Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ‘Umphefumulo Wakho Uyokhothamela Phezu Kwami’
    INqabayokulinda—2012 | Juni 1
    • UKUTHOBEKA kuyakhanga. Sivame ukudonseleka kulabo abanomoya othobekile. Nokho, kuyadumaza ukuthi kuleli zwe lanamuhla kunzima ukuthola ukuthobeka kwangempela—ikakhulukazi kulabo abanamandla noma igunya phezu kwabanye. Kuthiwani ngoJehova uNkulunkulu, uMuntu omkhulu kunabo bonke kuyo yonke indawo? Ingabe uthobekile? Ake sihlole amazwi omprofethi uJeremiya atholakala encwadini yesiLilo 3:20, 21.—Yifunde.

  • ‘Umphefumulo Wakho Uyokhothamela Phezu Kwami’
    INqabayokulinda—2012 | Juni 1
    • UJeremiya uyaqiniseka ngokuthi uJehova ‘uyokhothamela’ labo abaphenduka ngeqiniso. Enye inguqulo ithi: “O khumbula, bese wehlela kimi.” Lawo mazwi asisiza sibone ukuthi uJehova unomusa. UJehova, ‘ongoPhezukonke emhlabeni wonke,’ uyokwehla, ngomqondo ongokomfanekiso, futhi aphakamise abakhulekeli bakhe ehlazweni labo futhi abaphe umusa wakhe. (IHubo 83:18) Ngaleli themba, uJeremiya uthola induduzo yangempela. Lo mprofethi othembekile wayezimisele ukulinda ngesineke kuze kube isikhathi sikaJehova esimisiwe sokukhulula abantu baKhe abathembekile.—Ivesi 21.

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela