‘Qwashani Futhi Nihlale Niqaphile’
“Ngalokho-ke masingalali njengabanye, kodwa masiqwashe, siqonde.”—1 Thesalonika 5:6.
1. Ikuphi ukugcwaliseka kwesiprofetho seBhayibheli esingakulindela ngokushesha?
LAPHO uJesu ebikezela ukubhujiswa kweJerusalema esizukulwaneni sakhe, wathi: “Ngokuba lezi ziyizinsuku zempindiselo ukuba kugcwaliseke konke okulotshiweyo.” (Luka 21:22) Ngo-70 C.E., ukukhishwa kwesahlulelo sokulunga sikaNkulunkulu kweza kulabo ababengcolise igama lakhe, baphula imithetho yakhe futhi bashushisa izinceku zakhe. Ngokufanayo, ukukhipha kukaNkulunkulu isahlulelo sakhe sokulunga kulesisimiso sezinto esikhohlakele kuzofika ngokushesha, kubuye kubonise ukuthi zonke izinto ezilotshwe esiprofethweni seBhayibheli ziyogcwaliseka nakanjani. Futhi lesosahlulelo siyokuza ngokuzuma okushaqisayo kulabo abayobe bengazilungiselele, ngoba iBhayibheli liyaphawula: “Nxa bethi ‘Ukuthula nokulondeka!’ khona ukubhujiswa okuzumayo kuyobafikela ngokuphazima kweso.”—1 Thesalonika 5:2, 3, NW.
2. Isiphi iseluleko iZwi likaNkulunkulu elisinika sona ukuze sisisebenzise esikhathini esizayo esiseduze?
2 Phakathi kwamanje nesikhathi lapho izahlulelo zikaNkulunkulu ziphela, kuyisibopho ngezinceku zikaJehova ukugcina isimo esiphakeme sokuqapha nokuzinikezela kwenjongo. Umphostoli uPawulu, owaloba isiprofetho esiphefumlelwe kweyoku-1 Thesalonika 5:2, 3 futhi wathi: “Ngalokho-ke masingalali njengabanye, kodwa masiqwashe, siqonde.” (1 Thesalonika 5:6) UJesu wayala: “Lindani ngesikhathi sonke, nikhuleke ukuba nibe-namandla okuphepha kukho konke lokhu okuyakwenzeka.” (Luka 21:36) Umphostoli uPetru ngokufanayo waloba: “Njengokuba konke kuyakubhidlika kanjalo, kumelwe nibe-ngabantu abanjani ekuhambeni kwenu okungcwele nasekumesabeni uNkulunkulu.”—2 Petru 3:11.
UKUYA KUJEHOVA MANJE
3. Nganoma ubani ukuba asindele ohlelweni olusha lukaNkulunkulu, kumelwe enzeni?
3 Noma imuphi umuntu ofuna ukusindela ohlelweni olusha lukaNkulunkulu udinga ukuba ngokuphuthuma abe sebuhlotsheni obuhle noJehova nenhlangano yaKhe yasemhlabeni manje. “Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo alondeke.” (IzAga 18:10) “Kuyakuthi ngezinsuku ezizayo intaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba, iphakame kunamangquma izizwe zonke ziyakugobhozela khona.” (Isaya 2:2) Yebo, noma imuphi umuntu wezizwe ofuna ukuphila ohlelweni lukaNkulunkulu olusha oluyipharadesi likaNkulunkulu kumelwe manje abalekele entabeni kaJehova, ekukhulekeleni kwakhe kweqiniso, okumiswe ngokuqinile futhi okuphakanyiswe ngaphezu kwanoma iluphi uhlobo lokukhulekela.
