Thembela KuJah Jehova!
“Thembani kuJehova kuze kube-phakade, ngokuba uJehova, yebo, uJehova [“uJah Jehova,” NW] uyidwala elingunaphakade.”—ISAYA 26:4.
1, 2. Iyiphi ingoma yokwethaba yokudumisa ebekwe obala kuIsaya 26:1-6, futhi ngani?
UKUTHOTSHISWA ‘kwemizi yezizwe ezinonya’ kwenza ukuba kuhlatshelelwe ingoma yokunqoba! (Isaya 25:3) Ngokufanelekileyo-ke, isiprofetho esikuIsaya isahluko 26, amavesi 1 kuya ku-6, siveza ingoma yokwethaba yokudumisa iNkosi eBusayo uJehova. Ngisho namanje iyahlatshelelwa “ezweni lakwaJuda,” njengoba elithi Juda lisho “Odunyisiwe.” Nalapha, futhi, iBhayibheli iKing James Version lisebenzisa amazwi athi “INKOSI UJEHOVA” lapho igama laphezulu liphindwe khona. Kodwa yeka ukuthi amazwi aleyongoma ahlaba umxhwele kanjani njengoba evela kuNew World Translation, lapho lapha nakuzo zonke ezinye izindawo igama laphezulu lihunyushwe ngendlela efanelekile!
2 Manje, lalela leyongoma emnandi: “Umuzi onamandla sinawo; [uJehova] uyasimisela insindiso ibe-yizingange nezindonga. Vulani amasango ukuba isizwe esilungileyo esigcina iqiniso singene. Inhliziyo eqinileyo uyayilinda ngokuthula okupheleleyo, ngokuba yethemba kuwe. Thembani kuJehova kuze kube-phakade, ngokuba uJehova, yebo, uJehova [“uJah Jehova,” NW] uyidwala elingunaphakade. Ngokuba uthobisile ababehlezi phezulu, umuzi ophakemeyo; uyawubhidliza, uyawubhidliza kuze kube-semhlabathini, awusondeze nasothulini. Unyawo luyakuwunyathela phansi, izinyawo zabaswelayo, izinyathelo zabampofu.” Yeka injabulo okuyiyo ukuba phakathi kwabantu abethembayo labo manje abahlanganyela ekuhlabeleleni lengoma—oFakazi BakaJehova!
3. (a) Yisiphi “isizwe esilungileyo,” futhi obani abaye bangena ‘ngamasango’ aso avulekile? (b) Kungayiphi indlela inhlangano kaJehova iqhubekela phambili ngobunye naphezu kwemizamo yesitha yokuyichitha?
3 INkosi uJehova—uJah Jehova—ngempela uyothobisa abazidlayo futhi akhulule labo abathembela kuye njalo. Nakuba uIsrayeli ongokomoya ake aba “omncane,” uye waba “yisizwe esinamandla,” “isizwe esilungileyo.” ‘Ngamasango’ avulekile enhlangano kaJehova enjengomuzi, kuye kwangena nesixuku esinamandla sabangane abanhliziyo-nhle abangaphezu kwezigidi ezintathu. Ndawonye, benza ubuzalwane bomhlaba wonke, abanani labo lidlula okungenani elezizwe ezingama-57 ezenza lokho okubizwa ngokuthi iZizwe Ezihlangene. Kodwa “isizwe” sikaNkulunkulu nalabo abahlanganyela naso, banobunye ngempela. Kuwo wonke umhlaba, ukuthambekela kwabo kuwukuhlonipha izimiso zakhe zokulunga. “Izindonga” zenhlangano ‘yesizwe’ sikaNkulunkulu ziyisivikelo emizamweni kaSathane yokuphazamisa ukuziphatha kwaso kokwethembeka ekusekeleni iqiniso. Isitha asinakukuphazamisa ukuqhubekela phambili ngokwethembeka kwabantu bakaNkulunkulu! Ngaso sonke isikhathi ithemba lethu ‘likuJah Jehova, iDwala elingunaphakade.’—Isaya 54:17; 60:22.
4, 5. (a) Uyini “umuzi ophakemeyo,” futhi abantu bakaJehova bawunyathela kanjani ngendlela engokomfanekiso? (b) Kunini lapho isiprofetho sikaIsaya 26:10 sithola khona ukugcwaliseka kwaso kwezinga elikhulu, futhi kanjani? (c) Yikuphi okunye ukusebenza lesiprofetho esinakho?
