Ubani Obumba Ukucabanga Kwakho?
“ANGITSHELWA muntu ukuthi angicabangeni! Futhi angitshelwa muntu ukuthi angenzeni!” Ukusho kanjalo ngokugcizelela okungaka ngokuvamile kusho ukuthi uyazethemba impela wena nokwahlulela kwakho. Ingabe yileyo ndlela ozizwa ngayo? Kuyaqondakala ukuthi akekho omunye umuntu okufanele akwenzele izinqumo. Kodwa ingabe kuwukuhlakanipha ukukwenqaba ngokushesha kanjalo lokho okungase kube yiseluleko esihle? Ingabe akekho nhlobo umuntu ongakusiza wenze izinqumo ezihlakaniphile? Nangale kwalokho, ingabe ungaqiniseka ngempela ukuthi akekho othile empeleni obumba ukucabanga kwakho, wena ungaqaphele?
Ngokwesibonelo, ngaphambi kwempi yezwe yesibili, uJoseph Goebbels, ungqongqoshe kaHitler wenkulumo-ze, wathatha izintambo zokulawula izimboni zamafilimu zaseJalimane. Ngani? Ngoba wayeqaphela ukuthi lokhu kwakuzomnika ithuluzi elinamandla kakhulu ‘ayengathonya ngalo izinkolelo zabantu, kanjalo [athonye] nokuziphatha kwabo.’ (Propaganda and the German Cinema 1933-1945) Cishe uyazi ngempumelelo eshaqisayo aba nayo ekusebenziseni le ndlela nezinye ukuze aqondise abantu abavamile—abantu abahluzekile engqondweni—ukuba balandele ifilosofi yobuNazi ngokuphuphutheka.
Iqiniso liwukuthi indlela ocabanga ngayo, kanjalo nendlela owenza ngayo, njalo ithonywa yimizwa nemibono yalabo obalalelayo ngandlela-thile. Yiqiniso, lokhu ngokwako akuyona into embi. Uma laba kungabantu abanesithakazelo esiqotho enhlalakahleni yakho—njengawothisha, abangane noma abazali—khona-ke uyozuza kakhulu eselulekweni nasemacebisweni abo. Kodwa uma kungabantu abakhathalela ukuzizuzisa bona kuphela futhi abadukisiwe noma abanokucabanga okonakele kwabona, “abakhohlisi bengqondo,” njengoba umphostoli uPawulu abachaza kanjalo, khona-ke qaphela!—Thithu 1:10; Duteronomi 13:6-8.
Ngakho, ungazitheli ngabandayo ucabange ukuthi akukho muntu ongakuthonya. (Qhathanisa neyoku-1 Korinte 10:12.) Kungenzeka ukuthi kuyenzeka kwamanje ungaqaphele—kaningi kunalokho obungathanda ukukuvuma. Cabanga ngesibonelo esilula semikhiqizo oyikhethayo lapho uyothenga. Ingabe lokhu kuhlale kuyisinqumo ozenzele sona wedwa futhi esinengqondo? Noma ingabe kukhona abanye abantu, ngokuvamile abasuke bengabonwa, abathonya ukukhetha kwakho ngokucashile kodwa ngokunamandla? Intatheli ephenyayo u-Eric Clark icabanga ukuthi bakhona. Ithi: “Lapho sichayeka ngokwengeziwe ezikhangisweni, siya siyeka ukukuqaphela, kodwa cishe nakanjani, siya sithonyeka ngokwengeziwe.” Ibika nokuthi lapho abantu bebuzwa ukuthi banomuzwa wokuthi ukukhangisa kuphumelela kangakanani, “abaningi bayavuma ukuthi kuyasebenza, kodwa hhayi kubona.” Abantu baba nomuzwa wokuthi bonke abanye abantu bangathonyeka, kodwa hhayi bona. “Kunjengokungathi bona bodwa bagomekile.”—The Want Makers.
Ufakwé Ngenkani Efolomeni LikaSathane?
Ukuthi ukukhangisa kwansuku zonke kuyakuthonya yini kungase kungabi nemiphumela etheni. Nokho, kunelinye ithonya eliyingozi kakhulu. IBhayibheli libonisa ngokucacile ukuthi uSathane ungumlawuli oyingcweti. (IsAmbulo 12:9) Ngokuyisisekelo ifilosofi yakhe iyafana nokucabanga kwesinye isisebenzi sezokukhangisa esathi kunezindlela ezimbili zokuthonya amakhasimende—“ngokuwayenga noma ngokuwavumelanisa nesimo.” Uma abasakazi bezinkulumo-ze nabakhangisi bengasebenzisa amasu acashe njengalawa ukuze babumbe ukucabanga kwakho, yeka ukuthi uSathane kumelwe ukuba unekhono kakhulu kangakanani ekusebenziseni amacebo afanayo!—Johane 8:44.
