Isahluko 8
Ukuhlanganyela “Ekuthokozeni” ‘KweNkosi Yokuthula’
1. (a) Kungasiphi isizathu umuntu othile ahambela kwelinye izwe? (b) Ubhekiselaphi umfanekiso kaJesu, nakuba kungabekiwe ngokuqondile?
EMFANEKISWENI kaJesu wamathalenta, umuntu owayenamathalenta esiliva ayisishiyagalombili wayengayelanga nje ukuzijabulisa kwelinye izwe njengasohambweni lokubona izindawo. Wayenesizathu esibalulekile sokuhambela kwelinye izwe; wayenesifiso sokuthola okuthile okuyigugu. Njengoba umfanekiso ubonisa, waya kwelinye izwe ukuze azuze ‘intokozo’ ethile, kanye nokunye “okuningi.” (Mathewu 25:21) Ngakho kwakumelwe ahambe ibanga elide, elidinga isikhathi eside, ukuze afike anxuse kulowo owayeyomnikeza leyontokozo.
2. (a) Endabeni kaJesu, kwakufanekiselani ukuhambela komuntu onothile kwelinye izwe, futhi waya kubani? (b) INkosi yabuya nani?
2 Njengoba umuntu onothile kulomfanekiso efanekisela uJesu Kristu, ukuhamba kwalomuntu ibanga elide eya kwelinye izwe kufanekisela uJesu eya eMthonjeni owodwa wentokozo ekhethekile ayenombono wayo. Khona-ke, waya kubani? AmaHeberu 12:2 ayasitshela: “Sibhekile kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.” Yebo, ngempela, uJehova uNkulunkulu unguMthombo waleyontokozo. UJesu wahamba waya kuye, eshiya abafundi bakhe abathembekile lapha emhlabeni ebaphathise “amathalenta” akhe. INkosi yabuya “nokuningi” eyayingenakho lapho iphathisa izinceku zayo ezintathu amathalenta esiliva ayisishiyagalombili. Umfanekiso wangaphambili owanikezwa uJesu, umfanekiso ‘womina abayishumi,’ uveza ukuthi lokho abuya nakho ‘kwakungumbuso.’—Luka 19:12-15.
3. Kwakuluhlobo luni lwesikhathi lapho uZakariya 9:9 eqala ukugcwaliseka ekhulwini lokuqala C.E.?
3 Inkosi inesizathu sokuthokoza ngokubekwa esihlalweni sobukhosi, kungokufanayo nangezikhonzi zayo ezithembekile. Sikhumbula isehlakalo lapho iNdodana kaNkulunkulu ingena eJerusalema ukuze igcwalise isiprofetho sikaZakariya 9:9. Ngokuqondene nokugcwaliseka kwalesosiprofetho, kulotshiwe: “Iningi lesixuku lendlala izingubo zalo endleleni, kepha abanye bagawula amahlamvu emithini, bawendlala endleleni. Izixuku ezazihamba phambili nezazimlandela zamemeza zathi: Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi. Hosiyana kweliphezulu! Kwathi esangena eJerusalema, umuzi wonke wanyakaza, wathi: Ngubani lo?”—Mathewu 21:4-10; bheka futhi uLuka 19:36-38.
4. Ngemva kokubekwa njengeNkosi, kungani uJesu Kristu aba nesizathu esikhethekile sokumemela “izinceku” zakhe ezithembekile esimweni sokuthokoza?
4 Uma-ke kwaba isehlakalo esithokozisayo ukuziveza nje kwakhe kwabakhileyo eJerusalema njengogcotshwe ngomoya kaJehova ukuba abe yinkosi, kwakukangakanani-ke lapho ebekwa ngokoqobo njengeNkosi ekupheleni kweZikhathi ZabeZizwe ngo-1914? Kwakuyisehlakalo esithokozisa kakhulu kuye. Khona-ke, ngempela, wangena ekuthokozeni okungakaze kubonwe ngaphambili. Ngakho-ke lapho elungisa izindaba, wayengasho kubafundi ayebahlulele ngokuthi ‘bahle futhi bathembekile’ athi: “Uthembekile ezintweni eziyingcosana; ngizakukubeka phezu kokuningi; ngena ekuthokozeni kwenkosi yakho.” (Mathewu 25:21) Manje “izinceku” zakhe ezamukelekayo zase zizohlanganyela ekuthokozeni okusha. Yeka umvuzo!
