Lokho Okumelwe Ukwenze!
1. Imihlangano yebandla yoFakazi BakaJehova iyizuzisa kanjani imikhaya?
NAMUHLA kunamabandla angaphezu kwezi-43 000 oFakazi BakaJehova kuwo wonke umhlaba. Lawa ahlangana ndawonye isonto ngalinye emaHholo oMbuso awo ngenxa yesifundo seBhayibheli nemihlangano evulekele kunoma ubani ofisa ngobuqotho ukuthuthukisa ulwazi lwakhe lweBhayibheli mahhala. Yonke imikhaya, nabantwana babo bonke ubudala, iba-khona kulemihlangano emaHholo oMbuso. Ngempela lapho kukhona izinzuzo ezinkulu eziyofika kuwe ngaphezu kokuzuza nokuqonda ngeminingi imibuzo yeBhayibheli okungenzeka iye yakuphazamisa esikhathini esidlule. Njengoba wonke umkhaya uhlanganyela emihlanganweni enjalo ihora elilodwa noma engeziwe isonto ngalinye, futhi njengoba nonke ningenisa ulwazi ngezimiso zeBhayibheli, kuyobangela ukuba ukuxabana nokuntuleka kokukhulumisana emkhayeni kunyamalale kancane kancane. (IHubo 119:165) Kuyoba-khona ukuvumelana okukhulu, nokuthembana okukhulu. Ingabe akukhona lokho imikhaya ekudingayo?
2. Kukuziphi izinselele ezihlukahlukene zokuphila ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli okuyosisiza kuzo, futhi ngaziphi izindlela?
2 Ukufunda nokusebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwakho kwansuku zonke kuyobonakala kuyigugu kuwe ezimweni eziningi. Ukwenza kanjalo kuyomnikeza injongo umfundi wasesikoleni, kuthuthukise ikhono lakhe lokwamukela ukufundiswa futhi azuze kukho. Kuyosiza umama wekhaya ukuba azise ukubaluleka kwendima yakhe emkhayeni. Kuyophumela ekubeni isisebenzi sibe nobuhlobo obungcono nezinye izisebenzi ezikanye naso, futhi isisebenzi siqashelwe kangcono umqashi waso. Umqashi naye uyofinyelela ekuqondeni ukuthi, njengoba esebenzelana nalaba abangaphansi kwegunya lakhe, noJehova uyosebenzelana naye ngokufanayo. Ngakho ukubonelelana nokubambisana kuyothatha isikhundla sesimo sobugovu nesomoya wokuzinqumela okuyisona esigcwele kulelizwe elidala.—Jakobe 3:17, 18.
“Nginani Izinsuku Zonke”
3. Ikuphi ukulwa okunzima okumelwe izinceku zikaNkulunkulu zikulwe, nokho nakuphi ukuqinisekiswa?
3 Njengoba izimiso nemikhuba yalesimiso samanje kuqhubeka kuwohloka, labo abathanda uNkulunkulu nabalandela uKristu ngeke behle baze bafike ekujuleni kwehlazo eliyobenza bafanelwe isijeziso saphezulu enkathazweni enkulu kunazo zonke. Ngobunye, izinceku ezithembekile zofakazi bakaNkulunkulu weqiniso ziyokulwa ukulwa okunzima kokukholwa naphezu kwemizamo yezitha zikaNkulunkulu ukuba zingene phakathi kwabo zibathonye ngokungaqondile. (Qhathanisa noJuda 3, 4) Lezinceku zikaJehova zinesithembiso seNkosi engabonakali manje nekhethwe nguNkulunkulu: “Bhekani mina nginani izinsuku zonke kuze kube-sekupheleni kwezwe [lelizwe elibi].”—Mathewu 28:20.
4. Iziphi izimo ezishintshile ezingase zilindelwe ngemva ko“sizi olukhulu”?
4 Ukuba nabo kuze kube yilesosikhathi kusho futhi, ukuthi uKristu Jesu uyongenisa abayosinda osizini olukhulu esimweni esishintshe ngokuphelele emhlabeni, isimo lapho ukubusa kukaKristu esezulwini kuyoqinisekisa ukuthi “abayikwenza okubi bangachithi entabeni yonke yami engcwele [umbuso]; ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.” (Isaya 11:9; IsAmbulo 7:14) Bayobe bengasekho abonakalisa umhlaba nazo zonke izikhali zabo zenyukliya ezixakayo! Bayobe bengasekho abacindezeli nabaqambi-manga nababulali! Phakathi nokubusa kwakhe kweminyaka eyinkulungwane uKristu Jesu ngokuqinile kodwa ngobumnene uyohola izakhamuzi zomhlaba endleleni eya ekupheleleni kobuntu.—IsAmbulo 21:4.
5. Isiphi iseluleko esifanele isikhathi sethu esisithola kuLuka 21:36 naku-2 Petru 3:10?
5 Ngokushesha, ushintsho olukhulu esimweni somhlaba luyoba phezu kwethu, ngesikhathi lapho abaningi beyoba bengakulindele, ngoba abazange basinake isixwayiso seBhayibheli: “Ngakho lindani ngesikhathi sonke, nikhuleke ukuba nibe-namandla okuphepha kukho konke lokhu okuyakwenzeka nawokuma phambi kweNdodana yomuntu.” (Luka 21:36) Ukuqhekezeka okukhulu kuzokwenzeka phakathi kwemibuso ebonakalayo nengabonakali yalesimiso sezinto esibi. Futhi uPetru, ebhala ngaphansi kokuphefumlelwa waxwayisa: “Kepha usuku lweNkosi [uJehova] luyakufika njengesela mhla amazulu eyakudlula ngokuhlokoma; kuyakusha konke, kubhidlike; nomhlaba nemisebenzi yawo kuyakusha.” (2 Petru 3:10) Yebo, uJehova uyowaveza obala amaqhinga abantu abonakele namademoni lapho eletha sonke isimiso sezinto ekupheleni okusifanele.—Jeremiya 25:31-33.
Izixwayiso Zesiphepho
6. (a) Izibonakaliso zezikhathi zibonisani ngesikhathi esizayo esiseduze? (b) Isenzo sikaNkulunkulu siyobonakala sibhubhisa kangakanani?
6 Njengoba izibonakaliso esibhakabhekeni soqobo zinikeza isixwayiso sangaphambili sokuduma nencithakalo enkulu, ngakho izibonakaliso zezikhathi zikhuluma ngesiphepho sokugcina sencithakalo ebonakala iza ezweni. (Luka 12:54-56) Iyoba ngebhubhisa kangakanani imiphumela yalesosenzo saphezulu kulesisimiso sokubusa kwezwe esibi kakhulu? Zibonele ngokwakho kulamazwi kamprofethi kaNkulunkulu ophefumlelwe: “Ngokuba uJehova uthukuthelela izizwe zonke, ufuthekela yonke impi yazo; uziqalekisile, uzinikele ekubulaweni. Ibandla lonke lasezulwini liyaphela, izulu lisongwe njengomqulu; ibandla lonke liyawa njengokuwa kweqabunga emvinini nanjengokubunileyo emkhiwaneni.”—Isaya 34:2, 4.
7. (a) UIsaya 51:6 ukuchaza kanjani ukuphela kwesimiso sezinto? (b) Insindiso kaJehova nokulunga kuhileleke kanjani?
7 Futhi lapho eprofetha ngokuphela kwesimiso sezwe lonke, nababusi balo abaphakeme njengezinkanyezi nalabo ababasekelayo, umprofethi uthi kuIsaya 51:6: “Phakamiselani amehlo enu ezulwini, niwubheke umhlaba phansi, ngokuba izulu liyakunyamalala njengomusi, umhlaba uguge njengengubo, nabakhileyo bawo bafe njengensensane, kepha insindiso yami [kusho uJehova], iyakuma kuze kube-phakade, nokulunga kwami akuyikuphela.”
Ukukhipha Isahlulelo
8. Ziyini izici zesigijimi esesabekayo esilotshwe kusAmbulo 6:12-17?
8 Khona-ke futhi, iNkosi ekhazinyulisiwe uKristu Jesu, ngengelosi yakhe wayala umphostoli uJohane ukuba alobe lesisigijimi esesabekayo: “Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha, kwaba-khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, nelanga laba-mnyama njengendwangu yesaka loboya, nenyanga yonke yaba-njengegazi nezinkanyezi zezulu zawela emhlabeni njengomkhiwane uvuthulula umphobo wawo, uma uzanyazanyiswa umoya omkhulu, nezulu lagoqwa njengomqulu wencwadi usongwa, izintaba zonke neziqhingi zasuswa ezindaweni zazo. Namakhosi omhlaba nezikhulu, nezinduna, nabacebileyo, nabanamandla, nezigqila zonke, nabakhululekileyo bacasha emihumeni nasemaweni ezintaba; base bethi ezintabeni nasemaweni: Welani phezu kwethu, nisisithe ebusweni balowo ohlezi esihlalweni sobukhosi nasolakeni lweWundlu, ngokuba usuku olukhulu lolaka lwabo selufikile; ngubani-ke onamandla okuma na?” (IsAmbulo 6:12-17) Akukho sitha sikaJehova nesikaKristu iNkosi esiyosinda!
9. (a) Yimaphi amaqembu ahlukene ayophoqeleleka ukuvuma isahlulelo sikaJehova phezu kwawo? (b) Yini leyo iHubo 83:17, no-18 noHezekeli 39:6, 7 abasitshela khona maqondana nesizathu salesisahlulelo?
9 IBhayibheli lapha libonisa ukuthi izikhulu zomhlaba—ababusi bezizwe, nezinduna zempi nabacebileyo—nabo bonke ababasekelayo, kungakhathaliseki ukuthi babuthwe ngenkani noma ngokuzithandela, kuyofuneka babhekane nesahlulelo sikaJehova. Ayinakuba khona indawo yokubalekela. Amacebo abo obugovu nemizamo yokulondoloza lesisimiso esibi sezinto ayokwehluleka. Ayophoqeleka ukuba abone ukuthi umusa wasezulwini awukho phezu kwawo. Umthandazo weHubo 83:17, 18 uyophendulwa ngoba lezizitha zikaNkulunkulu ‘ziyoba namahloni zibhubhe’ futhi ngani? Ukuze “Bazi ukuthi nguwe wedwa ogama lakho linguJehova; ungoPhezukonke emhlabeni wonke.” Yebo, kuyoba isikhathi sikaJehova sokukhipha isimemezelo sakhe esaphindaphindwa izikhathi ezingama-60 ngomprofethi uHezekeli, sokuthi ‘bayokwazi ukuthi nginguJehova.’—Hezekeli 39:6, 7.
Bayajabula Labo Abasindayo
10. Kukuphi lapho abantu beyokwehluleka ukuthola khona isiphephelo phakathi nosizi?
10 Ukuze bavikele ukuphila kwabo phakathi nosizi olukhulu kunalo lonke emlandweni wesintu abantu bayobaleka bafune isiphephelo. Kodwa kuphi? Bayobe bengathembeli kuJehova, kodwa ezinhlanganweni zabo. Ngakho bayophendukela kubantu, kohulumeni bezombangazwe nezinhlangano zezentengiselwano, ezibusa umhlaba njengezintaba eziphakemeyo, njengezinsika zesimiso sezinto samanje. Ngakho bayocasha ngaleyondlela, befuna ukubalekela intukuthelo kaJehova. Isiprofetho saphezulu siyogcwaliseka ngokungenakwehluleka. Okubikezelwa “yizibonakaliso zezikhathi” kuyobe kubaficile lapho ukunqunywa kwaphakade ngokubhujiswa kwehlela bonke abaphikisi bombuso kaNkulunkulu.
11. Ziyoba yini ezinye zezizathu zokujabula phakathi kwabasindayo?
11 Kodwa yeka ukuthi kuyoba usuku olukhazimula kanjani lolo ngabo bonke abathobekileyo bomhlaba! Kuyoba njengokuphaphama ephuphweni elibi. Bayojabula labo abayosinda. Ukuthanda imali, okuyi“mpande yakho konke okubi” njengokuphanga nokubamba inkunzi, kuyobe kungasekho. (1 Thimothewu 6:10) Izakhamuzi ziyosebenza ngaphansi kwezimo ezijabulisayo futhi ziyojabula ngesithelo somsebenzi wazo, ngoba umprofethi kaNkulunkulu uthi: “Bayakuhlala, kube-yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; akakho oyakubesabisa, ngokuba umlomo kaJehova-Sebawoti ukhulumile.” (Mika 4:4) Ake ucabange ngakho! Zonke izimbangela zokushaqeka nokukhathazeka zisuswe phakade! Ingabe siyajabula ngempela ngethemba elinjalo?
12. (a) UMalaki 4:2 ubhekisela kukuphi ukwelashwa? (b) Ikuphi ukukhubazeka uNkulunkulu ngokwakhe ayokususa esintwini?
12 Esikhundleni selanga elishisayo nokubuswa kabi nokucindezelwa uSathane, unkulunkulu ozifanisayo, uJehova-Sebawoti uthembisa ukuthi “kinina enilesabayo igama lami kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo [noma imisebe].” (Malaki 4:2) Futhi, akuzona nje izinhlungu ezingokwenyama kuphela eziyokwelashwa, kodwa futhi nezinhlungu ezingokwengqondo nezingokomzwelo eziye zabangela usizi olukhulu kangaka esikhathini esidlule. Ngayiphi indlela? Ngokususa ukufa nokonakalisa kwakho phakathi komkhaya wesintu. Singaqiniseka ngalokho njengoba sicabangela isigijimi sikaNkulunkulu esiduduzayo: “Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu; uyakuhlala nabo; babe-ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo, azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”—IsAmbulo 21:3, 4.
13. (a) IBhayibheli liliveza kanjani ithemba lovuko? (b) Imaphi amathuba “okokuqala” abaningi abayoba nawo ngalesosikhathi?
13 Kodwa kuthiwani ngezinkulungwane zezigidi eseziye zafa ‘ezilele othulini lomhlaba’? (Daniyeli 12:2) Ingabe likhona ithemba ngazo? Yebo, ngoba ngokuvumelana nemfundiso kaKristu Jesu, umphostoli wakhe othembekile uPawulu wathi: “Nginethemba kuNkulunkulu . . . lokuthi kuyakuba-khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungile nokwabangalungile.” (IzEnzo 24:15) Ukubusa kweminyaka eyinkulungwane kukaKristu kuyonikeza abaningi balabo abayobe bebuya ethuneni ithuba lokuqala lokuqonda ngokukhanyayo ngezinjongo zikaNkulunkulu, ithuba lokuqala lokuletha ukuphila kwabo ekuvumelaneni nentando kaNkulunkulu ngokuzithandela. Yeka isikhathi esimangalisayo sokuhlangana kwenjabulo leso okuyoba yiso!
14. (a) Kukuyiphi indawo enhle esimi kuyo manje? (b) Izibonakaliso zezikhathi kumelwe zisishukumise kanjani?
14 Ngokuqinisekile sinelungelo lokuba lapha manje kulesikhathi esihle! Manje sibona yonke indawo esizungezile izibonakaliso zikhomba ushintsho oluphuthumayo nolusheshayo. Singaqonda ukuthi uJehova uye wangathanda ukungenela ekubuseni kwezizwe kwabantu abanobugovu namademoni onakele okwesikhathi esithile ukuze abonise ukwehluleka kwabo okuphelele ukuletha ukuthula nokuchuma kubo bonke. Manje izibonakaliso zezikhathi zimbula emehlweni ethu okuqonda ukuthi asisekho isikhathi sokuchithwa. Kungokuphuthumayo ngathi ukuba sithathe izinyathelo eziyosenza sifanelekele umusa kaNkulunkulu. Amazwi kamphostoli uPawulu eqenjini lezilaleli eAthene lasendulo kumelwe asishukumisele ukuba sithathe isinyathelo manje. Wathi ‘uNkulunkulu usememezele kubantu ukuba bonke ezizweni zonke baphenduke.’ (IzEnzo 17:30) Ngokwenza kwethu kanjalo, ngesisekelo solwazi oluqondile, nesinyathelo sokuzinikezela kuNkulunkulu, sinethuba lokubonisa kumaHluleli omkhulu wethu sonke ukuthi singasohlangothini lombuso wakhe ngaphansi kukaKristu. Kodwa kumelwe sithathe izinyathelo manje, ngaphandle kokulibala, lapho ukubusa kukaSathane kusenamandla phezu komhlaba. Lokhu kuyoba ukuvivinywa okuphelele kothando lwethu loqobo ngeqiniso likaNkulunkulu nokulunga kwakhe.—1 Petru 1:6, 7.
15. (a) Imiphi imibuzo ongase uyiphendule manje, nalokho kukuzuzise? (b) Njengoba kuboniswe eHubweni 146, isiphi isenzo esiyokuholela enjabulweni yoqobo?
15 Ingabe uyoba ngomunye walesosixuku esijabulayo sabayosinda? Ingabe uyobe uye wamelana noSathane nakho konke ukungalungi waba sohlangothini lukaNkulunkulu nombuso wakhe ngoKristu ngokwethembeka okuphelele kuNkulunkulu? Ingabe uyobe uhlanganyele ekuxwayiseni ezinye izidalwa ezikanye nawe ngokuzinikeza ithuba lokuzisindisa ekubhujisweni kwesizukulwane esibi? Sengathi lokho kungaba yingxenye yakho ebusisekile, futhi sengathi izwi lakho lingahlanganyela njalo emdumweni omkhulu wokudumisa uJehova ngokubonga, uMenzi wezulu nomhlaba nolwandle nakho konke okukukho.—IHubo 146:1, 2, 5, 6.
INGABE UYAKHUMBULA?
□ Indlela ukuhlanganyela njalo ebandleni lamaKristu leqiniso okuzuzisa ngayo
□ Lokho uJesu akuyala ekuphetheni isiprofetho sakhe ngesibonakaliso (Luka 21:36)
□ Imibhalo ethile ekhomba izinga nezizathu zesenzo sesahlulelo sikaJehova
□ Ukuthi imaphi amathemba ahlalele ngaphambili abayosinda nalabo manje abafile emathuneni
□ Ukuthi isiphi isenzo esifanelekile esidingeka manje kubo bonke abathemba ukusinda
[Isithombe ekhasini 22]
EArmagedoni asinakuba khona isiphephelo sababi