4. UJesu ubonisa kanjani ukuthi ukulinda isikhathi eside ngaphambi kokuya kuJehova kungabulala?
4 Kungani manje kukhona ukuphuthuma okunjalo ngokuya ekukhulekeleni kweqiniso kukaJehova? Ingabe umuntu oqotho akanakulinda kuze kube yilapho ebona ngempela ukukhishwa kwesahlulelo sikaJehova kuqala, bese ngokushesha abalekele ohlangothini lwaKhe? Nakuba lokho kungase kuzwakale kukhanga kwabathile, khona-ke ingabe ngalesosikhathi singaba khona yini isikhathi esanele sokwakha ubuhlobo obufanelekile noJehova? Ubufakazi obuvela ezimpendulweni zemiBhalo, buthi Cha. UJesu waxwayisa: “Xwayani ukuba izinhliziyo zenu zingasindwa ngukuminza nokudakwa nokunaka okwalokhukuphila, lunizume lolosuku ningazelele, ngokuba luyakufika njengogibe phezu kwabo bonke abahlezi emhlabeni wonke.” (Luka 21:34, 35) Phawula ukuthi labo abangaqaphile ngokomoya bayozunywa, ngoba “lolosuku” lufika phezu kwabo ‘bengazelele,’ ‘ngokuzuma,’ ngendlela efana naleyo ‘ukubhujiswa okuzumayo okuyobehlela ngayo’ labo abathi ‘Ukuthula nokulondeka!’
5. Iziphi izibonelo zeBhayibheli esinazo ezibonisa ukuthi abantu badinga ukufunda ngoJehova ngaphambi kokuba ukubhujiswa kuqale?
5 UJesu wafanisa abantu abanjalo nesilwane esithi ngokungaqondi singene ogibeni. Wabuye futhi wafanisa ukungaqaphi ngokomoya kwabantu nokwalabo bosuku lukaNowa ‘abanganakanga kwaze kwafika uzamcolo wabakhukhula bonke.’ Ingabe kwakukhona noma isiphi isikhathi ngalabo bantu ukuba bafunde ngoJehova futhi babe ngaphansi kwesivikelo ngemva kokuqala kukaZamcolo? Cha, ngoba uJesu usho ngokucacile ukuthi lapho uZamcolo ufika “wabakhukhula bonke.” Babengekho emkhunjini wesivikelo noNowa nomkhaya wakhe. Futhi, lapho isahlulelo sikaNkulunkulu sehlela iSodoma neGomora, bakhona yini abasinda ngemva kokuba ukubhujiswa ngomlilo kuqalile ukwehla kuvela ezulwini? Cha, ngoba bonke babhujiswa ngaphandle kukaLoti namadodakazi akhe, abase beyishiyile kakade leyondawo. Ngisho nomkaLoti, owayeseqale ukuyishiya kodwa wayesengabaza, wabulawa amabutho abhubhisayo. Kungenxa yesizathu esihle ukuthi uJesu wathi: “Khumbulani umkaLoti.”—Mathewu 24:37-39; Luka 17:32.
6. Ubufakazi obunamandla obusemBhalweni bumelene nayiphi inkolelo?
6 Nokho ingase ibe khona yini inkathi yesikhathi ngemva kokuba “iBabiloni Elikhulu,” umbuso wezwe wenkolo yamanga, liwile, lapho abantu beyoba nethuba lokuphaphama ngokomoya futhi bafune uJehova? Ubufakazi obunamandla emiBhalweni bumelene nalokhu. Ukwenezela ezibonelweni ezandulelayo, kukhona futhi leso sesizwe samaJuda sekhulu lokuqala. LawomaJuda enkolo aba nomuzwa wokuthi ayekhonza uNkulunkulu ngokwanele futhi engadingi ukulalela ukushumayela kukaJesu noma kwabalandeli bakhe. Nokho, uJesu wayexwayisile: “Kepha nxa nibona iJerusalema lihaqiwe izimpi, yazini ukuthi sekusondele ukuchithwa kwalo. Khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni, abaphakathi kwalo baphume, abasemaphandleni bangangeni kulo.” (Luka 21:20-22) Kodwa lapho amabutho amaRoma ayekade ehaqe iJerusalema ehlehla ngonyaka ka-66 C.E., amaJuda ayeqiniseke ngokweqile ‘awaqalanga ukubaleka.’ Ngemva kokubangela amabutho amaRoma ahlehle edidekile ngokuhlasela abalindi bangemuva bawo, amaJuda awabonanga ndingeko yokubaleka. Akholwa ukuthi uNkulunkulu wayenawo, aze ngisho azenzela imali entsha yesiliva iphawulwe ukuthi “iJerusalema eliNgcwele.” Kodwa isiprofetho esiphefumlelwe sikaJesu sabonisa ukuthi iJerusalema lalingasengcwele kuJehova.
