-
UNkulunkulu ‘Ohlale Ekulungele Ukuthethelela’Sondela KuJehova
-
-
“Izono zenu . . . zizokwenziwa zibe mhlophe njengeqhwa”
10. Lapho uJehova esithethelela izono zethu, kungani kungafanele sibe nomuzwa wokuthi siyoba nebala lalezo zono size sife?
10 Wake wazama yini ukususa ibala engutsheni enombala okhanyayo? Mhlawumbe ngisho usuzame konke, aliyanga ndawo lelo bala. Phawula indlela uJehova achaza ngayo ukuthi uthethelela kangakanani: “Nakuba izono zenu zibomvu klebhu, zizokwenziwa zibe mhlophe njengeqhwa; nakuba zibomvu njengendwangu ebomvu okwegazi, zizoba njengoboya bezimvu.” (Isaya 1:18) Igama elithi “klebhu” lichaza umbala obomvu.a Umbala ‘obomvu klebhu’ wawungeminye yemibala okwakudaywa ngayo indwangu. (Nahume 2:3) Asisoze sakwazi ukususa ibala eliyisono ngemizamo yethu. Kodwa uJehova angathatha izono ezibomvu klebhu nezibomvu okwegazi azenze zibe mhlophe njengeqhwa noma njengoboya obungadayiwe. Lapho uJehova esithethelela izono zethu, akufanele sibe nomuzwa wokuthi siyoba nebala lalezo zono size sife.
-
-
UNkulunkulu ‘Ohlale Ekulungele Ukuthethelela’Sondela KuJehova
-
-
a Esinye isazi sithi umbala obomvu klebhu “kwakuwumbala ongasuki noma ongaphumi. Amazolo, imvula, ukuwashwa, noma ukusetshenziswa isikhathi eside kwakungawususi.”
-