Ukuthula—Yinto Engokoqobo
BAMBALWA abangagxeka imicabango ebangele ukuba iZizwe Ezihlangene zenze umzamo wokulondoloza ukuthula. Amazwi athi “‘Masikhandeni Izinkemba Zethu Zibe Ngamakhuba’ aveza umgomo weZizwe Ezihlangene wokuthula kwezwe,” kusho i“World Book Encyclopedia,” inezela, “IZizwe Ezihlangene zinemigomo emibili eyinhloko: ukuthula nokuhlonipheka kwesintu.”
Umbhalo oqoshiwe ngezansi kwesithombe esiboniswe lapha uwabeka ngendlela ehlukile amazwi esiprofetho seBhayibheli esikuIsaya isahluko 2, ivesi 4. Ngokwenguqulo yanamuhla, afundeka kanje:
“Bayakukhanda izinkemba zabo zibe-ngamakhuba, nemikhonto yabo ibe-ngocelemba.”
Lamazwi amahle ngokuqinisekile kwakufanele ashukumisele imibuso engamalungu eUN ukuba ilondoloze ukuthula nokuncishiswa kwezikhali okuhlala njalo. Kodwa, ngokudabukisayo, kusukela ekuqaleni kwayo ekupheleni kwempi yezwe yesibili ngo-1945, umlando weUN uye wembula okuphambene. Ngani? Ngokuyisisekelo ngenxa yokuthi amazwi angenhla acashunwe kuIsaya awanakukhishwa emongweni wawo njengoba ohulumeni babantu beye benza kanjalo. Umongo walawomazwi ubaluleke wonke. Cabangela isizathu.
Isigijimi SikaIsaya
UIsaya wayengumprofethi. Ukhuluma ngombono okhazimulayo wokuzwana nokuthula kwabantu bazo zonke izinhlanga. Ukuze lombono ube yinto engokoqobo, abantu kumelwe benze okuthile. Ini? Cabangela ukubaluleka kwamavesi 2 no-3 njengoba ehlobana nevesi 4.
“[2] Kuyakuthi ngezinsuku ezizayo intaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba, iphakame kunamagquma, nezizwe zonke ziyakugobhozela khona. [3] Abantu abaningi bayakuhamba, bathi: Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova endlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe, ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni, nezwi likaJehova eJerusalema. [4] Uyakwahlulela phakathi kwezizwe, anqume phakathi kwabantu abaningi; bayakukhanda izinkemba zabo zibe-ngamakhuba, nemikhonto yabo ibe-ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.”
Okokuqala, kumelwe sivume ukuthi uMdali wethu, uJehova, unelungelo lokusifundisa “izindlela zakhe” lezo, njengoba uIsaya abhala kamuva, ‘eziphakeme kunezindlela zethu.’ (Isaya 55:9) Abantu abaningi, ikakhulukazi abaholi bezwe abazazisayo, bathola lokhu kuyinto okunzima ukuyivuma. Izindlela zabo siqu kuphela ezilungile emehlweni abo. Nakuba kunjalo, iqiniso lokuthi izindlela zabo aziholelanga ekuthuleni kwezwe nasekuncishisweni kwezikhali ngokuqinisekile libonisa ubuze bokuqhubeka nokuphishekela inkambo enjalo.
Okwesibili, phawula isifiso esiqotho esidingekayo sokuba abantu benze ngokuvumelana nemithetho kaNkulunkulu: “Sihambe emikhondweni yakhe.” Kuphezu kwalesosisekelo kuphela lapho izinkemba ziyokhadwa khona zibe amakhuba nemikhonto ibe ngocelemba ngesilinganiso sembulunga yonke. Umgomo onjalo olangazelelwayo ungafinyelelwa kanjani?
Isiyalezo Saphezulu
Abantu abaningi banalo iBhayibheli, incwadi equkethe iziyalezo zikaJehova uNkulunkulu, kodwa kudingeka okwengeziwe kunokuba nalo nje. UIsaya uthi umthetho namazwi kaJehova kuvela “eJerusalema.” Kusho ukuthini lokho? Osukwini lukaIsaya, lomuzi ongokoqobo wawungumthombo wegunya lobukhosi amaIsrayeli athembekile ayebheka kulo. (Isaya 60:14) Kamuva, ngesikhathi sabaphostoli bakaJesu Kristu, iJerusalema laliseyisikhungo seziyalezo ezazivela endikimbeni ebusayo yamaKristu kulelodolobha.—IzEnzo 15:2; 16:4.
Kuthiwani nganamuhla? Phawula ukuthi uIsaya wethula isigijimi sakhe ngamazwi athi: “Kuyakuthi ngezinsuku ezizayo.” Ezinye izinguqulo zithi: “Ezinsukwini zokugcina.” (New International Version) Njalo emakhasini alomagazini kunikezwa ubufakazi bokuthi besilokhu siphila ezinsukwini zokugcina zalesimiso sezwe samanje kusukela ngo-1914. Ngakho, yini okufanele silindele ukuyibona, ngokwamavesi 3 no-4?
Isixuku esikhulu sabantu abangasakufundi ukulwa nasebezikhandile kakade ‘izinkemba zabo zaba ngamakhuba.’ Futhi siyasibona! Amadoda, abesifazane, nabantwana abangaphezu kwezigidi ezingu-3,5 bazo zonke izinhlanga emazweni angaphezu kwama-200 banobunye, behlalisana ngokuthula futhi beshumayela isigijimi seBhayibheli sokuthula komakhelwane babo. Baziwa emhlabeni-jikelele ngokuthi oFakazi BakaJehova.
