Isahluko Samashumi Amabili
UJehova UyiNkosi
1, 2. (a) Obani abayobhekana nentukuthelo kaJehova? (b) Ingabe uJuda uyoyekwa angajeziswa, futhi sazi kanjani?
IBABILONI, iFilistiya, uMowabi, iSiriya, iTopiya, iGibithe, u-Edomi, iTire ne-Asiriya—wonke la mazwe azobhekana nentukuthelo kaJehova. U-Isaya uyibikezele inhlekelele ezokwehlela lezi zizwe ezinenzondo nemizi yazo. Kuthiwani kodwa ngoJuda? Ingabe izakhamuzi zakwaJuda ziyoyekwa zingajeziselwa izindlela zazo zesono? Umlando uphendula ngocha omkhulu!
2 Cabangela okwenzeka eSamariya, inhloko-dolobha yombuso wakwa-Israyeli wezizwe eziyishumi. Leso sizwe asizange sisigcine isivumelwano saso noNkulunkulu. Asizange sizehlukanise nemikhuba emibi yezizwe ezazisizungezile. Kunalokho, izakhamuzi zaseSamariya ‘zaqhubeka zenza izinto ezimbi ukuze zicasule uJehova. Ngakho-ke uJehova wamvuthela kakhulu u-Israyeli ngolaka, kangangokuba wamsusa emehlweni akhe.’ Esesuswe ngenkani ezweni lakhe, “u-Israyeli wasuka enhlabathini yakhe wathunjelwa e-Asiriya.” (2 AmaKhosi 17:9-12, 16-18, 23; Hoseya 4:12-14) Okwenzeka ku-Israyeli kuyibika lokubi ngombuso ozalana nawo, uJuda.
U-Isaya Ubikezela Ukuchithwa KukaJuda
3. (a) Kungani uJehova ewulahla umbuso wakwaJuda wezizwe ezimbili? (b) Yini azimisele ukuyenza uJehova?
3 Amanye amakhosi akwaJuda ayethembekile, kodwa iningi lawo lalingathembekile. Ngisho nangaphansi kwenkosi ethembekile, njengoJothamu, abantu abakuyekanga ngokuphelele ukukhulekela kwamanga. (2 AmaKhosi 15:32-35) Umvuthwandaba wobubi bukaJuda uba ngesikhathi kubusa inkosi enequnga uManase, lowo ngokuvumelana nesiko lamaJuda, obulala umprofethi othembekile u-Isaya ngokuyala ukuba anqunywe ngesaha. (Qhathanisa neyamaHeberu 11:37.) Le nkosi embi ‘yaqhubeka iyenga uJuda nabakhileyo eJerusalema ukuba benze okubi kakhulu ukwedlula izizwe uJehova ayezibhuqile phambi kwamadodana ka-Israyeli.’ (2 IziKronike 33:9) Ngaphansi kokubusa kukaManase izwe lonakala nakakhulu kunangesikhathi liphethwe amaKhanani. Ngakho, uJehova uthi: “Bheka ngiletha inhlekelele phezu kweJerusalema noJuda, okuyothi uma umuntu ezwa ngayo zombili izindlebe zinkeneneze. . . . Ngiyomane ngilisulisise iJerusalema njengalapho umuntu esulisisa isitsha esingenasibambo, esisulisisa futhi esiphendula esibhekisa phansi. Impela ngizoyishiya insali yefa lami ngiyinikele esandleni sezitha zayo, futhi iyomane ibe impango kuzo zonke izitha zayo, ngenxa yokuthi yenze okubi emehlweni ami futhi ibiqhubeka ingicasula.”—2 AmaKhosi 21:11-15.
