Ubuzalwane Bomhlaba Wonke Buqinisekile!
KWAKUNGAKAPHELI isikhathi eside isithunywa sevangeli sifikile eNtshonalanga Afrika lapho siya emhlanganweni omkhulu wenkolo endaweni yasemaphandleni. Njengoba sasisondela komunye umkhaya wakuleyondawo, umfana oneminyaka emibili, ngaphandle kwesizathu esisobala, waqala ukukhala.
Isithunywa sevangeli sazama ukumduduza umntwana, kodwa ukukhala komfana kwaphenduka ukuklabalasa. “Kwenzenjani?” isithunywa sevangeli sibuza unina. Waphendula ena-mahlonyana: “Ngicabanga ukuthi nguwe. Uyalesaba ibala lakho. Akakaze ambone umuntu omhlophe ngaphambili.”
Kusukela ebuntwaneni singase sikuqaphele ukungefani okungokomzimba okuphakathi kwabantu. Ubandlululo luvela kamuva. Imibono yabantwana iyabumbeka njengoba beqaphela isimo sengqondo nokuziphatha kwabantu abadala, njengabazali babo. Esikoleni bathonywa ngokwengeziwe othisha babo, abangane, nabafunda nabo ekilasini.
Ngokokuhlola okwathatha isikhathi eside eUnited States, lapho abantwana befinyelela iminyaka engu-12 ubudala, basuke sebenemibono nesimo sengqondo esingaguquki mayelana namaqembu angokobuzwe, ubuhlanga, nangokwenkolo ebazungezile. Ebudaleni lemibono isuke isizike ngokujulile.
OFakazi BakaJehova Bahlukile
Ezweni eligcwele ubandlululo, oFakazi BakaJehova bavelele njengabahluke kakhulu. Baziwa ezizweni zonke ngobunye babo bezinhlanga. Lokhu kuvame ukuphawulwa izingqapheli emihlanganweni yabo emikhulu yaminyaka yonke.
Ngokwesibonelo, iphephandaba iStates-Item labika lokhu mayelana nomhlangano omkhulu woFakazi eningizimu yeUnited States: “Umuzwa wobuzalwane wagcwalisa iLouisiana Superdome njengoba oFakazi BakaJehova abadala nabancane, abansundu nabamhlophe behlala phansi ukuze baqalise . . . okuhlangenwe nakho kokufunda nokwabelana. . . . Ukucwasana ngokobuhlanga . . . akuyona inkinga kofakazi.”
Emhlanganweni omkhulu woFakazi, eNingizimu Afrika, owesifazane ongumXhosa waphawula: “Kuyamangalisa ukuthi lapha eNingizimu Afrika abantu bazo zonke izinhlanga bangaba nobunye ngalendlela. Kwehluke kakhulu kulokho engikujwayele emasontweni.”
Lapho izivakashi ezivela eNyakatho naseNingizimu Melika kanye naseYurophu ziba khona emihlanganweni emikhulu yoFakazi eMpumalanga Ekude nasePacific eseNingizimu, “kwakungekho,” ngokomunye umbiko, “ngisho nomkhondo wobandlululo lwezinhlanga kubo, noma kulabo ababevakashelwe.”
Ngaleyondlela, okwehluke kangaka ngezigidi zoFakazi BakaJehova emhlabeni wonke ubunye babo bangempela nokuzwana kwezinhlanga. Bahlanganiswe uthando lweqiniso lobuKristu. Lokhu kunjengoba uJesu athi kwakuyoba njalo: “Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami uma nithandana.”—Johane 13:35.
Ngakho oFakazi BakaJehova kakade banobuzalwane beqiniso obuhlala njalo, bomhlaba wonke! Bakuthatha ngokungathi sína lokho uJesu akusho kuMathewu 23:8: “Nina nonke ningabazalwane.” Futhi lokhu kunjalo ngaso kanye isikhathi lapho ukwehlukana kwezinhlanga nokobuzwe nenzondo kudabula izizwe phakathi.—Bheka futhi eyoku-1 Korinte 1:10; 1 Johane 3:10-12; 4:20, 21; 5:2, 3.
Indlela Ubunye Obufinyelelwa Ngayo
Okuyinhloko kulobu bunye imfundo esekelwe eBhayibhelini oFakazi BakaJehova abayitholayo emaHholo abo oMbuso nangesifundo sabo somuntu siqu seBhayibheli. BanjengamaKristu eThesalonika, umphostoli uPawulu athi ngawo: “Kuthé lapho namukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu kepha njengezwi likaNkulunkulu, njengokuba liyilo isibili, elona lisebenza futhi phakathi kwenu nina enikholwayo.”—1 Thesalonika 2:13.
Ngakho-ke, oFakazi bayakukholelwa lokho iBhayibheli elikushoyo, futhi bazama ngobuqotho ukulingisa indlela kaNkulunkulu yokucabanga. Bakuthatha ngokungathi sína lokho umphostoli uPetru ongumKristu akusho ngaphansi kokuphefumlelwa: “Nembala ngiyabona ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu, kodwa ezizweni zonke omesabayo nowenza ukulunga uyamukeleka kuye.”—IzEnzo 10:34, 35.
