Lokho Ukuzalwa Okuye Kwakusho Esintwini
1, 2. (a) Ingabe uJehova uyiphendula ngokuqondile imibuzo yakhe siqu ekuIsaya 66:9? (b) NgokukaIsaya 66:10-14, isiphi isimemezelo asikhiphayo?
ESIKHUNDLENI sokuphendula imibuzo yakhe siqu elotshwe kuIsaya 66:9 ngoQha! oqondile, uNkulunkulu washukumisela uIsaya ukuba asho lesimemezelo sokunqoba:
2 “Thokozani kanye neJerusalema, nilethabele nina nonke enilithandayo; jabulani ngenjabulo kanye nalo nina nonke enilililelayo, ukuze nincele, naneliswe ngamabele ezinduduzo zalo, nenyiselwe, nename ngokugcwala kwenkazimulo yalo. Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngiyakwelulela kulo ukuthula njengomfula, nenkazimulo yezizwe njengomfudlana okhukhulayo, nincele, niphathwe ngezingalo zalo, niwothwe nisemathangeni. Njengoduduzwa ngunina, kanjalo ngiyakuniduduza nina, niduduzeke eJerusalema. Niyakukubona, izinhliziyo zenu zijabule, amathambo enu ahlume njengohlaza; isandla sikaJehova siyakwaziwa ukuthi sisezincekwini zakhe, athukuthelele izitha zakhe.”—Isaya 66:10-14.
3. Ngakho-ke abathunjwa ababuyiselwe abangamaJuda bafaniswa nani, benakuphi ukujabula, futhi esikabani isandla abasibona kulendaba?
3 Kanjalo labo ababuyiswa ekudingisweni bafaniswa nezingane ezisanda kuzalwa ezithola ukondliwa. KumaJuda ayedingisiwe emifuleni yaseBabiloni ukuncela emabeleni nokwenyisa umbele kwabonisa ukuthi kwakuyoba nelinye iJerusalema elaliyokwakhiwa endaweni yomuzi oyikomkhulu obhujisiwe; nokuthi laliyoba unina wenani elikhulu lezakhamuzi noma abakhileyo nabanye abaningi abayizakhamuzi zombuso walo. (Qhathanisa noLuka 13:34.) Njengomama bangalesosikhathi eMpumalanga Ephakathi, iJerusalema elalakhiwe kabusha laliyoba nabantwana balo begone bagxamalazisa imilenze ethangeni lesokudla noma lesobunxele; futhi, uma ehlezi, laliyobaphulula ngothando emathangeni alo. LawomaJuda ayethanda inhlangano ebonakalayo kaJehova emuva lé ekhulwini lesithupha B.C.E. ayeyojabula ngalokhu, futhi ayeyoyeka ukukhala ngenxa yokuthi eminyakeni engamashumi ayisikhombisa yokudingiselwa kwawo ezweni lamaqaba kwakungenaJerusalema njengenhlokodolobha yabantu bakaJehova abakhethiweyo. Injabulo yawo yayinjengaleyo echa zwe kumaHubo 126, njengehlukile ekudabukeni okushiwo kumaHubo 137. Izinceku zikaJehova zabona isandla sakhe ekukhululweni kwazo.
4, 5. (a) Insali yasabela kanjani ekubonakalisweni kwe“sandla” sikaNkulunkulu ngenxa yayo, futhi yini eyayazisa ngokwengeziwe kunangaphambili? (b) Isikhathi sase sifikile ukuba kwenziwe siphi esinye isenzo? (c) UIsaya ukuchaza kanjani lokhu?
4 Lokhu kungokufanayo ngamalungu e“sizwe” esingokomoya esa“zalwa” ngo-1919 C.E. Ngemva kokukhululwa kwaso okumangalisayo ekuvinjelweni okwakwenziwe phakathi neMpi Yezwe I nokusongelwa kokuba siqothulwe, sajabula ngenjabulo engapheliyo. Ukulila kwaso kwadlula. Ngokwengeziwe kunangaphambili sakuqaphela ukuthi uJehova unguNkulunkulu waso nokuthi unenhlangano ebonakalayo, njengoba enenhlangano engabonakaliyo ezulwini enjengomfazi kuye. Lenhlangano engabonakaliyo, ensalini ‘ingumama,’ “iJerusalema eliphezulu.” (Isaya 54:1-6; Galathiya 4:26) Ngakho, sahlangana ndawonye futhi ngemva kwesimo saso esingahlelekile phakathi neMpi Yezwe I, sajabulela ukuba sinakekelwe, sizalwe futhi sigonwe yilo‘mama’ ongokomoya, “umfazi” wasezulwini kaNkulunkulu uYise. Njenge‘zinceku’ ezizinikezele kuye ngoMfowabo omdala, uJesu Kristu, saduduzeka ukwazi ukuthi “isandla” sikaJehova sasisebenzela sona. Ngokuphambene nalokhu, isikhathi sase sifikile sokuba ‘ajabhise izitha zakhe.’ Lokhu kwahlanganisa nalabo abanobutha kubamemezeli bombuso wakhe osanda kuzalwa, ngoba labo abayizitha zabantu bakhe abazinikezele bayizitha zakhe futhi. Ekhuluma ngendlela ayokhipha ngayo intukuthelo yakhe, uJehova uthi:
5 “Ngokuba bheka, uJehova uyakufika ngomlilo, izinqola zakhe zibe-njengesivunguvungu, ukubuyisela intukuthelo yakhe ngokufutheka nokukhuza kwakhe ngamalangabi omlilo. Ngokuba uJehova uyakwahlulela inyama yonke ngomlilo nangenkemba; ababulawayo nguJehova bayakuba-baningi. Abazingcwelisa, bazihlambululele ukungena ezivandeni belandela omiyo egcekeni, bedla inyama yezingulube, nezinengiso, nezimpuku, bayakuphela kanyekanye, usho uJehova. Ngiyazi imisebenzi yabo nemicabango yabo; ngiyeza ukubutha zonke izizwe nezilimi, zifike, zibone inkazimulo yami.”—Isaya 66:15-18.
