Ukuba Sebunyeni NoMdali Wenhlangano Yendawo Yonke
“Bheka, kuhle, kumnandi kangaka ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.”—IHUBO 133:1.
1, 2. (a) Yisiphi isici esiphazamisayo esavela eminyakeni engaphezu kwezi-6 000 edlule? (b) IBhayibheli lilibiza ngokuthini lelimbuka, futhi lazama kanjani ukuzenza oPhezukonke?
UMDALI wenhlangano yendawo yonke ufisa ukuyigcina imsulwa, ilungile, futhi ibumbene. Kodwa ngokushesha ngemva kokuqala kokuba khona kwesintu eminyakeni engaphezu kwezi-6 000 edlule, kwavela isici esiphazamisayo emhlabeni. Lokhu kwenzeka lapho umphikisi omkhulu kunomuntu ehlubuka enhlanganweni yoMdali ezimisela ukwakha eyakhe siqu inhlangano ezimele.
2 Ngenxa yokuthi lelimbuka laphikisa uMdali walo, iBhayibheli lilibiza ngokuthi uSathane, okusho “uMphikisi.” Ungumphikisi omkhulu kaJehova, uMbusi ofanelekayo wendawo yonke. (Jobe 1:6, 7) Enesifiso sokuba njengoPhezukonke ngokuba nenhlangano engeyakhe siqu, umPhikisi wayengenakuyeka ukuzama ukwenza njengomhleli oyimbangi nonkulunkulu. Kanjalo uSathane wazenza wakhanga. Isimo sikaSathane sabonakaliswa ohlangeni lwamakhosi nasesikhundleni sezwe esiqhamile esathathwa “inkosi yaseBabele,” leyo eyanikezwa ngokufanele amagama anjengokuthi “ikhwezi elikhanyayo” nokuthi [“uLusifa.”] (Isaya 14:4, 12-14; King James Version; An American Translation) Kuze kube yinamuhla, kodwa kuphela ngemvume kaJehova, uSathane “ungunkulunkulu walesimiso sezinto.”—2 Korinte 4:4, NW.
3. (a) Kukuyiphi ingxenye yenhlangano kaJehova lomphikisi agadla kuyo kuqala? (b) Iziphi izenzakalo ezaba umphumela wokuba kukaDeveli umbusi wamademoni?
3 Cishe ukuze alulaze inhlangano kaJehova, uSathane wagadla engxenyeni yayo ephansi kuqala, uAdamu, inhloko emisiwe yomkhaya wesintu. (Genesise 3:1-24; IHubo 8:3-5; Roma 5:12) Kamuva, izingelosi eziningi ngokweyisa zadela “ikhaya lazo,” noma indawo yazo yokuhlala efanelekile ezulwini, futhi zaziguqulela emizimbeni yenyama ukuze zishade futhi zihlale nabesifazane ababukeka kahle, nakuba bengaphelele. (Juda 6) Inzalo yazo eyingxube, enkulu nenamandla angajwayelekile, yabizwa ngokuthi amaNefili. Leligama, okukholelwa ukuthi lisho “imidondoshiya,” lalifaneleka ngoba ngokusobala abangela isintu esingelutho ukuba siwe ngobudlova. Ngesikhathi sikaZamcolo, izingelosi ezingalaleli zashintsha imizimba yazo futhi zabuyela endaweni yomoya. (Genesise 6:1–7:23) Ngokuzehlukanisa nenhlangano kaJehova, zazenza amademoni, futhi uSathane uDeveli waba umbusi wazo.—Duteronomi 32:17; IHubo 106:37; Mathewu 12:24; Luka 11:15-19.
4. Abantu abasinda kuZamcolo benzani, kodwa yini uSathane azimisela ukuyenza, futhi ngayiphi injongo?
4 Ngaleyondlela, uSathane wamisa ingxenye yomoya yenhlangano yakhe, engabonakali nenamandla angaphezu kwawomuntu. Abasinda kuZamcolo, uNowa nomkhaya wakhe, bahlala besebunyeni nenhlangano kaJehova engabonakali yasezulwini. (Genesise 6:9; 8:18-21) Kodwa uSathane wazimisela ukuphula ubunye bezizukulwane zikaNowa ezithembekile. Yayiyini injongo kaDeveli? Phela, ukuze abe nengxenye ebonakalayo enhlanganweni yakhe embi!