Umphostoli uPawulu wayekwazi lokhu. Wayenovalo lokuthi amanye amaKristu ayekanye naye ayengase ayeke ukuqapha abese eba yizisulu zokukhohlisa kukaSathane. Wabhala: “Ngiyesaba ukuthi ngandlela-thile, njengoba inyoka yayenga u-Eva ngobuqili bayo, izingqondo zenu zingase zonakaliswe zisuke ebuqothweni nasebumsulweni obufanele uKristu.” (2 Korinte 11:3) Sithathe ngokungathi sína leso sixwayiso. Ngalé kwalokho ungase ube njengalabo bantu abakholelwa ukuthi inkulumo-ze nokuvumelaniswa nesimo kuyasebenza—“kodwa hhayi kubona.” Ukuthi inkulumo-ze kaSathane iyasebenza kubonakala ngokucacile nxazonke zethu ngokubheka unya, inkohlakalo nobuzenzisi obuphawula lesi sizukulwane.
Ngakho-ke, uPawulu wancenga amaKristu ayekanye naye ukuba ‘ayeke ukulolongwa afane nalesisimiso sezinto.’ (Roma 12:2) Omunye umhumushi weBhayibheli wawabeka kanje la mazwi kaPawulu: “Ningalivumeli izwe elinizungezile linifake ngenkani efolomeni lalo.” (Roma 12:2, Phillips) USathane uzama noma yini ukuze akuphoqe ukuba ungene efolomeni lakhe, njengombumbi wasendulo owayefaka ubumba alucindezele efolomeni elivulekile ukuze lube nemidwebo nezici ayefuna ukuzifaka kulo. USathane uhlele ezombangazwe, ezentengiselwano, inkolo nezokuzijabulisa zalungela ukwenza lokho. Lisabalele kangakanani ithonya lakhe? Lande ngendlela elalande ngayo ngosuku lomphostoli uJohane. UJohane wathi: “Lonke izwe lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19; bheka neyesi-2 Korinte 4:4.) Uma ulingabaza ikhono likaSathane lokuyenga abantu nokonakalisa ukucabanga kwabo, khumbula ukuthi wakwenza ngokuphumelela kangakanani lokhu esizweni sonke sakwa-Israyeli esasizinikezele kuNkulunkulu. (1 Korinte 10:6-12) Ingabe kungenzeka ukuba kwenzeke into efanayo nakuwe? Kungenzeka uma uchaya ingqondo yakho ekuyengweni nguSathane.
Yazi Ukuthi Kwenzekani
Ngokuvamile, la mandla anyenyayo ayothonya ukucabanga kwakho uma nje uwavumela. Encwadini yakhe ethi The Hidden Persuaders, uVance Packard waveza leli phuzu: “Sisengakwazi ukuzivikela ngokunamandla kubakholisi [abacashile] abanjalo: singakhetha ukungavumi ukukholiswa. Cishe kuzo zonke izimo sisengakwazi ukukhetha, futhi asinakulawulwa kabi ngokweqile uma sazi ukuthi kwenzekani.” Lokhu kuyiqiniso nangenkulumo-ze nokukhohlisa.
Yiqiniso, ukuze ‘wazi ukuthi kwenzekani,’ kumelwe uvule ingqondo yakho futhi wamukele amathonya amahle. Njengomzimba onempilo, ingqondo enempilo idinga ukondliwa kahle ukuze isebenze kahle. (IzAga 5:1, 2) Ukuntula ukwaziswa kungalimaza njengoba kwenza ulwazi olunganembile. Ngakho, nakuba kuyiqiniso ukuthi kudingeka uvikele ingqondo yakho emibonweni nakumafilosofi adukisayo, zama ukuba ungabi nombono wokucikeka nokungazethembi zonke izeluleko noma ukwaziswa okunikezwayo.—1 Johane 4:1.
Ukukholisa ngokwethembeka akufani nenkulumo-ze ecashile. Ngokuqinisekile umphostoli uPawulu wayixwayisa insizwa enguThimothewu ukuba iqaphele “abantu ababi nabakhohlisi [abayoqhubeka] besuka kokubi baye kokubi kakhulu, bedukisa futhi bedukiswa.” Kodwa uPawulu wanezela: “Nokho, wena qhubeka ezintweni owazifunda futhi wathonyelwa ukuba uzikholelwe, wazi ukuthi wazifunda kubaphi abantu.” (2 Thimothewu 3:13, 14) Njengoba yonke into oyifaka engqondweni yakho iyokuthonya ngokwezinga elithile, isihluthulelo ‘siwukwazi ukuthi uzifunda kobani izinto,’ ukuze uqiniseke ukuthi bangabantu abakukhathalela ngobuqotho, hhayi abazikhathalela bona.
