Shumayela UMbuso KaNkulunkulu
“Yeka abafileyo bembele abafileyo babo, kodwa hamba wena, ushumayele umbuso kaNkulunkulu.”—LUKA 9:60.
1. Imiphi imibuzo ebalulekile ephakanyiswa inkulumo kaJesu ekuLuka 9:60?
UMBUSO kaNkulunkulu—lokho kwakuwukukhathalela okwakubaluleke kakhulu ekuphileni kukaJesu! Kungokufanayo namuhla kithi sonke esingabalandeli beqiniso bezinyathelo zakhe. NjengamaKristu, silwela ukulandela eduze izinyathelo zikaJesu ngokuphila ngokuvumelana neBhayibheli. (1 Petru 2:21) Kodwa manje, njengoba singenela unyaka ka-1986 kungenzeka yini ukuthi sidinga ukuhlola kabusha lokho esikubeka kuqala ekuphileni kwethu? Ngokwesibonelo, ubungakuchaza kanjani ukutshela kukaJesu othile ukuba ‘ayeke abafileyo bembele abafileyo babo’? Kungani ucabanga ukuthi uJesu ngalesosikhathi wagcizelela ukubaluleka kokushumayela isigijimi soMbuso, ngokuphambene nalokho okwakungabonakala kuwukukhathalelwa okufanelekile komkhaya? Wena uthini?
2. Baqala nini ubukhosi bukaJehova, futhi bohlala isikhathi esingakanani?
2 Esikhathini eside ngaphambi kokuba uJesu asebenzise inkulumo ethi “umbuso kaNkulunkulu,” umhubi uDavide wabhala ngaphansi kokuphefumlelwa kwaphezulu: “UJehova umisile isihlalo sakhe sobukhosi ezulwini; nombuso wakhe ubusa phezu kwakho konke.” (IHubo 103:19) Ubukhosi bukaJehova baqala ngesikhathi eqala ukudala. Isisekelo sesihlalo sakhe sobukhosi ngeke neze sinyakaziswe. Ilungelo lakhe ebukhosini bendawo yonke akasoze alephucwa. Akumangalisi ukuthi umhubi wayala: “Landani inkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe, . . . ngokuba mkhulu uJehova, udumisekile kakhulu.”—IHubo 96:3, 4; 109:21; Daniyeli 4:34, 35.
3. (a) Yiziphi izenzakalo ezaholela ekubekeleni inselele ukubusa kukaJehova? (b) UNkulunkulu uhlose ukuyixazulula kanjani inkinga yobukhosi bendawo yonke?
3 Nokho, akubona bonke abaye baqhubeka bedumisa uJehova. USathane, isihlubuki sokuqala, wabekela inselele indlela uJehova ayibonisa nayephatha ngayo ubukhosi baKhe ezidalweni zaKhe emhlabeni. (Genesise 3:1-5; Jobe 1:6-12; 2:1-5) Ngenxa yalokho, emhlabeni futhi kamuva ezulwini, izidalwa ezithile zonakaliswa isimo sikaSathane sokuhlubuka. USathane futhi wathonya abantu ukuba bamise uchungechunge lwemibuso yabantu. Uye wayisebenzisa ukuze abekele inselele ukulunga kokubusa kukaNkulunkulu. (IsAmbulo 13:1-6) Ukuze axazulule lendaba yobukhosi bendawo yonke, uJehova wahlosa okuthile okungajwayelekile, njengoba kubikezelwe kuDaniyeli 2:44: “Ezinsukwini zalawomakhosi uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa . . . uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso, wona uqobo ume phakade.”
UJehova Uba YiNkosi Phezu KukaIsrayeli
4. Kungayiphi ingqondo uDavide ayengathi “uJehova uyinkosi,” futhi isenzakalo esinjalo sasisho ukuthini?
4 Ngakho-ke manje kuba sobala ukuthi, nakuba ubukhosi bukaJehova buqala lapho eqala ukudala, wahlosa ukwenza ilungiselelo eliqondile lokubusa kwakhe okuzoxazulula phakade impikiswano yokulunga kobukhosi bakhe. Lelilungiselelo lalinguMbuso wasezulwini wobuMesiya. Umbuso wasemhlabeni uJehova awumisa esizweni sakwaIsrayeli wasebenza njengesilinganiso esincane esimelela loMbuso “ongasoze wachithwa.” Ngakho-ke, lapho iNkosi uDavide iletha umphongolo wesivumelwano emzini waseJerusalema, yakwazi ukuhlabelela ngenjabulo: “Malijabule izulu, umhlaba uthokoze; makuthiwe ezizweni: UJehova uyinkosi.” (1 IziKronike 16:31) Yebo, ngomqondo okhethekile uJehova wayebe “inkosi” yawo wonke amaIsrayeli. Kwakuyisikhathi senjabulo enkulu, futhi uDavide wayefuna ukumemezela kabanzi lesosenzakalo esimangalisayo!