5. IThe Watch Tower kaMay 1, 1921, yakusikisela kanjani ukuthi uSathane unenhlangano?
5 Kwathatha isikhathi ngelnternational Bible Students ukubona ukuthi uSathane unenhlangano. Kodwa iThe Watch Tower kaMay 1, 1921, yathi: “Enganelisiwe yilokho ayekwenzile kakade, uSathane wayenga laba abangaboquqaba lwasezulwini futhi wababangela ukuba bonakalise isintu futhi bagcwalise umhlaba ngobudlova. Wahlela isimiso esingabonakali emehlweni abantu, kanye nesimiso emhlabeni esibonakalayo emehlweni abantu, futhi uye wafuna ukuphikisa yonke ingxenye yecebo elembuliwe likaNkulunkulu.”
6. IThe Watch Tower kaDecember 1, 1922, yathini ngenjongo kaSathane?
6 “Injongo KaSathane” kwakuyisihlokwana leso ngaphansi kwaso iThe Watch Tower kaDecember 1, 1922, eyathi ngokuqondile: “Manje sisosukwini olubi. Impi iyaqhubeka phakathi kwenhlangano kaSathane, nenhlangano kaNkulunkulu. Impi eshaqisayo. USathane uzama ukuqeda isibindi senhlangano yeNkosi, futhi uma kunokwenzeka, ukuba abhubhise amalungu endlu yamadodana. Kuze kube manje wenza wonke amacebo angakwazi ukuwenza.”
7, 8. (a) Kwaba usizo kanjani ukwehlukanisa izinhlangano ezimbili ezinobutha? (b) KuThe Watch Tower kaMarch 1, 1925, yini eyaboniswa njengemelene “nomntwana wesilisa” ongokomfanekiso?
7 Ukwehlukanisa izinhlangano ezimbili ezinobutha kwasiza ekukhanyiseni izimfundiso eziningi neziprofetho zeBhayibheli. Ngokwesibonelo, isAmbulo isahluko 12 sasingaqondwa kahle kwaze kwaba yilapho isihloko esithi “Ukuzalwa Kwesizwe” sivela kuThe Watch Tower kaMarch 1, 1925. Umbhalo esasisekelwe kuwo (IsAmbulo 12:5) uthi: “Wabeletha umntwana wesilisa ozakubusa izizwe zonke ngentonga yensimbi, nomntwana wakhe wahlwithelwa kuNkulunkulu nasesihlalweni sakhe sobukhosi.”
8 Emakhasini 67 no-68 lesihloko sathi:
“Yini ebiyisici esivelele secebo laphezulu phakathi neminyaka? . . . Ukumiswa koMbuso lowo uJesu asifundisa ukuba siwuthandazele. Lokho kusho ukuzalwa kwesizwe esisha, esizobusa futhi sibusise yonke imindeni yomhlaba. . . . Yimaphi amandla aphikisayo aye agcina abantu bengenalwazi ngalesisizwe esisha esikhazimulayo nalezibusiso esizoziletha kubo? . . . USathane udeveli, nenhlangano yakhe. . . . Impi yangempela ekaNkulunkulu nodeveli, umbuso wokulunga uthatha amandla embusweni omubi nowobumnyama, futhi umisa umbuso weqiniso esikhundleni sawo. . . . Ngemva kuka-1918 inhlangano kadeveli, engokwezimali, ezombangazwe, nezenkolo, ikakhulukazi eyezenkolo, yayenqaba obala iNkosi nombuso wayo; futhi ngaso lesosikhathi intukuthelo kaNkulunkulu ngasezizweni yaqala ukubonakala. Kusukela ngalesosikhathi kuqhubeke impi iye yaqhubeka emhlabeni. Ngaphambi kwalokho impi yalwiwa ezulwini.”
