UJehova Uhosha Inkemba Yakhe Emgodleni Wayo!
“Yonke inyama iyakwazi ukuthi mina-Jehova ngihoshile inkemba emgodleni wayo.”—HEZEKELI 21:5.
1. UJehova wayisebenzisa kobani inkemba yakhe kwaJuda nakwaIsrayeli?
INKEMBA kaJehova ngokufanelekile ibangela ukwesaba ezitheni zakhe. Kodwa lapho eyisebenzisa kubenzi bokubi emibusweni yakwaJuda nakwaIsrayeli, ingabe babazi ngempela ukuthi kwakwenzekani? Yebo, babetsheliwe ukuthi uJehova uyihoshile inkemba yakhe engokomfanekiso emgodleni wayo.—Ezra 9:6-9; Nehemiya 1:8; 9:26-30.
2. Yini uJehova ayisho ‘ngenkemba’ yakhe, kuphakamisa miphi imibuzo?
2 Ngomprofethi nomlindi wakhe uHezekeli, uNkulunkulu wathi: “Yonke inyama iyakwazi ukuthi mina-Jehova ngihoshile inkemba emgodleni wayo.” (Hezekeli 21:5) Ingabe lawomazwi asebenza kuphela ezikhathini zasendulo? Noma ingabe asho okuthile kithina?
Ukubikezelwa Kwesahlulelo SeJerusalema
3. Yini uHezekeli ayitshela ababethunjelwe eBabiloni, futhi lokhu kunamuphi umfuziselo wosuku lwanamuhla?
3 Inqola kaJehova yaqhubekela phambili futhi, nendawo uHezekeli ayekuyo yashintsha. Kwakusengathi inhlangano kaNkulunkulu yasezulwini enjengenqola ithuthele endaweni yokulinda esiqongweni seNtaba Yeminqumo. Lapho uJesu wabikezela khona imbubhiso eyehlela iJerusalema ngo-70 C.E., imbubhiso engokwesiprofetho ngesiphelo seLobukholwa. (Marku 13:1-20) Embonweni, uHezekeli ngokwakhe wayesusiwe emfuleni iKhebari, kodwa ngomoya kaNkulunkulu manje wayesebuyiselwe emuva endlini yakhe yokuthunjwa eBabiloni. Lapho watshela ezinye izithunjwa ‘konke uJehova ayembonise khona.’ Ngokufanayo, “umlindi” kaJehova ogcotshiwe nofakazi abakanye naye namuhla bamemezela konke okuye kwembulwa kubo uMgibeli wenqola yasezulwini.—Hezekeli 11:22-25.
4. Izithunjwa ezingamaJuda zasabela kanjani ezenzweni zikaHezekeli ezingokomfanekiso?
4 Ngezenzo ezingokomfanekiso, uHezekeli wabonisa izithunjwa ezingamaJuda ukuthi inhlekelele yesizwe yayiseduze. (Funda uHezekeli 12:1-7.) Umprofethi wathwala “impahla yokuhamba” ukuze abonise izinto ezimbalwa izithunjwa ezazingase zikwazi ukuzithwala emahlombe azo. Ukwesaba ngokushesha kwakuyosibekela iJerusalema elivinjezelwe. Nakuba abaningi bengazange bazithathe ngokungathi sina lezixwayiso, uHezekeli kwakudingeka atshele abantu: “Awusayikulitshaziswa-zwi.” Ngokufanayo nanamuhla kunokwedelela izixwayiso neziprofetho zaphezulu, kodwa singenza okwengeziwe ukusiza abafuni beqiniso ukuba bathembele ekugcwalisekeni kwazo.—Hezekeli 12:8-28.
5. Njengoba “usuku lukaJehova” lwaluseduze, yikuphi ukusola okwakufaneleka?
5 Labo abangamlaleli umlindi kaJehova babedinga ukwazi ukuthi babeyokuzwa “inkemba” kaNkulunkulu. Ngakho, labo abanecala ngemibono eyiphutha ngokulondeka kweJerusalema noJuda basolwa. Abaprofethi bamanga baqhathaniswa nezimpungushe ezibhubhisayo, futhi kwabonisa ukuthi abaqambi-manga babecaka izindonga ezidilikayo, noma benza imisebenzi eyize, yabantu. Abaprofethikazi bamanga nabo basolwa. “Usuku lukaJehova” lwaluseduze, futhi ubuso bakhe babumelene nalabo ‘abazahlukanisa naye,’ okungukuthi, ‘abazinikezele ukuba baduke ekulandeleni uNkulunkulu.’ Uma sizinikezele kuJehova, ngokuqinisekile asiyikufuna neze ukuhoxa enkonzweni yakhe engcwele.—Hezekeli 13:1-14:11.
6. Ingabe wayekhona umuntu owayengophula abantu abaphambukayo bakwaJuda, futhi lokhu kusifundisani thina?
6 Ubani owayengasindisa labantu bakwaJuda abadukayo? Ngisho noNowa, uDaniyeli, noJobe abalungileyo babengenakukwazi ukubophula lapho uNkulunkulu eletha izahlulelo zakhe kulelozwe. Khona-ke, ukuze sisindiswe, kumelwe sithwale umthwalo wethu wemfanelo phambi kukaNkulunkulu futhi senze intando yakhe.—Hezekeli 14:12-23; Roma 14:12.
7. UJuda wafaniswa nani, nokho yini uNkulunkulu ayeyoyimisa nabathembekile?
7 Ngenxa yezakhamuzi zakhe ezingathembekile, uJuda wafaniswa nomvini wasendle owawungenazo izithelo ezinhle futhi owawufanelwe ukushiswa. (Hezekeli 15:1-8) Wafaniswa futhi nesitholwa esahlengwa uNkulunkulu eGibithe futhi wasondla saze saba umfazi. UJehova wasithatha njengomfazi wakhe, kodwa saphendukela konkulunkulu bamanga futhi sasiyobhekana nembubhiso ngenxa yokuphinga kwaso ngokomoya. Nokho, ngabathembekileyo uNkulunkulu ‘wayeyomisa isivumelwano esiphakade’—isivumelwano esisha noIsrayeli ongokomoya.—Hezekeli 16:1-63; Jeremiya 31:31-34; Galathiya 6:16.
8. (a) IBabiloni neGibithe kwafaniswa nani? (b) Kufanele kusithinte kanjani ukwephula kukaSedekiya isifungo sakhe?
8 Ngokulandelayo, ababusi baseBabiloni nabaseGibithe bafaniswa nezinkozi ezinkulu. Olunye ukhozi lwaphula isihloko somuthi womsedari ngokususa iNkosi uJehoyakini futhi lubeke uSedekiya esikhundleni sakhe. Nakuba uSedekiya enza isifungo sokwethembeka kuNebukadinesari, wasephula, efuna usizo lwezempi lombusi waseGibithe, olunye ukhozi olukhulu. Uma uSedekiya afunga igama likaNkulunkulu lapho enza isifungo sakhe, ukusephula kwaletha isihlamba kuJehova. Wona kanye umqondo wokuletha isihlamba kuNkulunkulu kufanele usivimbele ekubeni singalokothi nakanye singathembeki emazwini ethu. Ngempela sinelungelo lokuphatha igama laphezulu njengoFakazi BakaJehova!—Hezekeli 17:1-21.
9, 10. (a) Yisiphi isiprofetho esilotshwe kuHezekeli 17:22-24, kodwa yini okumelwe yenziwe ukuze sizuze ekugcwalisekeni kwaso? (b) Obani abanecala ngemiphumela yokuziphatha kwethu?
