UKufunda UKuthola Injabulo Ngokwesaba UJehova
“Zanini, bantwana, ningilalele; ngizakunifundisa ukumesaba uJehova.”—IHUBO 34:11.
1. UMbuso kaNkulunkulu uyokuqeda kanjani ukwesaba, kodwa ingabe lokho kusho konke ukwesaba?
KUYO yonke indawo abantu balangazelela ukukhululeka ekwesabeni—ukwesaba ubugebengu nobudlova, ukwesaba ukungatholi umsebenzi, ukwesaba ukugula ubangwe nezibi. Yeka ukuthi kuyoba usuku oluhle kanjani lapho leyonkululeko iba into engokoqobo ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu! (Isaya 33:24; 65:21-23; Mika 4:4) Nokho, akukhona konke ukwesaba okuyoqedwa ngalesosikhathi, futhi akufanele sifune ukususa konke ukwesaba ekuphileni kwethu manje. Kukhona ukwesaba okuhle nokwesaba okubi.
2. (a) Hlobo luni lokwesaba olubi, futhi iluphi uhlobo olufiselekayo? (b) Kuyini ukwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu, futhi imibhalo ekhonjiwe ikubonisa kanjani lokho?
2 Ukwesaba kungaba ushevu engqondweni, kukhubaze ikhono lomuntu lokucabanga. Kunganciphisa isibindi futhi kuqede ithemba. Umuntu osongelwa isitha esifuna ukumlimaza angase abe nokwesaba okunjalo. (Jeremiya 51:30) Umuntu okubheka njengokubaluleke kakhulu ukwamukeleka kubantu abathile abanethonya angase abe nokwesaba okunjalo. (IzAga 29:25) Kodwa futhi kukhona ukwesaba okunempilo, uhlobo lokwesaba olusivimbela ekwenzeni noma yini budedengu, sizilimaze. Ukwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu kuhlanganisa ngisho nokungaphezu kwalokho. Kuwukuba novalo ngoJehova, inhlonipho ejulile ngaye, ehambisana nokwesaba okunempilo ukumdumaza. (IHubo 89:7) Lokhu kwesaba ukuzibangela ukungajatshulelwa uNkulunkulu kuvela ekwaziseni ngomusa wakhe wothando nobuhle. (IHubo 5:7; Hoseya 3:5) Kuhlanganisa nokuqaphela ukuthi uJehova unguMahluleli Ophakeme noMninimandla onke, onamandla okunika isijeziso, ngisho nokufa, kulabo abenqaba ukumlalela.—Roma 14:10-12.
3. Ukwesaba uJehova kuhluke kanjani kulokho kwesaba okuhlangene nonkulunkulu abathile bobuqaba?
3 Ukwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu kunempilo, akukhwantabalisi. Kushukumisela umuntu ukuba aqine kokulungileyo, angahlehli ngokwenza okungalungile. Akufani nokwesaba okuhlangene nonkulunkulu wasendulo wamaGreki uPhobos, ochazwa njengonkulunkulu wamashwa owayebangela ukushaqeka. Futhi akufani nokwesaba okuhlangene nonkulunkulukazi wamaHindu uKali, ngezinye izikhathi ovezwa njengowomele igazi, esebenzisa izidumbu, izinyoka, nezingebhezi njengemihlobiso. Ukwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu kuyakhanga; akuxwayeki. Kuhlangene nothando nokwazisa. Ngakho, ukwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu kusisondeza kuJehova.—Duteronomi 10:12, 13; IHubo 2:11.