9. Ngo-1925, “owesifazane” wesAmbulo isahluko 12 wachazwa ukuthi uyini?
9 Ngalesosikhathi kwakunephutha lokucabanga ukuthi kokubili uIsaya 66:7 nesAmbulo 12:5 kwakubikezela ukuzalwa “komntwana wesilisa” ofanayo. (KJ) Ngakho iWatch Tower ecashunwe ngenhla yathi futhi:
“‘Owesifazane’ kubonakala ngokusobala efanekisela leyongxenye yeSiyoni, inhlangano kaNkulunkulu, ezala uhulumeni omusha noma isizwe esizobusa izizwe nabantu bomhlaba ngentonga yensimbi nangokulunga. . . . (Galathiya 4:26) Ngamanye amazwi iSiyoni noma iJerusalema, inhlangano kaNkulunkulu, ingumama ozala isizwe esisha, noma abantu ababusayo. Abagcotshiwe emhlabeni bayingxenye ‘yowesifazane,’ futhi ngokuqinisekile bamelela yena. Owesifazane ‘owembethe ilanga’ usho iSiyoni elisezulwini kanye nabafanelekayo emhlabeni benhlangano kaNkulunkulu ngesikhathi sokungena kweNkosi ethempelini layo. . . Manje ethempelini layo iqoqela isigaba sethempeli noma ibambathise ngengubo yayo yokulunga, inhlangano yayo eveza isizwe esisha, noma iSiyoni elimisiwe, ikhanya njengelanga.”
10. Yini eye yenzeka engxenyeni engokomoya yenhlangano kaSathane, futhi iyiphi impi manje eyivivayo?
10 “Udrako,” manje oqondwa njengoSathane uDeveli ngokwakhe, wahluleka ukushwabadela “umntwana wesilisa,” uMbuso wobuMesiya owazalwa ezulwini ekupheleni kweZikhathi Zabezizwe ngo-1914. (Luka 21:24) Phakathi nempi eyalandela ezulwini ingxenye engokomoya yenhlangano kaSathane yalahlelwa phansi emhlabeni, ngeke futhi iphinde ingene ezulwini isebenzise ithonya elihlukanisayo khona. Leyonhlangano echithiwe manje ilandelela ingxenye ebonakalayo yenhlangano kaJehova yendawo yonke, ngokuphikelelayo ilwa “nabaseleyo benzalo yakhe, labo abagcina imiyalo kaNkulunkulu nabanobufakazi bukaJesu.”—IsAmbulo 12:17.
Inkonzo Ebumbene
11. (a) Amazwi kaPawulu ‘ngeJerusalema eliphezulu’ angasebenza kobani namuhla? (b) Wathini uDavide ngeJerusalema elisemhlabeni, okwakwakhiwe kulo indlu kaJehova yokukhulekela?
11 “Owesifazane” kaNkulunkulu ongokomfanekiso ufaniswa nomuzi okhethiwe waseJerusalema, ubizwa ngokusankondlo ngokuthi iSiyoni. Khona-ke, amazwi kaPawulu ‘ngeJerusalema eliphezulu’ elikhululekile manje angasetshenziselwa ‘kwabaseleyo benzalo yakhe’ labo “udrako,” uSathane uDeveli, aqhubeka ‘elwa nabo.’ (Galathiya 4:26) IJerusalema lasemhlabeni lalakhiwe ngokuqinile futhi lihlanganiswe kahle ezinsukwini zikaDavide, owathi: “Ngajabula lapho bethi kimi: Masiye endlini kaJehova. Izinyawo zethu sezimi emasangweni akho, Jerusalema, Jerusalema, wena owakhiwe njengomuzi ohlanganisiwe ngokuqinileyo, lapho imindeni ikhuphukela khona, imindeni kaJehova, ngokomthetho kaIsrayeli ukuba idumise igama likaJehova.”—IHubo 122:1-4.
12. (a) Asebenza kubuphi ubunye namuhla amazwi eHubo 122:1-4? (b) IJerusalema netabernakele elingcwele lalinakuphi ukubaluleka ebunyeni bezizwe zakwaIsrayeli?