6. Ngakho amaIsrayeli osuku lukaIsaya ayesephula kanjani isivumelwano sawo futhi ezingcolisa?
6 Ezinsukwini zokubhala kukaIsaya lawomazwi, ngaphezu kwekhulu leminyaka ngaphambi kokubhujiswa kweJerusalema ngo-607 B.C.E., amaIsrayeli ayephula ngamabomu isivumelwano sawo sesizwe noJehova, umthetho wesivumelwano owawumelelwe umprofethi uMose. Ayezingcwelisela futhi ezihlambululela ukukhulekela izithombe ezivandeni ezikhethekile futhi ephula imithetho kaNkulunkulu ewenqabela ukudla izinto ezithile. Azingcolisa futhi azonakalisa phambi kukaNkulunkulu wesivumelwano sawo futhi awenzanga lutho lokumdumisa.
7. (a) UJehova wenza kanjani ngokuvumelana namazwi esivumelwano sakhe ukuze axazulule impikiswano? (b) UJehova uNkulunkulu unempikiswano efanayo nobani namuhla?
7 Ngakho wehlisela labo baphuli besivumelwano izahlulelo zakhe ezinjengomlilo nezinjengesivunguvungu, ngokuvumelana okufanele namazwi esivumelwano sakhe. Wathatha “inkemba” yokwahlulela ekuxazululeni impikiswano ayenayo nawo wonke amaJuda. Akumangalisi ukuthi izinkulungwane ezimbalwa kuphela ezasinda kulokho kubhujiswa okungenasihawu kweJerusalema, kuphela ukuba zihudulelwe ekudingisweni kwesikhathi eside kwelobuqaba iBabiloni elikhululekela izithombe. Zonke izizwe ezizungezile namaqembu ezilimi ayebophekile ukuba abone lokhu kubonakaliswa kwenkazimulo kaJehova njengoba uNkulunkulu ogcina isivumelwano engawaqambi amanga. Konke lokhu kusikhumbuza ngendlela ethusayo ukuthi loNkulunkulu ofanayo unempikiswano yezinga elikhulu kakhulu neLobukholwa lanamuhla, elithi limelela uIsrayeli wasendulo njengabantu bakaJehova uNkulunkulu. Ngenxa yenkazimulo yakhe uyosebenzisa “inkemba” yakhe yokuphindisela ukuba aliceke ngokuphelele.
“Isibonakaliso” Esibekwe Phakathi Kwezizwe
8, 9. (a) Ngenxa yenkazimulo yakhe uJehova uye wafeza injongo yakhe ngemva kokuba eveze ziphi izinto futhi ngemva kwakuphi okuhlangenwe nakho kwabantu bakhe ngesikhathi sempi? (b) Wayibeka kanjani injongo yakhe kuIsaya 66:19, 20?
8 Ngenxa yenkazimulo yakhe ezizweni zonke loNkulunkulu uMninimandla onke uye wafeza injongo yakhe engenakuguquka ngalokho okuyokwenzeka ngemva kokuba ebangele “izwe” ukuba ‘lizalwe ngosuku olulodwa’ futhi ngemva kokuba ebangele ukuba “isizwe” ‘sibelethwe kanyekanye.’ Njengoba sifunda amazwi akhe abekwe kuIsaya 66:19, 20, singakhumbula lokho akwenzile ngokukhazimulayo kusukela ekuzalweni kwe“sizwe” esakhiwe insali yamaIsrayeli angokomoya ngo-1919 ngemva kokuba ikade iyekisiwe ukuba abantu abahlelekile phakathi neMpi Yezwe I, futhi yangaba nathemba noma ukulindela ukusinda kulokhu kulwa kwezwe. Nakhu akusho:
9 “Ngiyakubeka isibonakaliso [ōth, ngesiHeberu; signum, ngokweVulgate yesiLatini], phakathi kwazo, ngithume ababalekileyo babo kwabezizwe, eTharishishi, nasePhuli, naseLudi, abagoba umnsalo, nakuThubali naseJavani, eziqhingini ezikude, ezingezwanga umbiko ngami, zingabonanga ngenkazimulo yami, baze balande inkazimulo yami ezizweni. Bayakuletha bonke abafowenu bebakhipha ezizweni zonke ngamahashi, nangezinqola, nangezinhlaka, nangeminyuzi, nangamakamela, babe-ngumnikelo kaJehova, beze entabeni yami engcwele eJerusalema, usho uJehova, njengalokhu abantwana bakwaIsrayeli bewuletha umnikelo wabo ngesitsha esihlambulukileyo endlini kaJehova.”
