Lalela—Umlindi KaJehova Uyakhuluma!
“Ngikwenze umlindi kuyo indlu yakwaIsrayeli; ungixwayisele bona.”—HEZEKELI 3:17.
1. Kungani kumelwe silalele lapho “umlindi” kaJehova ekhuluma?
“UMLINDI” kaJehova umemezela isigijimi sikaNkulunkulu ngisho kwamanje. Ingabe uyalalela? Khona kanye ukuphila kwakho kuxhomeke ekusabeleni kwakho kulesosigijimi ngokwazisa nangokuthatha isinyathelo. Ngokushesha, ‘izizwe ziyomazi uJehova’ lapho engcwelisa igama lakhe elingcwele ngokubhubhisa lesimiso esibi nangokulondoloza abantu bakhe. Ingabe unethemba lokuba phakathi kwabo? (Hezekeli 36:23; 39:7; 2 Petru 3:8-13) Ungase ube phakathi kwabo, kodwa kuphela uma ulalela lapho “umlindi” kaJehova ekhuluma.
2. Ukwehluleka ukulalela abaprofethi bakaNkulunkulu kwaba namiphi imiphumela ngombuso wakwaJuda?
2 Ukwehluleka ukulalela abaprofethi bakaNkulunkulu kwaletha inhlekelele embusweni wakwaJuda 607 B.C.E. Izizwe eziyizitha zahalalisa ngaleyoncithakalo ezandleni zabaseBabiloni. Kodwa yeka ukuthi igama likaJehova lakhazinyuliswa kanjani lapho ebangela ukubuyela kwamaJuda athembekile ezweni lenkaba yawo ngo-537 B.C.E.!
3. Incwadi kaHezekeli iquketheni?
3 Kokubili leyoncithakalo nokubuyiselwa kwakubikezelwe umlindi kaJehova, uHezekeli. Incwadi yeBhayibheli enegama lakhe futhi ayiqeda eseBabiloni cishe ngo-591 B.C.E. iqukethe (1) ukuthunywa kukaHezekeli; (2) ukulingiswa kweziprofetho; (3) izigijimi ngoIsrayeli; (4) ukubikezela ukwahlulelwa kweJerusalema; (5) iziprofetho ngezinye izizwe; (6) izithembiso zokubuyiselwa; (7) isiprofetho ngoGogi wakwaMagogi; (8) nombono ngendawo engcwele kaNkulunkulu. Sikumema ukuba ufunde lencwadi njengoba siyitadisha. Kanjalo uyobona ukuthi isithinta kanjani namuhla futhi uyoba olalelayo njengoba “umlindi” kaJehova ekhuluma.a
Umlindi KaNkulunkulu Uyathunywa
4. (a) Yini uHezekeli ayibona embonweni? (b) Obani ‘ababeyizidalwa eziphilayo,’ futhi iziphi izimfanelo ababenazo?
4 NgoTammuz 5, 613 B.C.E. (ngonyaka wesihlanu wokudingiswa kweNkosi yakwaJuda uJehoyakini eBabiloni), umpristi oneminyaka engama-30 ubudala uHezekeli wayephakathi kwezithunjwa ezingamaJuda “ngasemfuleni iKhebari,” umsele ophawulekayo woMfula iEwufrathe. Embonweni, wabona inqola kaJehova yasezulwini, ishayelwa ‘izidalwa ezine.’ (Funda uHezekeli 1:4-10.) Ìsidalwa’ ngasinye, noma ikherubi elinamaphiko, sasinobuso obune. (Hezekeli 10:1-20; 11:22) Lobuso bubonisa ukuthi amakherubi anothando (umuntu), ukulunga (ingonyama), amandla (inkomo), nokuhlakanipha (ukhozi), akuphiwe uNkulunkulu. Ikherubi ngalinye lama eceleni ‘kwesondo’ elikhulu ‘eliphakathi kwesondo,’ nomoya kaNkulunkulu, noma amandla ayisiphekupheku, wawukwazi ukuwaqhubela ngakunoma yiluphi uhlangothi.—Hezekeli 1:1-21.