4. Yini uJehova azoyenza kuJuda, futhi lesi siprofetho sigcwaliseka kanjani?
4 Njengesitsha esiphendulwe sabhekiswa phansi, kwachitheka konke okuphakathi, bayoqedwa nyá abantu bakuleli zwe. U-Isaya uphinda uprofetha ngalokhu kuchithwa okuzayo kukaJuda neJerusalema. Uyaqala: “Bheka! UJehova uyaligeqa izwe futhi ulenza libe lugwadule, futhi uye wasonta ubuso balo wahlakaza abakhileyo kulo.” (Isaya 24:1) Lesi siprofetho sigcwaliseka ngesikhathi iJerusalema nethempeli lalo libhujiswa amabutho ahlaselayo aseBabiloni eholwa iNkosi uNebukadinesari, nalapho izakhamuzi zakwaJuda ziqothulwa inkemba, indlala nezifo. Iningi lamaJuda asindayo lithunjelwa eBabiloni, ambalwa ayesele abalekela eGibithe. Ngakho izwe lakwaJuda lenziwa incithakalo futhi alibe lisahlalwa muntu. Akusali ngisho nezilwane ezifuywayo. Leli zwe elishiyiwe liba ihlane elinamanxiwa angenalutho, ngaphandle kwezilo zasendle nezinyoni.
5. Ukhona yini ongeke asithole isahlulelo sikaJehova? Chaza.
5 Ingabe ukhona kwaJuda oyophathwa ngendlela ekhethekile kulesi sikhathi sokwahlulela esizayo? U-Isaya uyaphendula: “Kuyokwenzeka okufanayo kubantu njengakumpristi; okufanayo encekwini njengasenkosini yayo; okufanayo encekukazini njengasenkosikazini yayo; okufanayo kumthengi njengakumthengisi; okufanayo kumtshelekisi njengakotshelekayo; okufanayo kothatha inzalo njengakokhokha inzalo. Nakanjani izwe liyogeqwa, nakanjani liyophangwa, ngoba uJehova ngokwakhe ulikhulumile leli zwi.” (Isaya 24:2, 3) Ingcebo namalungelo okukhonza ethempelini ngeke kusho lutho. Akekho oyophathwa ngendlela ehlukile. Izwe lonakele kangangokuba bonke abantu abasindayo—abapristi, izinceku namakhosi, abathengi nabathengisi—kumelwe badingiswe.
6. Kungani uJehova esisusa isibusiso sakhe ezweni?
6 Ukuze kungabi bikho ukungaqondi kahle, u-Isaya uchaza indlela le nhlekelele ezayo eyocoboshisa ngayo nesizathu sayo: “Izwe liyalila, liphelile. Izwe elikhiqizayo libunile, liphelile. Abaphakemeyo kubantu bezwe babunile. Lona kanye izwe lingcolisiwe ngaphansi kwabakhileyo kulo, ngoba baye bayishaya indiva imithetho, bashintsha isiqondiso, baphula isivumelwano esimi phakade. Yingakho isiqalekiso silidlile izwe, nalabo abahlala kulo babhekwa njengabanecala. Yingakho abakhileyo ezweni beye bancipha ngesibalo, futhi bembalwa kakhulu abantu abafayo abasele.” (Isaya 24:4-6) Ngesikhathi ama-Israyeli enikwa izwe laseKhanani, alithola ‘liyizwe eligeleza ubisi noju.’ (Duteronomi 27:3) Noma kunjalo, aqhubeka ethembele esibusisweni sikaJehova. Uma egcina izimiso nemiyalo yakhe ngokwethembeka, leli zwe ‘laliyowanika isivuno salo,’ kodwa uma eyishaya indiva imithetho nemiyalo yakhe, imizamo yawo yokulima izwe yayiyoba ‘yize’ nomhlaba ‘wawungeke unike isivuno sawo.’ (Levitikusi 26:3-5, 14, 15, 20) Isiqalekiso sikaJehova ‘sasiyolidla izwe.’ (Duteronomi 28:15-20, 38-42, 62, 63) Manje kumelwe uJuda alindele ukubhekana naleso siqalekiso.