5, 6. (a) Kungayiphi indlela uDavide ayevelele phakathi kwamakhosi? (b) UDavide wayemelela bani, futhi ngayiphi indlela?
5 Okuhlangenwe nakho kweNkosi uDavide njengomalusi kwabeka isisekelo sokuba kwakhe inkosi evelele phakathi kwamakhosi. Wayeyinkosi engumalusi. Umhubi uchaza ukukhethela kukaNkulunkulu uDavide lesikhundla, ethi: “[INkosi, uJehova] yakhetha uDavide inceku yayo, yamthabatha ezibayeni zezimvu . . . ukuba abeluse abantu bayo uJakobe, nefa layo uIsrayeli. Njalo wabelusa ngobuqotho benhliziyo yakhe, wabahola ngenhlakanipho yesandla sakhe.”—IHubo 78:70-72.
6 Ukunakekela ngokwalusa kukaDavide abantu bakhe, ubuqotho benhliziyo yakhe ngakuNkulunkulu wakhe, nekhono lakhe njengomholi kwamenza wafaneleka kahle ukuba amelele uMesiya ozayo, owayezosetshenziswa ngendlela ekhethekile ukuba abonise ubukhosi bukaJehova bendawo yonke nokukhonza njengeNkosi enguMalusi onothando. Lomlando omangalisayo ngezinjongo zikaJehova wabikezelwa kamuva umprofethi uHezekeli: “Ngiyakumisa umalusi phezu [kukaIsrayeli], azaluse: inceku yami uDavide. . . . Mina-Jehova ngiyakuba-nguNkulunkulu wazo, inceku yami uDavide ibe-yisikhulu phakathi kwazo; mina-Jehova ngikhulumile.”—Hezekeli 34:22-24.
INkosi EnguMalusi Eyabikezelwa Iyabonakala
7, 8. (a) Yabonakaliswa kanjani iNkosi enguMalusi, futhi ukubonakala kwayo kwakufaneleni? (b) Iyiphi injongo uJesu ‘atuselwa’ yona uJehova?
7 Lowo owabikezelwa nguJehova kwakuyiNdodana yakhe, uJesu. Ngaye, ingelosi uGabriyeli yatshela incasakazi uMariya: “Bheka, uzakukhulelwa, uzale indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu. Yena uyakuba-mkhulu, athiwe iNdodana yoPhezukonke; iNkosi uNkulunkulu iyakumnika isihlalo sobukhosi sikayise uDavide; uyakuba-yinkosi yendlu kaJakobe kuze kube-phakade, nombuso wakhe awuyikuba-nakuphela.” (Luka 1:31-33) Yeka ukubonakaliswa okumangalisayo kobukhosi bukaJehova lokhu okwakuyoba yikho! Ngokuqinisekile, isenzakalo esinjalo esizayo sasiyosifanela isimemezelo esikhulu somhlaba wonke: “UJehova uyiNkosi.”
8 Ngemva kokuzalwa okuyisimangaliso kukaJesu nokukhulela kwakhe ebudodeni, wazinikela ukuba abhapathizwe emanzini omfula iJordani. Ngalesosikhathi uNkulunkulu wavuma uJesu njengeNdodana yakhe ngokwehlisela umoya phezu kwakhe futhi ethi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe [“ngikutusile,” NW].” (Luka 3:22) UJesu ‘watuselwani’? Indaba kaLuka iyachaza: “Yena uJesu, ukuqala kwakhe, wayeneminyaka engaba-ngamashumi amathathu.” (Luka 3:23; umbhalo waphansi weRef. Bi. uthi: “Noma, ‘waqala [ukufundisa].’”) IRevised Standard Version neNew International Version zithi, “Lapho eqala inkonzo yakhe.” Wawuyini “umsebenzi” noma, “inkonzo” kaJesu? “Wafundisani”? Umbhali uMathewu unikeza impendulo: “UJesu walihamba lonke elaseGalile efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke.”—Mathewu 4:23.