10. “Isibonakaliso” uNkulunkulu ‘asibeke phakathi kwezizwe’ siye sabonakala siyini?
10 Yini eye yabonakala iyi“sibonakaliso” uJehova ‘asibeka’ phakathi kwezizwe kusukela ngeMpi Yezwe I? Kwakuyi“sibonakaliso” esiphilayo. Ekuqaleni, esiprofethweni sikaIsaya, lomkhulumeli kaJehova wathi: “Bheka, mina nabantwana uJehova anginiké bona siyizibonakaliso nezimangaliso kwaIsrayeli, ezivela kuJehova-Sebawoti ohlezi entabeni yaseSiyoni.” (Isaya 8:18) KumaHeberu 2:11-13 umphostoli uPawulu ongumKristu ucaphuna lawomazwi angokwesiprofetho futhi uwasebenzisa kuJesu Kristu nakubafundi bakhe abazelwe ngomoya, ngokuthi: “Ngokuba ongcwelisayo nabangcweliswayo bonke baphuma kumunye; ngakho-ke, akananhloni ukubabiza ngokuthi: Ngabafowethu, ethi: . . . Bheka mina nabantwana uNkulunkulu anginiké bona.”
11. Labo abakha “isibonakaliso” baye bashumayelani emhlabeni wonke kusukela ngo-1914, futhi kungani babedinga ukuqoqwa?
11 Ngokuvumelana nalokho, “isibonakaliso” uJehova asibeka phakathi kwezizwe zomhlaba, lezo “izikhathi zabezizwe” ezaziphela ngo-1914, “siyisizwe” esingokomoya, esimalungu aso aye ashumayela emhlabeni wonke umbuso kaNkulunkulu owazalwa ezulwini ngasekupheleni kwe“zikhathi ezimisiwe zezizwe” ngo-1914. (Luka 21:24, New World Translation of Holy Scriptures; Mathewu 24:14) Kulesosiphelo uJehova waqoqela ndawonye insali yamaIsrayeli angokomoya lawo ayehlakazwe ukushushiswa kobudlova phakathi neMpi Yezwe I.
12. (a) Obani ababeyonezelwa ensalini eyasinda eMpini Yezwe I? (b) “Ababalekileyo” baqala ukuthunywa nini ngokukhethekile?
12 Futhi, kwakusenabanye ababezolethwa futhi banezelwe kulawomaIsrayeli angokomoya asinda eMpini Yezwe I, ukuze bagcwalisele amalungu ensali ‘yabafowabo’ bakaKristu abangokomoya kulesikhathi. (Mathewu 25:40) Ngokuphawulekayo kusukela ekuqhutshweni komhlangano wokuqala wezizwe wabaFundi BeBhayibheli Bezwe Lonke (International Bible Students) eCedar Point, eOhio, eU.S.A., ngobusika buka-1919, uJehova waqala ukuthumela “ababalekileyo” bensali “kwabezizwe.” Ngokumangalisa ngokwengeziwe wenza kanjalo emhlanganweni wango-1922 we-I.B.S.A. kuleyondawo yokuzijabulisa ekujana nogu lolwandle kusuka eSandusky, eOhio, lapho umongameli weWatch Tower Bible and Tract Society afinyelelisa emvuthwandaba inkulumo yakhe eshukumisayo kwababesemhlanganweni ngalamazwi ashukumisayo: “Memezelani, memezelani, memezelani iNkosi nombuso wayo.” Ngemva kwalokho amabandla ensali kaIsrayeli ongokomoya abhukulela ukumemezela umbuso kaNkulunkulu omisiwe, “kube-ngubufakazi ezizweni zonke,” ngokuba wonke amalungu awo aye ensimini, ‘endlini ngendlu’ nakuwo wonke umuntu. Onke ayengamanxusa ombuso!—IzEnzo 20:20.
13. Ngokugcwaliseka kwesiprofetho sikaIsaya, obani abaqoqwa kuzo zonke izizwe, futhi, ngaziphi izindlela ezisheshayo kunokuhamba ngezinyawo?