Kukuwe ukuthi ukhethani. Ungakhetha ‘ukulolongwa ufane nalesisimiso sezinto’ ngokuvumela amafilosofi nezindinganiso zaleli lizwe kubuse ukucabanga kwakho. (Roma 12:2) Kodwa leli lizwe alikukhathaleli ngobuqotho. Ngakho-ke, umphostoli uPawulu uyaxwayisa: “Xwayani: mhlawumbe kungase kube khona othile oyomuka nani njengezisulu zakhe ngefilosofi nenkohliso eyize ngokwesiko labantu.” (Kolose 2:8) Ukufakwa ngenkani efolomeni likaSathane ngale ndlela, noma ‘ukumuka naye njengesisulu sakhe,’ akudingi mzamo. Kunjengokuhogela intuthu kagwayi ungabhemi. Ungathinteka ngokumane uphefumule umoya ongcolile.
Ngakolunye uhlangothi, ungakugwema ukuphefumula lowo “moya.” (Efesu 2:2) Kunalokho, landela iseluleko sikaPawulu: “Maniguqulwe ngokushintsha ingqondo yenu, ukuze nizitholele ngokwenu intando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo.” (Roma 12:2) Lokhu kuyawudinga umzamo. (IzAga 2:1-5) Khumbula, uJehova akayena umlawuli onobuqili. Wenza konke ukwaziswa okudingayo ukwazi ukukuthola, kodwa ukuze uzuze kukho, kumelwe ukulalele futhi ukuvumele kuthonye ukucabanga kwakho. (Isaya 30:20, 21; 1 Thesalonika 2:13) Kumelwe uzimisele ukugcwalisa ingqondo yakho ngeqiniso eliqukethwe “emibhalweni engcwele,” iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe, iBhayibheli.—2 Thimothewu 3:15-17.
Sabela Ekubunjweni NguJehova
Isidingo sokusabela ngokuzimisela nangokuthobeka ukuze uzuze ekubunjweni nguJehova saboniswa ngokunamandla lapho uJehova etshela umprofethi uJeremiya ukuba avakashele indawo yombumbi. UJeremiya wabona umbumbi eshintsha umqondo wakhe mayelana nalokho ayezokwenza ngesinye isitsha lapho lokho ayezama ukukubumba ‘konakala esandleni sakhe.’ UJehova wabe esethi: “Bengingenze kinina ndlu ka-Israyeli njengalo mbumbi na? . . . Bhekani, njengebumba esandleni sombumbi, ninjalo esandleni sami nina ndlu ka-Israyeli.” (Jeremiya 18:1-6) Ingabe lokho kwakusho ukuthi abantu bakwa-Israyeli babemane befana nezigaxa zobumba olungaphili olusezandleni zikaJehova ukuze alubumbe ngokuthanda kwakhe lube yinoma yiluphi uhlobo lwesitsha?
UJehova akalokothi asebenzise amandla akhe amakhulu kunawo wonke ukuze enze abantu benze izinto bengafuni; futhi akanakusolwa ngezinto ezibumbeke kabi, njengoba kungase kube njalo ngombumbi ongumuntu. (Duteronomi 32:4) Ukubumbeka kabi kwenzeka lapho labo uJehova azama ukubabumba ngendlela eyakhayo bemelana nesiqondiso sakhe. Yilowo umahluko omkhulu okhona phakathi kwakho nesigaxa sobumba olungaphili. Wena unenkululeko yokuzikhethela. Ngokuyisebenzisa, ungakhetha ukusabela noma ekubunjweni nguJehova noma ukukwenqaba ngamabomu.
Yeka isifundo esisangulukisayo! Yeka ukuthi kungcono kakhulu kangakanani ukulalela izwi likaJehova kunokuba ugomele ngokuzazisa uthi, “Angitshelwa muntu ukuthi angenzeni”! Sonke siyasidinga isiqondiso sikaJehova. (Johane 17:3) Yiba njengomhubi uDavide, owathandaza: “Ngazise imendo yakho, Jehova; ngifundise izindlela zakho.” (IHubo 25:4) Khumbula lokho okwashiwo yiNkosi uSolomoni: ‘Ohlakaniphileyo uyezwa, aqhubeke ekufundeni.’ (IzAga 1:5) Ingabe uyolalela? Uma ulalela, khona-ke “amasu ayakukulinda, ukuqonda kukugcine.”—IzAga 2:11.