4 Njengoba simemezela isixwayiso sokuthi sekuseduze ukuba uJehova athobise “umuzi ophakemeyo,” “iBabiloni Elikhulu” kuyakhuthaza ukubona abahluphekayo nabampofu bomhlaba bamukela izindaba ezinhle zoMbuso. (IsAmbulo 18:2, 4, 5) Ngendlela engokomfanekiso nabo futhi, bayawunyathela ‘lowomuzi ophakemeyo,’ hhayi ngokuhlanganyela emsebenzini wokuwubhubhisa, kodwa ngokuba nengxenye ekumemezeleni usuku lwempindiselo kaJehova phezu kwalesosimiso esonakele. (Isaya 61:1, 2) Sekungamashumi eminyaka manje oFakazi BakaJehova bebonisa umusa ngisho nakubantu ababi ngokubahambela emakhaya abo nesigijimi soMbuso esisindisa ukuphila. Kodwa umphumela uye waba njengoba kuboniswe kuIsaya 26:10: “Uma omubi ephiwa umusa, akafundi ukulunga; ezweni lobuqotho uyakwenza ukonakala, angaboni ukuphakama kukaJehova.”
5 Lesiprofetho sokubuyiselwa sithola ukugcwaliseka kwaso okukhulu namuhla. Nakuba benikezwe ithuba, bambalwa abantu abafuna ukuguqula ukuphila kwabo ukuze bathole umusa kaJehova “ezweni lobuqotho.” Labo abahlambalaza uJehova kanye nofakazi bakhe abathembekile ‘ngeke bakubone ukuphakama kukaJehova,’ ngoba ngeke basinde ukuze bajabulele izibusiso ezimangalisayo eziyogelezela esintwini ngemva kokuba igama likaJehova lingcwelisiwe. (Isaya 11:9) Lesiprofetho singasebenza, futhi, nasemhlabeni oyiPharadesi kulabo abavuswe emathuneni. Bonke abenqaba ukuvumelana nezimfuneko zikaNkulunkulu, njengoba zivezwe ngokusobala “ezincwadini” zaphezulu zangalesosikhathi, amagama abo ngeke alotshwe “encwadini yokuphila.”—IsAmbulo 20:12, 15; qhathanisa noHezekeli 33:11.
UJehova Umisa Ukuthula
6. Yimaphi amazwi abantu bakaJehova abathembekile abawasho ngenjabulo, futhi kungani kunjalo?
6 Nokho, abantu bakaNkulunkulu abathembekile banesithakazelo esijulile ekuboneni uJah Jehova ephakanyiswa, elwelwa. Bamnxusa ukuba ‘amise ukuthula’ kubantu bakhe, futhi bakhamuluka ngenjabulo: “Wandisa isizwe, Jehova, wandisa isizwe, wadunyiswa, wanula yonke imikhawulo yezwe.” (Isaya 26:12, 15) Emazweni angama-210 emhlabeni wonke, uJehova uyaqhubeka enezela abantu abanjengezimvu esizweni sakhe esingokomoya. Amakhulu ezinkulungwane amalungu amasha ayabhapathizwa. Kunamaphayona akhethekile, avamile, nasizayo angaphezu kwengxenye yesigidi akhonzayo ngezinyanga zomsebenzi owandisiwe. AmaHholo oMbuso engeziwe namaHholo oMhlangano ayakhiwa. Amagatsha eWatch Tower andisa amaKhaya awo aseBethel namafektri futhi enezela nemishini yokunyathelisa. Ukwanda kuyaqhubeka!
7. Yini ebangela ukwanda kwenhlangano kaJehova enjengomuzi?
7 Lokhu kwanda kuza ngenxa yokuthi “iNkosi yokuthula” iqondisa izindaba zabantu bakaNkulunkulu emhlabeni. Njengoba uIsaya esho ngaphambili esiprofethweni sakhe: “Umbuso uyakuba-mkhulu, ukuthula kungabi-nakuphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze uqiniswe, usekelwe ngokwahlulela nangokulunga, kusukela manje kuze kube-phakade. Ukushisekela kukaJehova-Sebawoti kuyakwenza lokhu.” (Isaya 9:6, 7) Yeka ukuthi lawomazwi aye agcwaliseka ngendlela enhle kanjani namuhla! Labo abathembela kuJehova kakade sebeyakunambitha ukuthula, ukwahlulela ngokulunga, nokulunga kwalokho kubusa. Kuye kwabaletha ndawonye ebunyeni bothando obujatshulelwa kuphela abafundi bakaJesu beqiniso. (Johane 13:34, 35) Ngaphezu kwalokho, babheke phambili ngokulangazelela okukhulu esikhathini esisondela ngokushesha lapho ukubusa koMbuso kaJesu “nokumazi uJehova” kuyogcwala umhlaba wonke.—Isaya 11:9; Daniyeli 2:35, 44, 45.
8. Yini eboniswa amazwi kaJehova kuIsaya 26:20, futhi ‘amakamelo’ ahlangene nani?
8 Njengoba ukwanda koMbuso kuqhubekela emvuthwandaba, ubizo lukaJehova kuIsaya 26:20 luyezwakala: “Wozani, bantu bami, ningene emakamelweni enu, nizivalele iminyango, nicashe ngokuphazima kweso, kuze kudlule ulaka.” Ngokungangabazeki ‘amakamelo’ alesiprofetho ahlangene ngokuseduze namabandla angaphezu kwezi-54 000 anjengemizi ekhonza oFakazi BakaJehova kuwo wonke umhlaba namuhla. Lokho uJehova anakho engqondweni kusazobonakala. Kodwa singaqiniseka ngokuthi lapho ebhubhisa ababi, uyobavikela abantu bakhe abethembayo, njengoba nje enza osukwini lukaIsaya lapho ebuyisela iAsiriya elinonya emuva.—Isaya 10:24-26.
Ukukhululwa Kuqinisekile!
9. (a) INkosi uHezekiya yakubonisa kanjani ukuthembela kwayo kuJehova? (b) Lapho sishushiswa noma sithukwa abantu abazonda uJehova, yikuphi ukusabela kwethu okufanelekile?
9 Izinceku zikaJehova namuhla zithembela kuye ngesizathu esifanayo naleso seNkosi uHezekiya. Wathembela ngokuphelele kuJehova njengeNkosi yakhe eBusayo. Ngakho, ngesikhathi sokuqina kokusongela kwama-Asiriya, wathandaza kuJehova ngalamazwi: “Jehova-Sebawoti, Nkulunkulu kaIsrayeli, ohlezi phezu kwamakherubi, wena unguNkulunkulu, wena wedwa, wemibuso yonke yomhlaba, wena wenzile izulu nomhlaba. Beka indlebe yakho, Jehova, uzwe; vula amehlo akho, Jehova, ubone, uzwe onke amazwi kaSaneheribi athumé ukweyisa ngawo uNkulunkulu ophilayo.” (Isaya 37:16, 17) Lapho ushushiswa, ugconwa, noma uthukwa abantu abazonda uJehova, ingabe umthandazo onjalo awufiki yini enhliziyweni yakho? Uthembela ngokuphelele kuJehova, ingabe awumceli yini ukuba asuse isihlamba egameni lakhe? Yileyondlela uJesu azizwa ngayo lapho esezokufa esigxotsheni sokuhlushwa. Waze wacela ngisho nokuthi sengathi isitsha ayesezosiphuza ‘singadlula’ kuye ngenxa yesihlamba esikhulu esasizolethwa kuYise.—Mathewu 26:39-44.
10. (a) Umthandazo kaHezekiya wembula ukuthi yini ayeyikhathalela ngokuyinhloko? (b) Singaba kanjani njengoHezekiya lapho sibhekene novivinyo ngaphambi nje kweArmagedoni?
10 Umthandazo kaHezekiya wabonisa ukuthi wayengenaso isisusa sobugovu ngokucela ukukhululwa kuma-Asiriya. Wayengazami nje ukuba asindise ukuphila kwakhe kuphela. Kunalokho, wayekhathalela ukuba igama likaJehova lingcweliswe futhi ubukhosi baKhe bendawo yonke bulwelwe. Kungakho umthandazo wakhe waphetha ngalamazwi: “Manje, Jehova Nkulunkulu wethu, sisindise esandleni sakhe ukuba yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi wena unguJehova, wena wedwa.” (Isaya 37:20) Ngokufanayo, njengoba sibhekana novivinyo olwandulela impi yokugcina yeArmagedoni, masikhumbule ukuthi ukusindiswa kwethu siqu kuza ngemva kokungcweliswa kwegama likaJehova. Njengoba iNkosi yethu eBusayo yamemezela cishe izikhathi ezingama-60 ngomprofethi wayo uHezekeli: “Zazi ukuthi nginguJehova.”—Hezekeli 38:23.
11. (a) Yiliphi iphutha uSaneheribi alenza, futhi uJehova wathini ngalokhu? (b) Sinombono walokho okwavelela uSaneheribi, yiliphi ithemba okumelwe sibe nalo?
11 Ngemva kokuba uHezekiya ethandazile, uIsaya wazisa inkosi ngezwi uJehova ayelikhulumile ngoSaneheribi. Yeka iphutha lowomhlambalazi waseAsiriya ayelenzile ngokuhlambalaza uNkulunkulu ophilayo! Ngokuphathelene noSaneheribi, uJehova wathi ngoIsaya: “Weyisé-bani, wethuka-bani, na? Uphakamisele-bani izwi lakho, wabhekisa phezulu amehlo akho, na? NgoNgcwele kaIsrayeli!” Futhi kwakungoNgcwele kaIsrayeli owathatha isinyathelo ngalobobusuku! Kwadinga ingelosi eyodwa kuphela kaJehova ukuba ibhubhise futhi yenze amabutho ama-Asiriya ayizi-185 000 abe “izidumbu ezifileyo,” impi yekhethelo kaSaneheribi. Leyonkosi eqhoshayo yabuyela eNineve idumele futhi eminyakeni ethile kamuva yabulawa amadodana ayo lapho iphikelela ekukhulekeleni kwayo izithombe. Singathembela kuJehova, sinokuqiniseka kokuthi uyoletha isijeziso esifanayo kuSathane nakuwo wonke amabutho akhe athuka oFakazi BakaJehova ngendelelo futhi abashushise.—Isaya 37:23, 36-38.
Ukuphindiselela “Ababuleweyo”
12. (a) UIsaya 26:21 ukuchaza kanjani ukulandisa okuzokwenzeka eArmagedoni? (b) Obani “ababuleweyo” abazophindiselelwa ngaphambi kweArmagedoni, futhi kanjani?
12 Kwakuwumbukwane wempi owesabekayo emuva ngalesosikhathi, kodwa ukulandisa okwethusa ngokwengeziwe kuyokwenzeka phakathi “nosizi olukhulu.” (Mathewu 24:21) UJehova usimema ukuba sibukele izinga lalokho kubulala: “Ngokuba bhekani, uJehova uyaphuma endaweni yakhe ukuba ahambele ububi babakhileyo emhlabeni; umhlaba uyakubonakalisa igazi lawo, ungabe usabasibekela ababuleweyo babo.” (Isaya 26:21) Okokuqala, uJehova uyobangela imibuso yezombangazwe ukuba ikhiphe isahlulelo kulabo abangabasekeli benkolo yamanga. Onkulunkulu babo bamanga ngeke babasindise ngalolosuku! Upapa wamaRoma makaqhubeke ebutha zonke izinkolo ‘zeBabiloni Elikhulu’ ukuba zenze imithandazo exubanisa izinkolo. Akekho noyedwa kulaba basekeli bokuxubanisa izinkolo odumisa uNkulunkulu weqiniso nophilayo, uJehova. Izimfundiso zabo zingezamanga, aziveli eBhayibhelini, futhi zinjalo nezindlela zabo. Baye babulalana bodwa kuwo wonke lamakhulu eminyaka. Baye bachitha igazi lamaKristu angenabudlova. Kulelikhulu lama-20 leminyaka, iningi lalaba benzi bobubi liye lasekela omashiqela abanonya ababulala oFakazi BakaJehova emajele nasemakamu okuhlushwa ngamabutho ahlome ngezibhamu nangezimbazo. Njengoba uJehova ememezela ngokuqondile ngabaprofethi bakhe, abaphikisi abanjalo “ababuleweyo” bayophindiselwa.—Duteronomi 32:41, 43; Isaya 1:24; 63:4; IsAmbulo 17:15-18; 18:21, 24.
