ISAHLUKO SESITHATHU
“Kumelwe Ukhulume Leli Zwi Kuzo”
1. (a) UJesu noJeremiya babefana kanjani? (b) Kungani kufanele silingise uJeremiya enkonzweni yethu?
UJESU KRISTU uyisibonelo esiyinhloko esisilingisayo lapho sishumayela izindaba ezinhle. Kuyaphawuleka nokho ukuthi abantu bangekhulu lokuqala ababona uJesu, ngezinye izikhathi babecabanga ukuthi ungumprofethi uJeremiya. (Math. 16:13, 14) NjengoJesu, uJeremiya wathunywa uNkulunkulu ukuba ashumayele. Ngokwesibonelo, ngesinye isikhathi uNkulunkulu wathi kuye: “Kumelwe ukhulume leli zwi kuzo uthi, ‘Yilokhu uJehova . . . akushilo.’” (Jer. 13:12, 13; Joh. 12:49) UJeremiya wabonisa nezimfanelo ezifana nezikaJesu enkonzweni yakhe.
2. NjengamaJuda esikhathi sikaJeremiya, yini okudingeka yenziwe abantu namuhla?
2 Kodwa abanye oFakazi bangase bathi: ‘Umsebenzi wethu wokushumayela uhlukile kokaJeremiya. Wayekhulumela uNkulunkulu esizweni esasizinikele kuYe, kanti iningi labantu esibashumayezayo thina alimazi uJehova.’ Yiqiniso. Kepha ngesikhathi sikaJeremiya, iningi lamaJuda ‘lalingasahlakaniphile’ futhi selimshiyile uNkulunkulu weqiniso. (Funda uJeremiya 5:20-22.) Kwakudingeka lishintshe likhulekele uJehova ngendlela ayamukelayo. Ngokufanayo, abantu namuhla—kungakhathaliseki ukuthi bazibiza ngamaKristu noma cha—kudingeka bafunde ukwesaba uJehova, baphishekele nokukhulekela kweqiniso. Ake sibone ukuthi singamkhonza kanjani uNkulunkulu weqiniso futhi sisize nabantu, silingisa uJeremiya.
‘UJEHOVA WANGITHINTA UMLOMO’
3. Yisiphi isenzo esiphawulekayo uNkulunkulu asenza kuJeremiya ekuqaleni komsebenzi wakhe, futhi lo mprofethi wazizwa kanjani?
3 Khumbula ukuthi lapho uJeremiya eqala inkonzo yakhe yokuprofetha, wezwa la mazwi: “Kubo bonke labo engizokuthuma kubo, kufanele uye; futhi konke engizokuyala ngakho, kufanele ukukhulume. Ungesabi ngenxa yobuso babo, ngoba ‘nginawe ukuba ngikukhulule,’ kusho uJehova.” (Jer. 1:7, 8) UNkulunkulu wabe esenza isenzo esingalindelekile. UJeremiya uyasitshela: “UJehova welula isandla sakhe wenza ukuba sithinte umlomo wami. Khona-ke uJehova wathi kimi: ‘Bheka ngifaké amazwi ami emlonyeni wakho. Bheka, ngikumisile namuhla.’” (Jer. 1:9, 10) Kusukela ngaleso sikhathi, uJeremiya wazi ukuthi ungumkhulumeli kaNkulunkulu uMninimandla onke.a Njengoba uNkulunkulu ayemsekela ngokugcwele, intshiseko yakhe ngenkonzo engcwele yanda.—Isaya 6:5-8.
