ISAHLUKO SESIKHOMBISA
“Ngiyosuthisa Umphefumulo Okhathele”
1. Isiphi isibusiso sezwe elisha obheke phambili kuso ngokukhethekile?
“IZWE elisha.” Lapho uzwa lawo mazwi, uye ucabange yini ngezinye zezibusiso ezabikezelwa? Mhlawumbe umzimba ophelele, inala yokudla okunomsoco, izilwane ezinokuthula noma imizi evikelekile. Cishe ungawasho amavesi eBhayibheli asekela lawo mathemba. Nokho, ungasikhohlwa lesi sibusiso—impilo enhle engokomoya nengokomzwelo. Ngaphandle kwayo, konke okunye esikujabulelayo kungasheshe kuphele.
2, 3. Isiphi isibusiso esikhethekile imibhalo kaJeremiya esisiza ukuba sisilindele?
2 Lapho ethuma uJeremiya ukuba abikezele ngokubuya kwamaJuda eBhabhiloni, uNkulunkulu wakhuluma ngendlela la maJuda ayeyozizwa ngayo: “Usazovunula ngamathamborini akho futhi uphume impela ngomdanso walabo abahlekayo.” (Funda uJeremiya 30:18, 19; 31:4, 12-14.) Washo nokunye okungakuthinta: “Ngiyosuthisa umphefumulo okhathele, nayo yonke imiphefumulo eyethayo ngiyoyigcwalisa.” I-NET Bible isibeka kanje lesi sithembiso sikaNkulunkulu: “Ngizozanelisa ngokugcwele izidingo zabakhathele, ngiyiqabule ngokuphelele imiphefumulo yababuthaka.”—Jer. 31:25.
3 Cabanga nje! UJehova wathi uyosuthisa, noma anelise ngokugcwele, okhathele nodikibele. Futhi lokho uNkulunkulu akuthembisayo uyakwenza. Imibhalo kaJeremiya isiqinisekisa ngokuthi nathi sizokwaneliswa. Ibuye isibonise indlela esingakhuthazeka futhi sibe nethemba ngayo ngisho kwamanje. Ngaphezu kwalokho, ibonisa izindlela ezingokoqobo esingakhuthaza ngazo abanye, sibasize bavuselele imiphefumulo yabo ekhathele.
4. Kungani singayiqonda indlela uJeremiya ayezizwa ngayo?
4 Leso sithembiso sasiwumthombo wenduduzo kuJeremiya futhi singaba yiwo nakithi. Ngani? Khumbula iphuzu elivezwe eSahlukweni 1 sale ncwadi—ukuthi uJeremiya “wayengumuntu onemizwa efana neyethu” njengo-Eliya. (Jak. 5:17) Cabanga ngezizathu ezimbalwa ezazingenza uJeremiya azizwe edikibele noma ecindezelekile ngezinye izikhathi. Njengoba ucabanga, zibuze ukuthi wena ubungazizwa kanjani ngaphansi kwezimo ezifanayo nokuthi kungani izimo obhekene nazo zingase zikudikibalise.—Roma 15:4.
5. Yini okungenzeka yadikibalisa uJeremiya?
5 Kungenzeka ukuthi uJeremiya wayebuye adikibaliswe abantu bakubo. Wakhulela e-Anathoti. Yayingumuzi wamaLevi oqhele ngamakhilomitha ambalwa enyakatho-mpumalanga yeJerusalema. Kungenzeka ukuthi kwakunabantu ayebajwayele mhlawumbe nezihlobo zakhe e-Anathoti. UJesu wathi umprofethi akabi nodumo ezweni lakubo, futhi kwakunjalo ngoJeremiya. (Joh. 4:44) Abantu basemzini wakubo abagcinanga ngokungabi nandaba naye noma ukumdelela. UNkulunkulu wake wathi ‘abantu base-Anathoti babefuna umphefumulo [kaJeremiya].’ Bamdelela bathi: “Akumelwe uprofethe egameni likaJehova, ukuze ungafi ngesandla sethu.” Yeka usongo lomakhelwane, mhlawumbe nezihlobo, okwakufanele ngabe ziyamsekela!—Jer. 1:1; 11:21.
