IZwi LikaJehova Liyaphila
Amaphuzu Avelele Encwadi KaHezekeli—INgxenye II
SEKUWU-DECEMBER 609 B.C.E. Inkosi yaseBhabhiloni isilivimbezela okokugcina iJerusalema. Kuze kube manje, umyalezo kaHezekeli kwabadingiselwe eBhabhiloni ubugxile esihlokweni esisodwa: ukuwa nokubhujiswa komuzi wabo abawuthandayo, iJerusalema. Nokho, manje iziprofetho zikaHezekeli seziyashintsha zibikezele ngokubhujiswa kwezizwe ezingamaqaba ezizojabula ngenhlekelele ezokwehlela abantu bakaNkulunkulu. Lapho iJerusalema liwa ezinyangeni ezingu-18 kamuva, isigijimi sikaHezekeli siba nesihloko esisha: ukubuyiselwa okukhazimulayo kokukhulekela kweqiniso.
UHezekeli 25:1–48:35 uqukethe iziprofetho ezimayelana nezizwe ezizungeze u-Israyeli nokukhululwa kwabantu bakaNkulunkulu.a Ngaphandle kukaHezekeli 29:17-20, ukulandisa okulandelayo kulandelana ngezikhathi nangezihloko. Nokho, indaba ekula mavesi amane ihlelwe ngokulandelana kwezihloko. Njengoba iyingxenye yemiBhalo ephefumulelwe, incwadi kaHezekeli inesigijimi ‘esiphilayo nesinamandla.’—Hebheru 4:12.
‘LELIYA ZWE LIYOBA NJENGENSIMU YASE-EDENE’
Ebona kusengaphambili indlela izizwe ezaziyosabela ngayo lapho kuwa iJerusalema, uJehova utshela uHezekeli ukuba aprofethe ngabakwa-Amoni, abakwaMowabi, u-Edomi, amaFilisti, iThire neSidoni. IGibhithe lizophangwa. ‘UFaro inkosi yaseGibhithe nesixuku sakhe’ bafaniswa nomsedari ozogawulwa “inkemba yenkosi yaseBhabhiloni.”—Hezekeli 31:2, 3, 12; 32:11, 12.
Cishe ngemva kwezinyanga eziyisithupha kubhujiswe iJerusalema ngo-607 B.C.E., ophunyukile uyafika kuHezekeli ambikele: “Umuzi udiliziwe!” Manje umprofethi akabe esaba “isimungulu” ezithunjweni. (Hezekeli 33:21, 22) Kumelwe amemezele iziprofetho zokubuyiselwa. UJehova ‘uyovusa phezu kwazo umalusi oyedwa, inceku yakhe uDavide.’ (Hezekeli 34:23) U-Edomi uyoba incithakalo, kodwa izwe lakwaJuda elingalé kuka-Edomi, liyoba “njengensimu yase-Edene.” (Hezekeli 36:35) UJehova uthembisa ukuvikela abantu bakhe ababuyiselwe ekuhlaseleni ‘kukaGogi.’—Hezekeli 38:2.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
29:8-12—IGibhithe laba nini incithakalo iminyaka engu-40? Ngemva kokubhujiswa kweJerusalema ngo-607 B.C.E., insali yakwaJuda yabalekela eGibhithe naphezu kwesixwayiso somprofethi uJeremiya sokuba ingayi lapho. (Jeremiya 24:1, 8-10; 42:7-22) Lokho akuyisindisanga ngoba uNebukhadinezari wahlasela iGibhithe futhi walinqoba. Kungenzeka ukuthi iGibhithe laba incithakalo iminyaka engu-40 ngemva kwalokho kunqotshwa. Nakuba umlando wezwe ungenabo ubufakazi bale ncithakalo, singaqiniseka ukuthi yenzeka ngoba uJehova unguMgcwalisi weziprofetho.—Isaya 55:11.
29:18—Kwenzeka kanjani ukuba ‘wonke amakhanda aphuculwe, futhi wonke amahlombe akhuhlwe aphucuke’? Ukuvinjezelwa komuzi waseThire owawusezweni kwakukukhulu futhi kucindezela kangangokuthi amakhanda amabutho kaNebukhadinezari aphucuka ngenxa yokukhuhlwa izigqoko zawo zokuzivikela futhi amahlombe awo akhuhlwa aphucuka ngenxa yokuthwala izinto zokwakha imibhoshongo nezinqaba.—Hezekeli 26:7-12.