4. Yiziphi izibonelo zokushumayela ngentshiseko ongazilandisa?
4 UJehova akazithinti ngokoqobo izinceku zakhe namuhla. Kodwa ngomoya wakhe, uyazinika isifiso esinamandla sokushumayela izindaba ezinhle. Eziningi zazo ziyavutha yintshiseko. Cabanga ngoMaruja waseSpain. Sekuphele iminyaka engaphezu kuka-40 ekhubazeke izingalo nemilenze. Kunzima ukuba ashumayele endlini ngendlu, ngakho usebenzisa ezinye izindlela ukuze azigcine ekhuthele enkonzweni. Enye yazo ukubhala izincwadi. UMaruja ubizela indodakazi yakhe afuna ukukubhala, bese imbhalela. Ngomkhankaso owathatha inyanga yonke, yena nendodakazi yakhe bathumela izincwadi ezingaphezu kuka-150, befaka ipheshana encwadini ngayinye. Ngenxa yemizamo yabo, izindaba ezinhle zafinyelela emizini eminingi endaweni yangakubo. UMaruja wathi endodakazini yakhe: “Uma eyodwa yezincwadi zethu ingatholwa umuntu onenhliziyo eqotho, uJehova uzosibusisa ngesifundo seBhayibheli.” Umdala webandla lakubo uyabhala: “Ngiyambonga uJehova ngodade abanjengoMaruja, abafundisa abanye ukuba bazise izinto ezibaluleke ngempela.”
5. (a) UJeremiya wayilondoloza kanjani intshiseko yakhe naphezu kokunganakwa? (b) Ungayilondoloza kanjani intshiseko yakho yokushumayela izindaba ezinhle?
5 Ngesikhathi sikaJeremiya, iningi lezakhamuzi zaseJerusalema ‘lalingajabuli’ ngeqiniso likaNkulunkulu. Ingabe lo mprofethi wayeka ukushumayela ngenxa yokuthi abaningi babengenandaba nesigijimi sakhe? Cha! Kunalokho wathi: “Ngigcwele ukufutheka kukaJehova. Ngidiniwe ukuzibamba.” (Jer. 6:10, 11) Ungayilondoloza kanjani intshiseko enjalo? Enye indlela iwukuzindla ngelungelo onalo elingeqhathaniswe lokumelela uNkulunkulu weqiniso. Uyazi ukuthi abantu abaqavile baleli zwe baye balihlambalaza igama likaNkulunkulu weqiniso. Cabanga nangendlela abaholi benkolo abakhohlise ngayo abantu ensimini yakini, njengoba kwenza abapristi ngosuku lukaJeremiya. (Funda uJeremiya 2:8, 26, 27.) Ngokuphambene, izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu ozimemezelayo ziyindlela uNkulunkulu abonisa ngayo umusa kubantu. (IsiL. 3:31, 32) Yebo, ukucabanga ngalelo qiniso kungakusiza ulondoloze intshiseko yakho yokushumayela izindaba ezinhle nokusiza abanjengezimvu.
6. Yiziphi izinselele ezithena amandla uJeremiya abhekana nazo?
6 Cishe uzovuma ukuthi akulula ngaso sonke isikhathi ukuhlala unentshiseko enkonzweni yobuKristu. Njengoba ayekhonza uJehova, uJeremiya naye wabhekana nezinselele ezinzima ezazihlanganisa nabaprofethi bamanga. Esinye sezibonelo zalokho ungasifunda kuJeremiya isahluko 28. Iningi labantu alisilalelanga isigijimi sakhe, futhi ngezinye izikhathi wayenomuzwa wokuthi uyedwa. (Jer. 6:16, 17; 15:17) Ngaphezu kwalokho, ngezinye izikhathi kwakudingeka abhekane nezitha ezazifuna ukumbulala.—Jer. 26:11.
Kungani ungethemba ukuthi uJehova uzokusiza unqobe izinselele njengoba ushumayela izindaba ezinhle?
“O JEHOVA, UNGIKHOHLISILE”
7, 8. UNkulunkulu ‘wamkhohlisa’ ngayiphi indlela ezuzisayo uJeremiya?
7 Lapho uJeremiya egconwa futhi eyiswa usuku nosuku, waveza imizwa yakhe kuNkulunkulu. Ucabanga ukuthi uJehova ‘wamkhohlisa’ ngamuphi umqondo umprofethi wakhe othembekile, njengoba kushiwo kuJeremiya 20:7, 8?—Yifunde.