9 Ngokulandelayo kuza isiprofetho esikhuthazayo ngoMesiya. (Funda uHezekeli 17:22-24.) Lapha, “elithambileyo” liyiNkosi yobuMesiya, uJesu Kristu. Etshalwe uJehova eNtabeni yasezulwini iSiyoni, wayeyokuba ‘umsedari omuhle,’ umthombo wesivikelo nesibusiso njengoba ayebusa phezu komhlaba. (IsAmbulo 14:1) Ngempela, kulokhu singathola isikhuthazo.
10 Nokho, ukuze sizuze ekugcwalisekeni kwesiprofetho ngoMesiya, kumelwe silondoloze ubuhlobo obuhle noJehova. Izithunjwa ezazikanye noHezekeli ngokusobala zacabanga ukuthi zazinokuma okuhle noNkulunkulu futhi zasola okhokho bazo ngokuhlupheka kwazo. Kodwa umprofethi wakuveza ngokuqondile ukuthi umuntu ngamunye wayenecala ngemiphumela yokuziphatha kwakhe. (Hezekeli 18:1-29; qhathanisa noJeremiya 31:28-30.) Ngokulandelayo kweza isicelo. (Funda uHezekeli 18:30-32.) Yebo, uJehova unomusa kumuntu ophendukayo futhi akathokozi ngokufa kwanoma ubani. Ngakho-ke, uNkulunkulu uthi: ‘Phendukani niphile, ninabantu.’—Qhathanisa no-2 Petru 3:9.
11. Baqhathaniswa nani ababusi bakwaJuda, futhi yini eyokwenzeka kuye uma eshaywa ‘ngenkemba’ kaJehova?
11 Esililweni ngokuwa kukaJuda, ababusi bakhe baqhathaniswa namabhongo ezingonyama. Inkosi uJehowahazi yafa ezweni lokuthunjwa laseGibithe, uJehoyakimi wabanjwa uNebukadinesari, futhi uJehoyakini wathunjelwa eBabiloni. UNebukadinesari ngokulandelayo wabeka uSedekiya esihlalweni sobukhosi sakwaJuda, kodwa wahlubuka. Ekugcineni, njengebhubesi elivalelwe, uSedekiya wathwalwa wayiswa eBabiloni njengesithunjwa. Ekuvumelaneni nesililo esingokwesiprofetho, ngo-607 B.C.E., uJuda waba umvini owoniweyo, “kwaze kwangabe kusaba-khona kuwo igatsha eliqinileyo, nantonga yokubusa.” Wayeshaywe “inkemba” kaJehova!—Hezekeli 19:1-14; Jeremiya 39:1-7.
12. (a) Njengokhokho babo, yibuphi ububi labo ababephila noHezekeli ababehileleke kubo? (b) Kungani abantu babuza ukuthi uHezekeli wayengalinganisi ngezaga yini, futhi lokhu kusinikeza siphi isixwayiso?
12 Lapho, “amadoda athile amalunga akwaIsrayeli” ezobuza kuHezekeli, wakhuluma ngesigijimi sikaNkulunkulu. Waveza ngokuqondile ukuthi nakuba uJehova akhulula amaIsrayeli eGibithe futhi wawanika uMthetho waKhe, awulahla futhi aqhuba ukukhulekela izithombe. Njengoba ababehlala noHezekeli nabo babenecala lobubi obufanayo, uNkulunkulu wayezobahlulela. Ngokusobala, ngomoya wokugxeka hhayi ngenxa yokuba bengazange bakuqonde lokho uHezekeli ayekusho, abantu babuza: “Asithi uyalinganisa ngezaga na?” Babezobona ngokushesha ukuthi kwakungekho lutho olwalumane nje luyisaga ngesigijimi somprofethi. Lokho kufanele kusixwayise ukuba singalokothi nakanye sithathe isimo sokungabaza ukugcwaliseka kwezixwayiso ezingokomBhalo.—Hezekeli 20:1-49.
UJehova Iqhawe Lempi
13. “Inkemba” kaNkulunkulu imelelani, futhi yini eyayiyokwaziwa ‘yinyama yonke’ uma leyonkemba isetshenziswa?
13 Ngonyaka wesikhombisa wokuthunjwa (ngoAbibi 10, 611 B.C.E.), kwakusele iminyaka engaphansi kwemibili nengxenye ngaphambi kokuba ‘ukulwa kosuku lukaJehova’ kuqale ngokumelene noJuda neJerusalema. (Hezekeli 13:5; 20:1) Phawula lokho uJehova iQhawe lempi akusho ngalesosikhathi ngoHezekeli. (Funda uHezekeli 21:1-5.) “Inkemba” kaNkulunkulu imelela inxusa lasemhlabeni ayolisebenzisa, kodwa ingahlanganisa futhi nenhlangano yakhe yasezulwini, enjengenqola. Izakhamuzi “ezilungileyo” ‘nezimbi’ zakwaJuda nezakwaIsrayeli, kuhlanganise nezizwe ezazifisela abantu bakaNkulunkulu okubi, zaziyokuwa ngosiko ‘lwenkemba’ kaNkulunkulu. Ngempela, “yonke inyama” yayiyokwazi ukuthi uJehova wayelwa nayo.
14. (a) NjengoHezekeli, yikuphi oFakazi BakaJehova abagcotshiwe abadonsela ukunakekela kukho? (b) Yini ebonisa ukuthi ababusi beLobukholwa abayikusinda ‘enkembeni’ kaNkulunkulu?
14 NjengoHezekeli, oFakazi BakaJehova abagcotshiwe namuhla badonsela ukunakekela ‘enkembeni’ uNkulunkulu ayoyisikaza kubalandeli beLobukholwa, elindawo yalo ingumfuziselo “wezwe lakwaIsrayeli.” Ngokushesha ‘leyonkemba’ iyozwiwa “inyama yonke kusukela eningizimu kuya enyakatho,” yibo bonke abenkolo yamanga. Ababezethemba osukwini lukaHezekeli babengenaso isizathu sokujabula, bephetha ngokuthi “inkemba” kaJehova ngeke ‘ilolelwe’ ukuba ‘ibulale’ bona. ‘Leyonkemba’ yadelela intonga yobukhosi yombuso wakwaJuda, njengoba nje yadelela nakho konke “okomuthi,” noma intonga. Khona-ke, ngokuqinisekile, ababusi beLobukholwa ngeke basinde enxuseni likaNkulunkulu elibhubhisayo.—Hezekeli 21:6-17.
15. Yisiphi isehlakalo esihilela uNebukadinesari esibonisa ukuthi akekho ongaphebeza “inkemba” kaJehova?
15 Isiprofetho sikaHezekeli siqhubekela phambili sibonisa ukuthi akekho umuntu, kuhlanganise namademoni, ongaphebeza “inkemba” kaJehova. (Funda uHezekeli 21:18-22.) Nakuba iNkosi uNebukadinesari yayiyosebenzisa ubungoma bamademoni, uJehova wayezoqikelela ukuba umbusi waseBabiloni avivele iJerusalema, hhayi inhlokodolobha yaseRaba yama-Amoni abuthakathaka. UNebukadinesari wayeyokhetha emgodleni umcibisholo owawuphawulelwe iJerusalema. Wayeyosebenzisa itherafi (ngokunokwenzeka, izithombe ezincane ezinesimo sabantu) futhi wayeyobheka izimpawu esibindini sesilwane esibulewe. Nokho, naphezu kobungoma, wayeyothatha indlela elibangise enhloko-dolobha yakwaJuda futhi ayihaqe. Yiqiniso, uNebukadinesari wayenze isivumelwano neNkosi uSedekiya. Kodwa ngenxa yokwephula kwabo isifungo, usedekiya namanye amaJuda ‘babeyobanjwa ngesandla’ futhi baholelwe ekuthunjweni eBabiloni.—Hezekeli 21:23, 24.
