwa woFakazi BakaJehova emuva ngo-1919, lapho babengazange bashumayele khona—namuhla kunabadumisi bakaJehova abangaphezu kwenkulungwane. Kwamanye alamazwe, manje kunoFakazi BakaJehova abangamashumi ezinkulungwane, yebo, ngisho nabangaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu, abangabamemezeli abashisekayo boMbuso kaNkulunkulu! Emhlabeni wonke, oFakazi BakaJehova baye baba “isizwe esinamandla”—njengebandla elinobunye elisembulungeni yonke baningi ngenani ukwedlula inani labantu lanoma yiliphi emazweni azibusayo okungenani angu-80 emhlabeni wonke.
Kungakanani Ukufakaza Owenziwe ‘Kwamanye Amazwe’?
Kusukela ngo-1992, ‘kunamanye amazwe’ angu-24 ahlanganisiwe kwangenhla—lapho oFakazi BakaJehova baba ngaphansi kokuvinjelwa okunzima ohulumeni futhi angenayo imibiko enayo yonke imininingwane. Kuye kwafakazwa kakhulu kwamanye alamazwe. Nokho emazweni athile inani loFakazi lincane kakhulu. Kusekhona abantu abangakasizwa isigijimi soMbuso. Kodwa oFakazi BakaJehova bayaqiniseka ukuthi ubufakazi obudingekayo buyonikezwa. Ngani?
Ngoba imiBhalo ibonisa ukuthi uJesu Kristu, esesihlalweni sakhe sobukhosi sasezulwini, uwuqondisa yena mathupha umsebenzi. (Math. 25:31-33) Ngaphansi kokuqondisa kwakhe ‘ingelosi endiza emkhathini wezulu’ iphathiswe wonke umthwalo wemfanelo wokumemezela izindaba ezinhle zaphakade nokunxusa “zonke izizwe, nemindeni, nezilimi, nabantu” ukuba ‘besabe uNkulunkulu bamnike inkazimulo.’ (IsAm. 14:6, 7) Awekho amandla ezulwini noma emhlabeni angavimbela uJehova ukuba adonsele kuye labo “abathambekele ekuphileni okuphakade.”—IzE. 13:48, NW; Joh. 6:44.
Ayikho ingxenye yomhlaba eqhele kangangokuba isigijimi soMbuso singefinyelele kuyo. Izihlobo ziyavakasha. Izingcingo nezincwadi zihambisa izindaba. Osomabhizinisi, izisebenzi, abafundi, nabavakashela amazwe baxhumana nabantu abakwamanye amazwe. Njengasesikhathini esidlule, namanje, ziyaqhubeka zaziswa ngalezizindlela izindaba ezibalulekile zokuthi uJehova uye wabeka esihlalweni sobukhosi iNkosi yakhe yasezulwini enegunya phezu kwezizwe. Izingelosi ziyaqikelela ukuba labo abalambele nabomele iqiniso nokulunga bayafinyelelwa.
Uma kuyintando yeNkosi ukuba okunye ukushunyayelwa ngokuqondile kwesigijimi soMbuso kwenziwe ezindaweni ezithile lapho ohulumeni bekuvimbele khona kuze kube manje, uNkulunkulu angabangela izimo eziyokwenza ohulumeni bashintshe izimiso zabo. (IzAga 21:1) Futhi lapho iminyango yethuba ingase ivuleke khona, oFakazi BakaJehova bayozinikela ngenjabulo ukuze baqikelele ukuthi abantu kulawomazwe bathola usizo olukhulu ngangokunokwenzeka ukuze bafunde ngenjongo yothando kaJehova. Bazimisele ukuqhubeka bekhonza ngokungayeki kuze kube yilapho uJehova ngoJesu Kristu ethi sekwanele!
Ngo-1992, oFakazi BakaJehova babematasa beshumayela emazweni angu-229. Ngalowonyaka izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu ngezindlela ezihlukahlukene zazifinyelele emazweni angu-235. Ayishumi kulawa afinyelelwa ngokokuqala ngqá ngemva kuka-1975.
Ubufakazi banikezwa kakhulu kangakanani? Nokho, phakathi neminyaka engu-30 yokuqala ngemva kweMpi Yezwe II, oFakazi BakaJehova banikela ngamahora angu-4 635 265 939 ekushumayeleni nasekufundiseni ngegama likaJehova nangoMbuso wakhe. Nokho, njengoba kwakunoFakazi abengeziwe, abaningi kubo besenkonzweni yesikhathi esigcwele, phakathi neminyaka engu-15 eyalandela (isigamu nje saleyominyaka) kwanikelwa ngamahora angu-7 858 677 940 ekufakazeni obala nasendlini ngendlu nasekuqhubeni izifundo zeBhayibheli zasekhaya. Futhi umsebenzi waqhubeka wenziwa ngomfutho, njengoba babika amahora angu-951 870 021 kulomsebenzi phakathi no-1990/91 kanye namahora angaphezu kwezigidi eziyinkulungwane ngonyaka olandelayo.
