Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Thola Injabulo Njengoba Usalinde UJehova Ngesineke
    INqabayokulinda (Efundwayo)—2024 | Febhuwari
    • KUNGANI UJEHOVA ELINDELE UKUBA SILINDE?

      IBhayibheli lithi: “UJehova ulinde ngesineke ukuze anibonise umusa, uyothatha isinyathelo ukuze anibonise isihe. Ngoba uJehova unguNkulunkulu wobulungisa. Bayajabula bonke abahlala bemlindele.” (Isaya 30:18) La mazwi ka-Isaya ayeqondiswe kumaJuda anenkani. (Isaya 30:1) Kodwa ayekhona amaJuda athembekile futhi la mazwi awanika ithemba. La mazwi afanayo azinika ithemba izinceku zikaJehova ezithembekile namuhla.

      Ngakho kumele silinde ngesineke ngoba noJehova ulinde ngesineke. Unesikhathi asimisile azoqeda ngaso leli zwe, ulinde lolo suku nalelo hora. (Math. 24:36) Ngaleso sikhathi, kuyocaca bha ukuthi izinto uDeveli asola ngazo uJehova nabaKhulekeli bakhe zingamanga. UJehova uyosusa uSathane nabo bonke abasohlangothini lwakhe, kodwa thina ‘uyosibonisa isihe.’

      Okwamanje uJehova angase angalususi uvivinyo esibhekene nalo, kodwa usiqinisekisa ngokuthi singakwazi ukujabula njengoba sisalindile. Njengoba u-Isaya asho, singajabula njengoba sisalangazelela ukuba kwenzeke okuthile okuhle. (Isaya 30:18)a Singayithola kanjani leyo njabulo? Zine izinto ezingasisiza.

  • Thola Injabulo Njengoba Usalinde UJehova Ngesineke
    INqabayokulinda (Efundwayo)—2024 | Febhuwari
    • a Igama lolimi lokuqala elihunyushwe ngokuthi ‘ukuhlala ulindele’ lingasho “ukulangazelela noma ukuba nethemba lokuba kwenzeke okuthile,” okubonisa ukuthi kungokwemvelo ngathi ukulangazelela ukusindiswa.

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela