-
Isiprofetho Esimayelana NoMesiya—Isihlahla Somsedari Esikhulu NgokubabazekayoIndlela Emsulwa Yokukhonza UJehova—Iyabuyiselwa Ekugcineni!
-
-
4. UJehova utshala iNdodana yakhe eNtabeni yasezulwini iZiyoni
-
-
“Ngiyomisa Umalusi Oyedwa”Indlela Emsulwa Yokukhonza UJehova—Iyabuyiselwa Ekugcineni!
-
-
9 Lokho okushiwo isiprofetho. (Funda uHezekeli 17:22-24.) Manje akusezona izinkozi ezinkulu ezizothatha isinyathelo, sekunguJehova ngokwakhe. Uzonqampuna isithombo ‘engxenyeni ephezulu yesihlahla somsedari asitshale entabeni ende nephakeme.’ Lesi sithombo siyokhula sibe “umsedari omkhulu ngokubabazekayo,” ‘zonke izinhlobonhlobo zezinyoni zihlale kuwo.’ Khona-ke “zonke izihlahla zasendle” ziyokwazi ukuthi nguJehova uqobo lwakhe owenze lesi sihlahla esikhulu ngokubabazekayo sakhula.
10 Indlela esigcwaliseka ngayo lesi siprofetho. UJehova wasusa iNdodana yakhe, uJesu Kristu, emndenini wamakhosi avela kuDavide (‘owumsedari ophakeme’) wayibeka eNtabeni yasezulwini iZiyoni (‘okuyintaba ende nephakeme’). (IHu. 2:6; Jer. 23:5; IsAm. 14:1) Ngakho, uJehova wathatha iNdodana yakhe eyayibhekwa izitha zayo ‘njengephansi kunabo bonke abantu’ wayiphakamisa ngokuyinika “isihlalo sobukhosi sikaDavide uyise.” (Dan. 4:17; Luka 1:32, 33) Njengomsedari omkhulu ngokubabazekayo, iNkosi enguMesiya uJesu Kristu, iyobusa wonke umhlaba, ibanikeze izibusiso bonke abazithoba kuyo. Nangu-ke uMbusi ofanelwe ukuba simethembe. Ngaphansi komthunzi wokubusa koMbuso kaJesu, abantu abalalelayo emhlabeni wonke ‘bayohlala ngokulondeka, bangaphazanyiswa ukwesaba inhlekelele.’—IzAga 1:33.
-