Inani lezincwadi zeBhayibheli eziye zasakazwa oFakazi ukuze bamemezele uMbuso, kanye nezilimi ezihlukene eziye zanyatheliswa ngazo, alinakuqhathaniswa nanoma yimuphi umzamo womuntu. Imibiko ayiphelele; kodwa imibiko esatholakala ibonisa ukuthi ngezilimi ezingu-294, izincwadi, izincwajana, izincwajana ezingangomagazini, nomagazini okungu-10 107-565 269 sekukonke, kanye namapheshana ayizigidigidi ezingenakubalwa, kwanikezwa abantu abathakazelayo phakathi nonyaka ka-1920 no-1992.
Ngesikhathi kubhalwa lencwadi, ukufakaza embulungeni yonke kwakungakapheli. Kodwa umsebenzi oye wafezwa kanye nezimo oye wenziwa ngaphansi kwazo unikeza ubufakazi obuqinisekisayo bokusebenza komoya kaNkulunkulu.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 502]
Imihlangano emikhulu nokuziphatha kobuKristu kwezihambeli zomhlangano kuye kwadonsa ukunakekela kwabaningi
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 505]
“Ngokuqondene nokuhleleka, ukuba nokuthula, nokuhlanzeka, ababa khona kulemihlangano bayizibonelo zokulingiswa”
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 507]
Imihlangano eyaqopha umlando yaqhutshwa ezindaweni okwase kuphele amashumi eminyaka oFakazi bengaphansi kokuvinjelwa
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 508]
Izinkulungwane zamathani ezincwadi zeBhayibheli zathunyelwa emazweni aseMpumalanga Yurophu
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 509]
Abadala abafanelekayo bathutha ngokuzithandela baya emazweni okwakunesidingo esikhethekile kuwo
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 516]
Isifiso sabo siwukufinyelela abantu abaningi ngangokuno-kwenzeka emzini ngamunye
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 518]
Ukwanda kanye nokuba nokwenzeka kokunye ukwanda okumangalisayo
[Amagrafu/Izithombe ekhasini 513]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Ukwanda Kwabamemezeli BoMbuso EMpumalanga
ENdiya
10 000
5 000
1950 1960 1970 1980 1992
ERepublic of Korea
60 000
30 000
1950 1960 1970 1980 1992
EJapane
150 000
100 000
50 000
1950 1960 1970 1980 1992
[Isithombe ekhasini 503]
Kwadingeka iMorumbi Stadium, eSão Paulo, eBrazil (eboniswe ngezansi), neMaracanã Stadium, eRio de Janeiro, kanye kanye ngo-1985 ukuze kwanele izihlwele ezazize emhlanganweni woFakazi BakaJehova
[Izithombe ekhasini 504]
Abanye bababe-zobhapathizwa eChorzów, ePoland, ngo-1989
[Izithombe ekhasini 506]
Eminye Yemihlangano Eyaqopha Umlando Ngo-1991
EPrague, eCzechoslovakia
ETallinn, e-Estonia (kwesokudla)
EZagreb, eCroatia (kwesokudla)
EBudapest, eHungary (ngenhla)
EBaia-Mare, eRomania (kwesokudla)
E-Usolye-Sibirskoye, eRussia (ngezansi)
E-Alma-Ata, eKazakhstan (ngenhla)
EKiev, e-Ukraine (kwesobunxele)
[Izithombe ekhasini 511]
Umhlangano wezizwe zonke woFakazi BakaJehova eSt. Petersburg, eRussia, ngo-1992
Kwakunentsha eningi
AbaseMoldova
Abase-Ukraine
OwaseRussia
Uthando lwezizwe zonke
UM. G. Henschel (kwesobunxele) uxoxa ngesimiso noStepan Kozhemba (maphakathi), esizwa umhumushi
Izihambeli zomhlangano zakwamanye amazwe zeza namaBhayibheli esiRussia ayezosetshenziswa oFakazi kulo lonke elaseRussia
[Izithombe ekhasini 512]
Ngawo-1980 iSonto lamaKatolika lathi lifuna ukulwa noFakazi, njengoba kuboniswa yileziqephu ezisikwe ephephandabeni lase-Italy
[Isithombe ekhasini 514]
Lapho imikhumbi ima eRotterdam, eNetherlands, oFakazi baba khona ukuze bakhulume nabantu ngoMbuso kaNkulunkulu
[Isithombe ekhasini 515]
Ngisho nalapho insimu ihlanganiswa khona njalo, njengalapha eGuadeloupe, oFakazi bayaqhubeka bezama ukufinyelela izinhliziyo zomakhelwane babo ngezindaba ezinhle