7. Isivumelwano soMthetho sasiyoba kanjani isibusiso kuma-Israyeli?
7 Eminyakeni engaba ngu-800 ngaphambi kosuku luka-Isaya, ama-Israyeli angena ngokuzithandela ebuhlotsheni besivumelwano noJehova futhi avuma ukusigcina. (Eksodusi 24:3-8) Isivumelwano soMthetho sasithi uma elalela imiyalo kaJehova, ayeyothola isibusiso sakhe esicebile, kodwa uma esephula isivumelwano, ayengeke asithole isibusiso sakhe futhi ayeyothunjwa yizitha zawo. (Eksodusi 19:5, 6; Duteronomi 28:1-68) Lesi sivumelwano soMthetho, esanikezwa ngoMose, sasizolokhu sisebenza isikhathi esinganqunyiwe, esingashiwongo. Sasiyolonda ama-Israyeli kuze kufike uMesiya.—Galathiya 3:19, 24.
8. (a) Abantu “bayishaye” kanjani “indiva imithetho” futhi “bashintsha isiqondiso”? (b) Kungaziphi izindlela “abaphakemeyo” ‘bebuna’ kuqala?
8 Kodwa abantu ‘basiphulile isivumelwano esimi phakade.’ Bayishaye indiva imithetho yaphezulu, bangayinaka. ‘Bashintshe isiqondiso,’ balandela izinqubo ezingokomthetho ezihlukile kulezo ezazinikezwe uJehova. (Eksodusi 22:25; Hezekeli 22:12) Ngakho, abantu bazosuswa ezweni. Ngeke kuboniswe sihe kulokhu kwahlulela okuzayo. Phakathi kwabokuqala ‘abayobuna’ ngenxa yokususa kukaJehova isivikelo sakhe nomusa kuyoba “abaphakemeyo,” izikhulu. Ekugcwalisekeni kwalokhu, njengoba ukubhujiswa kweJerusalema kusondela, kuqala abaseGibithe, bese kuba abaseBabiloni, benze amakhosi aseJudiya akhonze ngaphansi kwabo. Ngemva kwalokho, iNkosi uJehoyakini namanye amalungu asebukhosini baphakathi kwabokuqala abathunjelwa eBabiloni.—2 IziKronike 36:4, 9, 10.
Ukujabula Kuyaphela Ezweni
9, 10. (a) Ezolimo zifeza yiphi indima kwa-Israyeli? (b) Isho ukuthini inkulumo ethi yilowo nalowo ‘ahlale ngaphansi komvini wakhe nangaphansi komkhiwane wakhe’?
9 Isizwe sakwa-Israyeli singumphakathi wezolimo. Kusukela ama-Israyeli angena eZweni Lesithembiso, abelokhu elima futhi efuya. Ngenxa yalokho, ezolimo zisendaweni ebalulekile emithethweni enikezwa u-Israyeli. Kukhishwa umyalo wokuba kube nokuphumula kwesabatha njalo ngonyaka wesikhombisa ukuze umhlabathi uvunde. (Eksodusi 23:10, 11; Levitikusi 25:3-7) Imikhosi emithathu yaminyaka yonke isizwe esiyalwa ukuba siyigubhe iqondaniswe nezinkathi zolimo.—Eksodusi 23:14-16.
10 Izivini zitholakala kulo lonke izwe. ImiBhalo ibala iwayini, umkhiqizo womvini, njengesipho esivela kuNkulunkulu ‘esenza inhliziyo yomuntu ofayo ijabule.’ (IHubo 104:15) Inkulumo ethi yilowo nalowo ‘ahlale ngaphansi komvini wakhe nangaphansi komkhiwane wakhe,’ ibonisa ukuchuma, ukuthula nokulondeka ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu kokulunga. (1 AmaKhosi 4:25; Mika 4:4) Isikhathi sokuvuthwa kwamagilebhisi uma evumile sibhekwa njengesibusiso futhi senza abantu bahlabelele, bathokoze. (AbAhluleli 9:27; Jeremiya 25:30) Okuphambene nalokhu nakho kuyiqiniso. Lapho imivini ibuna noma ingatheli amagilebhisi, nezivini ziba inqwaba yemfucumfucu yameva, kusuke kuwubufakazi bokuthi uJehova usisusile isibusiso sakhe—isikhathi sokudabuka okukhulu.