Ngokuvumelana nalokhu, uJesu wayala abafundi bakhe ukuba benze “izizwe zonke” abafundi. (Mathewu 28:19) Ngenxa yalokho, oFakazi BakaJehova bafuna ngenkuthalo abathandi bokulunga kuwo wonke amaqembu ezinhlanga nawobuzwe, ngaphandle kokukhetha. Futhi lapho labo bezizinda ezihlukene nezinhlanga behlangana ukuze bakhulekele, basebenze, futhi babuthane ndawonye, ukucabanga okugxilile kuyanqotshwa. Bafunda ukwazisana, ukuthandana.
Yiqiniso, umuntu onesikhathi eside enemiqondo yobandlululo angase angayiguquli ngokushesha imibono yakhe. Kodwa lapho eba uFakazi, uqala ‘ukwembatha ubuntu obusha’ bomKristu weqiniso, futhi usebenza kanzima ukuze anqobe imibono ayenayo ngaphambili. (Efesu 4:22-24) Akazami ukuthethelela ubandlululo lwakhe ngokuthi, ‘Yileyo indlela engakhuliswa ngayo.’ Cha, ulwela ukuguqula ingqondo yakhe futhi ‘athande abazalwane.’—1 Petru 2:17.
Iziprofetho ZeBhayibheli Ezigcwalisekayo
Lokho okwenzeka phakathi koFakazi BakaJehova namuhla kunokubaluleka okukhulu. Empeleni, kwakuprofethiwe eBhayibhelini.
Phawula lokho uIsaya 2:2-4 abikezela ukuthi kwakuyokwenzeka ‘ezinsukwini zokugcina,’ ‘kulezinsuku zokugcina’ zalesimiso esibi sezinto. (2 Thimothewu 3:1-5, 13) Lesosiprofetho sikaIsaya saphawula ukuthi ukukhulekelwa kukaJehova kweqiniso kwakuyoqiniswa kulesisizukulwane, futhi ‘nezizwe zonke zaziyakugobhozela khona. Abantu abaningi babeyakuhamba, bathi: Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova. Uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe.’
Isiprofetho sikaIsaya saphawula futhi lomphumela ongajwayelekile olandelayo, oye wabonakala ngesilinganiso somhlaba wonke koFakazi BakaJehova kulo lonke lelikhulu leminyaka: “Bayakukhanda izinkemba zabo zibe-ngamakhuba, nemikhonto yabo ibe-ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.”
Futhi, incwadi yeBhayibheli yesAmbulo, ikhuluma ngesikhathi sethu, yabikezela ukuthi isixuku esikhulu sabantu “sivela kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu nezilimi” sasiyohlangana ndawonye ebuzalwaneni beqiniso ukuze sikhonze uNkulunkulu ngobunye.—IsAmbulo 7:9, 15.
Lokhu akuwona umcabango oyiphupho. Isixuku esikhulu esivela kuzo zonke izizwe, kuwo wonke amaqembu ezinhlanga nobuzwe, sesiyakhiwa kakade. Ubuzalwane beqiniso nobuhlala njalo bomhlaba wonke buyakhiwa kwamanje! Buyisisekelo somphakathi omusha ngokuphelele, womhlaba wonke wabantu abanobunye, abajabulayo oyothatha indawo yalomphakathi wanamuhla owonakele ngokushesha ozobhujiswa uNkulunkulu. Njengoba uJesu asho, lomphakathi onobunye ‘uyakudla ifa lomhlaba’ futhi uyohlala kuwo phakade ngaphansi kobubusi boMbuso kaNkulunkulu.—Mathewu 5:5; 6:9, 10; IHubo 37:10, 11, 28, 29, 37, 38.
Kungani ungaziboneli lokhu ngokwakho? Wamukelekile ukuvakashela noma yiliphi iHholo LoMbuso loFakazi BakaJehova futhi uzizwele ubunye babo bezinhlanga. Noma ngesikhathi esizayo lapho oFakazi befika kwakho, bangenise futhi ubacele bakubonise eBhayibhelini ukuthi siyini isisekelo sobunye babo bezinhlanga. Bavumele bakubonise ithemba labo elingokweBhayibheli lezwe elisha lapho ubuzalwane beqiniso buyoba khona kuwo wonke umhlaba.
UNkulunkulu uMninimandla onke, uJehova, unikeza isiqinisekiso sakhe sokuthi injongo yakhe yokumisa ubuzalwane baso sonke isintu iyofezeka. Uthi: “Liyakuba-njalo izwi lami eliphuma emlonyeni wami. Aliyikubuyela-ze kimi, lingakafezi lokhu engikufunayo, liphumelele kulokho engilithumele kukho.”—Isaya 55:11.
Siyakumema ukuba uhlole ubufakazi obuseziprofethweni zeBhayibheli nasekugcwalisekeni kwalezoziprofetho. Uma wenza kanjalo, uyobona ukuthi akukhona nje kuphela ukuthi ubunye bezinhlanga bungenzeka kodwa abunakugwemeka.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 9]
Lokho okwenzeka koFakazi BakaJehova namuhla kwaprofethwa eBhayibhelini
[Isithombe ekhasini 10]
OFakazi BakaJehova behlukile ngokuba nobunye bezinhlanga beqiniso phakathi kwabo