13 Ekugcwalisekeni kwesiprofetho sikaIsaya, konke lokhu kwaphumela ekuqoqweni okuhle kwensali yobuzalwane obungokomoya, njengoba ngazo zonke izindlela zokuthutha noma zokuhamba ezishesha kakhulu kunokuhamba ngezinyawo. UJehova wayethe wayeyothumela “ababalekileyo” ngisho nasemazweni akude kakhulu futhi wakwenza lokhu ngokuthumela labo “ababalekileyo” abasinda empini yezwe yokuqala nendlala, ezifweni nasekuzamazameni komhlaba okwaphawula inkathi yokufa ka-1914-1918 C.E., futhi ikakhulukazi ukushushiswa okwadlanga kwabafundi beBhayibheli abazinikezele ababebambisana ngentshiseko neWatch Tower Bible and Tract Society emhlabeni wonke. Ukushushiswa cishe kwabangela ukufa okungokomoya kwabanye, kangangoba abazange bahlanganyele ekuqoqweni futhi kwensali eyasindayo ngemva kweMpi Yezwe I, ikakhulukazi lapho isimemezelo sesenzo esinobunye siqala ukuphuma ngezincwadi ezinyathelisiwe zeNhlangano nangabameleli bayo abajikelezayo abahambela amabandla.
14. “Ababalekileyo” bathunyelwa ukuba bayokhuluma ngani, futhi bathunyelwa ngisho nasezindaweni ezinasiphi isimo sokungazi?
14 Nokho, abathembekileyo benza njengoba uJehova ayebikezele, “balande ngenkazimulo yami ezizweni.” (Isaya 66:19) Kuwo wonke amazwe afinyelelekayo ne‘zizwe’ labo abalalelayo “ababalekileyo” baya, ngisho nase“ziqhingini ezikude,” belandisa ngenkazimulo yombuso kaJehova owawusumisiwe manje emazulwini ezandleni zeNkosi yakhe ebusayo, uJesu Kristu. Abaningi kulezozizwe neziqhingi ezikude babengazange bezwe mbiko ngoNkulunkulu weqiniso, uJehova, futhi babengazange baze bakuqonde ukuthi, ngokwezibonakaliso ezabikezelwa zezikhathi, umbuso wakhe okhazimulayo wawuzelwe ezulwini.—IsAmbulo 12:1-5, 10.
15. Labo‘bafowabo’ abangokomoya abalethwa njengo“mnikelo kuJehova” kumelwe bazigcine bekusiphi isimo ngokomoya futhi ngani?
15 Bonke labo abalethwa “ababalekileyo” njenga‘bafowabo’ abangokomoya babaletha ukuba “babe-ngumnikelo kaJehova,” hhayi kubantu abathile abangabaholi behlelo elithile lenkolo noma komunye umbuso wasemhlabeni wezombangazwe zezwe owawulwela ukusekelwa yibo bonke abantu. Ukuze “umnikelo” wamukeleke kuJehova, kumelwe uhlanzeke. Kungakho isiprofetho sichaza ukulethwa ko“mnikelo” ophilayo “njengalokhu abantwana bakwaIsrayeli bewuletha umnikelo wabo ngesitsha esihlambulukileyo endlini kaJehova.” (Isaya 66:20) Kungalesosizathu labo ‘bafowabo’ abangokomoya abangu“mnikelo” kumelwe bangabi ingxenye yalelizwe, yebo, kumelwe bazigcine bengena“cala lokwezwe.” (Jakobe 1:27) Kumelwe bazigcine bengathathi hlangothi kwezombangazwe ezonakalisayo zalesisimiso sezinto esingcolile. Kungalesosizathu uJehova athi bayolethwa “entabeni yami engcwele eJerusalema.” Lokhu akufanekiseli iJerusalema lanamuhla, inhlokodolobha yoMbuso wakwaIsrayeli wezombangazwe. Isizwe eliyinhlokodolobha yaso sinamaJuda angamaphesenti angama-85 futhi siyilungu lenhlangano yeZizwe Ezihlangene yokugcina ukuthula kwezwe nokulondeka.
16. Kungani uJehova engenalutho eMpumalanga Ephakathi namuhla engabizwa ngokuthi ‘intaba yakhe engcwele’?
16 IJerusalema lanamuhla eliseMpumalanga Ephakathi alinayo noma iyiphi ‘intaba engcwele’ uJehova angayibiza ngokuthi ingeyakhe ngomqondo ongokwenkolo. Kungani kungenjalo? Kungoba lokho okwakuyi‘ntaba yakhe engcwele’ manje sekuyindawo eyaziwa njengeyokukhulekelwa kukaMuhammad, iDome of the Rock. Lokhu akukhona okwabakhulekeli bakaJehova, kodwa kungokwabaka-Allah, unkulunkulu ongenalo igama lakhe siqu.
17. Ngakho iyini ‘intaba engcwele, iJerusalema,’ labo ‘bafowabo’ abangokomoya abalethwa kuyo kusukela ekuzalweni kwesizwe ngo-1919?