11, 12. (a) U-Isaya uzichaza kanjani izimo eziyoba umphumela wesahlulelo sikaJehova? (b) Yiziphi izimo ezimbi ezichazwa u-Isaya?
11 Kuyafaneleka-ke ukuba u-Isaya asebenzise izivini nemikhiqizo yazo ukuze achaze izimo eziwumphumela wokususa kukaJehova isibusiso sakhe ezweni: “Iwayini elisha liyalila, umvini ubunile, bonke abathokozayo enhliziyweni bayabubula. Ukwethaba kwamathamborini kuphelile, umsindo wabasese kakhulu unqamukile, ukwethaba ngamahabhu kuphelile. Baphuza iwayini ngaphandle kwengoma; uphuzo oludakayo luba olubabayo kwabaluphuzayo. Umzana oshiyiwe ubhidliziwe; zonke izindlu zivaliwe ukuze kungangenwa kuzo. Kukhona ukumemeza emigwaqweni ngenxa yokuswela iwayini. Konke ukujabula kuphelile; ukwethaba kwezwe kumukile. Emzini kusele isimo esimangalisayo; isango lichotshozwé laba yinqwaba nje yombhidlika.”—Isaya 24:7-12.
12 Ithamborini nehabhu yizinsimbi ezimnandi zomculo wokudumisa uJehova nokubonisa intokozo. (2 IziKronike 29:25; IHubo 81:2) Umculo wazo ngeke uzwakale ngalesi sikhathi sesijeziso saphezulu. Ngeke kube khona ukuvunwa kwamagilebhisi okujabulisayo. Ngeke ibe khona imisindo yenjabulo emanxiweni ashiyiwe eJerusalema, elisango lalo “lichotshozwé laba yinqwaba nje yombhidlika,” nezindlu zalo “zivaliwe” ukuze kungangeni muntu kuzo. Yeka izimo ezimbi ngezakhamuzi zezwe ebelivunde kangaka ngokwemvelo!
Insali ‘Ikhamuluka Ngenjabulo’
13, 14. (a) Ithini imithetho kaJehova ngokuvuna? (b) U-Isaya uyisebenzisa kanjani imithetho yokuvuna ukuze abonise ukuthi abathile bayosinda esahlulelweni sikaJehova? (c) Nakuba kunezikhathi ezidabukisayo zovivinyo oluzayo, abaseJudiya abathembekile bangaqiniseka ngani?
13 Uma evuna iminqumo, ama-Israyeli abhula izihlahla ngezinduku ukuze izithelo zivuthukele phansi. NgokoMthetho kaNkulunkulu, awavunyelwe ukuba ahlwaye emagatsheni avune iminqumo esele. Engavunyelwe nokuba abuthe amagilebhisi asele ngemva kokuvuna ezivinini zawo. Izinsalela zesivuno kufanele zishiyelwe abampofu—“umfokazi, intandane nomfelokazi”—ukuba bakhothoze. (Duteronomi 24:19-21) Ethathela kule mithetho eyaziwa kahle, u-Isaya uchaza iqiniso eliduduzayo lokuthi bakhona abayosinda esahlulelweni sikaJehova esizayo: “Kuyoba njalo phakathi kwezwe, phakathi kwezizwe, njengokuvuthuzwa komnqumo, njengokukhothoza lapho ukuvunwa kwamagilebhisi sekuphelile. Bona ngokwabo bayophakamisa izwi labo, bayokhamuluka ngenjabulo. Ngokuqinisekile bayompongoloza ngokuphakama kukaJehova kusukela olwandle. Yingakho esifundeni sokukhanya kumelwe bakhazimulise uJehova, eziqhingini zolwandle bakhazimulise igama likaJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli. Kukhona amahubo esiwezwile evela emkhawulweni wezwe: ‘Umhlobiso KoLungileyo’!”—Isaya 24:13-16a.