Kungani Abanye Benakho Futhi Abanye Bengenakho
4. Njengoba kuboniswe umphostoli uPawulu, isintu siye safinyelela kusiphi isimo, futhi lokhu kubangelwa yini?
4 Isintu sisonke asishukunyiswa imfanelo yokwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu. KweyabaseRoma 3:9-18, umphostoli uPawulu uchaza indlela abantu abaye baqhela ngayo ekupheleleni kwasekuqaleni. Ngemva kokuphawula ukuthi sonke singaphansi kwesono, uPawulu ucaphuna kumaHubo, ethi: “Akekho umuntu olungileyo, ngisho noyedwa.” (Bheka iHubo 14:1.) Ube esenikeza imininingwane ngokukhomba izinto ezinjengokunganaki kwesintu ukufuna uNkulunkulu, ukuntula umusa, inkulumo ekhohlisayo, ukuqalekisa, nokuchitha igazi. Yeka ukuthi lokho kulichaza ngokunembe kangakanani izwe namuhla! Iningi labantu alinasithakazelo kuNkulunkulu nasezinjongweni zakhe. Ngokuvamile, noma ikuphi ukumfuza ekubeni nomusa kugcinelwe izikhathi lapho kunokuthile okuyozuzwa ngakho. Ukuqamba amanga nenkulumo eyihlazo kuyinhlalayenza. Ukuchitha igazi akuqokonyiswa nje kuphela ezindabeni kodwa futhi kuvezwa kwezokuzijabulisa. Yini ebangela lesosimo? Kuyiqiniso ukuthi sonke siyinzalo yesoni u-Adamu, kodwa lapho abantu bemukela njengendlela yabo yokuphila izinto ezichazwe umphostoli uPawulu, kunokuthile okungaphezu kwalokho okuhilelekile. Ivesi 18 liyachaza ukuthi kuyini, lithi: “Akukho ukwesaba uNkulunkulu phambi kwamehlo abo.”—Bheka iHubo 36:1.
5. Kungani abanye abantu benokwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu, kuyilapho abanye bengenakho?
5 Nokho, kungani abanye abantu benokwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu, kuyilapho abanye bengenakho? Kalula nje, kungenxa yokuthi abanye abantu bayakuhlakulela, kuyilapho abanye bengakuhlakuleli. Abekho kithi abazalwa benakho, kodwa sonke sinekhono lokukuhlakulela. Ukwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu kungokuthile okufanele sikufunde. Khona-ke, ukuze kube amandla ashukumisa kakhulu ekuphileni kwethu, kudingeka sikuhlakulele.
Isimemo Esikhangayo
6. Ubani odlulisela kithi isimemo esilotshwe kuyiHubo 34:11, futhi lombhalo ubonisa kanjani ukuthi ukwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu kumelwe kufundwe?
6 Isimemo esikhangayo sokufunda ukwesaba uJehova sidluliselwa kithi kuyiHubo 34. Leli ihubo likaDavide. Futhi ubani owayefanekiselwa uDavide? Akekho omunye ngaphandle kweNkosi uJesu Kristu. Isiprofetho umphostoli uJohane asisebenzisa kuJesu ngokukhethekile silotshwe evesini 20 lalelihubo. (Johane 19:36) Osukwini lwethu, uJesu uyena odlulisela isimemo esinjengaleso esisevesini 11: “Zanini, bantwana, ningilalele; ngizakunifundisa ukumesaba uJehova.” Lokhu kubonisa ngokusobala ukuthi ukwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu kuyinto engase ifundwe, futhi uJesu Kristu ukufanelekela kahle kakhulu ukusifundisa. Kungani kunjalo?
7. Kungani uJesu ngokukhethekile ewumuntu esingafunda kuye ukwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu?
7 UJesu Kristu uyazi ukuthi kubaluleke kangakanani ukwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu. AmaHeberu 5:7 athi ngaye: “Ezinsukwini zenyama yakhe uKristu wenza ukunxusa nezicelo kuLowo owayekwazi ukumsindisa ekufeni, ngokukhala okukhulu nangezinyembezi, futhi wazwiwa ngomusa ngenxa yokwesaba kwakhe kokuhlonipha uNkulunkulu.” Ukwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu okunjalo kwakuyimfanelo uJesu Kristu ayibonakalisa ngisho nangaphambi kokuba abhekane nokufa esigxotsheni sokuhlushwa. Khumbula, kuzAga isahluko 8, iNdodana kaNkulunkulu ichazwa njengokuhlakanipha okwenziwe samuntu. Futhi kuzAga 9:10, siyatshelwa: “Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova.” Ngakho lokhu kwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu kwakuyingxenye eyinhloko yobuntu beNdodana kaNkulunkulu kudala ngaphambi kokuba ize emhlabeni.