17 Lapho zonke izinto ezihilelekile zicatshangelwa ngobuqotho, iqiniso elibalulekile liba sobala: Ekugcwalisekeni kwanamuhla kukaIsaya 66:20 ‘intaba yami engcwele’ ibhekisela enhlanganweni enjengomama wamaIsrayeli angokomoya, okungukuthi, “iJerusalema eliphezulu,” okukhulunywa ngalo kwabaseGalathiya 4:26. LiyiSiyoni esizala “abantwana” baso, ngokukaIsaya 66:8. Labo “bantwana” bakha “isizwe” ‘esabelethwa kanyekanye,’ ngonyaka ongemva kwempi ka-1919. Ngenxa yaleloqiniso, labo‘bafowabo’ abangokomoya abalethwa “ababalekileyo” kusukela kulokho kuzalwa kwe“sizwe” balethwa ‘njengomnikelo kuJehova’ futhi basondezwa enhlanganweni yakhe yobukhosi, “iJerusalema eliphezulu,” eliye lafanekiselwa elakhiwe kabusha iJerusalema lasemhlabeni lakudala. Laba abazalwa njenga“bantwana” balo, balethwa engxenyeni ebonakalayo yasemhlabeni yenhlangano kaJehova yendawo yonke, ukuba babe abaseJerusalema abangokomoya.
Ukubuyiselwa Kokukhulekelwa Okungcwele KukaJehova
18. Njengoba uJehova athembisa ukuthatha abanye be“sizwe” esisanda kuzalwa ukuba babe futhi “abapristi namaLevi,” iyiphi into eyayifaneleke kakhulu nge“sizwe” ukuba siyenze endaweni yaso yomsebenzi?
18 Ingabe “isizwe” esasisanda kuzalwa sathatha ukukhulekela okugcwele koyedwa ophilayo uNkulunkulu weqiniso, uJehova, endaweni yaso ngemva kwempi yomsebenzi ongokomoya? Ukwenza kanjalo kwakungokufaneleke kakhulu, ngoba manje sasikhululiwe ekubusweni yiBabiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga. Futhi benza kanjalo ngokuvumelana nesenzo uJehova athembisa ukuthi uyosithatha ngokuqondene ne“sizwe” esisanda kuzalwa, kuIsaya 66:21: “Nakubona ngiyakuthatha abapristi namaLevi, usho uJehova.” Kumelwe sikhumbule ukuthi, endabeni yamaIsrayeli phakathi neminyaka engamashumi ayisikhombisa yokudingiselwa kwawo eBabiloni lasendulo kusukela ngo-607 kuya ku-537 B.C.E., ayengenankonzo yenkuthalo yompristi omkhulu wobuAroni nabapristi abancane neyezinceku zabo, amaLevi, njengoba ithempeli ababekhonza kulo lalibhujisiwe. UJehova wayekubikezele lokhu ngokuqonde ncimishí, kuHoseya 3:4, 5, ngokuthi:
19. UJehova wayekubikezele kanjani ukubuyiselwa kokukhulekelwa kwakhe kuHoseya 3:4, 5?
19 “Ngokuba izinsuku eziningi abantwana bakwaIsrayeli bayakuhlala. . . bengenamhlatshelo, bengenansika, bengenangubo yamahlombe namatherafi. Ngasemuva abantwana bakwaIsrayeli bayakubuya, bamfune uJehova uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo [uMesiya], babuyele kuJehova benovalo nakukho okuhle kwakhe ngezinsuku ezizayo.”
20. Isenzo esinjalo sikaJehova sadinga ukuba kwakhiweni, futhi ngenxa yaziphi izidingo ezibaluleke kakhulu?
20 Kanjalo, ngaphandle kokusebenza njengoMkhululi wabo eBabiloni, uJehova wayeyonakekela izidingo zabo ezibaluleke kakhulu, izidingo zabo ezingokomoya. Wayeyobuyisela esikhundleni umpristi omkhulu ovunyelwe ngokomthetho nabapristi bakhe abancane, futhi laba babeyosizwa indikimba yamaLevi. Lokhu kwakuyodinga kwakhiwe kabusha ithempeli eJerusalema, lapho laba babeyoqhuba khona izinkonzo zabo ezibalulekile ‘esizweni’ esasiyozalwa “kanyekanye.” Lokhu kwakuyokwenzeka ‘ezweni’ elaliyo“zalwa ngosuku olulodwa,” izwe laso elithandekayo. Kunjalo, nakuba lokhu kungabonakala kungenakwenzeka.—Isaya 66:8.
21. Iyiphi into efanayo eyenzeka ngomqondo ongokomoya endabeni ye“sizwe” esisanda kuzalwa kusukela ngo-1919 kuye phamblli?