6. Uma osebenza nabo noma abanye bekuphikisa, ungazuza kanjani endabeni kaJeremiya ‘nabantu base-Anathoti’?
6 Uma ucindezelwa omakhelwane, ofunda nabo esikoleni, osebenza nabo noma ngisho amalungu omkhaya, makukududuze ukwazi indlela uJehova asebenzelana ngayo noJeremiya. Ngaleso sikhathi, uNkulunkulu wathi ‘uyobanaka’ abase-Anathoti ababephikisa umprofethi wakhe. (Funda uJeremiya 11:22, 23.) Isikhuthazo sikaNkulunkulu samsiza ngempela uJeremiya ukuba anganqotshwa ukudikibala okwakubangelwa yilabo baphikisi. Kamuva, ukunaka kukaNkulunkulu kwakuyophumela ‘enhlekeleleni phezu kwabantu base-Anathoti,’ futhi nebala kwaba njalo. Nawe qiniseka ukuthi uJehova uyabona, noma unakile. (IHu. 11:4; 66:7) ‘Ukuhlala’ kwakho ezimfundisweni zeBhayibheli nokwenza okulungile kungase kusize abanye abaphikisi babalekele inhlekelele ebingabehlela.—1 Thim. 4:16.
Encwadini kaJeremiya, yini ebonisa ukuthi uNkulunkulu unesithakazelo emizweni yabantu bakhe futhi kungenzeka lokhu kwamsiza kanjani lo mprofethi?
IZENZO EZINGADIKIBALISA
7, 8. UJeremiya wahlukunyezwa kanjani, futhi lokho kwamthinta kanjani?
7 UJeremiya wabhekana nokungaphezu nje kokusongelwa abantu bakubo. Esinye isenzakalo sasihilela indoda edumile eJerusalema, umpristi ogama lakhe linguPhashuri.a Lapho ezwa isiprofetho saphezulu, “uPhashuri wamshaya uJeremiya umprofethi wamfaka esitokisini.” (Jer. 20:1, 2) Cishe lawo mazwi ayesho okungaphezu nje kokushaywa ngempama. Abanye baphetha ngokuthi uPhashuri wayala ukuba uJeremiya ashaywe noma abhaxabulwe imivimbo engu-40. (Dut. 25:3) Ngesikhathi eshaywa kanjalo, kungenzeka abantu babemklolodela, bemthuka, bemkhafulela nokumkhafulela. Akuphelelanga lapho. UPhashuri wafaka uJeremiya “esitokisini,” wahlala khona ubusuku bonke. Igama lesiHebheru elisetshenzisiwe lisikisela ukuthi umzimba wakhe wawusontiwe, wagotshwa. Yebo, uJeremiya wazwiswa ubuhlungu ngenkani ubusuku bonke, cishe eboshelwe ezingongolweni.
8 Kwamthinta kanjani lokhu uJeremiya? Wathi kuNkulunkulu: “Ngibe yinto yokuhlekwa usuku lonke.” (Jer. 20:3-7) Waze wacabanga ngisho nokuyeka ukukhuluma ngegama likaNkulunkulu. Kodwa uyazi ukuthi uJeremiya wayengeke ayeke futhi akayekanga. Kunalokho, isigijimi sikaNkulunkulu ayethunywe ukuba asimemezele ‘saba njengomlilo ovuthayo ovalelwe emathanjeni [akhe],’ futhi kwadingeka akhulume ngoJehova.—Funda uJeremiya 20:8, 9.
9. Kungani kungasisiza ukucabanga ngokwehlela uJeremiya?
9 Le ndaba ingasisiza uma sigconwa abantu esibajwayele, kungaba izihlobo, omakhelwane, esisebenza nabo noma esifunda nabo. Akufanele simangale uma ngezinye izikhathi ukuphikiswa okunjalo kusidikibalisa kancane. Singase sidikibale nalapho sihlukunyezwa ngenxa yokuphishekela ukukhulekela kweqiniso. Indoda engaphelele uJeremiya yadikibala lapho yehlelwa yizinto ezinjalo, manje thina singaphunyuka kanjani ngoba sinemizwa efana neyakhe? Noma kunjalo, kumelwe singakhohlwa ukuthi ngosizo lukaNkulunkulu uJeremiya wabuye wajabula, waba nesibindi. Akahlalanga edikibele, nathi akudingeki sihlale sidikibele.—2 Kor. 4:16-18.