16. (a) Yini eyenzeka ekugcwalisekeni kukaHezekeli 21:25-27? (b) Zaqala nini iziKhathi Zabezizwe, futhi zaphela ngasiphi isenzakalo?
16 Ngokuhlubuka, uSedekiya wazigwaza ngowakhe inxeba elibulalayo. (Funda uHezekeli 21:25-27.) Lapho inkosi yakwaJuda isigudluziwe esihlalweni sayo, isigqoko sobukhosi nomqhele kwasuswa. (2 AmaKhosi 25:1-7) Umbuso “ophakeme” wakwaJuda ‘wehliswa’ ngokubhujiswa ngo-607 B.C.E. Kanjalo imibuso yabeZizwe “ephansi” ‘yaphakanyiswa,’ idedelwa ukuba ilawule umhlaba ngaphandle kokuphazanyiswa umbuso ofanekisela okaNkulunkulu. (Duteromoni 28:13, 15, 36, 43, 44) Ngakho kwaqala, “izikhathi [ezimisiwe, NW] zabezizwe”—iZikhathi ZabeZizwe—ezaphela ngo-1914 lapho uNkulunkulu enikeza uJesu Kristu ubukhosi, ‘lowo omfanelo ingeyakhe.’ (Luka 21:20-24; IHubo 110:1, 2; Daniyeli 4:15-28; 7:13, 14) Njengoba uJesu esesihlalweni sobukhosi sasezulwini, izizwe zabeZizwe azinakukwazi ukunyathela lokho iJerusalema lasendulo elalikufanekisela, uMbuso wendlalifa kaDavide engokomthetho.—Heberu 12:22.
17. Yimaphi “amanga” ayemenyezelwa abaprofethi bakwa-Amoni?
17 Abaprofethi bakwa-Amoni babethi inhlokodolobha yakwa-Amoni, iRaba, yayiyosinda ekubhujisweni inkemba kaNebukadinesari. Kodwa lokhu ‘kwakungamanga,’ ngoba lonke izwe lakwa-Amoni laliyochithwa. Osukwini lwethu, uNkulunkulu uye wamemezela ukuthi imbubhiso yezizwe iyolandela eyeLobukholwa, njengoba neRaba labhujiswa ngemva kweJerusalema.—Hezekeli 21:28-32; IsAmbulo 16:14-16.
IJerusalema Liquliswa Icala
18. UHezekeli wasola iJerusalema ngenxa yaziphi izono, futhi kufanele sisabele kanjani kulokhu?
18 Ekhuluma izwi likaNkulunkulu futhi, uHezekeli wasola iJerusalema ngezono ezinjengokuchithwa kwegazi, ukukhulekelwa kwezithombe, ukuziphatha okuxekethile, ukukhohlisa ngobuqili, nokukhohlwa uNkulunkulu. Izikhulu zalo ezinecala legazi, zasebenzisa kabi amandla kwaze kwaba sezingeni lokubulala ngegunya, futhi abanyundeli bazisindisa ezitheni ngokuzimangalela ngamanga. Ngenxa yobubi obunjalo, izakhamuzi zaseJerusalema zaziyohlakazwa. Ulwazi lwalokhu kufanele luqinise ukuzimisela kwethu ukugwema ukusebenzisa kabi amandla, ukuziphatha okuxekethile, ukunyundela, nezinye izono ezingathi sina.—Hezekeli 22:1-16.
