Inkululeko Yeqiniso—Ivela Kumuphi Umthombo?
“Indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo. Ngilaye, Jehova.”—JEREMIYA 10:23, 24.
1, 2. Abantu abaningi bayibheka kanjani inkululeko, kodwa yini enye okudingeka ukuba icatshangelwe?
NGOKUNGANGABAZEKI uyayazisa inkululeko yeqiniso. Ufuna ukukhululeka ukuveza imibono yakho siqu, ukukhululeka ukunquma ukuthi uzohlala kuphi futhi kanjani. Ufuna ukuzikhethela umsebenzi owenzayo, uzikhethele ukudla kwakho, umculo, abangane. Uyazikhethela ezintweni eziningi, ezinkulu nezincane. Akekho umuntu ovamile ofuna ukuba isigqila sababusi abangomashiqela, abe nenkululeko yokuzikhethela encane noma angabi nayo kwanhlobo.
2 Nokho, ingabe ubungelithande yini futhi izwe lapho wena kanye nabanye beniyozuza khona enkululekweni yeqiniso? Ubungelithande yini izwe lapho inkululeko ibiyovikelwa khona ukuze wonke umuntu aphile ukuphila kwakhe ngokugcwele? Futhi uma kwakungenzeka, ubungelithande yini futhi izwe elingenakho ukwesaba, ubugebengu, indlala, ubumpofu, ukungcola, ukugula, nempi? Ngokuqinisekile inkululeko enjalo ifiseleka kakhulu.
3. Kungani siyazisa inkululeko?
3 Kungani thina bantu sinomuzwa onamandla kangaka ngenkululeko? IBhayibheli lithi: “Lapho umoya [kaJehova ukhona], kukhona inkululeko.” (2 Korinte 3:17) Ngakho uJehova unguNkulunkulu wenkululeko. Futhi njengoba asidala ‘ngomfanekiso wakhe futhi samfuza,’ wasinikeza inkululeko yokuzinqumela ukuze siyazise inkululeko futhi sizuze kuyo.—Genesise 1:26.
Inkululeko Isetshenziswa Kabi
4, 5. Inkululeko iye yasetshenziswa kanjani kabi kuwo wonke umlando?
4 Kuwo wonke umlando izigidi zabantu ziye zenziwa izigqila, zahlushwa, noma zabulawa ngenxa yokuba abanye besebenzise kabi inkululeko yokuzinqumela. IBhayibheli lilandisa ukuthi cishe eminyakeni engu-3 500 edlule, “abaseGibithe babakhonzisa abantwana bakwaIsrayeli ngamandla. Benza ukuphila kwabo kwaba-munyu ngemisebenzi [“ngobugqila,” NW] esindayo.” (Eksodusi 1:13, 14) IEncyclopedia Americana ithi ngekhulu lesine leminyaka B.C.E., inani lezigqila eAthene nakwamanye amadolobha amabili aseGrisi laledlula elabantu abakhululekile cishe ngabantu abane koyedwa. Lencwadi ithi futhi: “ERoma ekuqaleni isigqila sasingenawo amalungelo. Sasingabulawelwa iphushana elincane kakhulu.” ICompton’s Encyclopedia iyaphawula: “ERoma ukusebenzisa izigqila kwakuyisisekelo sombuso. . . . Emasimini izigqila ngokuvamile zazisebenza ziboshwe ngamaketanga. Ebusuku zaziboshelwa ndawonye bese zivalelwa emajele amakhulu, okwakuvele ingxenye yesakhiwo sawo ngaphezu komhlaba.” Njengoba izigqila eziningi zazike zakhululeka, cabanga nje ngobumunyu balokho kuphila okuwohlokile!
5 Emakhulwini amaningi eminyaka, eLobukholwa lalihlanganyela ekuhwebeni ngezigqila okucindezelayo. IWorld Book Encyclopedia ithi: “Kusukela eminyakeni yawo-1500 kuya kweyo-1800, abantu baseYurophu bathumela izigqila ezinsundu ezingaba yizigidi eziyishumi bezisusa eAfrika beziyisa eNtshonalanga Nenkabazwe.” Kulelikhulu lama-20 leminyaka, izigidi zezithunjwa ziye zasetshenziswa kanzima zaze zafa noma zabulawa emakamu okuhlushwa amaNazi ngenxa yesimiso sikahulumeni. Izisulu zazihlanganisa nabaningi boFakazi BakaJehova ababeboshwe ngenxa yokwenqaba ukusekela ukubusa okubulalayo kwamaNazi.
Ukuba Isigqila Senkolo Yamanga
6. Inkolo yamanga yabagqilaza kanjani abantu eKhanani lasendulo?
6 Kukhona futhi ubugqila obubangelwa ukunamathela enkolweni yamanga. Ngokwesibonelo, eKhanani lasendulo, abantwana babenikelwa kuMoloki. Kuthiwa kwakuneziko elalivutha ngaphakathi kwesithombe esikhulu salonkulunkulu wamanga. Abantwana abaphilayo babephonswa ezingalweni eziluliwe zalesithombe, bawele emlilweni ongaphansi. Ngisho namanye amaIsrayeli akuqhuba lokhu kukhulekela kwamanga. UNkulunkulu uthi ‘badabulise amadodana abo namadodakazi abo emlilweni kuMoloki, engabayalanga ngakho, nokungangenanga enhliziyweni yaKhe ukuthi bayakusenza lesisinengiso.’ (Jeremiya 32:35) Iyiphi inzuzo uMoloki ayilethela abakhulekeli bakhe? Ziphi namuhla lezozizwe zamaKhanani kanye nokukhulekelwa kukaMoloki? Konke sekwanyamalala. Kwakuwukukhulekela kwamanga, ukukhulekela okwakungasekelwe emaqinisweni kodwa okwakusekelwe emangeni.—Isaya 60:12.