12 Yeka umbono ojabulisayo ngobunye benhlangano kaJehova yendawo yonke! Ubunye babubonakala ngokukhethekile emikhosini yesizwe, lapho izizwe eziyi-12 zakwaIsrayeli zihlangana ekukhulekeleni ngobunye uJehova etabernakele elingcwele eJerusalema. Futhi phakathi nokubusa kwenkosi yabo engumalusi uDavide, izizwe zahlala zinobunye hhayi nje ngenxa yobuhlobo obungokwenyama kodwa ikakhulu ngenxa yokukhulekelwa okuhleliwe kukaNkulunkulu wabo. Yebo, iJerusalema laliyisikhungo esivunyelwe phezulu sokukhulekela kobunye okuhleliwe ngaphansi kobupristi obubodwa besizwe samaLevi nasemndenini wompristi omkhulu wokuqala kwaIsrayeli, uAroni, umfowabo omdala kamprofethi uMose. Ngokungaphezulu, zonke izizwe eziyi-12 zazisesivumelwaneni esisodwa soMthetho esasibehlukanisa nazo zonke izizwe ezikhulekela amademoni.
13. Wathini uDavide ngobunye obabujatshulelwa amaIsrayeli asendulo?
13 Yeka izici ezihlanganisayo zonke lezinto ezaziyizo! Zagcina abantu bakaNkulunkulu bemunye njengenhlangano eyodwa yesizwe ngenxa yokulondeka kwabo nesibusiso. UDavide wakubeka ngalendlela: “Bheka, kuhle, kumnandi kangaka ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye. Kufana namafutha amahle ekhanda ehlela esilevini sika-Aroni, ehlela nasemphethweni wezambatho zakhe. Kufana namazolo aseHermoni ehlela ezintabeni zaseSiyoni. Ngokuba uJehova wayaleza khona isibusiso, yebo, ukuphila kuze kube-phakade.”—IHubo 133:1-3.
14. (a) Ubunye besizwe sakwaIsrayeli bulingiswa obani namuhla? (b) AmaIsrayeli angokomoya abonakala emi kuphi, futhi yiliphi “igama” alihlabelela ngobunye?
14 Ubunye besizwe obashukumisa amazwi avela enhliziyweni anjengalawa buyalingiswa nanamuhla. Obani? “UIsrayeli kaNkulunkulu,” amaIsrayeli angokomoya omama wawo oyedwa uPawulu akhuluma ngaye ngokuthi: “Kepha iJerusalema eliphezulu likhululekile, lona lingumame wethu.” (Galathiya 6:16; 4:26) Alifaki abantwana balo abazelwe ngomoya ngaphansi kobugqili besivumelwano soMthetho. Nakuba ‘uIsrayeli kaNkulunkulu’ efanekiselwa njengowakhiwe izizwe eziyi-12, wonke amalungu akhe ayizi-144 000 abekwa uphawu olufanayo “uphawu lukaNkulunkulu,” futhi wonke abonakala njengami ‘eNtabeni yaseSiyoni’ eyodwa yasezulwini. (IsAmbulo 7:1-8; 14:1-4) Yeka iqembu labahlabeleli abayilo njengoba ngobunye behlabelela ‘igama likaMose inceku kaNkulunkulu negama leWundlu,’ uJesu Kristu! (IsAmbulo 15:3, 4; Johane 1:29, 36) ‘Lelogama’ lijabulisa uNkulunkulu futhi libonakalisa ukunqoba!
15. (a) Abayizi-144 000 bahlelelweni ngaphandle kokuhlabelela? (b) Lona kanye igama elithi “inhlangano” libubonisa kanjani ubunye?