5. Inqola yasezulwini imelelani, futhi lombono wayo kufanele ubathinte kanjani abantu bakaJehova?
5 UMgibeli wenqola wayewukumelelwa okukhazimulayo kukaJehova. (Funda uHezekeli 1:22-28.) Yeka ukuthi lenqola iyimelela kahle kanjani inhlangano kaJehova yezingelosi engokomoya! (IHubo 18:10; 103:20, 21; Daniyeli 7:9, 10) UJehova uyigibela ngomqondo wokubusa phezu kwalezidalwa nokuzisebenzisa ngokuvumelana nenjongo yakhe. UMgibeli wayezothile, njengothingo olwalumzungezile, kodwa uHezekeli wayehlatshwe umxhwele kakhulu. Ngokuqinisekile, lombono owesabekayo wenkazimulo namandla kaJehova njengomHleli Ophakeme wezidalwa zakhe zasezulwini kufanele usenze sibonge ngentobeko ngelungelo lokumkhonza njengengxenye yenhlangano yakhe yasemhlabeni.
6. (a) Yikuphi ukuthunywa uHezekeli akuthola, futhi wakubheka kanjani ukukhonza uNkulunkulu? (b) UHezekeli wayezoprofetha phakathi kwabantu baluphi uhlobo, futhi kunanzuzoni ukwazi indlela uNkulunkulu asebenzelana ngayo naye?
6 Nakuba akhunjuzwa ngendabuko yakhe yobuntu nesimo sakhe esiphansi ngokubizwa ngokuthi “ndodana yomuntu,” uHezekeli wamiswa njengomprofethi kaJehova. (Funda uHezekeli 2:1-5.) UHezekeli wayezoya ‘ezizweni ezambukayo,’ imibuso yakwaIsrayeli noJuda. Okokuqala, ngokuyala kwaphezulu wadla umqulu owawuqukethe izililo, kodwa wawunambitheka njengoju lwezinyosi ngoba wayekujabulela ukuba umprofethi kaNkulunkulu. Ngokufanayo, amaKristu agcotshiwe nezinceku ezikanye nawo akuthola kunambitheka kamnandi ukuba oFakazi BakaJehova. UHezekeli kwakudingeka aprofethe phakathi kwabantu abanhliziyo-lukhuni nabantamo-lukhuni, kodwa uNkulunkulu wayeyokwenza ubuso bakhe buqine njengobuso babo, ibunzi lakhe libe nqala njengedayimane. Wayeyoprofetha ngesibindi kungakhathaliseki ukuthi bayalalela noma cha. Kuyakhuthaza ukwazi ukuthi njengoba uNkulunkulu asekela uHezekeli ezimweni ezinzima, uyosisiza ukuba sifakaze ngesibindi kunoma iyiphi insimu.—Hezekeli 2:6–3:11.
7. Ukuthunywa kukaHezekeli kwakuhlanganisa muphi umthwalo wemfanelo?
7 Ukudla umqulu kwaveza ‘ukufutheka komoya’ kuHezekeli okusifanele isigijimi sawo. ETheli-Abibi wahlala ‘emangele izinsuku eziyisikhombisa’ etshisa isigijimi. (Hezekeli 3:12-15) Nathi ngokufanayo sidinga ukuzindla nokutadisha ngenkuthalo ukuze siqonde izinto ezijulile ezingokomoya. Njengoba ayenesigijimi okwakumelwe asimemezele, uHezekeli wathunywa njengomlindi kaNkulunkulu. (Funda uHezekeli 3:16-21.) Umlindi owayesanda kumiswa kwakudingeka axwayise amaIsrayeli ayeqa umthetho ukuthi ayebhekene nembubhiso yaphezulu.