8 Ngokuqinisekile uJehova wayengamqilizelanga noma amphambe uJeremiya. Kunalokho, ‘wamkhohlisa’ ngomqondo omuhle nowamzuzisa. UJeremiya wayenomuzwa wokuthi ukuphikiswa kukhulu kakhulu, ukuthi wayengeke esakwazi ukufeza isabelo ayesinikwe uNkulunkulu. Kodwa wakwazi ukusifeza esekelwa futhi esizwa uMninimandla onke. Ngakho ungasho ukuthi uJehova wamehlula, wazibonakalisa enamandla kakhulu kunoJeremiya nokuthambekela kwakhe kobuntu. Lapho lo muntu kaNkulunkulu ecabanga ukuthi amandla akhe asephelile, akasakwazi ukuqhubeka nesabelo sakhe, uJehova wasebenzisa amandla ashukumisayo, kwaba njengokungathi umkhohlisile. UNkulunkulu wazibonisa enamandla kunobuthakathaka balo mprofethi. Naphezu kokunganakwa, ukungafunwa nobudlova, uJeremiya wakwazi ukuqhubeka eshumayela.
9. Kungani amazwi akuJeremiya 20:11 engakunika isibindi?
9 UJehova waba “njengonamandla owesabekayo” kuJeremiya, wamsekela. (Jer. 20:11) UNkulunkulu angakusekela nawe ukuze ulondoloze intshiseko ngokukhulekela kweqiniso futhi uqhubeke naphezu kwezinkinga ezinkulu. Ungakubheka ngendlela enye inguqulo ekubeka ngayo—uJehova uyoba ‘iqhawe elesabisayo’ elimi eceleni kwakho.—IBhayibheli lesiZulu elivamile.
10. Yini ozimisele ukuyenza lapho uphikiswa?
10 Umphostoli uPawulu waligcizelela leli phuzu lapho ekhuthaza amaKristu ayephikiswa. Waloba: “Ziphatheni ngendlela efanele izindaba ezinhle mayelana noKristu, ukuze . . . ngizwe . . . ukuthi nimi niqinile emoyeni munye, ngomphefumulo munye nilulwela ndawonye ukholo lwezindaba ezinhle, futhi anethuswa nangayiphi indlela yilabo abaphikisana nani.” (Fil. 1:27, 28) Njengoba kwenza uJeremiya namaKristu ekhulwini lokuqala, ungakwazi ukuncika kuNkulunkulu uMninimandla onke njengoba ufeza inkonzo yakho, futhi kufanele wenze kanjalo. Uma abathile bekugcona noma bekuhlasela, khumbula ukuthi uJehova useceleni kwakho, angakunika amandla. Wamnika uJeremiya amandla futhi ubanikile nabafowenu abaningi; ngakho nawe angakunika. Mnxuse akusize, wethembe ukuthi uzowulalela umthandazo wakho. Nawe ungase uthole ukuthi ‘ukhohlisiwe’ lapho uNkulunkulu ekunika amandla okuchusha phakathi kwezinkinga ngesibindi, hhayi ngokwesaba. Yebo, ungenza okungaphezulu kakhulu kwalokho owake wacabanga ukuthi ungakwenza.—Funda izEnzo 4:29-31.
11, 12. (a) Yiluphi ushintsho ongalwenza ukuze ukhulume nabantu abengeziwe enkonzweni yakho? (b) Yini esingayenza ensimini yethu esikiselwa isithombe esisekhasini 39?
11 Esikufunda enkonzweni kaJeremiya kungasisiza ngezindlela ezihlukahlukene ukuze siphumelele njengezikhonzi zezindaba ezinhle. Ngemva kokuba esekhonze njengomprofethi kaJehova iminyaka engaphezu kwengu-20, wayengathi: “Ngaqhubeka ngikhuluma kini, ngivuka ekuseni ngikhuluma, kodwa anizange nilalele.” (Jer. 25:3) Yebo, wayesheshe asiqale isabelo sakhe. Kukhona yini thina esingakufunda esibonelweni sakhe? Emabandleni amaningi kunabamemezeli abavuka ekuseni bayoshumayela ezitobhini zamabhasi naseziteshini zezitimela. Emaphandleni, oFakazi abaningi baqala kusesekuseni, bahambele abalimi nabanye abantu abasuke sebevukile. Zikhona yini ezinye izindlela ongazicabanga ongasebenzisa kuzo lokhu esikufunda enkonzweni yokwethembeka kaJeremiya? Kuthiwani ngokusheshe uvuke ukuze ube khona lapho kuqala umhlangano wenkonzo yasensimini?