21 Ngokomqondo ongokomoya, into efanayo iye yenzeka ensalini kaIsrayeli ongokomoya njengoba uJehova uNkulunkulu ayikhulula eBabiloni Elikhulu (umbuso wezwe wenkolo yamanga) ngonyaka ka-1919 C.E. ngemva kweMpi. Wanakekela izidingo zayo ezingokomoya kuqala. Wakhanyisa ukuqonda kwayo ngesikhundla seNkosi yobuMesiya, uJesu Kristu, njengomPristi Omkhulu kaNkulunkulu. Wayihlanza kunoma ikuphi ukungcola okungokwenkolo okwakusanamathele kuyo ngokuhlangana neBabiloni Elikhulu nobugqili balo. Njengamalungu o“hlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo” ngokuqondene noNkulunkulu oPhezukonke, yaqala ukuqaphela ngokukhanya ngokwengeziwe kunanini ngaphambili indlela nesizathu sokuba kudingeke igcine ukungathathi hlangothi okuqinile ezindabeni zezombangazwe zalelizwe lanamuhla. Yaqaphela ukuthi isikhathi sase sifikile ngoyedwa ophilayo uNkulunkulu weqiniso ukuba ‘azenzele igama.’ Futhi yaphaphamela esibophweni sayo sokuphakamisa igama likaNkulunkulu loqobo, uJehova, phezu kwawo wonke amanye amagama. Yaqonda ukuthi isibopho sayo sasiwukuba ofakazi baloNkulunkulu ogama lakhe lalifihlwe iminyaka eminingi, futhi ngokufanelekile yamukela igama “oFakazi BakaJehova” ngonyaka ongenakukhohlakala ka-1931.—1 Petru 2:9; Isaya 43:12; 63:12.
22. Nakuba kuhilela ukusindiswa kwezidalwa, iyini impikiswano ebaluleke kakhulu, imfundiso ebaluleke kakhulu yeBhayibheli, futhi ngani?
22 Nakuba kufanelwe ukucatshangelwa okufanelekile eBhayibhelini eliphefumlelwe, ukusindiswa kwesizwe sesintu esonweni nokufa nasebugqilini bukaSathane uDeveli nenhlangano yakhe akuyona into ebaluleke ngokuyinhloko, imfundiso yeBhayibheli elingcwele ebaluleke ngokuyinhloko. Njengoba isihloko esiyinhloko, esithi “Ubuqotho” esavela kumagazini INqabayokulinda yesiNgisi ka-August 15, 1941, sasho: “Injongo kaJehova yokuba izwe libuswe uHulumeni wakhe olungileyo igcizelelwe ngokuphindaphindiwe emiBhalweni. UHulumeni wakhe uwuKubusa kukaNkulunkulu noJesu Kristu ambeke njengeNkosi kukho. . . Impikiswano eyinhloko eyaphakanyiswa inselele yokweyisa kukaSathane YAYIWUKUBUSWA KWENDAWO YONKE futhi kuseyiyo.” (Izigaba 1, 19) Ngakho-ke, injongo eyinhloko kaNkulunkulu oPhezukonke iwukulwela ubukhosi bendawo yonke, okunguye kuphela obusebenzisayo. Lokhu uyokwenza ngenkazimulo ngokushesha “ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke” enkundleni yempi yeHar-Magedoni. (IsAmbulo 16:14-16) Kuyisibopho, ilungelo, udumo lwe‘sizwe esingcwele’ sikaIsrayeli ongokomoya ukugcina ubuqotho baso ekubuseni kukaJehova indawo yonke noma ubukhosi, kanjalo sifakazela ukuthi uDeveli ungumqambimanga.
23. Ukwehluleka kwamiphi imizamo yezizwe zesitha okuwukugcwaliseka kwamazwi kaJehova kuIsaya 66:12?
23 Kuze kube manje yonke imizamo yezizwe zezwe zenhlangano kaSathane ebonakalayo yokuqothula “isizwe” sikaJehova esa“zalwa” ngo-1919 ‘ezweni’ laso elisanda kuzalwa iye yehluleka. Lokhu kuwukugcwaliseka okuliqiniso kwesiqinisekiso esanikezwa uMbusi Wendawo Yonke ngalamazwi kuIsaya 66:22: “Ngokuba njengokuba izulu elisha nomhlaba omusha engiyokukwenza kuyakuma phambi kwami, usho uJehova, kanjalo kuyakuma inzalo yakho negama lakho.”
24. (a) Ukuma phakade kwamazulu amasha nomhlaba omusha kaNkulunkulu kuyisiqinisekiso sani ensalini kaIsrayeli ongokomoya? (b) Insali iyokwenziwa ibe ingxenye yani ngesikhathi esifanelekile?
24 Awu, qha! Naphezu kwakho konke uSathane uDeveli namademoni akhe angabonakali nenhlangano yakhe ebonakalayo yasemhlabeni abangazama ukukwenza kuyona esikhathini esizayo esiseduze, insali kaIsrayeli engokomoya negama layo akuyikwesulwa. Inzalo ebonakalayo yasemhlabeni yenhlangano kaSathane namagama ayo akuyikuma isikhathi eside. Kodwa, ngokwehluke ngokuphelele kulokho, inzalo yenhlangano kaJehova yendawo yonke, insali kaIsrayeli ongokomoya, iyohlala imile; futhi igama layo aliyukucishwa izitha zayo futhi aliyukukhohlakala. Ngokuqinisekile njengoba lamazulu amasha nomhlaba omusha uMbusi Wendawo Yonke uJehova awadalayo eyoqhubeka emile, kuyoba njalo nangensali kaIsrayeli ongokomoya negama layo eliyigugu. Lokhu akusho ukuthi insali engokomoya iyohlala emhlabeni phakade. Qha, kodwa ngesikhathi esifanele iyothathwa futhi ihlanganyele nomPristi wayo Omkhulu, uJesu Kristu, ‘emazulwini amasha’ futhi iyokhonza njengabaPristi abangaphansi ethempelini elingokomoya.