8. Obani abakhonza ‘njengomlindi’ kaJehova namuhla, futhi obani abahlanganyela nabo?
8 Ukuba uHezekeli wahluleka njengomlindi, uJehova wayeyombeka icala ngokufa kwezisulu. Nakuba labo ababengafuni ukuba abasole babeyofaka amagoda angokomfanekiso kuye, wayeyomemezela isigijimi sikaNkulunkulu ngesibindi. (Hezekeli 3:22-27) Osukwini lwethu, eLobukholwa liyenqaba ukulalela futhi lizama ukubeka izithiyo phambi kwamaKristu agcotshiwe. Kodwa kusukela ngo-1919 laba abagcotshiwe baye bakhonza ‘njengomlindi’ kaJehova, bememezela ngesibindi isigijimi sakhe ‘sesikhathi sokugcina’ salesimiso. (Daniyeli 12:4) Kanye nabo kulomsebenzi ‘kunesixuku esikhulu’ esandayo ‘sezinye izimvu’ zikaJesu. (IsAmbulo 7:9, 10; Johane 10:16) Njengoba isigaba ‘somlindi’ siqhubeka sikhuluma ngesigijimi sikaNkulunkulu, ngokuqinisekile noma ubani wabagcotshiwe ‘nabesixuku esikhulu’ uyofuna ukusimemezela njengommemezeli ophuma njalo.
Iziprofetho Ezalingiswa
9. (a) UHezekeli wasibekela kanjani isibonelo? (b) Yini uHezekeli ayenza ukuze afanekise ukuvinjezelwa kweJerusalema abaseBabiloni, futhi yini eyayimelelwa izinsuku ezingama-390 nezinsuku ezingama-40?
9 Ngokulandelayo uHezekeli walingisa izimo ezingokwesiprofetho ngentobeko nangesibindi, ebeka isibonelo okufanele sisishukumisele ukuba sifeze izabelo zethu esizinikwe uNkulunkulu ngentobeko nangesibindi. Ukuze afanekisele ukuvimbezela kwabaseBabiloni, kwadingeka alale phansi ebheke isitini ayeqophe kuso umfanekiso weJerusalema. UHezekeli wayezolala ngohlangothi lwakhe lwesobunxele izinsuku ezingama-390 ukuze athwale isiphambeko sombuso wakwaIsrayeli wezizwe eziyishumi, abese elala ngohlangothi lwakhe lwesokudla izinsuku ezingama-40 ukuze athwale isono sezizwe ezimbili zakwaJuda. Usuku ngalunye lwalumelela unyaka. Ngakho iminyaka engama-390 yasukela ekumisweni kukaIsrayeli ngo-997 B.C.E. kuya ekubhujisweni kweJerusalema ngo-607 B.C.E. Iminyaka engama-40 kaJuda yaqala kusukela ekumisweni kukaJeremiya njengomprofethi kaNkulunkulu ngo-647 B.C.E. kuya ekwenziweni kukaJuda incithakalo ngo-607 B.C.E.—Hezekeli 4:1-8; Jeremiya 1:1-3.
10. UHezekeli wayilingisa kanjani imiphumela yokuvinjezelwa, futhi yisiphi isifundo esingasifunda eqinisweni lokuthi uNkulunkulu wamsekela?
10 Ngokulandelayo uHezekeli walingisa imiphumela yalokho kuvimbezela. Ukuze abonise indlala, waphila kuphela ngamakhilogremu angu-0,2 okudla namanzi angamalitha angu-0,5 ngosuku. Isinkwa sakhe (inhlanganisela engemthetho kakolweni, ibhali, ubhontshisi, imbumba, unyaluthi, nesipelite okubhakwe phezu komquba) sasingcolile. (Levitikusi 19:19) Lesenzo sabonisa ukuthi izakhamuzi zaseJerusalema zaziyobhekana nokuntula okukhulu. Kodwa yeka ukuthi kukhuthaza kanjani ukwazi ukuthi njengoba nje uJehova asekela uHezekeli ngaphansi kwezimo ezinzima, uNkulunkulu uyosisiza ukuba sihlale sithembekile futhi sifeze ukuthunywa kwethu kokushumayela naphezu kwabo bonke ubunzima!—Hezekeli 4:9-17.