9. Kungaziphi izindlela uJesu ayefana ngazo nokhokho wakhe uDavide?
9 UJesu wanikela ukuphila kwakhe ‘ekushumayeleni umbuso kaNkulunkulu.’ Njengokhokho wakhe uDavide, wabonisa ubuqotho benhliziyo ngokungahlehli neze ekuthobeleni kwakhe uMbuso kaJehova. (Luka 9:60; 4:3-13; Johane 16:33) UJesu wazibonakalisa ngokwakhe “engumalusi” uJehova ayethembise ukumvusa. Wayekujabulela ukondla ngokomoya labo abaholi benkolo ababeye ‘babakhathaza futhi babahlakaza njengezimvu ezingenamalusi.’ (Mathewu 9:36) Ngokuqondene nomsebenzi wakhe wobungcweti wokwalusa abantu nendlela owawuyoqhubeka wanda ngayo eminyakeni eyayiseza, uJesu wathi: “Mina ngingumalusi omuhle; ngiyazazi ezami, nezami ziyangazi . . . Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesisibaya; nalezo ngimelwe ukuziletha; ziyakuzwa izwi, kube-mhlambi munye nomalusi munye.”—Johane 10:14, 16.
10. Singafunda kanjani ekusabeleni okuhlukahlukene kwamaJuda esimemweni sikaJesu sokumlandela?
10 AmaJuda asabela kanjani esimemweni sikaJesu sokuba abalandeli bakhe abanjengezimvu? Ukusabela kwawo kwakuhlukahlukene. Njengoba sihlola okunye kwalokhu kusabela, cabangela ukuthi wena ubusabela kanjani selokhu wathola isigijimi soMbuso kaNkulunkulu.
“Ngilandele”—Usabela Kanjani?
11. Chaza ukusabela kukaSimoni, uAndreya, uJakobe, uJohane, noMathewu esimemweni sikaJesu esithi, “Ngilandele.”
11 Lapho uJesu ehamba eduze noLwandle lwaseGalile, wabona uSimoni nomfowabo uAndreya bedoba. “UJesu wayesethi kubo: Ngilandeleni; ngiyakunenza nibe-ngabadobi babantu. Base bewashiya masinyane amanetha, bamlandela. Eseqhubekile ingcosana wabona uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo . . . wababiza . . . base bemshiya uyise uZebedewu emkhunjini kanye nezisebenzi, bamlandela.” (Marku 1:16-20) Ukusabela okuhle okufanayo kwaboniswa uLevi umthelisi, noma uMathewu. “[UJesu] wathi kuye: Ngilandele. Washiya konke, wasukuma, wamlandela.”—Luka 5:27, 28.
12. Yayiyini inkinga yendoda eyatshela uJesu ukuthi: “Ngizakukulandela, noma uyangaphi”?
12 Nokho, akubona bonke abasabela ngokuvumayo esimemweni sikaJesu esithi, “Ngilandele.” Cabanga ngaleyondoda echazwe kuLuka isahluko 9, leyo uJesu ahlangana nayo lapho ehamba esuka komunye umuzi eya komunye. Yathi kuJesu: “Ngizakukulandela, noma uya ngaphi.” Ukulandisa kukaMathewu kubonisa ukuthi lendoda yayingumbhali. Ababhali babehlonishwa ngabantu futhi babebizwa ngokuthi “Rabi.” Manje phawula impendulo kaJesu: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.” (Luka 9:57, 58) UJesu wayetshela lendoda ukuthi kwakumelwe iphile ngaphansi kwezimo ezinzima uma iba umlandeli waKhe. Iphuzu liwukuthi lendoda yayiqhoshe kakhulu ukuba yamukele loluhlobo lokuphila. Yayingenakukubekezelela ukungazi ukuthi yayizolalaphi ngobusuku obulandelayo.