8. Ku-Isaya 11:2, 3, yini esiyifundayo ngokwesaba uJehova?
8 Ngaphezu kwalokho, ngokuphathelene noJesu njengeNkosi YobuMesiya, u-Isaya 11:2, 3 uthi: “UMoya kaJehova uyakuhlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, umoya wamasu nowamandla, umoya wokwazi nowokumesaba uJehova. Intokozo yakhe iyakuba-sekumesabeni uJehova.” Yeka ukuthi lokho kuvezwe kahle kanjani! Ukwesaba uJehova akuyona into engathandeki. Kuhle futhi kuyakha. Kuyimfanelo eyogcwala yonke indawo uKristu abusa phezu kwayo njengeNkosi. Uyabusa manje, futhi kubo bonke abaqoqwa njengezikhonzi zakhe, unikeza isiyalo ngokwesaba uJehova. Kanjani?
9. UJesu Kristu usifundisa kanjani ukwesaba uJehova, futhi yini afuna siyifunde ngakho?
9 Ngemihlangano yethu yebandla, nangemihlangano emincane nemikhulu, uJesu, njengeNhloko emisiwe yebandla nanjengeNkosi YobuMesiya, usisiza ukuba siqonde ngokucacile ukuthi kuyini ukwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu nokuthi kungani kuzuzisa kangaka. Ngaleyondlela uzama ukujulisa ukwazisa kwethu ngakho ukuze sifunde ukuthola injabulo ngokwesaba uJehova njengoba enza.
Ingabe Uzowenza Umzamo?
10. Lapho sisemihlanganweni yobuKristu, yini okumelwe siyenze ukuze siqonde ukwesaba uJehova?
10 Yiqiniso, ukufunda kwethu nje iBhayibheli noma ukuba khona emihlanganweni eHholo LoMbuso ngeke kuqinisekise ukuthi siyoba nokwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu. Phawula ukuthi yini okudingeka siyenze ukuze ngempela siqonde ukwesaba uJehova. IzAga 2:1-5 zithi: “Ndodana yami, uma wamukela amazwi ami, uzibekelele imiyalo yami, ukuze ubeke indlebe yakho ekuhlakanipheni, uthobisele ekuqondeni inhliziyo yakho, yebo, uma ukhala ngengqondo, uzwakalisa izwi lakho ngokuqonda, uma ukufuna njengesiliva, ukuphenya njengamagugu afihliweyo, khona uyakuqonda ukumesaba uJehova, ufumane ukumazi uNkulunkulu.” Ngakho lapho sisemihlanganweni, kudingeka silalelisise lokho okushiwoyo, senze umzamo wenkuthalo wokugxila kukho futhi sikhumbule imiqondo eyisihluthulelo, sicabange ngokujulile ngokuthi indlela esizizwa ngayo ngoJehova kufanele isithonye kanjani isimo sethu sengqondo eselulekweni esinikezwayo—yebo, sivule izinhliziyo zethu. Khona-ke siyokuqonda ukwesaba uJehova.
11. Ukuze sihlakulele ukwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu, yini okufanele siyenze ngenkuthalo nangokuphindaphindiwe?