BaneNdikimba Ebusayo yanamuhla yamadoda amadala angamaKristu avela ezingxenyeni ezihlukahlukene zomhlaba anikeza ukuqondisa okudingekile emisebenzini yomhlaba wonke yabantu bakaNkulunkulu. Lamadoda, njengabaphostoli namalunga eJerusalema ekhulwini lokuqala leminyaka, angamalungu agcotshiwe esigaba senceku ethembekileyo neqondayo esamiswa uJesu ukuze sinakekele zonke izithakazelo zoMbuso wakhe lapha emhlabeni. Umlando uye wakufakazela ukuthi angathenjwa ukuthi alandela isiqondiso somoya ongcwele nokuthi awanciki ekuhlakanipheni komuntu lapho efundisa umhlambi kaNkulunkulu izindlela zokuthula kwangempela.—Mathewu 24:45-47; 1 Petru 5:1-4.
Ukukhulekela Kweqiniso
Ukuze siphile ngokuthula kuhileleke okungaphezu kolwazi lwengqondo noma ngisho nesifiso sokuphila ngokweziyalezo zaphezulu. Ukuzinikela kwenhliziyo nokukhulekelwa koMdali wethu, uJehova, kubalulekile, njengoba futhi uIsaya ecacisa.
Lomprofethi uthi “intaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba” futhi “iphakame kunamagquma.” Ezikhathini zasendulo, ezinye izintaba namagquma zaziyizindawo zokukhulekela izithombe nezamathempeli onkulunkulu bamanga. Lapho iNkosi uDavide iletha uMphongolo ongcwele ethendeni eyayilimise eNtabeni yaseSiyoni (iJerusalema), engamamitha angama-760 phezu kogu lolwandle, ngokusobala yayenza ngokwesiqondiso saphezulu. Kamuva, lapho kwakhiwa ithempeli elikhulu likaJehova eNtabeni yaseMoriya, igama elithi “Siyoni” lahlanganisa nendawo yethempeli, ngakho ithempeli laliphakeme kunezinye izindawo zamaqaba ezazizungezile. IJerusalema ngokwalo nalo lalibizwa ngokuthi ‘intaba yakhe engcwele’; ngaleyondlela, ukukhulekela kukaJehova kwahlala kusesikhundleni esiphakeme.—Isaya 8:18; 66:20.
Ngakho namuhla, ukukhulekela kukaJehova uNkulunkulu kuye kwaphakama njengentaba engokomfanekiso. Ukuphakama kwakho kungabonwa yibo bonke, njengoba kuye kwenza okuthile okungekho enye inkolo ekwazile ukukwenza. Kuyini lokho? Kuye kwahlanganisa bonke abakhulekeli bakaJehova, abaye bazikhanda ngenjabulo izinkemba zabo zaba ngamakhuba nabangasayifundi impi. Imingcele yobuzwe neyobuhlanga ayisabahlukanisi. Bahlala bengabantu abanobunye, ubuzalwane, ngisho nakuba bekuzo zonke izizwe zomhlaba.—IHubo 33:12.
Isikhathi Sokwenza Isinqumo
Kukuthinta kanjani konke lokhu? Amazwi omunye umprofethi ongumHeberu afaneleka kakhulu: “Izixuku ngezixuku zisesigodini sesinqumo, ngokuba usuku lukaJehova luseduze esigodini sesinqumo.” (Joweli 3:14, NW) Yisikhathi esiphuthumayo sokuba sonke isintu senze isinqumo, ukuba sifunde izindlela zokuthula kweqiniso esandleni sikaNkulunkulu noma siqhubeke sisekela ukuphila okugxile ezikhalini okuzophela ngokushesha.
UJesu wabikezela ukuthi umsebenzi omkhulu wokushumayela wawuyofezwa osukwini lwethu. Lokho kushumayela kuphathelene ‘nezindaba ezinhle’ zokuthi uMbuso kaNkulunkulu uyoletha ukuthula kulomhlaba ohlukaniswe izimpi. (Mathewu 24:14, NW) Ngonyaka odlule izifundo zeBhayibheli zasekhaya zasikhathi sonke ezingaphezu kwezigidi ezintathu zaqhutshwa oFakazi BakaJehova kulo lonke izwe. Ezinye zalezifundo zamasonto onke beziqhutshwa nabantu ngabanye, kodwa eziningi beziqhutshwa namaqembu emikhaya. Ngaleyondlela, izigidi zabantwana zinikezwa ithemba eliqinisekile ngekusasa lazo, futhi abazali bazo bazuza isiqinisekiso sokuthi izimpi, njengalezo abaye bazibona futhi mhlawumbe bahlanganyela ngisho nokuhlanganyela kuzo, ngeke zibe yingxenye yezwe elisha elenziwe uJehova uNkulunkulu.
Yeka ukuthi kuyoba elinjani izwe lokwethembana nokuthula! Ngeke kube nesidingo sokukhathazeka ngokuncishiswa kwezikhali, njengoba izikhali zempi kuyoba yizinto zesikhathi esidlule. Futhi ukubonga konke kuya kuJehova, “uNkulunkulu onikeza ukuthula,” osifundisa ngothando manje ukuba sizilungiselele ukuphila ukuphila ngokugcwele ngaphansi koMbuso wakhe wokulunga.—Roma 15:33, NW.