-
Ukulunga Kuyahluma EZiyoniIsiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
-
-
17. (a) Ayobizwa ngokuthini amalungu ka-Israyeli kaNkulunkulu? (b) Yimuphi umhlatshelo okuwukuphela kwawo odingekayo ukuze kuthethelelwe izono?
17 Kuthiwani ngo-Israyeli kaNkulunkulu? Ngo-Isaya, uJehova uthi kuye: “Kepha nina, niyobizwa ngokuthi ningabapristi bakaJehova; kuyothiwa niyizikhonzi zikaNkulunkulu wethu. Niyodla umnotho wezizwe; futhi niyokhuluma ngokuziqhenya ngani ngokwenu nisenkazimulweni yazo.” (Isaya 61:6) Kwa-Israyeli wasendulo, uJehova wamisa abapristi abangamaLevi ukuba banikele ngemihlatshelo benikelela abapristi ngokwabo namanye ama-Israyeli. Kodwa ngo-33 C.E., uJehova wayeka ukusebenzisa abapristi abangamaLevi wabe esemisa ilungiselelo elingcono. Wamukela ukuphila okuphelele kukaJesu njengomhlatshelo wezono zesintu. Kusukela ngaleso sikhathi, akubange kusadingeka omunye umhlatshelo. Umhlatshelo kaJesu uyohlale usebenza ngaso sonke isikhathi.—Johane 14:6; Kolose 2:13, 14; Heberu 9:11-14, 24.
18. U-Israyeli kaNkulunkulu wakha luhlobo luni lobupristi, futhi uthunyweni?
18 Amalungu ka-Israyeli kaNkulunkulu ‘angabapristi bakaJehova’ kanjani-ke? Ebhalela amanye amaKristu agcotshiwe, umphostoli uPetru wathi: “‘Niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi bobukhosi, isizwe esingcwele, isizwe sokuba yimpahla ekhethekile, ukuze nimemezele kabanzi ubuhle’ balowo owanibiza ukuba niphume ebumnyameni ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.” (1 Petru 2:9) Ngakho, njengeqembu, amaKristu agcotshiwe akha abapristi abathunywe ngokuqondile: ukuba batshele izizwe inkazimulo kaJehova. Kumelwe babe ofakazi bakhe. (Isaya 43:10-12) Kulezi zinsuku zokugcina, amaKristu agcotshiwe aye awenza ngokwethembeka lo msebenzi obalulekile athunywe ukuba awenze. Umphumela uwukuthi izigidi manje zihlanganyela nawo emsebenzini wokufakaza ngoMbuso kaJehova.
19. Yiziphi izinkonzo amaKristu agcotshiwe ayoba nelungelo lokuzenza?
19 Ngaphezu kwalokho, amalungu ka-Israyeli kaNkulunkulu anethemba lokukhonza njengabapristi ngenye indlela. Ngemva kokufa, avuselwa ezulwini ekuphileni komoya okungenakufa. Lapho, awakhonzi nje kuphela njengababusi noJesu eMbusweni wakhe kodwa nanjengabapristi bakaNkulunkulu. (IsAmbulo 5:10; 20:6) Kuleso sikhundla ayothola ilungelo lokusebenzisa izinzuzo zomhlatshelo wesihlengo kaJesu esintwini esithembekile emhlabeni. Embonweni womphostoli uJohane osencwadini yesAmbulo isahluko 22, babuye bachazwe ngokuthi “imithi.” Yonke le “mithi” engu-144 000 ibonakala isezulwini, ithela “izivuno eziyishumi nambili zezithelo, ithela izithelo [zayo] inyanga ngayinye. Futhi amaqabunga emithi [angawokwelapha] izizwe.” (IsAmbulo 22:1, 2) Yeka inkonzo yobupristi emangalisayo!
-
-
Ukulunga Kuyahluma EZiyoniIsiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
-
-
a Kungenzeka ukuthi u-Isaya 61:5 wagcwaliseka endulo, kwazise abangemaJuda bahamba namaJuda emvelo lapho ephindela eJerusalema futhi cishe basiza ekubuyiselweni kabusha kwezwe. (Ezra 2:43-58) Kodwa kusukela evesini 6, lesi siprofetho sibonakala sisebenza kuphela ku-Israyeli kaNkulunkulu.
-