7. Yini eyehlela amaJuda enza okungaphambene nokwakuyalwe uJesu?
7 Ekhohliswe inkolo yamanga, amaJuda awalishiyanga iJerusalema neJudiya lapho ayenethuba lokwenzenjalo. Eqinisweni, entwasahlobo yonyaka ka-70 C.E., enza okuphambene! Aya ngobuningi eJerusalema ngenxa yomkhosi wenkolo. Kodwa ngalesosikhathi, amabutho anamandla amaRoma ngaphansi kukaJenene Titus abuya, azungeza iJerusalema futhi abamba bonke labo bantu, njengezilwane ezibanjwe ogibeni. Ngemva kokuhaqwa isikhashana, iJerusalema labhujiswa. Ufakazi wokuzibonela kulezehlakalo, umlobi-mlando uFlavius Josephus, waloba: “Manje inani lalabo abathunjwa phakathi nayo yonke lempi laba izinkulungwane ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesikhombisa; njengoba inani lalabo ababhujiswa phakathi nakho konke ukuvinjezelwa laba yi-1 100 000, inani elikhulu elalingelesizwe esifanayo [nezakhamuzi zaseJerusalema], kodwa bengebona abasemzini ngokwawo; ngoba babevela kulo lonke izwe beze emkhosini wesinkwa esingenamvubelo, futhi ngokuzumayo bavinjezelwa amabutho, . . . isizwe sonke manje sasivimbezeleke ngaphansi kwesasikumiselwe njengasejele, futhi amabutho amaRoma azungeza umuzi.”—Wars of The Jews, Book VI, Isahl. IX, izig. 3, 4, ehunyushwe uWilliam Whiston.
8. Waba yini umphumela wamaKristu alalela uJesu, ngokuphambene nomphumela walabo abazama ukubaleka ekugcineni?
8 Nokho, amaKristu ayephapheme futhi azigcina eqaphile kakade ayesengaphandle kweJerusalema nalo lonke elakwaJuda, ngemva kokubalekela ezindaweni zokulondeka lapho ithuba lifika ngemva konyaka ka-66 C.E. Ngokukholelwa amazwi angokwesiprofetho kaJesu nokwenza ngokuvumelana nawo, asinda. Kodwa lapho lolo“sizi olukhulu” lwehlela amaJuda ngo-70 C.E., sasingasekho isikhathi sokuba abaleke. Izinkulungwane ezithile ezazama ukubaleka emzini ekuvinjezelweni ngamaRoma zabanjwa amasosha, aze ngisho ahlinza amanye alawomaJuda ukuze athole igolide iningi lawo elase liligwinyile.
UKUSINDA “USIZI” OLUBUHLUNGU KAKHULU
9, 10. (a) “Usizi olukhulu” luyoba lukhulu kangakanani? (b) Kungani kungabonakali kukhona noma iyiphi inkathi yokuthula ngemva kokubhujiswa kwe“BABILONI ELIKHULU”?
9 Ngempela lolo kwakuwusizi “olukhulu” olwehlela amaJuda, njengoba nje uJesu ayebikezele. (Luka 19:43, 44) Nokho amazwi kaJesu abonisa ukuthi “usizi olukhulu” kakhulu lwaluyofika esikhathini sethu phakathi nolukaJehova ‘usuku lokuphindisela.’ Lapho ephendula umbuzo ngesi‘bonakaliso’ ‘sokuba-khona’ kwakhe, uKristu wathi: “Lapho kuyakuba-khona usizi olukhulu olungazange lube-khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube-manje nolungasayikuba-khona.” (Mathewu 24:3, 21) Lolu“sizi” alunakufika kuphela phezu kwe“BABILONI ELIKHULU” kodwa futhi naphezu kwaso sonke isimiso sikaSathane, kuhlanganise namalungiselelo aso ezombangazwe, ezenhlalo nezomnotho.