11 IHubo 86:11 lidonsela ukunakekela kwesinye isici esibalulekile, umthandazo. “Ngifundise, Jehova, indlela yakho; ngiyakuhamba eqinisweni lakho,” kuthandaza umhubi. “Yenza inhliziyo yami iqonde-ntonye, yesabe igama lakho.” UJehova wawamukela lowomthandazo, ngoba wenza ukuba ulotshwe eBhayibhelini. Ukuze sihlakulele ukwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu, nathi sidinga ukuthandaza kuJehova sithandazele usizo lwakhe, futhi siyozuza ngokuthandaza ngenkuthalo nangokuphindaphindiwe.—Luka 18:1-8.
Inhliziyo Yakho Ihilelekile
12. Kungani inhliziyo kumelwe inikezwe ukunakekela okukhethekile, futhi lokho kuhlanganisani?
12 Kunokuthile okufanele sikuphawule kuyiHubo 86:11. Umhubi wayengaceli nje kuphela ukuba kumcacele engqondweni ukwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu. Ukhuluma ngenhliziyo yakhe. Ukuhlakulela ukwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu kuhilela inhliziyo engokomfanekiso, edinga ukunakekela okukhethekile ngoba ingumuntu wangaphakathi obonakala kuyo yonke imisebenzi yethu ekuphileni futhi ihlanganisa imicabango yethu, izimo zethu zengqondo, izifiso zethu, izisusa zethu, imigomo yethu.
13. (a) Yini engase ibonise ukuthi inhliziyo yomuntu ihlukene phakathi? (b) Lapho sihlakulela ukwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu, kufanele sisebenzele kumuphi umgomo?
13 IBhayibheli lisixwayisa ngokuthi inhliziyo yomuntu ingase ihlukane phakathi. Ingase ikhohlise. (IHubo 12:2; Jeremiya 17:9) Ingase isishukumisele ekubeni sihlanganyele emisebenzini enempilo—siye emihlanganweni yebandla nasenkonzweni yasensimini—kodwa futhi ingase ithande nezici ezithile zendlela yokuphila yezwe. Lokhu kungase kusithiye ekubeni sihlanganyele ngomphefumulo wonke ekuthuthukiseni izithakazelo zoMbuso. Khona-ke leyonhliziyo ekhohlisayo ingase izame ukusishukumisela ekubeni sicabange ukuthi, kakade, senza okulingana nokwabanye. Noma mhlawumbe esikoleni noma endaweni yethu yomsebenzi, inhliziyo ingase ithonywe ukwesaba umuntu. Ngenxa yalokho, kulezozindawo singase singabaze ukuziveza njengoFakazi BakaJehova futhi singase senze ngisho nezinto ezingawafanele amaKristu. Nokho, kamuva unembeza wethu uyasihlupha. Asifuni ukuba ilolohlobo lomuntu. Ngakho-ke, kanye nomhubi, sithandaza kuJehova: “Yenza inhliziyo yami iqonde-ntonye, yesabe igama lakho.” Sifuna ukuba wonke umuntu wangaphakathi, njengoba ebonakala kuyo yonke imisebenzi yethu yokuphila, anikeze ubufakazi bokuthi ‘sesaba uNkulunkulu futhi sigcina imiyalo yakhe.’—UmShumayeli 12:13.
14, 15. (a) Lapho ebikezela ukubuyiselwa kuka-Israyeli ekuthunjweni eBabiloni, yini uJehova athembisa ukuyinika abantu bakhe? (b) Yini uJehova ayenza ukuze agxilise ukwesaba uNkulunkulu ezinhliziyweni zabantu bakhe? (c) Kungani u-Israyeli azishiya izindlela zikaJehova?