13. UIsaya ubikezelani mayelana “nosuku lukaJehova,” futhi lamazwi asebenza kobani?
13 Ngemva kokuba inkolo yamanga isibhujisiwe, uJehova uyothatha isinyathelo esisheshayo ngokumelene nabo bonke abaphikisi abaseleyo boMbuso kaKristu. Kubo bonke abanjalo, kuhlanganise ‘neBabiloni Elikhulu,’ amazwi kaNkulunkulu kuIsaya 13:6, 9 ayasebenza: “Hewulani, ngokuba usuku lukaJehova lusondele; njengencithakalo evela kuSomandla luyafika. Bheka, usuku lukaJehova luyeza, lunonya, lunokufutheka, lunokuvutha kolaka, ukuba lwenz’ ize umhlaba, luchithe izoni zawo kuwo.” Kuzokuba njengoba umhubi uDavide abikezela: “UJehova uyalondoloza bonke abamthandayo, kepha ababi bonke uyakubabhubhisa.”—IHubo 145:20; IsAmbulo 19:11-21.
14. Yimaphi amanye amazwi kaIsaya izizwe ezenza kahle ngokuwalalela, futhi ngani?
14 Izizwe zomhlaba ziyobe zenza kahle uma zilalela amazwi aqhubekayo kaIsaya esahlukweni 34, amavesi 1 kuya ku-8: “Sondelani nina-zizwe, nizwe, nilalele nina-bantu. . . . Ngokuba uJehova uthukuthelela izizwe zonke, ufuthekela yonke impi yazo; uziqalekisile, uzinikele ekubulaweni. Ababuleweyo bazo balahliwe, nokunuka kuyenyuka ezidunjini zabo; izintaba zincibilika ngegazi labo . . . Ngokuba kulusuku lokuphindisela kukaJehova.” Ezindaweni zezombangazwe, zamabhizinisi amakhulu, nezenkolo yamanga namuhla, ukonakala nokuziphatha okubi kudlangile. Kodwa uJehova uhlose ukuba nomhlaba ohlanzekile. Ngenxa yalokhu, uqoqa ezizweni—ngenjongo yokusinda—labobantu abavuma ukuguqula ukuphila kwabo ukuze bamkhonze ngokulunga. Bonke abanye kumelwe babhubhe ngosuku lwempindiselo yakhe.—Jeremiya 25:31-33.
IPharadesi Lokuthula
15. Yini uIsaya ayichazayo esahlukweni 35 ngokuqondene (a) nenkathi yanamuhla? (b) nesikhathi esizayo?
15 KuIsaya isahluko 35, umprofethi kaNkulunkulu uyaqhubeka echaza ngolimi oluhle olungokomfanekiso isimo sabantu bakaJehova ababuyiselwe, labo namuhla abathembela kuye ngaso sonke isikhathi. Beqoqelwe epharadesi elingokomoya, laba ‘babona inkazimulo kaJehova, nobukhosi bukaNkulunkulu wethu.’ Futhi babheke phambili epharadesi elingokoqobo nasekugcwalisekeni kwalesithembiso: “Khona amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa, zivuleke nezindlebe zezithulu. Khona unyonga luyakutshekula njengendluzele, nolimi lwesimungulu luyakuhuba, ngokuba ehlane kuyakubhoboka amanzi, nemifudlana kwahlongasibi.” (Isaya 35:1, 2, 5, 6) Ingabe uyathokoza ngethemba elinjalo? Ingabe uthembela kuJehova, uqiniseka ukuthi uzozigcwalisa lezozithembiso?
16, 17. (a) Yisiphi isicelo esiphuthumayo uIsaya asenzayo lapho echaza iPharadesi? (b) Abantu bakaJehova kumelwe basabele kanjani kulesicelo?
16 Uma uthembela kuJehova, ungahlanganyela ekukhuthazeni abasebasha, kuhlanganise nabanye abanokholo olungase ludinge ukuqiniswa. Phakathi nokuchaza kwakhe iPharadesi, umprofethi uIsaya uhlanganisa nalesicelo esiphuthumayo: “Qinisani izandla ezibuthakathaka, nimise amadolo axegayo. Yishoni kwabanenhliziyo eyesabayo ukuthi: Qinani, ningesabi; bhekani, uNkulunkulu wenu uyeza ngokuphindisela, impindiselo ivela kuNkulunkulu; nguye oza ukunisindisa.” (Isaya 35:3, 4) Yebo, sifuna ukubona bonke abanezinhliziyo ezithambekele ekulungeni bakha ukuthembela kuJehova, ukuze baphumelele ukungena emhlabeni oyiPharadesi.