5. (a) Kwakukuliphi izinga lapho umphostoli uPawulu ‘eyinxusa’ likaKristu? (b) Kodwa namuhla insali egcotshiwe ‘ingamanxusa’ kaKristu ngemva kwasiphi isenzakalo?
5 Ngo-1919 abafundi abagcotshiwe beNkosi ebusayo, uJesu Kristu, bangena esimweni esamukelekayo, futhi sasihambisana nentokozo yabo enkulu kakhulu. Eminyakeni engamakhulu ayishumi nesishiyagalolunye ngaphambili umphostoli uPawulu wabhalela ayekholwa nabo ebatshela ngesikhundla sabo esiphakeme: “Ngakho singamanxusa kaKristu.” (2 Korinte 5:20) Lokho kwalotshwa ngesikhathi uJesu esamane eyindlalifa ebhekiwe enethemba lokwamukela “umbuso wezulu.” (Mathewu 25:1) Khona-ke, kwadingeka ahlale ngakwesokunene sikaNkulunkulu futhi alindele usuku lokumiswa kwakhe. Kodwa manje, kusukela ngo-1919, insali eyamukelekayo ‘ibingamanxusa’ athunywe yiLowo obusa ngokoqobo njengeNkosi. (Heberu 10:12, 13) Leliqiniso ladonselwa ngokukhethekile ekunakekeleni kwabaFundi BeBhayibheli Bezizwe Zonke emhlanganweni ka-1922 eCedar Point, eOhio.
6. Okokuqala yaqondiswa kuluphi uhlobo lomsebenzi imizamo yangemva kwempi yalabo ababethole “amatalenta”?
6 Ngo-1919 kakade base benikezwe okulingana ‘namathalenta’ eNkosi ebusayo, uJesu Kristu. Lokhu kwenza baba nokulandisa okwengeziwe eNkosini yabo ebusayo. Zisuka nje, imizamo yabo yangemva kwempi yaqondiswa emsebenzini ‘wokuvuna,’ ukuqoqwa kwalokho okwakuyisigaba ‘samabele.’ (Mathewu 13:24-30) Njengoba, njengokusho kukaJesu, ukuvuna “kuyisiphelo sesimiso sezinto,” unyaka ka-1919 wangemva kwempi wawuyisikhathi esifanele sokuba kuqale lokhu kuvunwa ‘kwabantwana boMbuso’ abanjengamabele, insali egcotshiwe ethembekile.—Mathewu 13:37-39, qhathanisa neNW.
7. (a) Kukuluphi uhlobo lwesikhathi abavuni abangena kulo neNkosi yabo? (b) UJehova uye wabaletha kusiphi isimo abavuni, futhi imaphi amazwi angokwesiprofetho abawananelayo?
7 Isikhathi sokuvuna siyisikhathi esithokozisayo kubavuni, njengoba iNkosi yokuvuna isijabulela kanye nabo lesenzakalo. (IHubo 126:6) Lesikhathi sokuvuna siye sacetshiswa kakhulu ubufakazi obandayo bokuthi uMbuso kaNkulunkulu ngoJesu Kristu wamiswa emazulwini ngo-1914 nokuthi uJehova wabuyisela ukuma okulungile kubantu bakhe abazinikezele emhlabeni. Njengesigaba, bananela amazwi kaIsaya 61:10: “Ngiyathokoza nokuthokoza ngoJehova, umphefumulo wami wenama ngoNkulunkulu wami, ngokuba ungembathisile izingubo zensindiso, wangisibekela ngesambatho sokulunga.”
Ukuqoqa “Isixuku Esikhulu” Sabahlanganyela “Ekuthokozeni”
8. Ikuphi ukuthokoza insali egcotshiwe eyayingakucabangi eyayizokuthola ekupheleni kokuqoqwa kwezindlalifa zoMbuso?
8 Insali egcotshiwe eyangena “ekuthokozeni” kweNkosi yayo yayingazi ukuthi ngasekupheleni kokuqoqwa kwamalungu okugcina ezindlalifa zoMbuso wasezulwini kwakuyoba nenye intokozo, okuthile eyayingakucabangi. Lokhu kwakuzoba ukuqoqwa kwesigaba sasemhlabeni esasizophila emhlabeni oyiPharadesi ngaphansi kokuBusa KukaJesu Kristu Kweminyaka Eyinkulungwane. Obani abanye ngaphandle kwabantu abathathwe kulesigaba sasemhlabeni abebengaba abafanelekile ukuba bamenyelwe kulokho okwakuyoba ukwambulwa kokuqala kokwaziswa okuqondene nabo?
9. Obani abamenywa ngokukhethekile ukuba babe khona emhlanganweni ka-1935, eWashington, D.C., futhi ikuphi ukwaziswa okwafika ngesikhathi abakwambulelwa lapho?
9 Ngakho-ke, esabela esimemweni esakhishwa kuyiNqabayokulinda yesiNgisi,a amakhulu ayefuna ubuhlobo noJehova, kanye nabantu begama lakhe, aba khona emhlanganweni kawonk’ uwonke woFakazi BakaJehova eWashington, D.C., ngoMay 30 kuya kuJune 2, 1935. Kulowomhlangano kwabathinta ekujuleni kwezinhliziyo zabo ukuzwa ukuthi “isixuku esikhulu” esabonwa kusAmbulo 7:9-17 sasizoba isigaba sasemhlabeni.
10, 11. Lokhu kumelwe ukuba kwaba yisikhathi sokuthokoza okukhethekile kukabani ezulwini?
10 Yeka ukuthi ukuqhutshwa kwalowomhlangano waseWashington, D.C., kumelwe ukuba kwaba yintokozo enkulu kangakanani kuNkulunkulu oPhezukonke, uJehova! Yeka futhi ukuthi kumelwe ukuba kwaba yintokozo enkulu kangakanani ngeNdodana yakhe njengoMalusi oMuhle manje owayesezoqala ukuqoqela lezi “ezinye izimvu” ‘emhlambini munye’!—Johane 10:16.
11 Njengoba eholwa futhi eluswa, ngomqondo ongokomfanekiso, amalungu ensali ‘nesixuku’ esandayo ‘sezinye izimvu’ kuhlangana ndawonye ngokuthula nangothando. Inhliziyo ‘kamalusi wabo oyedwa’ manje kumelwe ichichime intokozo ngokuba ‘nomhlambi’ omkhulu kangaka ngasekupheleni ‘kwesiphelo sesimiso sezinto.’
Izithunywa ‘ZeNkosi Yokuthula’
12, 13. (a) Obani abaye bamenywa ukuba bahlanganyele nensali egcotshiwe ekuthokozeni kweNkosi ebuyile, futhi siyini isizathu salokhu? (b) Kukusiphi isikhundla “isixuku esikhulu” ‘sezinye izimvu’ esikhonza kuso izithakazelo ‘zeNkosi yokuthula’?
12 Labo abanjengezimvu abakha “isixuku esikhulu” manje banengxenye enkulu ekuthokozeni kweNkosi, uJesu Kristu. Lokhu ikakhulukazi kungenxa yokuba kwaso nengxenye yenkuthalo ekuletheni labo abadingekayo ukuze kuphelele “isixuku esikhulu,” esinganikezwanga isibalo saso kusAmbulo 7:9.
13 Umsebenzi wokuqoqa “ezinye izimvu” ezihlanganyela kuwo uye wakhula waba ngezinga lomhlaba wonke, waba ngaphezulu kakhulu kwamandla esibalo esinciphayo sensali egcotshiwe. Ngokufanelekile, kuye kwaba nesidingo esandayo sokuba isibalo esikhulayo ‘sezinye izimvu’ sibe nengxenye enkulu kunanini ekuletheni abanye abengeziwe ‘bezinye izimvu’ ezinethemba lasemhlabeni. Ngakho “ezinye izimvu” zikhonza njengezithunywa ezithembekile ‘zeNkosi yokuthula.’ IzAga 25:13 ziyanezela: “Njengokubanda kweqhwa ngosuku lokuvuna, sinjalo isithunywa esithembekileyo kosithumileyo, ngokuba siyahlumelela inkosi yaso.”