10 Lapho ukubhujiswa kuqala ‘ngokuzumayo’ ngenkolo yamanga, kuqhubekela ngokungahlehli esiphelweni sakho. (1 Thesalonika 5:3) Lapho siphikisa ngokuba khona kwenkathi yokuthula elandela ukugumbuqelwa kwe“BABILONI ELIKHULU” isiprofetho seBhayibheli sibonisa ukuthi amabutho amelene noNkulunkulu alibhubhisayo awanakubonisa umusa ngisho nakoFakazi BakaJehova abazinikezele. Ngokuphambene lamabutho amelene noNkulunkulu ayobazonda abantu bakaNkulunkulu futhi ayophendukela nakubo. IBhayibheli libonisa ukuthi sona ‘lesisilo sasendle, . . . esinezimpondo eziyishumi, esenza “iBABILONI ELIKHULU” incithakalo ‘siyolwa neWundlu’ uJesu Kristu, njengoba emelelwe abalandeli bakhe basemhlabeni. (IsAmbulo 13:1; 17:12-14, 16; 19:19) Lababulali abasanganiswe ukunqoba inkolo yamanga ngokungangabazeki bayocabangela izinceku zikaNkulunkulu njengenye inkolo okumelwe iphaqulwe ukuze kungabikho siphazamiso ekubuseni kwabo umhlaba wonke.—Hezekeli 38:14-16.
11. “Usizi olukhulu” luwufinyelela kanjani umvuthwandaba walo?
11 Nokho, lokhu kuhlasela izinceku zikaNkulunkulu kufana nokuhlasela uNkulunkulu, ngoba uthi: “Othinta nina uthinta inhlamvu yeso lakhe.” (Zakariya 2:8; Hezekeli 38:18, 19) Lokho kuletha isinyathelo esisheshayo esivela kuJehova. Kuvusa ulaka lweArmagedoni yakhe phezu kwabahlaseli. (IsAmbulo 16:14, 16) Uyala iNkosi eyiNdodana yakhe, uKristu Jesu, namabutho akhe asezulwini ukuba bayohlasela! Ngamandla achobozayo, uKristu namabutho akhe asezulwini babulala amakhosi omhlaba nawo wonke amalungu asele alesisimiso esingamesabi uNkulunkulu, nanoma ubani owasekelayo. Lapho imemeza ngezwi elikhulu, ingelosi imema izinyoni zezulu: “Wozani, nibuthane esidlweni esikhulu sikaNkulunkulu ukuba nidle inyama yamakhosi, nenyama yezinduna, nenyama yamaqhawe, nenyama yamahashi neyabakhwele kuwo, nenyama yabo bonke abakhululekileyo nabayizigqila, abancane nabakhulu.” (IsAmbulo 19:17, 18) Khona-ke, “usizi olukhulu” lufinyelela umvuthwandaba walo. Olulungileyo ‘usuku lokuphindisela’ lukaNkulunkulu phezu kwalesisimiso sezinto sobuSathane lufinyelela esiphelweni salo.
12. Kunini lapho abantu abaqotho kumelwe ‘bafune khona uJehova’?
12 Kusukela ekuqaleni “kokubhujiswa okuzumayo,” okuqala ngokubhujiswa kwe“BABILONI ELIKHULU,” kuye ekuhlaseleni kwezizwe izinceku zikaJehova nokuqhubekela empini kaNkulunkulu iArmagedoni, akubonakali kukhona noma ikuphi ukuma “osizini olukhulu.” Ngakho akukho sizathu sokuphetha ngokuthi kuyoba khona isikhathi esanele sokuphendukela kuNkulunkulu ngemva kokuba inkolo yamanga ibhujisiwe. Kunalokho, labo abafuna ukusindela ohlelweni lukaNkulunkulu olusha bephila kumelwe baphendukele kuJehova manje. “Mfuneni uJehova esenokutholwa, nimbize eseseduze.” (Isaya 55:6) Manje kulapho abantu abaqotho kumelwe bathuthukise ukuphila kokholo, isibindi, uthando nenkonzo. Manje kulapho bedinga ukuzilungiselela ngokwabo ukumelana nokucindezelwa okuyokuza kubantu bakaNkulunkulu phakathi no“sizi olukhulu” oluza ngokushesha.
13. Izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile zifaniswa nani, futhi ngaziphi izindlela?
13 IZwi likaNkulunkulu lifanisa izinceku zakhe ezithembekile namasosha aqeqeshwe kahle aqaphile, aphethe izikhali zokuzivikela, futhi alindele ukulalela noma isiphi isiyalo asinikezwa umholi wawo. Awafani namabutho angazilungiselele alele emakamu ngesikhathi sengozi nesiphuthumayo. UPawulu wathi: “Ngalokho-ke masingalali njengabanye, kodwa masiqwashe, siqonde. Ngokuba abalalayo balala ebusuku, nabadakwayo badakwa ebusuku; kepha thina esingabemini masiqonde, sifake isivikelo sesifuba sokukholwa nesothando, isigqoko sibe-yithemba lokusindiswa; ngokuba uNkulunkulu kasimiselanga ulaka kepha ukuba sizuze ukusindiswa ngeNkosi yethu uJesu Kristu.”—1 Thesalonika 5:6-9.
14. Yini ebonisa ukuthi izinceku zikaNkulunkulu ngokuqinisekile ziyokwaziswa ngokufanelekile ukuze zenze intando kaNkulunkulu?
14 Futhi, izinceku zikaNkulunkulu zinokuqiniseka okugcwele kokuthi uyogcina iNhlangano yakhe inokwaziswa okuhle ukuze ithathe izinyathelo ezifanelekile zokusinda. Singaqiniseka ngalokhu ngoba isiprofetho esiphefumlelwe kusAmbulo, isahluko sesikhombisa, sibonisa ukuthi ‘isixuku esikhulu ebesingenakubalwa-muntu, sivela kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu, nezilimi, . . . siphuma osizini olukhulu’ futhi sisindela ohlelweni olusha lukaNkulunkulu. (IsAmbulo 7:9, 14) Futhi kungani “isixuku esikhulu” sisinda? Ngoba ‘sinikela kuNkulunkulu inkonzo engcwele ubusuku nemini,’ futhi kanjalo ‘umisa itabernakele lakhe phezu kwaso.’ (IsAmbulo 7:15) Njengoba saziswe kahle, siyayazi indlela yokukhonza uNkulunkulu ngokwamukelekayo. Asilindi okuyokwenzeka sigoqe izandla. Siyazi ukuthi lowo owenza intando kaNkulunkulu ‘uyohlala kuze kube phakade.’—1 Johane 2:17.
UMSEBENZI OWANDISIWE
15. OFakazi BakaJehova baye bawulalela kanjani umyalo ‘wokushumayela izindaba ezinhle zombuso kuwo wonke umhlaba owakhiwe’?
15 Okuhlanganisiwe njengengxenye yentando kaNkulunkulu yosuku lwethu ukugcwaliseka kwesiprofetho sikaJesu: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.” (Mathewu 24:14) EmaKristwini eqiniso, lamazwi angokwesiprofetho, ngempela, awumyalo wokutshela abanye ngezindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu nohlelo olusha oluzayo. Futhi ngokuqinisekile uye walalelwa oFakazi BakaJehova kulezi‘nsuku zokugcina.’ (2 Thimothewu 3:1; qhathanisa noMathewu 28:19, 20.) Ngokungenabugovu baye basebenzisa isikhathi sabo namandla ekuyaleni abanye ngezinjongo ezimangalisayo zikaNkulunkulu ngalomhlaba. Njengomphumela wawo wonke lomsebenzi onzima, abantu abangaphezu kwezigidi ezinhlanu kuwo wonke umhlaba babonisa isithakazelo ohlelweni olusha lukaNkulunkulu naselungiselelweni lakhe losindiso ngoJesu Kristu ngokuhlangana ndawonye ngaloApril odlule ukuba bagcine iSikhumbuzo sokufa kukaKristu.
16, 17. (a) Iziphi iziyalo ezanikezwa esizweni sakwaIsrayeli ngaphambi kokuba uNkulunkulu abhubhise iJeriko? (b) Lezoziyalo zagcinwa kanjani?
16 Njengoba inhlangano kaJehova eqhubekela phambili isondela eminyakeni yokugcina yomsebenzi wayo wokushumayela kuwo wonke umhlaba, akungabazeki ukuthi ubungako bomsebenzi buyokhula. Khumbula lokho amaIsrayeli ayalwa ukuba akwenze ngaphambi nje kokuba uNkulunkulu abhubhise iJeriko. Okokuqala, ayalwa ukuba azungeze umuzi kanye ngosuku izinsuku eziyisithupha. Khona-ke atshelwa: “Ngosuku lwesikhombisa niyakuzungeza umuzi kasikhombisa, abapristi babethe amacilongo. Kuyakuthi lapho bekhalisa kade uphondo lwejubili nalapho nilizwa izwi lecilongo, bonke abantu bakhamuluke ngokukhamuluka okukhulu, ugange lomuzi luwele phansi endaweni yalo.”—Joshuwa 6:2-5.