14 Njengoba ezinye izithelo ziye zisale emthini noma emvinini ngemva kokuvuna, kuyoba nabathile abasalayo ngemva kokukhipha kukaJehova isahlulelo—‘ukukhothoza lapho ukuvunwa kwamagilebhisi sekuphelile.’ Njengoba kulotshwe evesini lesithupha, umprofethi usekhulumile ngalaba, ethi ‘bambalwa kakhulu abantu abafayo abasele.’ Nakuba bembalwa kanjalo, bayosinda ekubhujisweni kweJerusalema noJuda, futhi kamuva insali iyobuya ekuthunjweni ukuze kuphinde kube nabantu ezweni. (Isaya 4:2, 3; 14:1-5) Nakuba abanhliziyo zilungile beyobhekana nezikhathi ezidabukisayo zokuvivinywa, bangaqiniseka ukuthi bayokhululwa futhi bathole intokozo esikhathini esizayo. Abasindile bayobona izwi likaJehova lesiprofetho lembuleka futhi babone ukuthi u-Isaya ubengumprofethi kaNkulunkulu weqiniso. Bayogcwala intokozo lapho bebona ukugcwaliseka kweziprofetho zokubuyiselwa. Nomaphi lapho bebesakazekele khona—kungaba seziqhingini zaseMedithera eNtshonalanga, eBabiloni “esifundeni sokukhanya” (eMpumalanga), nakunoma iyiphi indawo ekude—bayodumisa uNkulunkulu ngoba belondoloziwe, futhi bayohlabelela bathi: “Umhlobiso KoLungileyo!”
Asinakubalekelwa Isahlulelo SikaJehova
15, 16. (a) U-Isaya uzizwa kanjani ngalokho okuzokwehlela abantu bakubo? (b) Yini ezokwehlela izakhamuzi ezingathembekile zezwe?
15 Nokho, okwamanje akukabi isikhathi sokujabula. U-Isaya uqaphelisa abantu aphila nabo ngesikhathi abakuso, ethi: “Kodwa ngithi: ‘Kimi ukonda nje kuphela, kimi ukonda nje kuphela! Maye kimi! Abasebenzelana nabanye ngokukhohlisa benzé ngokukhohlisa. Yebo ngenkohliso, abasebenzelana nabanye ngokukhohlisa benzé ngokukhohlisa.’ Ingebhe nomgodi nesicupho kuphezu kwakho, wena owakhé ezweni. Obalekela umsindo wento anengebhe ngayo uyowela emgodini, okhuphukayo ephuma ngaphakathi komgodi uyobanjwa isicupho. Ngoba wona kanye amasango ezikhukhula aphezulu empeleni ayovuleka, nezisekelo zezwe ziyozamazama. Izwe liqhekeké ngokuphelele, izwe linyakaziswé ngokuphelele, izwe liyendayendiswé ngokuphelele. Izwe lihamba ngokuntenga ngokuphelele njengomuntu odakiwe, futhi liye lanyakaza laya ngapha nangapha njengendlwana yokuqapha. Futhi iseqo salo sesibe nzima phezu kwalo, kumelwe liwe, ngeke liphinde livuke.”—Isaya 24:16b-20.
16 Kuyamdabukisa u-Isaya lokho okuzokwehlela abantu bakubo. Isimo esimzungezile simenza azizwe egula futhi elusizi. Kugcwele abantu abakhohlisa abanye futhi bafaka izakhamuzi ingebhe. Lapho uJehova esusa isivikelo sakhe, izakhamuzi zakwaJuda ezingathembekile ziyokwesaba imini nobusuku. Ziyobe zingaqiniseki ngokuphila kwazo. Ngeke zikwazi ukubalekela inhlekelele eyozehlela ngenxa yokulahla imiyalo kaJehova nokungakunaki ukuhlakanipha kwaphezulu. (IzAga 1:24-27) Le nhlekelele iyofika ngisho noma abakhohlisi bakuleli zwe besebenzisa amanga nenkohliso ukuze baholele abantu ekubhujisweni, bezama ukubaqinisekisa ngokuthi konke kuzolunga. (Jeremiya 27:9-15) Izitha ezivela ngaphandle ziyofika futhi zibaphange zibayise ekuthunjweni. Konke lokhu kuyamcindezela u-Isaya.
17. (a) Kungani kungeke kube nabaphunyukayo? (b) Lapho kudedelwa amandla esahlulelo sikaJehova ezulwini, kuyokwenzekani ezweni?
17 Noma kunjalo, lo mprofethi kumelwe asho ukuthi ngeke kube nabaphunyukayo. Nomaphi lapho abantu bezama ukubalekela khona, bayobanjwa. Abanye bangase bayibalekele inhlekelele eyodwa, kodwa bayobanjwa enye—ngeke kube khona ukulondeka. Kuyofana nesilwane esizingelwayo esisinda ekuweleni emgodini bese sibanjwa isicupho. (Qhathanisa no-Amose 5:18, 19.) Amandla esahlulelo sikaJehova ayodedelwa ezulwini anyakazise zona kanye izisekelo zezwe. Njengomuntu odakiwe, izwe liyayendayenda futhi liwe, lisindwa isazela futhi alisakwazi ukubuye livuke. (Amose 5:2) Isahlulelo sikaJehova siwujuqu. Leli zwe lizobhujiswa futhi libe incithakalo ngokuphelele.
UJehova Uyobusa Ngenkazimulo
18, 19. (a) Cishe liyini “ibutho lendawo ephakeme,” futhi libuthelwa kanjani “etilongweni eliwumgodi”? (b) Cishe ‘liyonakwa’ kanjani “ibutho lendawo ephakeme ngemva kwezinsuku eziningi”? (c) UJehova uphendukela kanjani ‘emakhosini omhlabathi’?
18 Isiprofetho sika-Isaya manje sikhuluma ngento enkulu nakakhulu, sibhekisela ekugcwalisekeni kokugcina kwenjongo kaJehova: “Kuyokuthi ngalolo suku uJehova alinake ibutho lendawo ephakeme endaweni ephakeme, namakhosi omhlabathi phezu komhlabathi. Ngokuqinisekile bayobuthwa ngokubuthwa okunjengokweziboshwa zibuthelwa emgodini, futhi bavalelwe etilongweni eliwumgodi; ngemva kwezinsuku eziningi bayohanjelwa. Inyanga egcwele ijabhile, nelanga elikhazimulayo libé namahloni, ngoba uJehova wamabutho ube yinkosi ngenkazimulo eNtabeni yaseZiyoni naseJerusalema naphambi kwamadoda akhe asemadala.”—Isaya 24:21-23.
19 Kungenzeka ukuthi “ibutho lendawo ephakeme” libhekisela ‘kubabusi bezwe balobu bumnyama, indikimba yomoya ababi esezindaweni zasezulwini.’ (Efesu 6:12) Baye baba nethonya elinamandla emibusweni yezwe. (Daniyeli 10:13, 20; 1 Johane 5:19) Umgomo wabo ukususa abantu kuJehova nasekukhulekelweni kwakhe okumsulwa. Yeka indlela abaphumelela kahle ngayo ukuyenga ama-Israyeli ukuba alandele imikhuba eyonakele yezizwe eziwazungezile futhi ngaleyo ndlela afanelwe isahlulelo sikaNkulunkulu saphezulu! Kodwa uSathane namademoni akhe kumelwe balandise kuNkulunkulu lapho ekugcineni ephendukela kubo nakubabusi basemhlabeni, “amakhosi omhlabathi phezu komhlabathi,” abawathonyele ukuba amelane noNkulunkulu futhi eqe imithetho yakhe. (IsAmbulo 16:13, 14) Ekhuluma ngokomfanekiso, u-Isaya uthi bayobuthwa “bavalelwe etilongweni eliwumgodi.” “Ngemva kwezinsuku eziningi,” mhlawumbe ngesikhathi uSathane namademoni akhe (kodwa hhayi “amakhosi omhlabathi phezu komhlabathi”) bededelwa okwesikhashana ekupheleni kweMinyaka Eyinkulungwane Yokubusa KukaJesu Kristu, uNkulunkulu uyobanikeza isijeziso sokugcina esibafanele.—IsAmbulo 20:3, 7-10.
