-
Ukusekela Kwembulunga Yonke Impikiswano YoMbusoINqabayokulinda—1983 | Meyi 15
-
-
“Wandisa isizwe, Jehova, wandisa isizwe, wadunyiswa, wanula yonke imikhawulo yezwe.”—ISAYA 26:15.
-
-
Ukusekela Kwembulunga Yonke Impikiswano YoMbusoINqabayokulinda—1983 | Meyi 15
-
-
2. Ziyini izizathu zokuba lesi“sizwe” sijabule?
2 Ekugcwalisekeni kwengoma eyisiprofetho kaIsaya 26:1-6, amalungu esizwe esizelwe ngokusha aye angena emasangweni avulwe agengeleza ekusondeleni kwawo “entabeni yaseSiyoni nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini.” (Heberu 12:22) Lezi zindlalifa zoMbuso ngokujabula ziqaphela amazwi engoma: “Thembani kuJehova kuze kube-phakade, ngokuba uJehova, yebo, uJehova uyidwala elingunaphakade.” UJehova uye “wandisa isizwe,” saze saba namalungu aphelele, futhi lezizakhamuzi zesizwe esingcwele zidumisa uJehova njenge“dwala” lazo ne“Nkosi,” ziqiniseka ukuthi usezogcwalisa zonke izinjongo zakhe ezinhle.—Isaya 26:15; 25:8.
3. Kungayiphi indlela eyengeziwe uJehova aye wadunyiswa ngayo?
3 Eminyakeni yamuva uJehova uye ‘welula imikhawulo’ yendawo yakhe engokwasezulwini ngokwengeziwe. Lokhu uye wakwenzela ukuba kube nendawo yo“kunxanelekayo” okuvela kuzo zonke izizwe zomhlaba—“isixuku esikhulu” esiba yingxenye yabantu bakhe abazinikezele. ‘Sigcwalisa indlu yakhe ngenkazimulo’ njengoba naso sifakaza ngegama lakhe noMbuso.—Hagayi 2:7; IsAmbulo 7:9, 10.
-