-
Hlala Ulindele UJehovaIsiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu I
-
-
5, 6. (a) Kungani ukwakha umfelandawonye neGibithe kuyiphutha eliholela ekufeni? (b) Yiluphi uhambo lokuqala olwathathwa abantu bakaNkulunkulu oluqokomisa ubuwula balolu hambo lokuya eGibithe?
5 Njengokungathi ususa noma imuphi umbono wokuthi lolu hambo lwaseGibithe lumane nje lungolokuvakasha okungatheni, u-Isaya unikeza imininingwane eyengeziwe. “Isimemezelo ngezilwane zaseningizimu: Zithwala umnotho wazo emahlombe ezimbongolo ezikhule ngokugcwele, nempahla yazo ezifumbini zamakamela zidabule ezweni lokucindezeleka nelezimo ezinzima, lengonyama nengwe egwavumayo, lenyoka enesihlungu nenyoka yomlilo endizayo.” (Isaya 30:6a) Ngokusobala, lolu hambo luhlelwe kahle. Izithunywa zihlela uhide lwamakamela nezimbongolo, ezizithwalise izimpahla ezibizayo bese zilibangisa phansi eGibithe zinqamule ihlane elomile eligcwele izingonyama ezigwavumayo nezinyoka ezinesihlungu. Ekugcineni, izithunywa ziyafika lapho ziya khona bese zinikeza abaseGibithe amagugu azo. Zithenge isivikelo—noma zicabanga kanjalo. Kodwa uJehova uthi: “Ngeke kusizuzise ngalutho lesi sizwe. AbaseGibithe bamane nje bayize, usizo lwabo luyoba yize. Ngakho-ke ngibizé lo ngokuthi: ‘URahabi—okwabo ukumane bahlale bathule.’” (Isaya 30:6b, 7) “URahabi,” “isilo sasolwandle,” ufanekisela iGibithe. (Isaya 51:9, 10) Uthembisa zonke izinto kodwa akenzi lutho. Ukubumba kukaJuda umfelandawonye naye kuyiphutha eliholela ekufeni.
6 Njengoba u-Isaya echaza uhambo lwezithunywa, kungenzeka izilaleli zakhe zikhumbule uhambo lwangezinsuku zikaMose. Okhokho bazo badabula lona leli ‘hlane elesabekayo.’ (Duteronomi 8:14-16) Nokho, osukwini lukaMose, ama-Israyeli ayelishiya iGibithe futhi ephuma ebugqilini. Manje lezi zithunywa ziya eGibithe futhi empeleni ziya ebugqilini. Yeka ubuwula! Kwangathi singelokothe senze isinqumo esibi kanjalo, sithathe ubugqila silahle inkululeko yethu engokomoya!—Qhathanisa neyabaseGalathiya 5:1.
-
-
Hlala Ulindele UJehovaIsiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu I
-
-
[Izithombe ekhasini 305]
Osukwini lukaMose, ama-Israyeli abaleka eGibithe. Osukwini luka-Isaya, uJuda uya eGibithe eyofuna usizo
-