Impikiswano KaJehova Nezizwe
“Umsindo uyakufinyelela emkhawulweni womhlaba, ngokuba uJehova uyamelana nezizwe.”—JEREMIYA 25:31.
1, 2. (a) Kwenzekani kwaJuda ngemva kokufa kweNkosi uJosiya? (b) Kwakungubani inkosi yokugcina yakwaJuda, futhi yahlupheka kanjani ngenxa yokungathembeki kwayo?
IZWE lakwaJuda lalibhekene nezikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo. Enye inkosi elungile, uJosiya, yayidambise intukuthelo kaJehova evuthayo okwesikhashana. Kodwa yini eyalandela lapho uJosiya ebulawa ngo-629 B.C.E.? Amakhosi amlandela ahlambalaza uJehova.
2 Inkosi yokugcina yakwaJuda, uSedekiya, indodana yesine kaJosiya yaqhubeka, njengoba kusho eyesi-2 AmaKhosi 24:19, “[yenza] okubi emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo [umfowabo omdala] uJehoyakimi.” Waba yini umphumela? UNebukadinesari wahlasela iJerusalema, wabamba uSedekiya, wabulala amadodana akhe phambi kwakhe, wamkhipha amehlo, futhi wamyisa eBabiloni. Ngaphezu kwalokho, abaseBabiloni baphanga izitsha ezazisetshenziswa ekukhulekeleni uJehova, bathungela ithempeli nomuzi ngomlilo. Abasinda baba abathunjwa eBabiloni.
3. Kwaqala yiphi inkathi lapho kubhujiswa iJerusalema ngo-607 B.C.E., futhi yini eyayizokwenzeka ekupheleni kwaleyonkathi?
3 Lowonyaka, ka-607 B.C.E., awuzange nje ube unyaka wokuchithwa ngokuphelele kweJerusalema kodwa futhi wawuyisiqalo ‘sezikhathi ezimisiwe zabezizwe,’ okubhekiselwa kuzo kuLuka 21:24. Lenkathi yeminyaka ewu-2 520 yaphela ekhulwini lethu leminyaka, ngonyaka ka-1914. Ngalowonyaka sase sifikile isikhathi sokuba uJehova, ngeNdodana yakhe ebekwe esihlalweni sobukhosi, uJesu Kristu, omkhulu kunoNebukadinesari, amemezele futhi akhiphe isahlulelo ezweni elonakele. Lokhu kwahlulela kuqala kulokho okufuzisela uJuda namuhla, umfuziselo ozisholo ukuthi umelela uNkulunkulu noKristu emhlabeni.
4. Yimiphi imibuzo ephakamayo manje ngokuphathelene nesiprofetho sikaJeremiya?
4 Ingabe siyakubona ukufana phakathi kwesiyaluyalu esaba khona phakathi neminyaka yokugcina kaJuda ngaphansi kwamakhosi akhe—nezenzakalo ezibhubhisayo ezichaphazela nezizwe ezingomakhelwane—nesiyaluyalu esikhona kweLobukholwa namuhla? Ngokuqinisekile siyakubona! Khona-ke, yini isiprofetho sikaJeremiya esiyibonisayo ngendlela uJehova ayosingatha ngayo izindaba namuhla? Ake sibone.
5, 6. (a) Kusukela ngo-1914, isimo kweLobukholwa siye safana kanjani nesakwaJuda ngaphambi nje kokubhujiswa kwakhe? (b) Yisiphi isigijimi uJeremiya wanamuhla aye wasiyisa kweLobukholwa?
5 Eminyakeni engu-40 edlule isazi sesayensi yezibalo nesefilosofi saseBrithani uBertrand Russell sathi: “Kusukela ngo-1914, wonke umuntu okuqaphelayo ukuthambekela kwezwe uye wakhathazeka ngokujulile ngenxa yalokho okuye kwabonakala kufana nohambo olunqunywe kusengaphambili oluya enhlekeleleni enkulu kakhulu.” Isikhulu sikahulumeni waseJalimane uKonrad Adenauer sathi: “Ukulondeka nokuthula kuye kwanyamalala ekuphileni kwabantu kusukela ngo-1914.”
6 Namuhla, njengasosukwini lukaJeremiya, ukusondela ekupheleni kwesimiso sezinto kubonakala ngokuchithwa kwamathantala egazi elingenacala, ikakhulukazi ezimpini ezimbili zezwe zalelikhulu leminyaka. Ngokwengxenye enkulu, lezizimpi zalwiwa amazwe eLobukholwa, athi akhulekela uNkulunkulu weBhayibheli. Yeka ubuzenzisi! Akumangalisi ukuthi uJehova uthumele oFakazi bakhe kuwo, ethi, ngamazwi kaJeremiya 25:5, 6: “Ake nibuye, kube-yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nasebubini bezenzo zenu . . . ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nibakhonze, nikhuleke kubo, ningangicunuli ngemisebenzi yezandla zenu; khona [angiyukunenzela] okubi.”
7. Yibuphi ubufakazi obukhona bokuthi eLobukholwa liye langazinaka izixwayiso zikaJehova?
7 Nokho, lamazwe eLobukholwa ahlulekile ukubuya. Lokhu kuye kwaboniswa ukwenzela kwawo onkulunkulu bempi imihlatshelo eyengeziwe eKorea naseVietnam. Futhi ayaqhubeka exhasa ngezimali abathengisi bokufa nabakhiqizi bezikhali. Amazwe eLobukholwa alungiselela ingxenye enkulu yemali ecishe ibe amadollar ayisigidi sezigidi (R3,2 billion) eyachithwa ezikhalini unyaka ngamunye phakathi nawo-1980. Kusukela ngo-1951 kuya ku-1991, izindleko zempi e-United States kuphela zadlula inzalo etholwa yizo zonke izinhlangano zaseMelika zihlangene. Kusukela ekupheleni kweMpi Yomshoshaphansi okwamenyezelwa kabanzi, kuye kwancishiswa izikhali zenuzi eseziphelelwe isikhathi, kodwa kusekhona izinqolobane ezinkulu zezinye izikhali ezibulalayo futhi ziyaqhubeka zithuthukiswa. Ngolunye usuku lezi zingase zisetshenziswe.
Ukwahlulelwa KweLobukholwa Eliyekelelayo
8. Amazwi kaJeremiya 25:8, 9 ayogcwaliseka kanjani kweLobukholwa?
8 Amanye amazwi kaJehova, atholakala kuJeremiya 25:8, 9, manje asebenza ngokukhethekile kweLobukholwa, eliye lahluleka ukuphila ngezindinganiso zokulunga zobuKristu: “Ngalokho usho kanje uJehova-Sebawoti, uthi: Ngenxa yokuba ningawalalelanga amazwi ami, bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni yasenyakatho, usho uJehova, noNebukadiresari inkosi yaseBabele, inceku yami, ngibehlisele phezu kwalelizwe nabakhileyo kulo, naphezu kwazo zonke lezizizwe nxazonke, ngibaqalekise, ngibenze babe-yisimangaliso nento encimfelwayo, nencithakalo ephakade.” Ngakho, usizi olukhulu luyoqala ngabantu abathi bangabakaNkulunkulu, eLobukholwa, ekugcineni ludlulele emhlabeni wonke, kuzo ‘zonke izizwe nxazonke.’
9. Isimo esingokomoya seLobukholwa siye saba sibi kakhulu ngaziphi izindlela esikhathini sethu?
9 Kwake kwaba nesikhathi kweLobukholwa lapho iBhayibheli lalihlonishwa khona, lapho umshado nokuphila komkhaya kwakubhekwa khona njengomthombo wenjabulo endaweni yonke, lapho abantu babevuka khona ekuseni futhi bathole ukwaneliseka emsebenzini wabo wansuku zonke. Abaningi babeziqabula ngokufunda nangokutadisha iZwi likaNkulunkulu kusihlwa. Kodwa namuhla, ukuziphatha okuxekethile kobulili, isehlukaniso, ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa nobudakwa, ubuhlongandlebe, ukuhaha, imikhuba yokusebenza yobuvila, ukuluthwa i-TV, neminye imikhuba emibi kuye konakalisa ukuphila ngezinga elishaqisayo. Lokhu kwandulela imbubhiso uJehova uNkulunkulu asezoyikhipha kweLobukholwa eliyekelelayo.
10. Chaza isimo seLobukholwa ngemva kokukhishwa kwezahlulelo zikaJehova.
10 UJehova uyamemezela, njengoba sifunda kuJeremiya isahluko 25, amavesi 10 no-11: “Ngiyakususa kubo izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi lomakoti, nomsindo wamatshe okugaya nokukhanya kwesibani. Izwe lonke leli liyakuba-yincithakalo nesimangaliso.” Ngempela kuyoba okumangalisayo lapho amathempeli amakhulu nezigodlo zokunethezeka zeLobukholwa ziba incithakalo. Iyoba nkulu kangakanani lembubhiso? Esikhathini sikaJeremiya, kwaphela iminyaka engu-70 uJuda nezizwe ezingomakhelwane kubhujisiwe, leyo iHubo 90:10 eliyichaza njengeminyaka yokuphila komuntu. Ukukhipha kukaJehova isahlulelo namuhla kuyoba okuphelele, okuphakade.
Ukwahlulelwa KweBabiloni Elikhulu
11. Ubani oyosetshenziswa ekubhubhiseni eLobukholwa? Kungani?
11 Njengoba kwabikezelwa kusAmbulo 17:12-17, kuyofika isikhathi lapho uJehova eyoqala khona isenzo sakhe esingavamile ngokufaka ezinhliziyweni ‘zezimpondo eziyishumi’—amalungu ahlomile eZizwe Ezihlangene—ukuba “zenze umqondo wakhe” wokubhubhisa umbuso wezwe wenkolo yamanga. Kuyokwenzeka kanjani lokhu? Kunezindlela eziningi “izimpondo eziyishumi” zesAmbulo isahluko 17, ngokwamazwi evesi 16, ezingase ‘zizonde ngazo isifebe . . . zisishise ngomlilo, zisiqede.’ Kuyiqiniso ukuthi izikhali zenuzi ziye zanda futhi zisanda ezindaweni eziningi ezisongelwa yimpi emhlabeni. Kodwa kumelwe silinde futhi sibone indlela uJehova ayokufaka ngayo ezinhliziyweni zababusi bezombangazwe ukuba bakhiphe impindiselo yakhe.
12. (a) Kwenzekani eBabiloni ngemva kokuba libhubhise iJerusalema? (b) Kuyokwenzekani ezizweni ngemva kokubhujiswa kweLobukholwa?
12 Ezikhathini zasendulo kwafika isikhathi sokuba iBabiloni libhekane nentukuthelo kaJehova evuthayo. Ngokufanelekile, kusukela kuJeremiya isahluko 25, ivesi 12, lesisiprofetho sibheka indaba ngokombono wamuva, oshintshile. Manje uNebukadinesari neBabiloni uhlanganiswa nezizwe zomhlaba njengoba engasayifezi indima yokuba uMkhiphi Wesahlulelo sikaJehova. Namuhla kuyisimo esifanayo. “Izimpondo eziyishumi” zesAmbulo isahluko 17 ziyobhubhisa inkolo yamanga, kodwa kamuva zona ngokwazo ziyobhekana nokubhujiswa kanye nawo wonke amanye ‘amakhosi omhlaba,’ njengoba kuchazwe kusAmbulo isahluko 19. UJeremiya isahluko 25:13, 14 uchaza indlela iBabiloni, kanye nazo “zonke izizwe” eziye zaxhaphaza abantu bakaJehova, ezahlulelwa ngayo. UJehova wayesebenzise uNebukadinesari njengomkhiphi wesahlulelo ekujeziseni uJuda. Kodwa yena namakhosi amuva aseBabiloni ngokuqhosha baziphakamisa ngaphezu kukaJehova uqobo, njengoba ngokwesibonelo kuboniswa ukusetshenziswa ngokungenanhlonipho kwezitsha zethempeli likaJehova. (Daniyeli 5:22, 23) Futhi lapho abaseBabiloni bebhubhisa iJerusalema, izizwe ezingomakhelwane bakaJuda—zakwaMowabi, zakwa-Amoni, zaseTire, zakwa-Edomi, nezinye—zaziphakamisa futhi zabahleka usulu abantu bakaNkulunkulu. Nazo futhi kwakumelwe zithole inkokhelo ezifanele evela kuJehova.
Ukwahlulelwa Kwazo “Zonke Izizwe”
13. Asho ukuthini amazwi athi “lendebe yewayini lokufutheka,” futhi kwenzekani kulabo abaphuza kulendebe?
13 Ngakho, uJeremiya uyamemezela, njengoba kulotshwe esahlukweni 25, emavesini 15 no-16: “Washo kanje uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli kimi, wathi: Thatha lendebe yewayini lokufutheka esandleni sami, uphuzise kuyo zonke izizwe engikuthuma kuzo. Ziyakuphuza, zintengantenge, zihlanye ngaphambi kwenkemba engiyakuyithuma phakathi kwazo.” Kungani lena ‘kuyindebe yewayini lokufutheka kukaJehova’? KuMathewu 26:39, 42 nakuJohane 18:11, uJesu wakhuluma ‘ngesitsha [“indebe,” NW]’ njengesifanekisela intando kaNkulunkulu ngaye. Ngokufanayo, indebe isetshenziselwa ukufanekisela intando kaJehova yokuphuzisa izizwe impindiselo yakhe yaphezulu. UJeremiya 25:17-26 ubala lamaqembu ezizwe afanekisela izizwe namuhla.
14. Ngokwesiprofetho sikaJeremiya, obani abaphuza endebeni yewayini lokufutheka kukaJehova, futhi lokhu kufanekiselani osukwini lwethu?
14 Ngemva kokuba eLobukholwa, njengoJuda, lenziwe ‘incithakalo, isimangaliso, into encimfelwayo, nesiqalekiso,’ imbubhiso iyobe isilindele wonke umbuso wezwe wenkolo yamanga. Ngokulandelayo, umhlaba wonke, njengoba ufanekiselwa iGibithe, kumelwe uphuze indebe yewayini lokufutheka kukaJehova! Yebo, “onke amakhosi asenyakatho, akude naseduze, yileyo naleyo, nayo yonke imibuso yezwe esebusweni bomhlaba” kumelwe iphuze. Ekugcineni, “nenkosi yaseSheshaki iyakuphuza emva kwabo.” Ingubani ‘lenkosi yaseSheshaki’? Elithi Sheshaki igama leBabiloni elingokomfanekiso, eliyimfihlo, elingaziwa yiwo wonke umuntu. Njengoba nje uSathane ayeyinkosi engabonakali yaseBabiloni, ngakho ‘ungumbusi wezwe’ kuze kube namuhla, njengoba uJesu abonisa. (Johane 14:30) Ngakho, uJeremiya 25:17-26 uyafana nesAmbulo isahluko 18 kuya ku-20 ekuchazeni ukulandelana kwezenzakalo njengoba indebe yokufutheka kukaJehova idluliswa nxazonke. Okokuqala, umbuso wezwe wenkolo yamanga kufanele ubhujiswe, kulandele imibuso yezombangazwe, bese uSathane ngokwakhe evalelwa kwalasha.—IsAmbulo 18:8; 19:19-21; 20:1-3.
15. Kuyokwenzekani lapho isimemezelo ‘sokuthula nokulondeka’ sizwakala?
15 Kuye kwakhulunywa kakhulu ngokuthula nokulondeka selokhu kwathiwa iMpi Yomshoshaphansi iphelile, njengoba kusele umbuso wezwe omkhulu owodwa kuphela. Njengoba kushiwo kusAmbulo 17:10, lowombuso wezwe omkhulu, ikhanda lesikhombisa lesilo sasendle, kumelwe ‘uhlale isikhashana.’ Kodwa ‘lesosikhashana’ sisondela ekupheleni kwaso. Ngokushesha, zonke izimemezelo zezombangazwe ‘zokuthula nokulondeka’ ziyolandelwa “ukubhujiswa [okuyobazuma].” Usho kanjalo umphostoli uPawulu.—1 Thesalonika 5:2, 3.
16, 17. (a) Uma noma ubani ezama ukubalekela isahlulelo sikaJehova, kuyokwenzekani? (b) Kungayiphi indlela ebhubhisayo intando kaJehova eyokwenziwa ngayo ngokushesha emhlabeni?
16 Sonke isimiso sezwe sikaSathane, kuqalwa ngeLobukholwa, kumelwe siphuze indebe yempindiselo kaJehova. Omunye umyalo wakhe awunikeza uJeremiya, olotshwe esahlukweni 25, emavesini 27 kuya ku-29, uyakufakazela lokhu: “Uyakusho kubo ukuthi: Usho kanje uJehova-Sebawoti, uNkulunkulu kaIsrayeli, uthi: Phuzani, nidakwe, nihlanze, niwe, ningabe nisasukuma ngenxa yenkemba engiyakuyithuma phakathi kwenu. Kuyakuthi lapho bala ukuthatha indebe esandleni sakho ukuba bayiphuze, usho kubo ukuthi: Usho kanje uJehova-Sebawoti, uthi: Impela niyakuphuza. Ngokuba bheka, ngiyaqala ukwenza okubi emzini obizwé ngegama lami; nina beniyakuba-ngabangenacala na? Aniyikuba-ngabangenacala ngokuba ngiyakubiza bonke abakhileyo emhlabeni beze enkembeni, usho uJehova-Sebawoti.”
17 Lawo amazwi anamandla—ngempela, amazwi asabisayo, ngoba akhulunywa iNkosi ewuMbusi wendawo yonke, uJehova uNkulunkulu. Phakathi nezinkulungwane zeminyaka, uye wabekezelela ngesineke ukuhlanjalazwa, inhlamba, nenzondo okuye kwanqwatshelaniswa egameni lakhe elingcwele. Nokho, ekugcineni sesifikile isikhathi sokuba aphendule umthandazo iNdodana yakhe ethandekayo, uJesu Kristu, eyawufundisa abalandeli bayo lapho iselapha emhlabeni: “Ngakho-ke anokhuleka kanje, nithi: Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.” (Mathewu 6:9, 10) Kuyintando kaJehova ukuba uJesu asebenze njengenkemba yaKhe ekukhipheni impindiselo.
18, 19. (a) Ubani ogibele ihhashi oyakunqoba egameni likaJehova, futhi ulindeleni ngaphambi kokuba aphelelise ukunqoba kwakhe? (b) Lapho izingelosi zidedela isiphepho esivunguzayo sokufutheka kukaJehova, iziphi izenzakalo ezisabekayo eziyokwenzeka emhlabeni?
18 KusAmbulo isahluko 6, sifunda okokuqala ngoJesu egibele ihhashi elimhlophe “engonqobayo nokuyakunqoba.” (Ivesi 2) Lokhu kwaqala ngokubekwa kwakhe esihlalweni sobukhosi njengeNkosi yasezulwini ngo-1914. Amanye amahhashi nabagibeli kuyamlandela, kufanekisela impi ephelele, indlala, nobhadane lwezifo okuye kwahlupha umhlaba wethu kusukela ngalesosikhathi. Kodwa luyophela nini lonke lolusizi? IsAmbulo isahluko 7 sisazisa ukuthi izingelosi ezine zibambe ngokuqinile “imimoya emine yomhlaba” kuze kube yilapho u-Israyeli ongokomoya nesixuku esikhulu esivela kuzo zonke izizwe sesiqoqelwe ukusindiswa. (Ivesi 1) Bese kwenzekani?
19 UJeremiya isahluko 25, emavesini 30 no-31 uyaqhubeka: “UJehova uyakuduma ephezulu, aliphumise izwi lakhe esendaweni yakhe engcwele; uyakuduma nokuduma phezu kwekhaya lakhe, amemeze njengabanyathela iwayini kubo bonke abakhileyo emhlabeni. Umsindo uyakufinyelela emkhawulweni womhlaba, ngokuba uJehova uyamelana nezizwe; uyahlulela inyama yonke, kepha ababi uyakubanikela enkembeni, usho uJehova.” Ngakho asikho isizwe esiyobalekela ukuphuza indebe yokufutheka kukaJehova. Ngakho-ke, kuyaphuthuma ukuba bonke abantu abanhliziyo ziqotho bazihlukanise ekonakaleni kwezizwe ngaphambi kokuba izingelosi ezine zidedele isivunguvungu somoya wokufutheka kukaJehova. Uyisivunguvungu ngempela, ngoba isiprofetho sikaJeremiya siyaqhubeka emavesini 32 no-33:
20. Yisiphi isenzakalo esishaqisayo esiyogcizelela ukuqina kwesahlulelo sikaJehova, kodwa kungani lesisenzo sidingekile?
20 “Usho kanje uJehova-Sebawoti, uthi: Bheka, okubi kuyaphuma kwesinye isizwe kuye kwesinye, nesivunguvungu siyavuswa emikhawulweni yomhlaba. Ngalolosuku ababuleweyo bakaJehova bayakusukela komunye umkhawulo womhlaba, baze bafike komunye; abayikukhalelwa, abayikubuthwa, abayikumbelwa, bayakuba-ngumquba ebusweni bomhlaba.” Isimo esishaqisayo ngempela, kodwa lesisenzo sidingekile ukuze kususwe bonke ububi emhlabeni ngaphambi kokuba kulethwe iPharadesi lesithembiso sikaNkulunkulu.
Abelusi Bazohewula Futhi Bakhale
21, 22. (a) KuJeremiya 25:34-36, babengobani “abelusi” bakwa-Israyeli, futhi kungani baphoqelelwa ukuba bahewule? (b) Yibaphi abelusi bosuku lwanamuhla abafanelwe ulaka lukaJehova, futhi kungani belufanelekela ngokugcwele?