10. Yini iBhayibheli elisichazela yona ngemizwa kaJeremiya?
10 Ngezinye izikhathi imizwa kaJeremiya yayishintshashintsha. Ingabe kuke kwenzeke nakuwe lokhu—mhlawumbe uzizwa ujabule, weneme, gwiqiqi usuzizwa udanile futhi udangele? Mayelana nokuzizwa ejabule, phawula amazwi akuJeremiya 20:12, 13. (Yifunde.) Ngemva kwakho konke uPhashuri ayemenze kona, uJeremiya wajabula ngokuba njengomunye wabampofu okhululwe “esandleni sabenzi bokubi.” Cishe kuyenzeka uzizwe wethabile, ufise ukuhubela uJehova, mhlawumbe ngoba ukhululwe esimweni esithile noma kukhona okujabulisayo okwenzekile ekuphileni kwakho noma enkonzweni yobuKristu. Akuve kumnandi ukuzizwa ngaleyo ndlela!—IzE. 16:25, 26.
11. Uma imizwa yethu ishintshashintsha, yini okufanele siyikhumbule ngoJeremiya?
11 Kepha ngenxa yokuthi asiphelele, imizwa yethu ingashintshashintsha njengekaJeremiya. Ngemva kokuba ethe “hlabelelelani uJehova,” wazizwa ephelelwa ithemba kakhulu, mhlawumbe waze wakhala izinyembezi. (Funda uJeremiya 20:14-16.) Umoya wakhe wawuphansi kangangokuba wazibuza ukuthi wayezalelweni! Ekuleso simo, wathi umuntu owamemezela ukuzalwa kwakhe wayeqalekiswe njengeSodoma neGomora. Kodwa nakhu okubalulekile: Ingabe uJeremiya wahlala edikibele? Ingabe waphonsa ithawula, wasale esezitshela ukuthi useyophila nayo imizwa yokudikibala? Cha. Kunalokho, kumelwe ukuba wenza okuthile ukuze alwe nayo futhi waphumelela. Cabanga ngalokhu okushiwo ngokulandelayo, ngokwendlela incwadi kaJeremiya ehlelwe ngayo. Omunye uPhashuri, oyinkosana, waya kuJeremiya eyobuzela iNkosi uZedekiya ngabaseBhabhiloni ababevimbezele iJerusalema. UJeremiya wathi ngibonwa yini, wasimemezela ngesibindi isahlulelo sikaJehova nomphumela waso. (Jer. 21:1-7) Ngokusobala, uJeremiya waqhubeka engumprofethi okhuthele!
12, 13. Yini esingayenza ukuze sibhekane ngempumelelo nemizwa yethu eshintshashintsha ngokuphawulekayo?
12 Ezinye zezinceku zikaNkulunkulu namuhla ziba nemizwa eshintshashintshayo. Ingase ibangelwe ukugula—mhlawumbe ukuguquguquka kwama-hormone noma ukungalingani kwamakhemikhali emzimbeni—futhi udokotela angase asikisele izindlela zokunciphisa lokhu kushintshashintsha kwemizwa. (Luka 5:31) Kodwa kwabaningi bethu, ukwenama noma ukudangala esikuzwa ngezinye izikhathi akukubi kangako. Cishe imizwa yokudangala ezikhathini eziningi iyingxenye yokuphila komuntu ongaphelele. Ingase ibangelwe ukukhathala noma ukushonelwa othandekayo. Uma sificwa yizimo ezinjalo, singakhumbula ukuthi nekaJeremiya imizwa yashintshashintsha, kodwa wahlala esemseni kaNkulunkulu. Ukuze sibhekane nakho ngempumelelo, kungase kudingeke sihlele kabusha isimiso sethu ukuze siphumule ngokwengeziwe. Noma kungadingeka siziphe isikhathi sokuthoba inxeba ngemva kokushonelwa. Okubaluleke kakhulu ukuba singayeki ukuba khona njalo emihlanganweni yobuKristu nokuhlanganyela njalo emisebenzini yenkonzo. Lezo izihluthulelo zokuhlala sinombono oqondile nenjabulo ekukhonzeni uNkulunkulu.—Math. 5:3; Roma 12:10-12.