25. (a) UJehova waqala nini ukudala lawo “mazulu amasha”? (b) Ikakhulukazi kusukela nini lapho amalungu esikhathi esizayo o“mhlaba omusha” avela khona?
25 UJehova uNkulunkulu waqala ukwenza “amazulu amasha” ngasekupheleni kwe“zikhathi ezimisiwe zabeziwe” ngo-1914 C.E., lapho ebeka iNdodana yakhe ekhazinyulisiwe uJesu Kristu esihlalweni sobukhosi sasezulwini ukuba ibuse njengeNkosi yamakhosi noMbusi wababusi. Lena “iNdodana kaDavide,” futhi, lapho iwumuntu ophelele emhlabeni, uMbusi Wendawo Yonke uJehova wenza isivumelwano sombuso waphakade nayo. (Mathewu 21:15) Isesihlalweni sayo sobukhosi sasezulwini iNkosi uJesu Kristu ibusa imbulunga yethu engumhlaba. Ukwenza u“mhlaba omusha” akusho ukuthi kufuneka kubhujiswe umhlaba wethu woqobo. Qha, ngoba lonozungezilanga onguMhlaba uyohlala “umi phakade.” (UmShumayeli 1:4) Umbuso kaNkulunkulu ngoKristu uyowuguqula ube yiPharadesi laphakade. Ngaphandle kokuphikisana naleloqiniso elihle, ukwenziwa ko“mhlaba omusha” kusho ukwenza kukaJehova umphakathi omusha wabantu ngokuvumelana okugcwele naye nawakhe “amazulu amasha” alungileyo. (2 Petru 3:13) Unamalungu esikhathi esizayo ayizigidi aphilayo kakade emhlabeni omphakathi wo“mhlaba omusha.” Lawo aye avela ikakhulukazi kusukela ngonyaka ka-1935 C.E.
26. (a) Ukuza kwalesi“sixuku esikhulu” ekuhlanganyeleni nensali yamaIsrayeli angokomoya kubhekiselwa kanjani kukho kuIsaya 66:12? (b) Lesi“sixuku” simkhonza sikuphi uJehova manje?
26 Lawa aye avela kuzo zonke izizwe, izinhlanga, abantu nezilimi futhi azinikezela kuJehova uNkulunkulu ngoKristu umPristi Omkhulu futhi abonakalisa ukuzinikezela kwawo ngokubhapathizwa ngamanzi ekulingiseni uMalusi wawo Omuhle, uJesu Kristu. (Johane 10:14, 16) Ngaphambili kuIsaya 66:12, uJehova wayethe wayeyokwelulela ensalini kaIsrayeli ongokomoya, emelela “iJerusalema eliphezulu,” lokho akubiza ngokuthi “inkazimulo yezizwe” futhi lokhu ku“njengomfudlana okhukhulayo.” Kusukela ngo-1935 1okhu kwelulwa kwe“nkazimulo yezizwe” ensalini engokomoya bekuqhubeka nge“sixuku esikhulu” se“zinye izimvu” zikaMalusi Omuhle, iNkosi ebusayo uJesu Kristu. (IsAmbulo 7:9-17) Ngenxa yokwethembeka kwaso kuHulumeni OngokwaseZulwini kaJehova ngoKristu, uMalusi Omuhle uye wasenza saba “mhlambi munye” nensali yamaIsrayeli angokomoya. Siye salethwa ethempelini likaJehova elingokomoya, eli“bizwa ngokuthi indlu yokukhulekela phakathi kwabantu bonke.” (Isaya 56:7; Marku 11:17) Ethempelini likaNkulunkulu elingokomoya lokukhulekela okunjalo kwezizwe zonke “isixuku esikhulu” esikhazimulayo si“mkhonza imini nobusuku.”—IsAmbulo 7:15.
27, 28. “Isixuku esikhulu” sayo “yonke inyama” sihlangana kaningi kangakanani nensali, futhi imiphi imiphumela okuyivezayo ukuhlanganyela kwaso emsebenzini wokufakaza?
27 Lentuthuko emangalisayo yanamuhla ivumelana nalokho uJehova akushoyo, kuIsaya 66:23: “Kusukela ekwethwaseni kwenyanga kuye kwenye, kusukela kwelinye isabatha kuye kwelinye yonke inyama iyakufika ukukhuleka phambi kwami, usho uJehova.”—Hagayi 2:7-9.