Izifundo Esizitholayo:
29:19, 20. Njengoba abaseThire babalekela emzini wabo osesiqhingini nengcebo yabo eningi, iNkosi uNebukhadinezari yathola impango encane kakhulu eThire. Ngisho noma uNebukhadinezari ayeqhosha, engumbusi oyiqaba noyigovu, uJehova wamvuza ngenkonzo yakhe ngokumnika iGibhithe ‘njengenkokhelo yebutho lakhe lempi.’ Akufanele yini nathi silingise uNkulunkulu weqiniso ngokukhokha izintela kohulumeni ngenxa yezinkonzo abasenzela zona? Ukuziphatha kweziphathimandla noma indlela ezisebenzisa ngayo intela akusikhululi kulesi sibopho.—Roma 13:4-7.
33:7-9. Isigaba somlindi sanamuhla—insali egcotshiwe—nabangane baso akufanele bayeke ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso nokuxwayisa abantu ‘ngosizi olukhulu’ oluzayo.— Mathewu 24:21.
33:10-20. Insindiso yethu ixhomeke ekugwemeni izindlela ezimbi nasekuphileni ngokuvumelana nalokho uNkulunkulu akufunayo. Ngempela, indlela kaJehova ‘ilungiswe kahle.’
36:20, 21. Ngenxa yokungaphili ngendlela ayaziwa ngayo ‘njengabantu bakaJehova,’ ama-Israyeli angcolisa igama likaNkulunkulu phakathi kwezizwe. Akufanele sibe abakhulekeli bakaJehova ngegama nje kuphela.
36:25, 37, 38. Ipharadesi elingokomoya esilijabulelayo namuhla ligcwele ‘umhlambi wabantu abangcwele.’ Ngakho, kufanele silwele ukuligcina lihlanzekile.
38:1-23. Yeka indlela okusiqinisekisa ngayo ukwazi ukuthi uJehova uyobakhulula abantu bakhe ekuhlaseleni kukaGogi wezwe lakwaMagogi! “Umbusi waleli zwe,” uSathane uDeveli, wethiwa igama elithi uGogi ngemva kokuxoshwa kwakhe ezulwini. Izwe lakwaMagogi libhekisela endaweni yasemhlabeni, uSathane namademoni akhe abavalelwe kuyo.—Johane 12:31; IsAmbulo 12:7-12.
“UBEKE INHLIZIYO YAKHO KUKHO KONKE ENGIKUBONISA KONA”
Sekuwunyaka we-14 ngemva kokudilizwa komuzi waseJerusalema. (Hezekeli 40:1) Kusasele iminyaka engu-56 besekudingisweni. (Jeremiya 29:10) Manje uHezekeli usecela eminyakeni engu-50 ubudala. Ngombono ulethwa ezweni lakwa-Israyeli. Uyatshelwa: “Ndodana yomuntu, bona ngamehlo akho, uzwe nangezindlebe zakho, ubeke inhliziyo yakho kukho konke engikubonisa kona.” (Hezekeli 40:2-4) Yeka indlela okumelwe ukuba uHezekeli wavukwa amadlingozi ngayo lapho ebona ithempeli elisha embonweni!
Ithempeli elikhazimulayo elibonwa uHezekeli linamasango ayisithupha, amakamelo okudlela angu-30, iNgcwele, iNgcwelengcwele, i-altare lokhuni ne-altare leminikelo yokushiswa. Ethempelini ‘kuphuma’ umfudlana wamanzi ophenduka isikhukhula. (Hezekeli 47:1) UHezekeli uthola nombono wokwabiwa kwezwe ngokwezizwe—isabelo ngasinye sisuka empumalanga siye entshonalanga, isiqephu sokuqondisa siphakathi kwesabelo sakwaJuda nesakwaBhenjamini. “Indlu kaJehova engcwele” ‘nomuzi’ obizwa ngokuthi iJehova-Shama [UJehova Ngokwakhe Ulapho] kukulesi siqephu.—Hezekeli 48:9, 10, 15, 35.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
40:3–47:12—Lifanekiselani ithempeli elabonwa uHezekeli embonweni? Empeleni leli thempeli elikhulu kakhulu elabonwa uHezekeli embonweni alikaze lakhiwe. Lalifanekisela ithempeli likaNkulunkulu elingokomoya—ilungiselelo lakhe lokukhulekela okuhlanzekile namuhla elinjengethempeli. (Hezekeli 40:2; Mika 4:1; Hebheru 8:2; 9:23, 24) Umbono wethempeli ugcwaliseka phakathi ‘nezinsuku zokugcina,’ isikhathi sokucwengwa kwabapristi. (2 Thimothewu 3:1; Hezekeli 44:10-16; Malaki 3:1-3) Nokho, uyogcwaliseka okokugcina ePharadesi. Ithempeli lasembonweni lanikeza amaJuda asekuthunjweni isithembiso sokuthi ukukhulekela kweqiniso kwakuyobuyiselwa futhi umndeni ngamunye wamaJuda wawuyoba nefa ezweni.