11. (a) Iziphi izenzo eziphawulwe kuHezekeli 5:1-4, futhi kwakuyini ukubaluleka kwazo? (b) Iqiniso lokuthi uNkulunkulu wakugcwalisa lokho uHezekeli akulingisa kufanele libe namuphi umphumela kithi?
11 Esebenzisa inkemba, uHezekeli ngokulandelayo wagunda izinwele zakhe nentshebe. (Funda uHezekeli 5:1-4.) Labo ababebulawa indlala nezifo babeyofaniswa nengxenye yesithathu yezinwele zomprofethi ayishisa phakathi kweJerusalema. Labo ababulawe impi babeyofaniswa nengxenye yesithathu eyagalelwa ngenkemba. Abasindayo babeyohlakazeka phakathi kwezizwe njengengxenye yesithathu yezinwele zakhe eyasakazwa emoyeni. Kodwa ezinye izithunjwa zaziyoba njengezinwele eziyingcosana ezathathwa kuleyongxenye eyasakazwa futhi zasongwa engutsheni kaHezekeli ukuze abonise ukuthi zaziyothatha ukukhulekela kweqiniso kwaJuda ngemva kwencithakalo yeminyaka engama-70. (Hezekeli 5:5-17) Iqiniso lokuthi uJehova wakugcwalisa lokhu nezinye iziprofetho ezalingiswa kufanele lisishukumisele ukuba sithembele kuye njengoMgcwalisi weziprofetho.—Isaya 42:9; 55:11.
Imbubhiso Ngaphambili!
12. (a) UHezekeli 6:1-7 ubonisa ukuthi yini eyayizokwenziwa abahlaseli? (b) Ngokwesiprofetho sikaHezekeli, liyini iJerusalema elingokomfuziselo, futhi yini eyokwenzeka kulo?
12 Ngo-613 B.C.E., uHezekeli wakhuluma nezwe ukuze abonise okwakuyokwehlela izakhamuzi zakwaJuda ezikhulekela izithombe. (Funda uHezekeli 6:1-7.) Abahlaseli babeyodiliza izindawo eziphakemeyo, ama-altare empepho, nama-altare ayesetshenziselwa ukukhulekela kwamanga. Wona kanye umqondo wokubhujiswa ngendlala, isifo, nempi ungenza umuntu athi ‘Maye!’ futhi agcizelele lokhu ngokushaya izandla futhi adubhuze ngonyawo. Izidumbu zeziphingi ezingokomoya zaziyodindiliza ezindaweni eziphakemeyo. Lapho eLobukholwa, umfuziselo weJerusalema, libhekana nembubhiso efanayo, liyokwazi ukuthi inhlekelele yalo ivela kuJehova.—Hezekeli 6:8-14.
13. Yayiyini “induku” ‘esesandleni sikaJehova, futhi ukusetshenziswa kwayo kwakuyoba namiphi imiphumela?
13 ‘Ukuphela kwakuza emagumbini omane ezwe,’ isimiso senkolo sikaJuda esingathembekile. “Iqoqo” (NW) lezinto eziyinhlekelele laliyozungeza ikhanda lomuntu okhonza izithombe lapho “induku” esesandleni sikaNkulunkulu—uNebukadinesari namabutho akhe aseBabiloni—bethatha isinyathelo ngokumelene nabantu bakaJehova nethempeli lakhe. Labo ‘abangabesixuku’ sakwaJuda sabathengi nabathengisi babeyobulawa noma bayiswe ekuthunjweni, futhi izandla zanoma ibaphi abaphumelela ukuba basinde zaziyowa ngokudangala. Ngenkathi yokugumbuqelwa kwesimiso sabo senkolo yamanga, kwakuyoba njengokungathi baphuca amakhanda abo ngokulila.—Hezekeli 7:1-18.