13 Kungakhathaliseki ukuthi kuyaqabukela uzwa umoya wakho uphansi noma kwenzeka njalo, okwenzeka kuJeremiya kungakududuza. Njengoba kuphawuliwe, naye wayezizwa ephansi ngezinye izikhathi. Noma kunjalo, akakuvumelanga ukudikibala kumenze ashiye uNkulunkulu ayemthanda futhi emkhonza ngokwethembeka. Lapho abaphikisi bemphatha kabi ngenxa yokuthi wayenza okuhle, waphendukela kuJehova wabeka ithemba lakhe kuye. (Jer. 18:19, 20, 23) Zimisele ukulingisa uJeremiya.—IsiL. 3:55-57.
Uma ngezinye izikhathi uzizwa udikibala noma udangala, ungakusebenzisa kanjani okuthola encwadini kaJeremiya?
INGABE UZOYIQABULA IMIPHEFUMULO EKHATHELE?
14. UJeremiya wasithola kanjani isikhuthazo ngokuyinhloko?
14 Kuhle siqaphele indlela uJeremiya akhuthazwa ngayo nendlela akhuthaza ngayo abanye ‘ababeyimiphefumulo ekhathele.’ (Jer. 31:25) Wathola isikhuthazo kuJehova ngokuyinhloko. Cabanga nje ukuthi wawuyokhuthazeka kanjani lapho uzwa uJehova ethi kuwe: “Kodwa mina, bheka ngikwenzé namuhla waba ngumuzi onezivikelo eziqinile . . . Ngokuqinisekile bazolwa nawe, kodwa ngeke bakunqobe, ngoba ‘mina nginawe,’ kusho uJehova, ‘ukuba ngikukhulule.’” (Jer. 1:18, 19) Yingakho uJeremiya athi uJehova ‘ungamandla akhe nesiphephelo sakhe, indawo yakhe yokubalekela ngosuku lokucindezeleka.’—Jer. 16:19.
15, 16. Indlela uJehova akhuthaza ngayo uJeremiya ibonisa ukuthi yini esingayenza ukuze sikhuthaze abanye?
15 Kuyaphawuleka ukuthi uJehova wathi kuJeremiya: “Mina nginawe.” Uyabona yini ukuthi yini ongayenza lapho umuntu omaziyo edinga isikhuthazo? Kuhle ukubona ukuthi umfowethu noma udade ongumKristu noma mhlawumbe isihlobo sidinga isikhuthazo; kodwa kuhle kakhulu ukwenza okuthile okuwusizo ngakho. Ezikhathini eziningi, okuphumelela kakhulu ukwenza lokho uNkulunkulu akwenza kuJeremiya—ukuchitha isikhathi naye. Ngemva kwesikhashana, mkhuthaze, kodwa ungakhulumi undendende. Amazwi ambalwa, uma ekhethwe kahle, cishe ayofeza okukhulu ukuze amqinise futhi amakhe. Akudingeki ube igagu. Yisho amazwi alula abonisa isithakazelo, ukukhathalela nothando lobuKristu. Amazwi anjalo angafeza lukhulu.—Funda izAga 25:11.
16 UJeremiya wacela: “O Jehova, ngikhumbule futhi unginake.” Kwase kwenzekani? Umprofethi uyachaza: “Amazwi akho atholakala, ngawadla; izwi lakho kimi liba ngukwethaba nokujabula kwenhliziyo yami.” (Jer. 15:15, 16) Lowo ofuna ukumkhuthaza naye angase adinge ukuba umnake ngomusa. Kuyavunywa, amazwi akho ngeke afane nakaJehova. Yize kunjalo, ungawafaka amazwi athile kaNkulunkulu kokushoyo. Lawo mazwi asuka enhliziyweni nasekelwe eBhayibhelini angayijabulisa ngempela inhliziyo yodikibele.—Funda uJeremiya 17:7, 8.