28 Ngokwemibiko, “isixuku esikhulu” esivela kuyo “yonke inyama” siba nemihlangano nensali kaIsrayeli ongokomoya, njengokungathi “kusukela ekwethwaseni kwenyanga kuye kwenye [nyanga zonke], kusukela kwelinye isabatha kuye kwelinye [masonto onke].” Sihlanganyela ngokwethembeka nensali egcotshiwe ekufakazeni kubantu bonke nasekufakazeni endlini ngendlu ukuze ukubikezela kukaJesu nge“siphelo sesimiso sezwe” kugcwaliseke: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke.” (Mathewu 24:3, 14) Labobantu bayo “yonke inyama” abasabela ekushumayeleni baya“fika ukukhuleka” phambi koMbusi uJehova.
29, 30. (a) UIsaya 66:24 ukubonisa kanjani ukuthi labo bakhulekeli abavela kuyo “yonke inyama” bayosinda “osizini olukhulu” lesisimiso sezinto esiyophela kulo? (b) Bayokwakha isisekelo sani, futhi, ngemva kwalokho, obani abayobaholela ekukhulekelweni kukaMenzi wezinto ezisezulwini nezisemhlabeni?
29 Njengabasinda “osizini olukhulu” oluhlalele izwe, bayobona indlela uJehova alwela ngayo ubukhosi bakhe bendawo yonke ngokubhubhisa izitha zakhe siqu nezitha zabo kulolo“sizi” lomhlaba wonke. Kulomphumela uIsaya uphetha isiprofetho sakhe ngalamazwi: “Bayakuphuma [abasinda osizini], babone izidumbu zabantu abaphambukile kimi, ngokuba impethu yabo ayiyikufa nomlilo wabo awuyikucima, babe-yisinengiso kuyo yonke inyama.”—Isaya 66:24.
30 Njenge“zimbuzi” eziqalekisiwe zomfanekiso kaJesu ogcwaliseka phakathi nalokhu “kuphela kwezwe,” abonayo kuMbusi iNkosi uJehova “bayakumuka, baye ekujezisweni okuphakade,” ukubhujiswa phakade. (Mathewu 24:3; 25:31-46) Khona-ke, njengesisekelo so“mhlaba omusha,” lezozindlalifa ezinjengezimvu zomhlaba olipharadesi ziyokwamukela phakathi kwazo bonke abayovuselwa ekuphileni okungokwenyama emhlabeni. Ziyoholela yonke inyama enjalo evusiwe ekukhulekeleni ngobunye uMenzi olwelwe wa“mazulu amasha nomhlaba omusha.”—Isaya 65:17; 2 Petru 3:13.
Ungayiphendula kanjani lemibuzo elandelayo esekelwe kuIsaya 66:8-20?
Isaya 66 Ivesi 8: “Isizwe” esingokomoya sikaJehova ‘sazalwa’ kanjani ‘ezweni’ laso elingokomoya ngo-1919?
Isaya 66 Amavesi 9-14: IJerusalema libondla futhi libanakekele kanjani ngothando “abantwana” balo? Lokhu kusebenza kanjani kubantwana abangokomoya osukwini lwethu namuhla?
Isaya 66 Amavesi 15-18: Imiphi imikhuba eyabangela ukubhujiswa kweJerusalema ngo-607 B.C.E., okubikezelani embi namuhla?
Isaya 66 Amavesi 19, 20: Isiphi “isibonakaliso” uJehova aye wasibeka “phakathi kwezizwe”? Ngenxa yayiphi injongo?
Ungayiphendula kanjani lemibuzo elandelayo ngoIsaya 66:19-24?
Isaya 66 Ivesi 19: Abanye kulabo “ababalekileyo” baye bathunyelwa kanjani ‘ezizweni’? Kwaba namiphi imiphumela?
Isaya 66 Ivesi 20: Kungayiphi indlela “abantwana bakwaIsrayeli” abaye baletha ngayo “umnikelo” endlini kaJehova?
Isaya 66 Ivesi 21: Kungayiphi indlela abanye abathathwa ngayo ukuba bakhonze njenga“bapristi”?
Isaya 66 Ivesi 22: Ebhekisela ekuqinisekeni kwa“mazulu amasha nomhlaba omusha,” isiphi isiqinisekiso uJehova asinikezayo ngokuqondene nabantu bakhe ababuyiselwe?
Isaya 66 Ivesi 23: Kungayiphi indlela esibona ngayo “yonke inyama” ikhuleka phambi kukaJehova “kusukela ekwethwaseni kwenyanga kuye kwenye, kusukela kwelinye isabatha kuye kwelinye”?
Isaya 66 Ivesi 24: Yini abasinda “osizini olukhulu” abayoyibona ngokuqondene nesiphetho sabonayo kuJehova?
[Isithombe ekhasini 17]
Njengomama, iJerusalema lanakekela ngothando “abantwana” balo
[Isithombe ekhasini 23]
‘Sebebalekile’ ‘eBabiloni Elikhulu’ oFakazi BakaJehova bayaqhubeka nesigijimi soMbuso