13. Kungani uJesu anikela lempendulo ayinikeza komunye owayengase abe ngumlandeli?
13 UJesu wathi komunye owayeseduze: “Ngilandele.” Kodwa, ephendula, wathi kuJesu: “Ngivumele ngiye kuqala ukuyakummbela ubaba.” Phawula impendulo kaJesu: “Yeka abafileyo bembele abafileyo babo, kodwa hamba wena, ushumayele umbuso kaNkulunkulu.” (Luka 9:59, 60) Lezizaba zalendoda zazingabonisi ukuthi uyise wayesefile kakade. Uma wayesefile, kwakungenakwenzeka ukuthi indodana ibe kulowomgwaqo ilalele uJesu. Cha, kungabonakala kulokho okwashiwo yilendoda ukuthi yayisahlalele ukulindela isikhathi sokufa kukayise. Yayingazimisele ukubeka uMbuso kaNkulunkulu kuqala ekuphileni kwayo ngaso lesosikhathi.—Mathewu 6:33.
14, 15. (a) Yini eboniswa isicelo sendoda yesithathu kuJesu? (b) Yisiphi isifundo namuhla esingasifunda ekuphenduleni kukaJesu lendoda?
14 Umlando usitshela ngendoda yesithathu, eyazinikela: “Ngizakukulandela, Nkosi; kepha ngivumele ngiye kuqala ukuyovalelisa abasekhaya.” Lendoda ngokusobala yayicela ukuba kube nemibandela ngokuba kwayo ngumlandeli kaJesu. Eqinisweni, yayithi kuJesu? ‘Bheka! Ngizoba omunye wabalandeli bakho, uma . . . ’ Waphendula wathini uJesu? “Akakho othi esebeké isandla sakhe egejeni, abuke emuva, ofanele umbuso kaNkulunkulu.” (Luka 9:61, 62) Uma umlimi efuna ukuvula umsele oqondile ensimini, kumelwe abheke phambili njalo. Uma ephendula ikhanda lakhe abheke emuva, lowomsele ungase ugwegwe. Angase aze azikhube kwayena! Ngokufanayo nangabalandeli bezinyathelo zikaJesu; ngabo ukubheka emuva kulesimiso sezinto esidala, ngisho umzuzwana, kuwukweshela inkathazo, kubangele izinyawo zabo ukuba zikhubeke futhi balahlekelwe ‘indlela encane eyisa ekuphileni.’—Mathewu 7:14; bheka noLuka 17:31-35.
15 Uye wasizwa isimemo sikaJesu esithi: “Ngilandele”? Uye wasabela kanjani? Ingabe uye wabonisa ukusabela okuvumayo okufana nokwaboniswa abafundi uSimoni, uAndreya, uJakobe, uJohane, noMathewu? Njengalawomadoda, ingabe uzimisele ukwenza noma yikuphi ukuzidela okudingekile ukuze ulandele ezinyathelweni zeNkosi? Uma uphendula ngokuthi yebo, khona-ke uyojabulela ilungelo elingenakulinganiswa lokuhlanganyela ekumemezeleni kabanzi izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu.
16. UJesu wabaqeqesha kanjani abafundi bakhe ukuhlanganyela naye ekushumayeleni izindaba ezinhle?
16 Ngaphambi kokuba uJesu athume abafundi bakhe ukuba bamemezele uMbuso, ngobungcweti wabafundisa indlela yokwenza kanjalo ngesibonelo sakhe siqu. Ngemva kwalokhu, uJesu wabanikeza iziyalezo eziningiliziwe ezimayelana nendlela yokufuna abanjengezimvu kunoma iyiphi insimu enikeziwe. Iziyalezo zikaJesu zisasebenza kulelikhulu lama-20 leminyaka. Ake sihlole ezinye zazo njengoba zilotshwe esahlukweni se-10 sencwadi kaMathewu.
Iziyalezo Zokushumayela UMbuso
17. Qhathanisa umnyombo wesigijimi soMbuso esasishunyayelwa ekhulwini lokuqala naleso sanamuhla.
17 Isihloko sesigijimi sabafundi kwakumelwe sifane naleso uJesu ayesishumayela: “Ekuhambeni kwenu shumayelani nithi: Umbuso wezulu ususondele.” (Mathewu 10:7) Nokho, lowoMbuso manje usumisiwe emazulwini. INkosi kaJehova enguMalusi, uKristu Jesu, manje iyabusa! Ngakho-ke, amazwi kaDavide manje aba nencazelo enkulu: “Malijabule izulu, umhlaba uthokoze; makuthiwe ezizweni: UJehova uyinkosi.” (1 IziKronike 16:31) Namuhla, asinikeziwe kuphela ilungelo lokusekela lelilungiselelo elikhethekile lobukhosi bukaJehova bendawo yonke kodwa futhi sinenjabulo yokuphila esikhathini lapho impikiswano yobukhosi bukaJehova izoxazululwa ingaphinde iphakame.