17. Yisiphi isifundo esibalulekile esingasifunda endleleni uJeremiya asebenzelana ngayo noZedekiya noJohanani?
17 Phawula ukuthi ngemva kokuba uJeremiya ekhuthazwe uNkulunkulu, wakhuthaza nabanye. Kanjani? Ngesinye isikhathi iNkosi uZedekiya yamtshela ukuthi yesaba amaJuda ayesezihlanganise nabaseBhabhiloni. Lo mprofethi wayikhuthaza, eyincenga ukuba ilalele uJehova ukuze kuyihambele kahle. (Jer. 38:19, 20) Ngemva kokubhujiswa kweJerusalema kwasala amaJuda ambalwa, induna yawo yempi uJohanani yacabanga ukuwayisa eGibhithe. Kodwa yaqale yabuza uJeremiya. Lo mprofethi wamlalela uJohanani, wayesethandaza kuJehova. Ngemva kwalokho wamtshela impendulo kaJehova ekhuthazayo, ethi kwakuyobahambela kahle uma belalela isiqondiso saphezulu sokuba bahlale ezweni. (Jer. 42:1-12) Kuzo zombili lezi zikhathi, uJeremiya walalela ngaphambi kokuba akhulume. Kusemqoka ukulalela ukuze sikhuthaze abanye. Vumela ochobozekile avule isifuba sakhe. Lalela ukuthi ukhathazwa yini. Lapho kufaneleka, mkhuthaze. UNkulunkulu ngeke akwembulele ozokusho kulowo odinga isikhuthazo, kodwa ungasho amazwi akhuthazayo avela eZwini lakhe, amazwi agxile kulokho ikusasa elisiphathele khona.—Jer. 31:7-14.
18, 19. Iyiphi indlela yokukhuthaza abanye esiyifunda endabeni yamaRekabi neka-Ebhedi-meleki?
18 UZedekiya noJohanani abazange basilalele iseluleko esikhuthazayo sikaJeremiya, ngokufanayo namuhla bangase bangasilaleli nesakho. Ungakuvumeli lokho kukudikibalise. Bakhona abasilalela isikhuthazo sikaJeremiya futhi cishe baningi abayosilalela nesakho. Cabanga ngamaRekabi, iqembu lamaKheni elalinobuhlobo namaJuda iminyaka eminingi. Phakathi kwemiyalo ayeyinikwe ukhokho wawo uJehonadaba, kwakunothi njengabafokazi, kwakungafanele baphuze iwayini. Lapho abaseBhabhiloni behlasela, uJeremiya wawayisa endlini yokudlela ethempelini. Eqondiswa uNkulunkulu, wawanika iwayini. Ngokungafani no-Israyeli ongalaleli, amaRekabi ahlonipha ukhokho wawo, amlalela futhi angaliphuza iwayini. (Jer. 35:3-10) UJeremiya wawatshela ukuthi uJehova uyawancoma, wawatshela nesithembiso saKhe ngekusasa lawo. (Funda uJeremiya 35:14, 17-19.) Nawe ungenza kanjalo lapho ukhuthaza abathile: Bancome ngobuqotho uma kungenzeka.
19 UJeremiya wenza okufanayo naku-Ebhedi-meleki, umTopiya owayeyisikhulu embusweni weNkosi uZedekiya. Izikhulu zakwaJuda zaziyale ukuba uJeremiya aphonswe emgodini onodaka, zamshiya ukuba afele khona engenacala. U-Ebhedi-meleki wamkhalela eNkosini uZedekiya, eyabe isimgunyaza ukuba amkhiphe lo mprofethi. Le ndoda eyisifiki yakwenza lokhu nakuba yayingase iphikiswe ngobudlova. (Jer. 38:7-13) Njengoba cishe lesi senzo sayo sayizondanisa nezikhulu zakwaJuda, kungenzeka ukuthi yayikhathazekile ngekusasa layo. UJeremiya akazange athule, azitshele ukuthi u-Ebhedi-meleki uzozibonela. Wakhuluma naye, emkhuthaza ngezibusiso zikaNkulunkulu ngekusasa.—Jer. 39:15-18.
20. Yini okufanele sifune ukuyenzela abafowethu, abasha noma asebekhulile?
20 Ngempela, njengoba sifunda incwadi kaJeremiya, sithola izibonelo ezinhle kakhulu zendlela thina ngabanye esingakwenza ngayo lokho umphostoli uPawulu anxusa abafowethu baseThesalonika ukuba bakwenze: “Qhubekani niduduzana futhi nakhana . . . Umusa ongafanelwe weNkosi yethu uJesu Kristu ube nani.”—1 Thes. 5:11, 28.
Yiziphi izifundo ozifunde kuJeremiya ohlela ukuzisebenzisa njengoba uzama ukukhuthaza imiphefumulo ekhathele?
a Phakathi nokubusa kukaZedekiya, kwakunomunye uPhashuri, inkosana eyacela inkosi ukuba ibulale uJeremiya.—Jer. 38:1-5.