14 UJehova wathembisa ukuthi wayezonikeza abantu bakhe inhliziyo enjalo eyesaba uNkulunkulu. Wabikezela ukubuyiselwa kuka-Israyeli wayesethi, njengoba sifunda kuJeremiya 32:37-39: ‘Ngiyakubabuyisela kulendawo, ngibenze ukuba bahlale belondekile, babe-ngabantu bami, mina ngibe-nguNkulunkulu wabo, ngibanike inhliziyonye nendlelanye ukuba bangesabe zonke izinsuku, kube-kuhle kubo nakubantwana babo emva kwabo.’ Evesini 40, isithembiso sikaNkulunkulu siqinisekiswa ngokwengeziwe: “Ngibeke ezinhliziyweni zabo ukungesaba, ukuze bangasuki kimi.” Ngo-537 B.C.E., uJehova wababuyisela eJerusalema njengoba ayethembisile. Kodwa kuthiwani ngengxenye esele yalesosithembiso—yokuthi wayezobanika ‘inhliziyonye ukuba bamesabe zonke izinsuku’? Kungani isizwe sakwa-Israyeli sasendulo samshiya uJehova ngemva kokuba esibuyisile eBabiloni, kwaze kwabhujiswa nethempeli laso ngo-70 C.E., elalingasayikuphinde lakhiwe futhi?
15 Lokhu akubangelwanga ukuhluleka kukaJehova. Empeleni, uJehova wazithatha izinyathelo zokufaka ukwesaba uNkulunkulu ezinhliziyweni zabantu bakhe. Ngesihe asibonisa ekubakhululeni eBabiloni nokubabuyisela ezweni lakubo, wabanikeza ubufakazi obanele bokuba bambheke ngenhlonipho ejulile. UNkulunkulu waqinisa konke lokho ngezikhumbuzo, iseluleko, nokusola ngabaprofethi oHagayi, uZakariya, noMalaki; ngo-Ezra, owathunyelwa kubo njengomfundisi; ngoMbusi uNehemiya; nangeNdodana kaNkulunkulu siqu. Ngezinye izikhathi abantu babelalela. Benza kanjalo lapho bakha kabusha ithempeli likaJehova ngokunxusa kukaHagayi noZakariya nalapho bexosha abafazi bezinye izizwe ezinsukwini zika-Ezra. (Ezra 5:1, 2; 10:1-4) Kodwa ezikhathini eziningi abazange balalele. Babeguquguquka ekulaleleni; abazange baqhubeke bemukela iseluleko; abazange bagcine izinhliziyo zabo zivulekile. Ama-Israyeli ayengakuhlakuleli ukwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu, futhi ngenxa yalokho, kwakungewona amandla ashukumisayo ekuphileni kwawo.—Malaki 1:6; Mathewu 15:7, 8.
16. UJehova uye wagxilisa ukwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu ezinhliziyweni zobani?
16 Nokho, isithembiso sikaJehova sokufaka ukwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu ezinhliziyweni zabantu bakhe asizange sihluleke. Wenza isivumelwano esisha no-Israyeli ongokomoya, lawomaKristu awanike ithemba lasezulwini. (Jeremiya 31:33; Galathiya 6:16) Ngo-1919, uNkulunkulu wawabuyisela evela ekuthunjweni eBabiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga. Uye wakugxilisa ngokuqinile ukumesaba ezinhliziyweni zawo. Lokhu kuye kwaletha izinzuzo ezicebile kuwo ‘nasesixukwini esikhulu,’ esinamathemba okuphila njengezikhonzi zoMbuso zasemhlabeni. (Jeremiya 32:39; IsAmbulo 7:9) Ukwesaba uJehova kuye kwaba sezinhliziyweni zawo ngokufanayo.
Indlela Ukwesaba Kokuhlonipha UNkulunkulu Okugxiliswa Ngayo Ezinhliziyweni Zethu
17. UJehova uye wakufaka kanjani ukwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu ezinhliziyweni zethu?
17 UJehova uye wakugxilisa kanjani lokhu kwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu ezinhliziyweni zethu? Ngokusebenza komoya wakhe. Futhi yini esinayo ewumkhiqizo womoya ongcwele? IBhayibheli, iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe. (2 Thimothewu 3:16, 17) Ngalokho aye wakwenza esikhathini esidlule, ngokusebenzelana kwakhe nezinceku zakhe manje okugcwalisa iZwi lakhe lesiprofetho, nangeziprofetho zezinto ezizayo, uJehova unikeza isisekelo esinengqondo ngathi sonke sokuhlakulela ukwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu.—Joshuwa 24:2-15; Heberu 10:30, 31.