14. (a) Yiliphi ifa elidliwa izimvu ezingokomfanekiso zomfanekiso kaJesu kuMathewu 25:31-46? (b) Ziye zawulungiselelwa kanjani uMbuso “selokhu kwasekelwa umhlaba”?
14 Emfanekisweni wezimvu nezimbuzi, izimvu ezingokomfanekiso ziyilabo iNkosi uJesu Kristu ethi kubo: “Zanini nina enibusisiwe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.” (Mathewu 25:31-46) Badla ifa lendawo yasemhlabeni uMbuso wamazulu ozobusa phezu kwayo phakathi nokubusa kukaKristu kweMinyaka Eyinkulungwane. Kusukela esikhathini sika-Abela othembekile, lendawo uJehova ubeyilungiselela izwe lesintu esihlengiwe.—Luka 11:50, 51.
15, 16. (a) Yiluphi “udumo” lwenkosi, njengoba lwashiwo uSolomoni, iNkosi enalo namuhla naphezu kokubusa kwayo phakathi kwezitha zayo? (b) INkosi ebusayo ‘inaloludumo’ ngayiphi indlela namuhla? (c) Labo abaletha ‘loludumo’ baye benzani?
15 INkosi ehlakaniphile yakwaIsrayeli uSolomoni yaloba: “Udumo lweNkosi lungobuningi babantu.” (IzAga 14:28) INkosi yanamuhla ebusayo, uKristu Jesu, oyisikhulu esiphakeme kakhulu kuneNkosi yasemhlabeni uSolomoni, ‘inalolodumo’ kanye uma sibheka ‘ubuningi babantu.’ Lokhu kunjalo ngisho kwamanje ngaphambi kokuqala kokubusa kwayo kweminyaka eyinkulungwane, yebo, lapho ibusa phakathi kwezitha zayo zasemhlabeni, uSathane uDeveli ayinkosi yazo engabonakali engaphezu komuntu.—Mathewu 4:8, 9; Luka 4:5, 6.
16 “Udumo” lwanamuhla olufanele isikhulu esiphakeme esisesikhundleni sokuba yinkosi manje lutholakala esibalweni esikhulayo ‘sezinye izimvu’ zaso ezakha “isixuku esikhulu.” Ngenjabulo sikhamuluka ngobunye: “Insindiso ngekaNkulunkulu wethu ohlezi esihlalweni sobukhosi neyeWundlu.” (IsAmbulo 7:9, 10) Sesiyakuthola kakade ukusindiswa esimisweni sezinto esimiselwe ukubhujiswa, uSathane uDeveli ‘angunkulunkulu’ waso. (2 Korinte 4:4) Ngomqondo ongokomfanekiso, ‘sesizihlanzile kakade izingubo zaso . . . egazini leWundlu’ sazenza zaba mhlophe ukuze sibonakale singenabala phambi kukaJehova uNkulunkulu, uMahluleli.—IsAmbulo 7:14.
17. (a) Iyiphi insindiso “isixuku esikhulu” esisayilangazelela? (b) Yiliphi ilungelo esizolijabulela phakathi nokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane ‘kweNkosi yokuthula’?
17 Nokho silangazelela insindiso evela phezulu esizoyithola ekunqobeni kukaJehova okuwumvuthwandaba “ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke” eHarmagedoni. Ukunqoba kwakhe okukhazimulayo lapho kuyophumela ekulwelweni kobukhosi bakhe bendawo yonke, futhi siyokuba ofakazi bokuzibonela basemhlabeni ngenxa yokulondolozwa siphilile ekupheleni okuhlasimulisayo kwalelizwe elibi. (IsAmbulo 16:14; 2 Petru 3:12) Yeka ilungelo eliyigugu! Yeka intokozo enkulu “iNkosi yokuthula” eyohlanganyela kuyo ‘nesixuku esikhulu’ esisindile ‘sezinye izimvu’ zayo ezithembekile!
[Umbhalo waphansi]
a Ikhasi 2 leNqabayokulinda yesiNgisi ka-April 1 no-15, May 1 no-15, 1935.
[Isithombe ekhasini 71]
Inhliziyo kaMalusi oMuhle manje kumelwe ukuba igcwele intokozo ngokuba “nezinye izimvu” eziningi kangaka