14. Yini ukufumbathisa okungakwazanga ukuyenzela iJerusalema, futhi lokho kubonisani ngeLobukholwa?
14 UJehova namabutho akhe abhubhisayo abanakufumbathiswa. (Funda uHezekeli 7:19.) Ukufumbathisa kwakungeke kulophule “igugu,” iNgcwelengcwele, ekubeni lingcoliswe njengoba “abaphangi” bamaKaledi bethatha ngendluzula izitsha ezingcwele futhi beshiya ithempeli liyincithakalo. UJehova ‘waqeda ukuzidla kwabanamandla’ lapho iNkosi uSedekiya ithunjwa futhi izikhulu zabapristi abangamaLevi zibulawa. (2 AmaKhosi 25:4-7, 18-21) Cha, izoni eJerusalema elivinjezelwe zazingenakukwazi ukubalekela usizi ngokufumbathisa lapho uNkulunkulu ‘ezahlulela’ njengabephuli besivumelwano. Ngokufanayo, phakathi nokungcoliswa okuseduze kwezinto eLobukholwa elizibheka njengezingcwele, aliyikukwazi ukufumbathisa ukuze lizophule ekukhishweni kwesahlulelo saphezulu kulo. Ngalesosikhathi kuyobe sekwephuze kakhulu ukuba limlalele “umlindi” kaJehova.—Hezekeli 7:20-27.
Ukububula Ngezinto Ezinengekayo
15. Yini uHezekeli ayibona eJerusalema, futhi lokhu kufanele kube namuphi umphumela kithi?
15 Lapho uHezekeli ebona uNkulunkulu esenkazimulweni ngoElul 5, 612 B.C.E., “okunjengesandla kwambamba ngesihluthu sekhanda” futhi kwamyisa eJerusalema ngomoya wokuphefumlelwa. Inqola yasezulwini nayo yayiye lapho. Lokho uHezekeli akubona ngemva kwalokho kufanele kusenze sikhwantabale ngokucabanga nje ngokulalela izihlubuki. (IzAga 11:9) Ethempelini, izihlubuki ezingamaIsrayeli zazikhulekela uphawu lwesithombe esikhulekelwayo (mhlawumbe insika engcwele) eyavusa umhawu kaNkulunkulu. (Eksodusi 20:2-6) Lapho engena egcekeni elingaphakathi, yeka izinto ezinengekayo uHezekeli azibona! (Funda uHezekeli 8:10, 11.) Yeka ukuthi kwakuhlazisa kanjani ukuthi amalunga akwaIsrayeli angama-70 ayenikela impepho konkulunkulu bamanga ababemelelwe imifanekiso enengekayo eyayidwetshwe odongeni!—Hezekeli 8:1-12.
16. Umbono kaHezekeli ubonisani ngemiphumela yokuhlubuka?
16 Umbono kaHezekeli ubonisa indlela ukuhlubuka okubulala ngayo ngokomoya. Phela, kwabikwa ukuthi abesifazane abangamaIsrayeli babelilela uTamuzi, isithombe saseBabiloni nesithandwa sikankulunkulukazi wokuzala uIshtar! Futhi yeka amanyala okwakuyiwo ukubona amadoda angama-25 amaIsrayeli egcekeni elingaphakathi lethempeli ekhulekela ilanga! (Duteronomi 4:15-19) Ekhaleni likaNkulunkulu amnunusela ngegatsha elinengekayo, ngokunokwenzeka elimelela isitho sobulili sowesilisa. Akumangalisi ukuthi uJehova wayengenakuyilalela imithandazo yabo, ngisho nanjengoba eLobukholwa liyofuna usizo lwakhe lingalutholi phakathi ‘nosizi olukhulu’!—Hezekeli 8:13-18; Mathewu 24:21.
Ukuphawulelwa Ukusinda
17. Angobani amadoda ayisikhombisa abonakala embonweni, futhi yini ayenza?
17 Ngokulandelayo, siphawula amadoda ayisikhombisa—enye ingumlobi ombethe ilineni namanye ayisithupha aphethe izikhali ezibulalayo. (Funda uHezekeli 9:1-7.) “Amadoda ayisithupha” amelela amabutho kaJehova asezulwini abhubhisayo, nakuba engawasebenzisa amanxusa asemhlabeni. Labo abamabunzi abo ‘indoda embethe ilineni’ eyawaphawula babeyothola isihe sikaNkulunkulu ngoba babengavumelani nezinto ezinengekayo ezazenziwa ethempelini. Imbubhiso ‘yamadoda ayisithupha’ yaqala lapho ngamalunga angama-70 ayekhulekela izithombe, ngabesifazane ababelilela uTamuzi, nangabakhulekeli belanga abangama-25. Laba nabanye abangathembekile kuNkulunkulu babulawa abaseBabiloni ngo-607 B.C.E.
18. (a) Ubani osukwini lwanamuhla ‘oyindoda embethe ilineni’? (b) Luyini “uphawu,” obani abanalo manje, futhi ukuba nalo kuyoba namiphi imiphumela?
18 Umfuziselo ‘wendoda embethe ilineni’ uyisigaba samaKristu agcotshiwe. Aya endlini ngendlu ukuze abeke uphawu olungokomfanekiso kulabo ababa ingxenye ‘yesixuku esikhulu’ ‘sezinye izimvu’ zikaKristu. “Uphawu” luwubufakazi bokuthi izimvu ezinjalo zingabantu abazinikezele, ababhapathiziwe abanobuntu obunjengobukaKristu. ‘Bayakhala futhi bayabubula ngezinto ezinengekayo’ ezenziwa kweLobukholwa, futhi baye baphuma eBabiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga. (IsAmbulo 18:4, 5) “Uphawu” lwabo luyokwenza kube sobala emabuthweni kaNkulunkulu abhubhisayo ukuthi bafanele ukulondolozwa phakathi ‘nosizi olukhulu.’ Bangalulondoloza ‘lolophawu’ ngokuhlanganyela nabagcotshiwe ekubekeni abanye uphawu. Ngakho uma ‘usubekwe uphawu,’ hlanganyela ngentshiseko emsebenzini ‘wokubeka uphawu.’—Hezekeli 9:8-11.
Imbubhiso Evuthayo Ngaphambili!
19. Yini esakazwa ‘indoda embethe ilineni’ yosuku lwanamuhla kulo lonke eLobukholwa?
19 Indoda eyembethe ilineni yaya phakathi kwamasondo enqola yasezulwini iyothatha amalahle omlilo. Lawa aphonswa phezu kweJerusalema, ukunikeza isixwayiso kusengaphambili sokuthi imbubhiso yalo yayiyoba ukubonakaliswa kolaka lukaNkulunkulu oluvuthayo. (Hezekeli 10:1-8; IsiLilo 2:2-4; 4:11) Osukwini lukaHezekeli, intukuthelo kaJehova yathululwa ngokusebenzisa abaseBabiloni. (2 IziKronike 36:15-21; Jeremiya 25:9-11) Kodwa kuthiwani ngosuku lwethu? Indoda eyembethe ilineni’ engokomfuziselo isakaza isigijimi sikaNkulunkulu esivuthayo kulo lonke eLobukholwa njengesixwayiso sokuthi ngokushesha intukuthelo yaphezulu iyokwehlela phezu kwalo nalo lonke iBabiloni Elikhulu. Yiqiniso, labo abenqaba ukulalela “umlindi” kaJehova abanalo ithemba lokusinda.—Isaya 61:1, 2; IsAmbulo 18:8-10, 20.
20. (a) Kufanele kusithinte kanjani ukuzwana okuphakathi kwamasondo enqola yasezulwini namakherubi? (b) Yini eyayenziwa ezinye izikhulu, futhi ngokunephutha zalifanisa nani iJerusalema?
20 Ukunakekela futhi kudonselwa enqoleni yasezulwini, inhlangano kaNkulunkulu yasezulwini. Njengoba siqaphela ukuzwana okukhona phakathi kwamasondo enqola namakherubi, kufanele sishukunyiselwe ukuba sibambisane ngokugcwele nenhlangano kaNkulunkulu yasemhlabeni. Ngokwethembeka, kufanele futhi siyivikele kubo bonke abantu abambuluzayo. (Hezekeli 10:9-22) Ayekhona amadoda anjalo osukwini lukaHezekeli, ngoba wabona izikhulu zikahulumeni ezingama-25 ziceba ukuvukela amabutho kaNkulunkulu abhubhisayo ngosizo lwabaseGibithe. Afanisa iJerusalema nekhanzi, futhi wona azifanisa nenyama elondekile ngaphakathi kwalo. Kodwa yeka ukuthi ayenephutha kangakanani! “Inkemba” ‘yabafokazi’ baseBabiloni yayizobulala abanye babenzi bozungu, kuyilapho abanye babezoba izithunjwa. Lokhu kwakuzokwenzeka ngoba uNkulunkulu wabheka amaJuda njenganecala lokwephula isivumelwano sakhe. (Hezekeli 11:1-13; Eksodusi 19:1-8; 24:1-7; Jeremiya 52:24-27) Ngenxa yokuthi eLobukholwa lizisholo ukuba sesivumelwaneni noNkulunkulu kodwa libeka ithemba lalo ezinhlanganweni zezwe, liyobhubha ngaphansi kokuhlasela kwamabutho kaJehova abhubhisayo.
21. Yini eyenzeka ngemva kwencithakalo kaJuda yeminyaka engama-70, futhi isiphi isenzakalo esiphawulekayo esathinta insali egcotshiwe?
21 Nakuba amaIsrayeli ‘ayehlakazeke emazweni,’ njengango-617 B.C.E., uNkulunkulu ‘wayeyindawo engcwele,’ noma isiphephelo, sezithunjwa eziphendukayo. (Hezekeli 11:14-16) Kodwa yini enye eyayingalindelwa? (Funda uHezekeli 11:17-21.) Ngemva kwencithakalo kaJuda yeminyaka engama-70, insali yabuyiselwa ‘ezweni lakwaIsrayeli’ elihlanziwe. Ngokuphawulekayo, ngemva kokuthunjelwa eBabiloni, insali egcotshiwe yakhululwa ngo-1919, futhi ngaphansi kokuqondisa komoya kaNkulunkulu, “izwe” likaIsrayeli ongokomoya elake laba incithakalo liye lahlanzwa. Ngakho, labo ‘abaphawulelwe’ ukusindiswa manje bajabulela umusa waphezulu kanye nensali ebuyiselwe kaIsrayeli ongokomoya. Futhi uma uqhubeka ulalela “umlindi” kaNkulunkulu,’ ungase ube phakathi kwabazosinda lapho uJehova ehosha inkemba yakhe emgodleni wayo.
[Umbhalo waphansi]
a Uma isikhathi sivuma, umqhubi kufanele acele ukuba imibhalo ekhonjiwe ebhalwe ngomalukeke ifundwe phakathi nesifundo sebandla salesihloko nezinye ezimbili ezisilandelayo. Amaphuzu avelele eBhayibheli eSikoleni SeNkonzo EsingokwaseZulwini nawo futhi angakhishwa kulezihloko ekufundweni okuqhubekayo kwencwadi kaHezekeli.
Ingabe Uyakhumbula?
◻ Kungani kumelwe ulalele lapho “umlindi” kaJehova ekhuluma?
◻ Yini eyayimelelwe inqola kaNkulunkulu yasezulwini?
◻ Obani abakhonza ‘njengomlindi kaJehova’ namuhla?
◻ Iziphi izenzo zezihlubuki uHezekeli azibona eJerusalema, futhi lombono kufanele usithinte kanjani namuhla?
◻ Ubani ‘oyindoda embethe ilineni’ yosuku lwanamuhla, futhi luyini “uphawu” alubeka emabunzini?