18, 19. Imihlangano emincane nemikhulu, neyebandla isisiza kanjani ukuba sizuze ukwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu?
18 Njengoba kulotshwe kuDuteronomi 4:10, kuyaphawuleka ukuthi uJehova wathi kuMose: “Ngibuthele abantu, ngibezwise amazwi ami ukuba bafunde ukungesaba zonke izinsuku zokuhamba kwabo emhlabeni, bafundise nabantwana babo.” Ngokufanayo nanamuhla, uJehova uye wenza amalungiselelo amaningi okusiza abantu bakhe bafunde ukumesaba. Emihlanganweni emincane nemikhulu, neyebandla, silandisa ngobufakazi bomusa wothando nobuhle bukaJehova. Yilokho esasikwenza lapho sifunda incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Lesosifundo sakuthinta kanjani wena kanye nesimo sakho sengqondo ngoJehova? Njengoba wawubona izici ezihlukahlukene zobuntu obuhle bukaBaba wethu wasezulwini zibonakaliswa eNdodaneni yakhe, akuzange yini lokhu kuqinise isifiso sakho sokungalokothi neze ube ongajabulisi kuNkulunkulu?—Kolose 1:15.
19 Emihlanganweni yethu, sifunda futhi ngokulandisa kokukhulula kukaJehova abantu bakhe ezikhathini ezidlule. (2 Samuweli 7:23) Njengoba sifunda incwadi yeBhayibheli yesAmbulo ngosizo lwencwadi ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!, sifunda ngemibono engokwesiprofetho eye yagcwaliseka kakade kulelikhulu lama-20 nangezenzakalo ezisabekayo ezisazokwenzeka. Ngokuphathelene nazo zonke izenzo ezinjalo zikaNkulunkulu, iHubo 66:5 lithi: “Wozani nibone izenzo zikaNkulunkulu; uyesabeka ekwenzeni kwakhe kubantwana babantu.” Yebo, uma zibhekwa ngendlela efanele, lezizenzo zikaNkulunkulu zigxilisa ukwesaba uJehova ezinhliziyweni zethu, inhlonipho ejulile. Ngakho singayibona indlela uJehova uNkulunkulu agcwalisa ngayo isithembiso sakhe: ‘Ngiyakubeka ezinhliziyweni zabo ukungesaba, ukuze bangasuki kimi.’—Jeremiya 32:40.
20. Ukuze ukwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu kugxiliswe ngokujulile ezinhliziyweni zethu, kudingeka senzeni?
20 Nokho, kusobala ukuthi ukwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu akubi sezinhliziyweni zethu ngaphandle kokuba thina senze umzamo. Imiphumela ayizenzakaleli. UJehova wenza ingxenye yakhe. Kumelwe senze eyethu ngokuhlakulela ukwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu. (Duteronomi 5:29) U-Israyeli ongokwemvelo wahluleka ukukwenza lokho. Kodwa ngokwencika kuJehova, u-Israyeli ongokomoya nabangane bakhe kakade sebethola izinzuzo eziningi eziza kulabo abesaba uNkulunkulu. Sizocabangela ezinye zalezizinzuzo esihlokweni esilandelayo.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Kuyini ukwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu?
◻ Sifundiswa kanjani ukuba sithole injabulo ngokwesaba uJehova?
◻ Ukuze sibe nokwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu, yimuphi umzamo okudingeka siwenze?
◻ Kungani ukuzuza ukwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu kuhilela zonke izici zenhliziyo yethu engokomfanekiso?
[Izithombe ekhasini 12, 13]
Ukutadisha ngenkuthalo kuyadingeka ukuze siqonde ukwesaba uJehova