17 Ngakho-ke masisekele noma iziphi izandla ezikhathele ukuze zikwazi ukuhlala ‘zibambelele ezwini lokuphila.’ Masiqinise bonke abanamadolo axegayo, sibanikeze usizo lapho kudingeke khona ukuze ‘bahambe ngokufanele iNkosi, bayithokozise ngakho konke.’ (Filipi 2:16; Kolose 1:10) Yebo, masiduduze noma yibaphi okungenzeka badangele enhliziyweni, futhi sikhuthazane, lapho sibhekene novivinyo noma ukushushiswa, ukuze sibonise “isibindi sokukhuluma izwi likaNkulunkulu ngokungesabi.” (Filipi 1:14; 1 Thesalonika 5:14; Efesu 5:15, 16) Khona-ke, lapho usuku lwempindiselo kaJehova lufika, singaqiniseka ngesibusiso sakhe njengoba ‘eza ukuzosindisa abantu bakhe.’ Ngalolosuku, ingabe uyobe uphakathi kwalabo abathembela kuJehova ukuze basindiswe?
18. Yiliphi ikusasa elikhazimulayo elingaphambi kwalabo abathembela kuJehova, futhi kuyini ukuzimisela kwethu?
18 Ngalabo abathembela njalo kuJehova, yeka ithemba elihle elibalindele ngemva kwalolosuku! Abacindezeli abanesono bayobe bengasekho! Emhlabeni omusha, abathanda uJah Jehova bayobuyiselwa yiNdodana yakhe ekupheleleni okungenasono! Ingabe awusilangazeleli yini leso sikhathi? Ukuthembela kwakho kuJehova kuyokuletha kulolosuku olumangalisayo. Yebo, thembelani njalo kuJehova nina bantu, ngoba lokhu kusho insindiso!
Imibuzo Yokubukeza
◻ Ingoma yokunqoba kaIsaya 26 isikhuthaza ukuba senzeni?
◻ Yimuphi “umuzi ophakemeyo” uJehova azowuthobisa, futhi thina siwunyathela ngayiphi indlela?
◻ Sifundani emthandazweni kaHezekiya lapho ebhekene nosongo lukaSaneheribi?
◻ “Ababuleweyo” bakaIsaya 26:21 baphindiselelwa ngayiphi indlela?
◻ Uyoba yini umphumela uma sithembela kuJah Jehova?
[Ibhokisi ekhasini 19]
Kumangalelwe ISikhungo SikaPapa?
Ihlaziya isihloko esilotshwe u-Umberto Siniscalchi kuyi-Il Giornale yaseMilan, iWorld Press Review ithi: “INkantolo enkulu Yokudluliswa Kwamacala yaseItaly igxekwa ngokungathi sína ngenxa yokuthi, ngoJuly [1987], yachitha izincwadi ezazigunyaza ukuba kuboshwe izisebenzi ezintathu zebhange leVatican ezazihileleke esenzweni esihlazisayo nesonakele eBanco Ambrosiano.” Isinqumo, esasisekelwe esivumelwaneni esidala phakathi kweVatican nohulumeni waseItaly, savumela usihlalo webhange, ongumbhishobhi omkhulu, kanye nomqondisi wokuphathwa kwebhange nonobhala omkhulu wama-akhawunti ukuba bathole inkululeko yokuba bangamangalelwa. Ukubukezwa kwenezela: “Abanye abagxeki, nakuba, bengabatholi abahluleli benephutha ngalesinqumo, babambelela ekutheni lesivumelwano siphikisana nomthetho-sisekelo waseItaly ngokuvumela labo abaye beqa umthetho endaweni yaseItaly ukuba bathole inkululeko yokuba bangamangalelwa. Izishaya-mthetho ezithile ziphikelela ukuba kwenziwe isivumelwano esivumela isimiso sezobulungiswa saseItaly ukuba simangalele iSikhungo SikaPapa ngezenzo zobugebengu ezenziwe eItaly.”