-
“Ngiyomisa Umalusi Oyedwa”Indlela Emsulwa Yokukhonza UJehova—Iyabuyiselwa Ekugcineni!
-
-
6. Chaza incazelo yesiphicaphicwano.
6 Sasisho ukuthini lesi siphicaphicwano? (Funda uHezekeli 17:11-15.) Ngo-617 B.C.E., inkosi yaseBhabhiloni uNebukhadinezari (‘ewukhozi olukhulu’ lokuqala) yavimbezela iJerusalema. Yasusa inkosi yakwaJuda uJehoyakini (‘oyingxenye engaphezulu yesihlahla somsedari’) esihlalweni sayo sobukhosi yayiyisa eBhabhiloni (“idolobha labahwebi”). UNebukhadinezari wabeka uZedekiya (“enye yembewu yezwe” yasebukhosini) esihlalweni sobukhosi eJerusalema. Le nkosi entsha yakwaJuda yafungiswa igama likaNkulunkulu, yavuma ukuthi izozithoba ngobuqotho ngaphansi kweNkosi uNebukhadinezari. (2 IziKr. 36:13) Kodwa uZedekiya akasihloniphanga isifungo sakhe, wahlubuka eBhabhiloni wayofuna usizo lwezempi kuFaro waseGibhithe (‘owukhozi olukhulu’ lwesibili) kodwa akalutholanga. UJehova akakwamukelanga okwenziwa uZedekiya ongathembekile, owaphula isifungo ayesenzile. (Hez. 17:16-21) Ekugcineni uZedekiya wasuswa esihlalweni sakhe sobukhosi, wayesefela ejele laseBhabhiloni.—Jer. 52:6-11.
-
-
Isiprofetho Esimayelana NoMesiya—Isihlahla Somsedari Esikhulu NgokubabazekayoIndlela Emsulwa Yokukhonza UJehova—Iyabuyiselwa Ekugcineni!
-
-
2. UNebukhadinezari ubeka uZedekiya esihlalweni sobukhosi eJerusalema
-