15 Abayizi-144 000 noMhlabelelisi wabo, “iWundlu,” bahlelelwe okungaphezu nje kokuzamazamisa amazulu ngokuhlabelela kwabo. Eyabo iyinhlangano yobukhosi ezobusa iminyaka eyinkulungwane ekulweleni ubukhosi bendawo yonke bukaJehova nokubusiswa kwaso sonke isintu esisabelayo. (IsAmbulo 20:4-6) Igama elithi “inhlangano,” eliphikisa elithi “inhlakanhlaka” lichaza ukuhleleka kwezinto ingxenye ngayinye ibekwe endaweni yayo efanelekile futhi inikezwe isabelo sayo somsebenzi ukuba zonke zisebenze ndawonye ukuze zilethe umphumela ofanayo. Kanjalo, inhlangano yenza kube nobunye, ukubambisana, ukuhleleka okuhle, nokuzwana—hhayi isiphithiphithi.
16. Ngokwabase-Efesu 4:8, 11-16, yimuphi umgomo owabekwa emakhulwini angaphezu kwe-19 adlule, futhi ikuphi okuye kwafezwa phakathi koFakazi BakaJehova?
16 Umgomo wobunye bobuKristu wabekwa eminyakeni engaphezu kwamakhulu ayi-19 edlule, lapho ‘izipho ezingabantu,’ abaphostoli, abaprofethi, abavangeli, abelusi, nabafundisi zinikezwa. Lapho umagazini iWatch Tower uqala ukukhishwa ngo-1879, uNkulunkulu wanikeza futhi “abelusi nabafundisi” abangokomoya. Lelilungiselelo liye laletha oFakazi BakaJehova “ebunyeni bokukholwa nasekwazini iNdodana kaNkulunkulu” okukhona manje. (Efesu 4:8, 11-16) Yeka indlela esibonga ngayo ngokuthi uJehova uye wenza lokhu ngemva kwawo wonke amakhulu eminyaka okukhungatheka nokungahleleki kwenkolo emhlabeni wonke!
17. Sazi kanjani ukuthi uNkulunkulu wayecabanga ngokungaphezu kobunye bamaKristu agcotshiwe, futhi ngokuphathelene nalokhu yikuphi uJesu akubikezela?
17 Ngokusobala, uNkulunkulu wayecabanga ngokungaphezu kobunye bamaKristu agcotshiwe, ngoba “kungokwentando yakhe ayezihlosele khona ukuba abe nokuphatha ekupheleni kwezikhathi ezibekiwe, okungukuthi, ukuhlanganisela zonke izinto futhi kuKristu, izinto ezisezulwini nezinto ezisemhlabeni.” (Efesu 1:9, 10, NW) Ngokuphathelene nalokhu, uJesu wabikezela: “Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesisibaya; nalezo ngimelwe ukuziletha; ziyakuzwa izwi lami, kube-mhlambi munye nomalusi munye.”—Johane 10:16.
18. (a) Obani abaphakathi ‘kwezinto ezisemhlabeni’ okumelwe ziqoqelwe ndawonye? (b) Ngo-1935, ukunakekela okukhethekile kwanikezwa kanjani ‘kwezinye izimvu’?
18 Lezi ‘ezinye izimvu’ ziphakathi ‘kwezinto ezisemhlabeni’ okumelwe zihlanganiswe ndawonye. Ngakho, ngaphansi kwethonya lomoya kaNkulunkulu, cishe eminyakeni engama-21 ngemva kokuba uJesu Kristu eqale ukubusa ngo-1914, ukunakekela okukhethekile kwaqala ukubhekiselwa ‘kwezinye izimvu.’ Phakathi nomhlangano woFakazi BakaJehova eWashington, D.C., ngo-1935, umongameli weWatch Tower Society wachaza ukuthi “isixuku esikhulu” ‘sasingezinye izimvu’ ekugcineni ezazizoqoqwa uMalusi oMuhle, uJesu Kristu. (IHubo 7:9-17) Ingabe zikhona “ezinye izimvu” uJesu aziqoqa kulowomhlangano ovelele? Yebo, ngoba ababesemhlanganweni abangama-840 baziqaphela njengabaqoqwa uMalusi oMuhle futhi babhapathizwa bebonakalisa ukuzinikezela kwabo kuJehova uNkulunkulu.
