-
‘Beka Uphawu Eziphongweni’Indlela Emsulwa Yokukhonza UJehova—Iyabuyiselwa Ekugcineni!
-
-
5, 6. Yini esingayisho ngalabo ababebekwa uphawu? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)
5 Yayizokwenzani indoda ephethe uphondo lukayinki? Yathola isabelo esinzima esivela kuJehova uqobo lwakhe: “Nqamula edolobheni, eJerusalema, ubeke uphawu eziphongweni zabantu ababubulayo nabaqumayo ngenxa yazo zonke izinto ezinengekayo ezenziwa edolobheni.” Mhlawumbe ngaleso sikhathi uHezekeli wakhumbula abazali abathembekile abangama-Israyeli okwakumelwe benze uphawu ngegazi engxenyeni ephezulu yeminyango nasezinsikeni ukuze izingane zabo ezingamazibulo zisinde ekubhujisweni. (Eks. 12:7, 22, 23) Embonweni kaHezekeli, ingabe uphawu olwalubekwa esiphongweni yindoda ephethe uphondo lukayinki nalo lwalusho ukuthi onalo uzosinda lapho kubhujiswa iJerusalema?
6 Impendulo siyithola uma sicabanga ngokuthi uphawu kwakungolwani. Kwakumelwe lubekwe eziphongweni zalabo ‘ababebubula nababequma’ ngenxa yezinto ezinengekayo ‘ezazenziwa edolobheni.’ Ngakho, yini esingayisho ngalabo ababebekwa uphawu? Akukona ukukhonza izithombe okwakwenziwa ethempelini kuphela okwakubaphatha kabi, kodwa nokubona udlame, ukuziphatha okubi nokonakala okwase kugcwele eJerusalema. (Hez. 22:9-12) Babengayifihli indlela ababezizwa ngayo. Amazwi nezenzo zalabo bantu abaqotho ngokungangabazeki kwabonisa ukwenyanya kwabo izinto ezazenziwa ezweni, kwabonisa nokuzinikela kwabo endleleni emsulwa yokukhonza uNkulunkulu. UJehova wayezobasindisa ngoba unesihe.
-
-
‘Beka Uphawu Eziphongweni’Indlela Emsulwa Yokukhonza UJehova—Iyabuyiselwa Ekugcineni!
-
-
9, 10. Obani abanye babathembekile abasinda lapho kubhujiswa iJerusalema, futhi singaphetha ngokuthini ngabo?
9 Funda eyesi-2 IziKronike 36:17-20. Lesi siprofetho sikaHezekeli sagcwaliseka ngo-607 B.C.E. lapho ibutho laseBhabhiloni libhubhisa iJerusalema nethempeli lalo. ‘Njengendebe esandleni sikaJehova,’ abaseBhabhiloni babengamathuluzi uJehova awasebenzisela ukujezisa iJerusalema elingathembekile. (Jer. 51:7) Ingabe kwabhujiswa bonke abantu? Cha. Umbono kaHezekeli wawubikezele ukuthi bakhona ababengeke babulawe ngabaseBhabhiloni.—Gen. 18:22-33; 2 Pet. 2:9.
10 Kunabantu abaningana abathembekile abasinda, njengamaRekabi, u-Ebhedi-meleki umTopiya, umprofethi uJeremiya noBharuki unobhala wakhe. (Jer. 35:1-19; 39:15-18; 45:1-5) Ngokwalokho okushiwo embonweni kaHezekeli, kumelwe ukuba laba ‘babebubula futhi bequma ngenxa yezinto ezinengekayo’ ezazenziwa eJerusalema. (Hez. 9:4) Ngaphambi kokuba libhujiswe, cishe babonisa ukuthi abahambisani nobubi obabenziwa, babonisa nokuzinikela kwabo endleleni emsulwa yokukhonza uNkulunkulu, ngaleyo ndlela bazibeka ethubeni lokusinda.
11. Obani ababemelelwa amadoda ayisithupha ayephethe izikhali zokuphihliza nendoda eyayiphethe uphondo lukayinki lukanobhala?
11 Ingabe labo abathembekile babebekwe uphawu olubonakalayo lokuba basinde? Akukho la sifunda khona ukuthi kukhona umuntu—kungaba uHezekeli noma omunye umprofethi—owayehamba ebeka uphawu eziphongweni zabantu abathembekile eJerusalema. Ngokusobala-ke, umbono kaHezekeli oyisiprofetho usivezela lokho okwakwenzeka ezulwini, okuyinto abantu ababengayiboni. Indoda eyayiphethe uphondo lukayinki lukanobhala namadoda ayisithupha ayephethe izikhali zokuphihliza ayemelela izidalwa zomoya ezithembekile zikaJehova, ezihlala zilindele ukwenza intando yakhe. (IHu. 103:20, 21) Asingabazi ukuthi uJehova wasebenzisa izingelosi zakhe ukuze aqondise ukwahlulelwa kweJerusalema elingathembekile. Izingelosi zaqinisekisa ukuthi akubulawa wonke umuntu, njengokungathi zibeka uphawu eziphongweni zalabo okwakufanele basinde.
-