19. Abantu bakwaJuda babeyoncibilikiswa ngayiphi indlela, futhi kungani ukuqothulwa kwabo kwakugunyaziwe?
19 UJehova futhi wayeyoncibilikisa abantu bakwaJuda esithandweni somlilo. Lokhu wayengakwenzeli ukubahlanza enqubweni yokucwengisisa, kodwa ukubenza babe buthaka ngentukuthelo yakhe evuthayo. (Hezekeli 22:17-22) Lesisahlulelo sasibafanele kakhulu abaprofethi ababenza uzungu, abapristi abangenamthetho, izikhulu ezihahayo, nabantu ababengalungile. Bonke basolwa. Njengoba kungekho muntu phakathi kwabo owamela ukulunga, uNkulunkulu wayeyobaqothula ngomlilo wolaka lwakhe.—Hezekeli 22:23-31.
Isijeziso Esibafanele
20. Intukuthelo kaNkulunkulu yayiyothululelwa phezu kwabaphi abesifazane abangokomfanekiso, futhi yimiphi imininingwane ongayinikeza mayelana nokuthi babengobani?
20 Ukuthululwa kolaka lukaNkulunkulu ngokulandelayo kwamelelwa njengesahlulelo phezu kwabesifazane ababili abangokomfanekiso ababenecala lokuphinga ngokomoya. Omunye wayenguOhola, umbuso wakwaIsrayeli wezizwe eziyishumi oneSamariya njengenhloko-dolobha yawo. ‘Wayengomdala’ ngoba wayehlanganisa cishe izizwe eziningi zakwaIsrayeli, kuhlanganise nalezo ezavela emadodaneni kaJakobe amadala, uRubeni noSimeyoni. Udadewabo wayenguOholiba, umbuso wakwaJuda wezizwe ezimbili oneJerusalema njengenhloko-dolobha yawo. Elithi Ohola lisho ukuthi “Itende Lakhe.” UOholiba usho ukuthi “Itende Lami Likuye,” okufanelekile ngoba itende likaNkulunkulu noma ithempeli, lalikwaJuda.—Hezekeli 23:1-4.
21. UOhola wakufuna kuphi ukulondeka kwakhe, okusinikeza siphi isixwayiso?
21 UOhola (uIsrayeli) wapheza ukuba khona lapho egumbuqelwa abaseAsiriya ngo-740 B.C.E. Wayenzeni? (Funda uHezekeli 23:5-7.) UOhola ngokungenalukholo wafuna ukulondeka ezinhlanganweni zezombangazwe, kodwa lokho kwaholela ekwamukeleni kwakhe ukukhulekela kwamanga kwabasizi bakhe, kangangokuba ‘wazingcolisa ngezithombe zabo ezingcolile.’ Sithola isixwayiso ekuphingeni ngokomoya kuka0hola, kufanele siqaphele ukusondelana nezwe okungalimaza ukholo lwethu.—Jakobe 4:4; 1 Johane 2:15-17.
22. Njengo-Ohola no-Oholiba, lenzani eLobukholwa, kodwa yini ezokwenzeka kulo?
22 Ngenxa yokulandela inkambo yesono ngaphezu kukadadewabo, uOholiba (uJuda) wabhekana nenhlekelele yesizwe ezandleni zabaseBabiloni ngo-607 B.C.E. Abantwana bakhe bawa ngenkemba noma bayiswa ekuthunjweni, futhi wahlaziswa phakathi kwezizwe. Njengo-Ohola no-Oholiba, eLobukholwa liyaphinga ngokomoya, okuyisono emehlweni kaNkulunkulu elithi liyamkhulekela. UbuProthestani, namahlelo abo amaningi buye bazingcolisa ngemibuso yezentengiselwano nezombangazwe yalelizwe ngisho nangaphezu kukadadewabo omdala, ubuRoma Katolika. Ngakho, uJehova uyoqikelela ukuthi lonke eLobukholwa liyabhujiswa. Khona-ke abantu bayokwazi ukuthi unguMbusi oyiNkosi uJehova. Kuyoqinisa ukuzimisela kwethu ukuxwaya ubuhlobo obungafanele nezwe uma sikhumbula ukuthi ngokushesha abangane beLobukholwa bayophendukela kulo futhi badlulisele isigwebo sikaNkulunkulu kulo njengengxenye eyinhloko yeBabiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga.—Hezekeli 23:8-49; IsAmbulo 17:1-6, 15-18.