17 Ngalolosuku lwesikhombisa okuwusuku lokugcina, amaIsrayeli kwakumelwe andise umsebenzi wawo ngokuphindwe kasikhombisa! Khona-ke kwakumelwe “akhamuluke ngokukhamuluka okukhulu.” Enza njengoba nje ayeyaliwe. “Kwathi ngosuku lwesikhombisa bavuka ngokuntwela kokusa, bawuzungeza umuzi ngandlelanye kasikhombisa; . . . Kwathi ngokwesikhombisa abapristi sebebethile amacilongo, uJoshuwa wathi kubantu: Khamulukani, ngokuba uJehova uninikile umuzi. . . . Kwathi lapho abantu bezwa ukukhala kwecilongo, abantu bakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu, ugange lwawela phansi endaweni yalo.”—Joshuwa 6:15, 16, 20.
18. Yini esiyilindele maqondana nendlela nobungako bomsebenzi wokushumayela ngaphambi kokuba lesisimiso sifinyelele ukuphela kwaso?
18 Singalindela ukwanda okufanayo komsebenzi wethu wokushumayela manje, kulomvuthwandaba wezikhathi. Akungabazeki, ngaphambi kokuba “usizi olukhulu” luphele, siyobona ubufakazi obukhulu kakhulu egameni likaNkulunkulu nombuso emlandweni walelizwe. Futhi njengoba manje ubufakazi busahlanganisa isimemo sokuya enhlanganweni kaJehova ukuze sisindiswe, ngokungangabazeki isikhathi siyofika lapho isigijimi siba namandla kakhulu, njengo“kukhamuluka okukhulu.” IsAmbulo 16:21 sibonisa ukuthi “isichotho esikhulu esisinda njengethalenta [cishe 45,3 kg] sivela ezulwini sehlela phezu kwabantu; abantu bamhlambalaza uNkulunkulu ngenxa yohlupho lwesichotho, ngokuba uhlupho lwaso lulukhulu kakhulu.” Isichotho singamanzi aphenduke iqhwa, aqinile. Ngakho-ke lokhu kufanekisela indlela ekugcineni isigijimi sesahlulelo sikaJehova esithululwa phezu kwesintu esingalaleli esiyoba ngayo njengethala lesichotho esivithizayo. Iqiniso lokuthi uhlupho lwesichotho lukhulunyelwe ‘njengolukhulu kakhulu’ lisikisela ukuthi ekugcineni kuyoba khona ukumenyezelwa okunzima kolukaJehova ‘usuku lokuphindisela’ kwenziwa izinceku zikaJehova.
19. Maqondana nesikhathi esizayo esiseduze, ‘kumelwe sibe abantu abanjani’?
19 Ngakho-ke, senza kahle ngokusho njengoba uPetru asho, “Njengokuba konke kuyakubhidlika kanjalo, kumelwe ukuba nibe-ngabantu abanjani ekuhambeni okungcwele nasekumesabeni uNkulunkulu”! (2 Petru 3:11) Ngokuqinisekile, sidinga ukuhlale “siduduzana futhi sakhana.” Kumelwe ‘sijonge njalo ukwenza okuhle omunye komunye kubo bonke.’ (1 Thesalonika 5:11, 15) “Ngakho-ke njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke, ikakhulu kwabendlu yokukholwa.” (Galathiya 6:10) Ngakho-ke, ungehluleki ‘ukuhlala uphapheme futhi uqaphile.’—1 Thesalonika 5:6.
[Isithombe ekhasini 16]
Noma ubani ofuna ukusindela ohlelweni olusha lukaNkulunkulu kumelwe manje abalekele ekukhulekelweni kweqiniso kukaJehova
[Isithombe ekhasini 18]
AmaKristu alalela uJesu aphuma ngesikhathi eJerusalema futhi awakutholanga okwakulihlalele ngo-70 C.E.
[Isithombe ekhasini 19]
IZwi likaNkulunkulu lifanisa izinceku zakhe eziqaphile nesosha eliqeqeshwe kahle eliphethe isikhali sokuzivikela futhi elikulungele ukulalela
[Isithombe ekhasini 20, 21]
Lapho amaIsrayeli eqala ‘ukukhamuluka ngokukhamuluka okukhulu,’ izindonga zeJeriko zawa