Izifundo Ezivela EmiBhalweni: IsiLilo 1:1–5:22
UJehova Unikeza Ithemba Phakathi Nosizi
UJEHOVA “unguNkulunkulu onikeza ithemba,” ngisho naphakathi nosizi. (Roma 15:13, NW) Leli iphuzu elicaciswa encwadini yesiLilo, eyaphethwa umprofethi nofakazi kaJehova uJeremiya ngo-607 B.C.E. Kodwa masiqokomise ezinye zezifundo eziqukethe.
Isimo Esibi SeJerusalema
Isono asiyilethi injabulo. Bheka! IJerusalema elinezono, elike laba inhloko-dolobha eminyene yakwaJuda, lithe qekelele. UJuda ngokwakhe unjengenkosazana ekhalayo, engumfelokazi ngoba eye wenziwa incithakalo. “Izithandwa” ezinjengeGibithe azizange zimsindise ekunqotshweni iBabiloni ngo-607 B.C.E. Abantu abasathutheleki eSiyoni ukuba bagubhe imikhosi. Abantwana bakhe bangabathunjwa, futhi izitha ziyamhleka ngokuwa kwakhe. Abantu bezizwe abangcolile baye bangcolisa ithempeli, futhi abantu bakhe kuye kwadingeka ukuba banikele ngezinto eziyigugu ukuze bathole ukudla. Konke lokhu kwakungenxa yesono!—1:1-11.
UJehova wenza ukulunga ngokujezisa abenzi bobubi. Lokhu kuyavunywa njengoba iJerusalema ngokwalo likhuluma. Liyabuza ukuthi kukhona yini noma iluphi usizi olunjengobuhlungu elibubangelwe uNkulunkulu. Wathumela umlilo owenza ithempeli laba incithakalo. Izono zomuzi zaba yijoka, futhi igazi lageleza njengoju njengoba uNkulunkulu ayenyathela ‘isikhamo salo sewayini.’ ISiyoni laneka izandla ngenxa yosizi nokunxusa kodwa alitholanga nduduzo, futhi uJehova wayenza ukulunga lapho ejezisa iJerusalema elihlubukayo. Kwangathi angenza kabuhlungu ngokufanayo ngezitha zalo eziziphakamisayo.—1:12-22.
‘Intukuthelo KaJehova’
Abanomthwalo wemfanelo baba necala uma bengasembuli isono. UNkulunkulu ulahla iJerusalema ‘emhlabeni lisuke ezulwini,’ evumela ukubhujiswa kwalo ‘nokwesenabelo sezinyawo zakhe,’ ithempeli. (IHubo 132:7) Ngaleyondlela ‘wangcolisa umbuso’ kaJuda. Njengedokodo elingasho lutho, ithempeli labhujiswa izitha ezikumemeza kwazo kokunqoba kwakufana nokwakwenziwa emikhosini. Abantwana abafayo bacela ukudla konina. Kodwa obani ababenecala ngokuyinhloko? Abaprofethi bamanga abenza izimemezelo ezidukisayo kunokwembula isono seJerusalema. (Jeremiya 14:13) Umthandazo ufanelekile, ngoba abaningi kangaka baye bafa ‘ngalolusuku lwentukuthelo kaJehova’!—2:1-22.
Umusa KaJehova Uhlala Njalo
Kufanele sithembele kuJehova ngokubekezela. UJeremiya uveza leliphuzu njengoba ekhuluma ngokumelela abantu abampofu. UNkulunkulu ulibazisa umthandazo wakhe, futhi useye waba isihloko sengoma yokuhleka usulu yezitha zakhe. Ithemba Iakhe, noma’ithemba kuJehova,’ libonakala sengathi liphelile. Kodwa ‘uyakwethemba kuye’ ngoba “uJehova muhle kwabamethembayo.”—3:1-27.
Ukuphenduka kwangempela kuletha umusa waphezulu. Eqiniseka ngalokhu, uJeremiya uyanxusa: ‘Masibuyele kuJehova [“singenacala,” NW].’ Njengokungathi ngefu elikhulu lentukuthelo, uNkulunkulu uye wavimba imithandazo ngenxa yezono zabantu. Kodwa uJeremiya uyathandaza: “Ngalibiza igama Iakho, Jehova . . . Ungasithezi indlebe yakho lapho ngikhalela ukusizwa.” Yebo, izitha ezingaphenduki ziyobhujiswa.—3:28-66.