12 Ukushumayela endlini ngendlu ntambama nakusihlwa nako kuvame ukuba nemiphumela emihle kakhulu ezindaweni eziningi. Abanye abamemezeli baze bashumayele nasebusuku, bahambele izisebenzi zasemagalaji, ezitolo zokudla nasemabhizinisini ahlale evuliwe. Ungahlela yini ukuba ushumayele ngezikhathi abantu abatholakala ngazo emakhaya noma kwezinye izindawo?
Kungani uqiniseka ukuthi uJehova uyakusekela njengoba umemezela isigijimi sakhe?
13, 14. (a) Isibonelo sikaJeremiya sihlobana kanjani nokwenza izimpindelo? (b) Yini ebonisa ukuthi kudingeka uthembeke ekwenzeni izimpindelo?
13 Ngezinye izikhathi uJehova wayeyala uJeremiya ukuba amemezele izigijimi eziyiziprofetho emi emasangweni ethempeli noma aseJerusalema. (Jer. 7:2; 17:19, 20) Ngokumemezela esemasangweni, uJeremiya wafinyelela izixuku zabantu ngezwi likaJehova. Njengoba abaningi, abahlanganisa nabantu abavelele balo muzi, abathengisi nosomabhizinisi, babesebenzisa isango elifanayo njalo, kungenzeka wakhuluma ngokuphindaphindiwe nabantu abathile ezama ukubasiza baqonde ayebatshele kona ngaphambili. Singafundani thina mayelana nokuphindela kulabo ababonise isithakazelo?
14 UJeremiya wayazi ukuthi ukuphila kwabantu kuxhomeke emsebenzini wakhe njengomprofethi kaNkulunkulu. Kwake kwathi lapho engakwazi ukukhuluma nabantu njengoba uNkulunkulu ayemyalile, wathumela umngane wakhe uBharuki. (Funda uJeremiya 36:5-8.) Singamlingisa kanjani uJeremiya kulokhu? Lapho sithi kumninikhaya sizobuya, ingabe sibuyela ngempela? Uma singeke siphumelele ukuphindela noma ukuyoqhuba isifundo seBhayibheli sasekhaya, siyahlela yini ukuba kuye omunye? UJesu wathi: “Izwi lenu elingu-Yebo malisho uYebo.” (Math. 5:37) Kubalulekile ukuba sigcine isithembiso ngoba simelela uNkulunkulu weqiniso nowokuhleleka.—1 Kor. 14:33, 40.
15, 16. (a) Abaningi baye basilingisa kanjani isibonelo sikaJeremiya ekwandiseni inkonzo yabo? (b) Ufunda siphi isifundo kokuhlangenwe nakho kwaseChile okuboniswe ekhasini 40?
15 UJeremiya wakhuthaza amaJuda ayeseBhabhiloni ngokuwabhalela incwadi ekhuluma ‘izwi elihle’ likaJehova lokuthi uzowabuyisela. (Jer. 29:1-4, 10) Nanamuhla, ‘izwi elihle’ lalokho uJehova azokwenza maduze lingasakazwa ngempumelelo ngokubhala izincwadi nangocingo. Ungazisebenzisa yini lezo zindlela usize izihlobo zakho noma abanye abahlala kude noma okungelula ukubathinta?
16 Ngokulingisa isibonelo sikaJeremiya sokuyifeza ngokugcwele inkonzo yakhe, abamemezeli boMbuso namuhla ngokuvamile bathola imiphumela emihle. UFakazi othile eChile waxoxa nowesifazane owayephuma esiteshini sesitimela. Wajabula kakhulu lapho ezwa isigijimi seBhayibheli futhi wavuma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli emzini wakhe. Nokho, lo Fakazi akazange alibhale ikheli lalona wesifazane. Ngemva kwalokho, ephawula ukubaluleka kokuhlakulela isithakazelo salo wesifazane eqinisweni, udadewethu wacela usizo kuJehova ngomthandazo. Ngakusasa, waphindela esiteshini ngesikhathi esifanayo, baphinde bahlangana. Kulokhu, waqikelela ukuthi uyalibhala ikheli lakhe futhi kamuva wamvakashela kwakhe ukuze amsize aqonde imiBhalo. Maduze izwe likaSathane lizothola izahlulelo zikaNkulunkulu. Kodwa likhona ithemba ngalabo abaphendukayo futhi babe nokholo ezindabeni ezinhle. (Funda isiLilo 3:31-33.) Ngakho, masikubonise lokho ngokusebenza insimu yethu ngendlela ebonisa ukuthi sinonembeza.
“MHLAWUMBE BAYOLALELA BABUYE”
17. Ungasilingisa kanjani isimo sengqondo sikaJeremiya ensimini yakini?
17 UJehova wayengafuni ukuba abantu balahlekelwe ukuphila. Eminyakeni engaba yishumi ngaphambi kokubhujiswa kweJerusalema, wathuma uJeremiya ukuba achaze ithemba lalabo ababethunjelwe eBhabhiloni. Siyafunda: “Ngiyobeka iso lami phezu kwabo ngendlela enhle, futhi ngokuqinisekile ngiyobenza babuye kuleli zwe. Ngiyobakha, ngeke ngidilize; ngiyobatshala, futhi ngeke ngisiphule.” UJeremiya wayengase athi kubo: “Likhona ithemba ngekusasa [lenu].” (Jer. 24:6; 26:3; 31:17) UJeremiya wayebheka abantu ngendlela uNkulunkulu ayebabheka ngayo. Inkonzo yakhe wayifeza ngokukhathalela okuqotho, esho amazwi kaJehova okunxusa: “Sizani nibuye yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nenze izenzo zenu zibe zinhle.” (Jer. 35:15) Zikhona yini ezinye izindlela ongazicabanga zokubonisa abantu basensimini yakini isithakazelo esijulile?
18, 19. (a) Kumelwe sibe namuphi umbono njengoba sishumayela izindaba ezinhle? (b) Yisiphi isimo sengqondo sikaJeremiya okufanele nathi sibe naso?
18 Uthando olujulile lukaJeremiya ngabantu aluzange luphole. Ngesikhathi kubhujiswa iJerusalema waqhubeka enesihawu ngabo. (Funda isiLilo 2:11.) AmaJuda ayezigwaze ngowawo. Kodwa uJeremiya akazange athi, ‘Nginitshelile.’ Kunalokho, wadabuka kakhulu ngalokho okwakuwehlele. Ngokufanayo, inkonzo yethu akumelwe ibe ngeyokugcina icala, yenziwe ngokushwampuluza. Imizamo yethu yokunikeza ubufakazi kufanele ibonise ukuthi simthanda kangakanani uNkulunkulu wethu omuhle kanye nabantu, abenziwe ngomfanekiso wakhe.
19 Alikho ilungelo noma umsebenzi odlula owokufakaza ngoNkulunkulu weqiniso kuleli zwe. Ezizwa ngaleyo ndlela, uJeremiya wabhala: “Amazwi akho atholakala, ngawadla; izwi lakho kimi liba ngukwethaba nokujabula kwenhliziyo yami; ngoba igama lakho libizwé phezu kwami, Jehova.” (Jer. 15:16) Njengoba sishumayela izindaba ezinhle, baningi abangase bamazi futhi bamthande Lowo abamkweleta ukuphila kwabo. Ngokukhonza ngentshiseko nangothando njengoba kwenza uJeremiya, siyoba neqhaza kulokho.
NjengoJeremiya, yiziphi ezinye izindlela zokusakaza ‘izwi elihle’ likaJehova ongase uzame ukuzisebenzisa esikhathini esizayo?
a Njengakule ndaba, uJehova wayevame ukuthuma izingelosi ukuba zikhulume kube sengathi uYena okhulumayo.—AbaHl. 13:15, 22; Gal. 3:19.