Abazenzisi Bashaqekile
23. IJerusalema lamelelwa kanjani esigijimini sikaNkulunkulu esiya kuHezekeli ekupheleni kukaDecember ngo-609 B.C.E., futhi kwakuzokwenzekani kulo?
23 Ngalo kanye usuku lwasekupheleni kukaDecember uNebukadinesari aqala ngalo ukuvimbezela kwakhe iJerusalema kwezinyanga eziyi-18 (ngoTebeth 10, 609 B.C.E.), uNkulunkulu wanika uHezekeli esinye isigijimi esicacile. Kusona, iJerusalema elihaqiwe lafanekiselwa njengekhanzi ‘okwakuzobiliswa’ kulo izakhamuzi zomuzi. Ukungcola kokuziphatha kwakubangele ‘ukugqwala’ kulelokhanzi elingokomfanekiso. Abenzi bobubi babeyokhishelwa ngaphandle kweJerusalema ‘ngezinqamu,’ futhi umaye walo wawungenakuphela kuze kube yilapho libhujiswa. UJehova wayelahlulele iJerusalema ngokwezenzo zalo ezimbi, futhi kwakufanele libhujiswe, ngisho nanjengoba eLobukholwa kufanele libhujiswe.—Hezekeli 24:1-14.
24. (a) Kungani uHezekeli engazange abonise ukudabuka lapho umkakhe efa? (b) Lapho “inkemba” kaJehova yehlela phezu kwalo, eLobukholwa liyosabela kanjani, futhi yini eliyoyazi?
24 Ngokulandelayo, uHezekeli wayezokwenza ngendlela engavamile. (Funda uHezekeli 24:15-18.) Kungani umprofethi ayengenakubonisa ukudabuka lapho umkakhe efa? Ukuze abonise indlela amaJuda ayeyoshaqeka ngayo ekubhujisweni kweJerusalema, izakhamuzi zalo, nethempeli. Kakade umprofethi wayesekhulume okwanele ngezindaba ezinjalo futhi wayengasenakukhuluma ngesigijimi sikaNkulunkulu kuze kube yilapho ebikelwa ngokugumbuqelwa kweJerusalema. Ngokufanayo, eLobukholwa nabalandeli balo benkolo abangabazenzisi bayoshaqeka ngesikhathi sokubhujiswa kwabo. Futhi ngemva kokuqala ‘kosizi olukhulu,’ lokho isigaba somlindi ogcotshiwe esesikushilo kakade ngalo kuyobe kwanele. (Mathewu 24:21) Kodwa lapho “inkemba” kaNkulunkulu yehlela phezu kweLobukholwa, abalandeli abanjalo benkolo abashaqekile nabanye ‘bayokwazi ukuthi unguJehova.’—Hezekeli 24:19-27.
Ungaphendula Kanjani?
◻ Yini eyenzeka lapho uJehova esebenzisa “inkemba” yakhe kuJuda noIsrayeli?
◻ Kufanele sithinteke kanjani ngokwephula kukaSedekiya isifungo sakhe kuNebukadinesari?
◻ “Inkemba” kaNkulunkulu imelelani?
◻ Yisiphi isehlakalo esihilela uNebukadinesari esibonisa ukuthi akekho ongaphebeza “inkemba” kaJehova?
◻ Yini eyenzeka ekugcwalisekeni kukaHezekeli 21:25-27?
◻ Yini eyayifanekiselwa ukungabonisi ukudabuka kukaHezekeli lapho umkakhe efa?
[Isithombe ekhasini 18]
Lapho iNkosi uSedekiya yephula isifungo sayo kuNebukadinesari futhi iyiswa ekuthunjweni, isiphi isiprofetho esaqala ukugcwaliseka?