“Sibuyisele”
Singazilethela imbubhiso ngokwethu ngesono sangamabomu. Ngenxa yesono sikaJuda, “amadodana anqabileyo aseSiyoni” ayebhekwa njengesitsha sebumba esiphukile esingelutho. Ekuvinjezelweni, abanqunywa ngenkemba babengcono kunabanye ababefa kancane kancane ngenxa yendlala. Ngempela, uNkulunkulu ‘wayesekufezile ukufutheka kwakhe.’ Abaprofethi nabapristi abangcolile babezulazula njengezimpumputhe, futhi iNkosi uZedekiya—“ogcotshiweyo kaJehova”—yayisithunjiwe. Manje uNkulunkulu wayeyophendulela ukunakekela kwakhe kuEdomi onesono.—4:1-22.
UJehova kuphela onikeza ithemba Iangempela phakathi nosizi. UJeremiya wakuqaphela lokhu, ngoba wanxusa: “Khumbula, Jehova, esehlelwe yikho.” ‘Abezizwe bahlala ezindlini zethu. Sithwala ububi besiphambeko sobaba, futhi abafanyana bathwala izinkuni besebenza ngokuphoqwa.’ Nokho, uJeremiya unethemba lokuthola umusa, njengoba ethandaza: “Sibuyisele kuwe Jehova; siyakubuya.”—5:1-22.
Khona-ke, zindla ngalezifundo ezifundiswa encwadini yesiLilo: Isono asiyilethi injabulo, uNkulunkulu wenza ukulunga lapho ejezisa ababi, futhi abanomthwalo wemfanelo baba necala uma bengakwembuli ukona. Kufanele sithembele kuJehova ngokubekezela, siqiniseka ukuthi umusa waphezulu utholakala ngokuphenduka kwangempela, kanti singazilethela imbubhiso ngokwethu ngesono sangamabomu. Lencwadi ephefumlelwe iyasiqinisekisa futhi ukuthi uJehova kuphela onikeza ithemba langempela phakathi nosizi.
[Ibhokisi ekhasini 27]
IZINGCAPHUNO ZEBHAYIBHELI ZIYAHLOLWA
◻ 1:15, qhathanisa neNW—‘UJehova wayesesinyathele isikhamo sewayini sentombi eyindodakazi yakwaJuda’ ngoba wayekuhlelile futhi wakuvumela okwenzeka. “Intombi eyindodakazi yakwaJuda” yayiyiJerusalema, elalicatshangelwa ukuthi lingowesifazane omsulwa. Lapho abaseBabiloni beyibhubhisa leyonhloko-dolobha yakwaJuda ngo-607 B.G.E., kwachitheka igazi eliningi elingaqhathaniswa nokukhanywa koju lwamagilebhisi esikhamweni sewayini. UJehova uyoqikelela ukuthi eLobukholwa, umfuziselo weJerusalema, lichotshozwa ngokufanayo.
◻ 2:6—“Idokodo” likaNkulunkulu laliyithempeli eliseJerusalema. Lapho lelothempeli lenziwa incithakalo abaseBabiloni, wayelivumela ukuba ‘lichithwe,’ njengedlangala nje ensimini. Indawo enjalo yesikhashana eyisikhoselo elangeni elishisayo iyachithwa.
◻ 3:16—Enye inhlekelele uJehova ayivumela ukuba yehlele iJerusalema elingathembekile eyalandela ukuwela komuzi kwabaseBabiloni ichazwa ngalamazwi, “Waphula amazinyo ami ngohlalwane.” Ngokusobala, lapho amaIsrayeli eya ekuthunjweni, kwafanela ukuba abhake izinkwa emigodini embiwe enhlabathini. Ngakho-ke, isinkwa saba namatshana, futhi umuntu odla isinkwa esinjalo wayengaphula ingxenye yamazinyo akhe.
◻ 4:3—Unya lomama kubantwana babo lapha luqhathaniswa nokunakekela kwezindlezane okunikezwa amakhanka. Nakuba amakhanka angase acatshangelwe njengezilwane ezinonya, ngisho nawo ‘ehlisa, futhi ancelise amazinyane awo.’ Ngenxa yokuntuleka okukhulu kokudla eJerusalema elivinjezelwe, abesifazane abangamaJuda ababulawa indlala baba nonya ngoba babengenalo ubisi ukuze bancelise inzalo yabo futhi eqinisweni badla abantwana babo siqu ukuze bazigcine bephila. (IsiLilo 2:20) Ngakho-ke, labesifazane futhi bafana nezintshe ezibekela amaqanda ziwashiye.
◻ 5:7—AmaJuda osuku lukaJeremiya kwakufanele athwale iziphambeko zawokhokho bawo, kodwa lokhu akusho ukuthi uJehova ujezisa abantwana ngokuqondile ngenxa yezono zabazali babo. Eqinisweni, imiphumela emibi yokona izwiwa izizukulwane eziza kamuva. (Jeremiya 31:29, 30) Ngakho-ke senza kahle ukukhumbula ukuthi kumelwe silandise ngokomuntu siqu kuNkulunkulu.—Roma 14:12.