21 Amavesi 34 kuya ku-36 ayaqhubeka ekhuluma ngesahlulelo sikaJehova, ethi: “Hewulani nina-belusi, nikhale, nihuquzele emlotheni nina-zikhulu zomhlambi, ngokuba seziphelele izinsuku zenu zokuba nihlatshwe, nginihlakaze, niwe njengesitsha esihle. Abelusi abayikuba-nandawo ukubalekela kuyo, izikhulu zomhlambi zingabi-nasiphephelo. Yizwi lokukhala kwabelusi, nokuhewula kwezikhulu zomhlambi, ngokuba uJehova uyachitha idlelo labo.”
22 Bangobani labelusi? Abasibo abaholi benkolo, asebekuphuzile kakade ukufutheka kukaJehova. Bangabelusi bezempi, abachazwe nakuJeremiya 6:3, abahlanganisa amabutho abo ngemihlambi ukuze bamelane noJehova. Bangababusi bezombangazwe, abaye baceba ngokulahlekelwa kwalabo abababusayo. Abaningi balaba bangamaqili kwezebhizinisi noma ezombangazwe, izikhohlakali eziphambili. Baye bephuza ukudambisa indlala ewumshayabhuqe eye yabulala abantu abaningi emazweni ampofu. Bacebisa “izikhulu zomhlambi,” ezinjengosomabhizinisi abanamandla bezikhali nababhubhisi abanobugovu bendawo ezungezile, kuyilapho benqaba ukunikeza usizo lwemithi nokudla okunomsoco okungasindisa amashumi ezigidi zezingane ezifayo ngemali encane kakhulu.
23. Chaza ukuthi siyoba yini isimo sendawo ebuswa uSathane ngemva kwezenzo zikaJehova ezibhubhisayo.
23 Akumangalisi ukuthi labo ngobugovu abazifunela bona kuphela ukuthula, uJeremiya isahluko 25, emavesini 37 no-38 uphetha ngokuthi ngabo: “Nezibaya ezithuleyo ziqediwe ngenxa yokufutheka kolaka oluvuthayo lukaJehova. Uwushiyile umphandu wakhe njengengonyama, ngokuba izwe labo seliyincithakalo ngenxa yokufutheka kwenkemba ecindezelayo nangenxa yokufutheka kolaka lwalo.” Incithakalo ngempela! Nokho, ulaka lukaJehova oluvuthayo ngokuqinisekile luyobonakaliswa ngaLowo ochazwa kusAmbulo 19:15, 16 ngokuthi “iNkosi yamakhosi noMbusi wababusi,” owelusa izizwe ngentonga yensimbi. Yini ezolandela?
24. Yiziphi izibusiso ukubhujiswa kwenkolo yamanga nalo lonke izwe likaSathane okuyoziletha esintwini esilungile?
24 Ingabe wake wabhekana nesiphepho noma isivunguvungu? Kungaba okuhlangenwe nakho okwesabisayo. Kodwa nakuba ekuseni ngosuku olulandelayo, ungase ubone wonke omunye umonakalo okuzungezile, umoya ngokuvamile uyazola futhi ukucwatha kuqabule kangangokuba ungambonga uJehova ngosuku oluhle ngendlela engavamile. Ngokufanayo, lapho iziphepho ezivunguzayo zosizi olukhulu zidamba, ungase ubheke umhlaba unokubonga ngokuthi uyaphila futhi ukulungele ukuhlanganyela emsebenzini kaJehova owengeziwe wokwenza umhlaba ohlanziwe ube ipharadesi elikhazimulayo. Impikiswano kaJehova nezizwe iyobe isifinyelele esiphethweni sayo esikhulu, ingcwelise igama lakhe futhi ivulele intando yakhe indlela yokuba yenziwe emhlabeni ngaphansi kokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane koMbuso WobuMesiya. Kwangathi lowoMbuso ungafika ngokushesha!
Ukubukeza izigaba 5-24 zalesisihloko
◻ Yiziphi izindlela zobuzenzisi beLobukholwa manje ezahlulelwayo?
◻ Yimuphi umbono othuthukisiwe wesahlulelo ovezwayo kuJeremiya 25:12-38?
◻ Iyiphi indebe yempindiselo edluliselwa kuzo zonke izizwe?
◻ Bangobani abelusi abahewulayo nabakhalayo, futhi kungani bekhathazekile?
[Isithombe ekhasini 18]
UJehova uye wakhetha ithuluzi lokubhubhisa eLobukholwa
[Isithombe ekhasini 23]
Ngemva kweziphepho ezivunguzayo zosizi olukhulu, kuyovela umhlaba ohlanziwe