40:3–43:17—Kusho ukuthini ukulinganiswa kwethempeli? Ukulinganiswa kwethempeli kuwuphawu lokuthi injongo kaJehova mayelana nokukhulekela okumsulwa iyogcwaliseka nakanjani.
43:2-4, 7, 9—Zaziyini ‘izidumbu zamakhosi awo’ okwadingeka zisuswe ethempelini? Kusobala ukuthi izidumbu zibhekisela ezithombeni. Ababusi baseJerusalema nabantu bakhona babengcolise ithempeli likaNkulunkulu ngezithombe—empeleni, bezenza amakhosi abo.
43:13-20—Yini efanekiselwa i-altare elabonwa uHezekeli embonweni? I-altare lifanekisela intando kaNkulunkulu maqondana nomhlatshelo wesihlengo kaJesu Kristu. Ngenxa yaleli lungiselelo, abagcotshiwe kuthiwa balungile ‘nesixuku esikhulu’ sihlanzekile futhi simsulwa emehlweni kaNkulunkulu. (IsAmbulo 7:9-14; Roma 5:1, 2) Mhlawumbe yingakho “ulwandle olubunjiwe” olwalusethempelini likaSolomoni—isitsha samanzi esikhulu esasigeza abapristi—lungekho ethempelini elisembonweni.—1 AmaKhosi 7:23-26.
44:10-16—Ubani omelelwa isigaba sabapristi? Isigaba sabapristi simelela iqembu lamaKristu agcotshiwe anamuhla. Ahlanzwa ngo-1918 lapho uJehova ehlala “njengomcwengi nanjengomhlanzi” ethempelini lakhe elingokomoya. (Malaki 3:1-5) Labo ababehlanzekile noma abaphenduka babengaqhubeka nelungelo labo lenkonzo. Ngemva kwalokho, kwakumelwe bazikhandle ukuze bazigcine ‘bengenalo ibala ezweni,’ ngaleyo ndlela babe izibonelo ‘esixukwini esikhulu,’ esimelelwa izizwe ezingezona ezabapristi.—Jakobe 1:27; IsAmbulo 7:9, 10.
45:1; 47:13–48:29—Limelelani “izwe” nokwabiwa kwalo? Izwe limelela indawo esetshenzwa abantu bakaNkulunkulu. Kungakhathaliseki ukuthi umkhulekeli kaJehova ukuphi, lowo mkhulekeli usezweni elibuyiselwe uma nje esanamathele ekukhulekeleni kweqiniso. Ukwahlukaniswa kwezwe kuyogcwaliseka okokugcina ezweni elisha lapho lowo nalowo muntu othembekile eyoba nendawo yakhe.—Isaya 65:17, 21.
45:7, 16—Ufanekiselani umnikelo wabantu abawunikelela abapristi nesikhulu? Ethempelini elingokomoya, ngokuyinhloko lokhu kubhekisele ekusekeleni izinto ezingokomoya—ukusiza nokubonisa umoya wokubambisana.
47:1-5—Afanekiselani amanzi omfula abonwa uHezekeli embonweni? Amanzi afanekisela amalungiselelo kaJehova angokomoya ukuze siphile, kuhlanganise nomhlatshelo wesihlengo kaJesu Kristu nolwazi ngoNkulunkulu olutholakala eBhayibhelini. (Jeremiya 2:13; Johane 4:7-26; Efesu 5:25-27) Amanzi alo mfula ayaqhubeka anda ukuze anelise abantu abasha abangenayo abamukela ukukhulekela kweqiniso. (Isaya 60:22) Lo mfula uyogeleza amanzi okuphila anamandla kakhulu phakathi neMinyaka Eyinkulungwane, futhi amanzi awo ayohlanganisa ukuqonda okwengeziwe okutholakala “emiqulwini” eyovulwa ngaleso sikhathi.—IsAmbulo 20:12; 22:1, 2.
47:12—Imelelani imithi yezithelo? Imithi engokomfanekiso imelela amalungiselelo kaNkulunkulu angokomoya okubuyisela isintu ekupheleleni.
48:15-19, 30-35, umbhalo waphansi—Umelelani umuzi owabonwa uHezekeli embonweni? Umuzi obizwa ngokuthi “UJehova Ngokwakhe Ulapho” usezweni ‘elingcolile,’ okubonisa ukuthi kumelwe ukuba umelela okuthile okusemhlabeni. Lo muzi kubonakala umelela isimiso sokuqondisa emhlabeni esizuzisa labo abayokwakha ‘umhlaba omusha’ wokulunga. (2 Petru 3:13) Ukuba kwawo namasango ohlangothini ngalunye kubonisa ukuthi kulula ukungena kuwo. Ababonisi abaphakathi kwabantu bakaNkulunkulu kumelwe bangeneke.
Izifundo Esizitholayo:
40:14, 16, 22, 26. Imidwebo esodongeni yemithi yesundu esezindleleni ezingena ethempelini ibonisa ukuthi ngabaqotho kuphela abavunyelwe ukungena kulo. (IHubo 92:12) Lokhu kusifundisa ukuthi ukukhulekela kwethu uJehova kwamukeleka kuphela uma siqotho.
44:23. Yeka indlela esizazisa ngayo izinkonzo ezenziwa isigaba sabapristi sanamuhla! “Inceku ethembekileyo neqondayo” iyahola ekulungiseleleni ukudla okungokomoya okufika ngesikhathi okusisiza ukuba siqonde umahluko phakathi kokuhlanzekile nokungcolile emehlweni kaJehova.—Mathewu 24:45.
47:9, 11. Ulwazi—isici esibalulekile samanzi angokomfanekiso—belulokhu luphulukisa abantu ngokuyisimangaliso esikhathini sethu. Nomaphi lapho abantu belungenisa, lubenza baphile ngokomoya. (Johane 17:3) Ngakolunye uhlangothi, labo abangawamukeli amanzi anikeza ukuphila ‘bayonikelwa kusawoti’—babhujiswe phakade. Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba ‘senze konke okusemandleni ethu ukuze siphathe izwi leqiniso ngokufanele’!—2 Thimothewu 2:15.
“Ngokuqinisekile Ngizolingcwelisa Igama Lami Elikhulu”
Ngemva kokususwa kwenkosi yokugcina yohlu lukaDavide esihlalweni sobukhosi, uNkulunkulu weqiniso wavumela ukuba kudlule isikhathi eside ngaphambi kokuba kufike Lowo “onelungelo elingokomthetho” lokubusa. Nokho, uNkulunkulu akazange asikhohlwe isivumelwano asenza noDavide. (Hezekeli 21:27; 2 Samuweli 7:11-16) Isiprofetho sikaHezekeli sikhuluma ‘ngenceku yami uDavide,’ eyayizoba “umalusi” ‘nenkosi.’ (Hezekeli 34:23, 24; 37:22, 24, 25) Lona nguJesu Kristu esemandleni oMbuso. (IsAmbulo 11:15) UJehova ‘uzolingcwelisa igama lakhe elikhulu’ ngoMbuso kaMesiya.—Hezekeli 36:23.
Ngokushesha, bonke labo abangcolisa igama likaNkulunkulu elingcwele bazobhujiswa. Kodwa labo abalingcwelisayo ekuphileni kwabo ngokukhulekela uJehova ngendlela ayamukelayo bayothola ukuphila okuphakade. Ngakho, masiwasebenzise ngokugcwele amanzi okuphila ageleza ngobuningi osukwini lwethu futhi sigxilise ukuphila kwethu ekukhulekeleni kweqiniso.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ingxoxo kaHezekeli 1:1–24:27, bheka isihloko esithi “Amaphuzu Avelele Encwadi KaHezekeli—INgxenye I” kuyi-Nqabayokulinda ka-July 1, 2007.
[Isithombe ekhasini 9]
Ithempeli elikhazimulayo lasembonweni kaHezekeli
[Isithombe ekhasini 10]
Umelelani umfula wokuphila owabonwa uHezekeli embonweni?
[Umthombo]
Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.