7. Yimuphi umkhuba oshaqisayo owawuyingxenye yenkolo yama-Aztec?
7 Emakhulwini amaningi eminyaka adlule eMelika Ephakathi, ama-Aztec ayegqilazwe inkolo yamanga. Kwakunonkulunkulu babantu ngabanye, amandla emvelo ayekhulekelwa njengonkulunkulu, imisebenzi ehlukahlukene ekuphileni kwansuku zonke ngamunye wawunonkulunkulu wayo, izitshalo zazinonkulunkulu bazo, ngisho nabazibulele babenonkulunkulu. Incwadi ethi The Ancient Sun Kingdoms of the Americas iyalandisa: “Uhulumeni waseMexico Yama-Aztec wawuhlelwe kusukela phezulu kuya phansi ngendlela yokuba ukwazi ukusekela amandla angabonakali ngokunikela ngezinhliziyo zabantu eziningi ngangokunokwenzeka, futhi ngaleyondlela ushweleze kuwo. Igazi laliyisiphuzo sonkulunkulu. Ukuze kutholakale izisulu eziyiziboshwa ezifanelekayo zomhlatshelo wonkulunkulu, kwakunezimpi ezincane ezingapheli.” Lapho kunikezelwa ithempeli elikhulu elingunxantathu ngo-1486, izinkulungwane zezisulu “zamiswa imigqa zilindele ukuba zilaliswe etsheni lomhlatshelo zelulwé izandla nezinyawo. Izinhliziyo zazo zazikhishwa bese ziphakanyiselwa elangeni isikhashana” ukuze kushwelezwe kunkulunkulu welanga. IWorld Book Encyclopedia ithi: “Abakhulekeli ngezinye izikhathi babedla izingxenye zesidumbu sesisulu.” Nokho, leyomikhuba ayizange iwuvikele uMbuso Wama-Aztec noma inkolo yawo yamanga.
8. Umqondisi weqembu lababehambele wathini ngokubulala kwanamuhla okukhulu kakhulu kunalokho okwenzeka phakathi kwama-Aztec?
8 Ngesinye isikhathi izivakashi zazihambele emnyuziyamu lapho kwakunebhokisi elalibonisa abapristi bama-Aztec bekhipha inhliziyo yensizwa ethile. Lapho umqondisi weqembu labahambele echaza lokho okubonisiwe, abanye eqenjini labahambele bashaqeka. Umqondisi wabe esethi: “Ngiyabona ukuthi uyanikhathaza umkhuba wama-Aztec wokunikela ngezinsizwa konkulunkulu bobuqaba. Nokho, kulelikhulu lama-20 leminyaka, izigidi zezinsizwa ziye zanikelwa kunkulunkulu wempi. Bukhona yini ubungcono kulokho?” Kuyiqiniso ukuthi empini abaholi benkolo bazo zonke izizwe bakhulekela ukunqoba futhi babusise amabutho ngisho nakuba abantu benkolo efanayo ngokuvamile beba sezinhlangothini eziphikisanayo bebulalana.—1 Johane 3:10-12; 4:8, 20, 21; 5:3.
9. Yimuphi umkhuba obulala abantu abaningi abasha kunanoma yimuphi omunye emlandweni?
9 Ukunikela ngabantu abasha kuMoloki, konkulunkulu bama-Aztec, noma empini manje sekudlulwa ukubulawa kwabantwana abangakazalwa ngokukhishwa kwezisu, cishe izigidi ezingu-40 noma ezingu-50 ngonyaka emhlabeni wonke. Inani labantwana ababulawa ngokukhishwa kwezisu eminyakeni emithathu nje edlule likhulu kunelabantu abayizigidi eziyikhulu ababulawa kuzo zonke izimpi zalelikhulu leminyaka. Unyaka ngamunye, kubulawa abantwana abaningi ngokuphindwe izikhathi eziningana ngokukhishwa kwezisu kunabo bonke abantu ababulawa eminyakeni engu-12 yokubusa kobuNazi. Emashumini amuva eminyaka kuye kwabulawa abantwana abaningi ngokuphindwe izikhathi eziyizinkulungwane ngokukhishwa kwezisu kunabo bonke labo abanikelwa kuMoloki noma konkulunkulu bama-Aztec. Nokho abaningi balabo abakhipha izisu kubo ngokwabo, noma abakwenza kwabanye, bathi bangabenkolo ethile.
10. Iyiphi enye indlela abantu abagqilazeka ngayo enkolweni yamanga?
10 Inkolo yamanga igqilaza abantu nangezinye izindlela futhi. Ngokwesibonelo, abantu abaningi bakholelwa ukuthi abafileyo bayaphila ezweni lemimoya. Omunye umphumela wenkolelo yamanga enjalo uwukwesaba nokukhulekela amadlozi ukuze kutholakale lokho okucatshangwa ukuthi kuyizinzuzo ezivela kuwo. Lokhu kwenza abantu babe izigqila zezinyanga, izangoma, nabefundisi abacelwayo kucatshangwa ukuthi bangasiza abaphilayo ukuba bashweleze kwabafileyo. Lombuzo ungabuzwa ngokufanelekile, Ingabe ikhona indlela yokuphuma ebugqileni obunjalo?—Duteronomi 18:10-12; UmShumayeli 9:5, 10.
[Isithombe ekhasini 4, 5]
Kuwo wonke umlando abanye baye bayisebenzisa kabi inkululeko yabo yokuzinqumela ukuze bagqilaze abanye