20. Ezikhathini zasendulo nezamanje, uJehova ‘uba yinkosi’ kanjani futhi nini?
20 Ngakho le ngxenye yesiprofetho sika-Isaya yashiya amaJuda enesiqiniseko esihle kakhulu. Ngesikhathi sikaJehova esifanele, uzokwenza ukuba iBabiloni lasendulo liwe futhi abuyisele amaJuda ezweni lawo. Ngo-537 B.C.E., lapho ebonisa amandla nobukhosi bakhe ngale ndlela ngenxa yabantu bakhe, kwakungashiwo kugcwale umlomo ukuthi: “UNkulunkulu wakho usebe yinkosi!” (Isaya 52:7) Ezikhathini zamanje, uJehova ‘waba yinkosi’ ngo-1914 ngesikhathi emisa uJesu Kristu njengeNkosi eMbusweni waKhe wasezulwini. (IHubo 96:10) ‘Waba yinkosi’ nango-1919 ngesikhathi ebonisa amandla obukhosi bakhe ngokukhulula u-Israyeli ongokomoya ebugqilini eBabiloni Elikhulu.
21. (a) ‘Inyanga egcwele iyojabhiswa’ kanjani, ‘nelanga elikhazimulayo liyoba namahloni’ kanjani? (b) Yisiphi isimemezelo esinkenenezayo esiyogcwaliseka ngokuphelele?
21 UJehova uyophinde ‘abe yinkosi’ lapho eqeda iBabiloni Elikhulu naso sonke lesi simiso sezinto esibi. (Zakariya 14:9; IsAmbulo 19:1, 2, 19-21) Ngemva kwalokho, ukubusa koMbuso kaJehova kuyoba kuhle kakhulu kangangokuba nenyanga egcwele ebenyezelayo ebusuku, noma ilanga elikhazimulayo emini bebade, ngeke kufane nako ngenkazimulo. (Qhathanisa nesAmbulo 22:5.) Ngomqondo ongokomfanekiso, kuyoba namahloni okuziqhathanisa nenkazimulo kaJehova wamabutho. UJehova uyobusa ngendlela ephakeme. Bonke bayowabona amandla akhe nenkazimulo yakhe engenakulinganiswa. (IsAmbulo 4:8-11; 5:13, 14) Yeka ithemba elimangalisayo! Ngaleso sikhathi, isimemezelo esikumaHubo 97:1 siyonkeneneza emhlabeni wonke lapho sigcwaliseka ngokuphelele: “UJehova ngokwakhe usebé yinkosi! Umhlaba mawujabule. Iziqhingi eziningi mazithokoze.”
[Isithombe ekhasini 262]
Umculo nokujabula ngeke kusazwakala ezweni
[Isithombe ekhasini 265]
Abanye bayosinda ekwahluleleni kukaJehova, njengoba nje nezithelo zisala esihlahleni ngemva kokuvuna
[Isithombe ekhasini 267]
U-Isaya ugcwele usizi ngenxa yalokho okuzokwehlela abantu bakubo
[Isithombe ekhasini 269]
Ilanga nenyanga ngeke kuqhathaniswe nenkazimulo kaJehova