19. (a) Kuze kube manje, “isixuku esikhulu” siye saba sikhulu kangakanani? (b) Ngokuhlangana nenhlangano ebonakalayo kaJehova, “isixuku esikhulu” siye saba sebunyeni nobani, futhi yikuphi ukuzimisela esinakho?
19 Lokho kwaqalisa kuphela ukuqoqwa ‘kwesixuku esikhulu’ ‘sezinye izimvu’ kakade esiyinani elingaphezu kwezi-2 800 000. Ngokuhlangana nengxenye ebonakalayo yenhlangano kaJehova—okungukuthi, insali “yomhlambi omncane” ‘kulesisibaya’ sikaMalusi oMuhle—baye baba sebunyeni noMdali oPhakeme wenhlangano yendawo yonke. Futhi bazimisele ukugcina lobobunye kukho konke ukuphila kwabo okuphakade emhlabeni oyiPharadesi uMalusi oPhakeme, uJehova, ayobanikeza wona.—Luka 12:32; 23:43.
20. Lapho insali egcotshiwe “nesixuku esikhulu” becabanga ngalokho uMalusi oPhakeme aye wakwenza kusukela ngo-1914, yimaphi amazwi abashukunyiselwa ukuwasho?
20 Lapho insali egcotshiwe ‘nesixuku esikhulu’ esandayo becabanga ngakho konke uMalusi oPhakeme aye wakwenza kuwo wonke umhlaba kusukela ekupheleni kweZikhathi ZabeZizwe ngo-1914, ukubonga okusuka enhliziyweni kubashukumisela ukuba bahlabelele ndawonye ihubo eliphakeme lokuDumisa uJehova: “Dumisani uNkulunkulu endlini yakhe engcwele, nimdumise emkhathini wakhe wamandla. Mdumiseni ngenxa yezenzo zakhe zamandla, nimdumise ngenxa yobukhosi bakhe obukhulu. Mdumiseni ngezwi lecilongo, nimdumise ngogubhu nehabhu. Mdumiseni ngesigubhu nokusina, nimdumise ngezingubhu ezinezintambo eziyishumi nemitshingo. Mdumiseni ngamasimbali ancencethayo, nimdumise ngezinsimbi ezikhencezayo. Konke okuphefumulayo makudumise uJehova.”—IHubo 150:1-6.
21. (a) Kunini lapho “konke okuphefumulayo” kuyodumisa uJehova? (b) Wonke amalungu enhlangano yomhlaba ayosebenza nobani futhi ngayiphi injongo?
21 Ngokushesha “amazulu” “nomhlaba” okukhona kuyochithwa “ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke,” futhi “amazulu amasha nomhlaba omusha” obekulindwe isikhathi eside kuyomiswa ngokungenakunyakaziswa. (2 Petru 3:7-13; IsAmbulo 16:14, 16) Khona-ke, ngempela, ‘konke okuphefumulayo’ okusindela kulomhlaba ohlanziwe kuyodumisa uJehova, uMdali oPhakeme wenhlangano yendawo yonke yokulunga. Wonke amalungu asezulwini nasemhlabeni aleyonhlangano ayodumisa uJehova ngenjabulo futhi ngokwethembeka nangothando ayosebenza naye ekulweleni phakade ubukhosi bakhe bendawo yonke nokungcwelisa igama lakhe eliyigugu. Yeka ubunye obukhazimulayo konke lokhu okububonisayo!
Ungaphendula Kanjani?
◻ Iziphi izenzakalo ezaholela ekubeni uSathane abe umbusi wamademoni?
◻ Kwaba usizo kanjani ukwehlukanisa phakathi kwezinhlangano ezimbili ezinkulu?
◻ IHubo 122:1-4 lisebenza kubuphi ubunye namuhla?
◻ Kungani kungashiwo ukuthi uJehova wayecabanga ngobunye obungaphezu kobunye babalandeli abagcotshiwe bakaJesu?
◻ Kunini lapho “konke okuphefumulayo” kuyodumisa uJehova uNkulunkulu?
[Izithombe ekhasini 14, 15]
Abantu bakaJehova baye baba nobunye njalo omunye nomunye kanye noMdali wenhlangano yendawo yonke