18. Yini uJesu ayigcizelela kubalandeli bakhe kuMathewu 10:8-10, futhi obani abangakwazisa ngokukhethekile lokhu namuhla?
18 UMathewu 10:8-10 uchaza isimo salabo abahlanganyela emsebenzini wokushumayela. UMbuso kaNkulunkulu kumelwe uze kuqala ekuphileni kwabo, izidingo ezingokwenyama zize kamuva. Ngani? UJesu uthi: “Ngokuba isisebenzi sifanele ukudla kwaso.” UBaba wethu wasezulwini uyobanakekela njalo abamethembayo. Futhi amakhulu ezinkulungwane ezikhonzi zesikhathi esigcwele zoFakazi BakaJehova namuhla angalifakazela leliqiniso.—Numeri 18:30, 31; Duteronomi 25:4.
19. Kwenziwa kanjani ukucingwa kwalabo abafaneleyo namuhla, futhi ngaphansi kokuqondisa kukabani?
19 UJesu ngokulandelayo uyayaleza: “Nakumuphi umuzi noma umuzana eniyakungena kuwo, cingani ofaneleyo kuwo, nihlale khona, nize nimuke.” (Mathewu 10:11) Ofaneleni? Ofanele ilungelo lokwamukela lenceku kaJehova nokulalela isigijimi soMbuso kaNkulunkulu. Yebo, emuva ngalesosikhathi abafundi ngokunokwenzeka babehlala emzini walowomuntu ofaneleyo futhi bawusebenzise njengendawo eyisisekelo lapho behlanganisa yonke ingxenye yensimu ukuze bathole abanye abafaneleyo. Namuhla, oFakazi BakaJehova balandela isimiso esifanayo. Basebenzisa amahora ayizigidi futhi benza umzamo omkhulu wokucinga abafaneleyo emasimini ahlukahlukene. Khona-ke, uma laba betholakala, oFakazi bakujabulela kakhulu ukuphinde bavakashele labo banini bamakhaya futhi babachazele iZwi likaNkulunkulu. Ngakho, namuhla, uJesu ngobungcweti uholela abanye abanjengezimvu ngakwesokunene sakhe somusa.—Mathewu 25:31-33.
20. Umninikhaya ofaneleyo ukuthola kanjani ukuthula afiselwa khona umshumayeli woMbuso?
20 “Ekungeneni kwenu endlini niyibingelele. Uma indlu ifanele, ukuthula kwenu makuze phezu kwayo.” (Mathewu 10:12, 13) Amazwi athi, “Ukuthula makube kulendlu,” ayeyisibingelelo esijwayelekile osukwini lukaJesu. (Luka 10:5) Izingelosi zahlabelela ngesikhathi sokuzalwa kukaJesu: “Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.” (Luka 2:14) Umninikhaya ofaneleyo wayethola lokho kuthula okwakubikezelwe ngokwamukela isigijimi soMbuso sabafundi. Namuhla, izindaba ezinhle zoMbuso zinomphumela ofanayo. Ziletha abantu ebuhlotsheni obunokuthula noNkulunkulu ngoJesu Kristu, futhi ziletha ukuthula phakathi kwabakholwa nabo.—2 Korinte 5:20, 21; Filipi 4:7; Efesu 4:3.
21. Kungani lifaneleke kahle itekisi lonyaka ka-1986?
21 Phakathi nonyaka ka-1986, amaHholo oMbuso oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke azobonisa itekisi lonyaka elithathwe kuLuka 9:60: “Hamba . . . , ushumayele umbuso kaNkulunkulu.” Yeka isikhumbuzo esihle nesikhuthazo lokhu okuyoba yiso ngazo zonke izikhonzi zikaNkulunkulu zeqiniso ukuba zihlanganyele njalo ekushumayeleni uMbuso kaNkulunkulu! Yebo, lowoMbuso uye waba lapha kusukela ngo-1914! Uyithuluzi likaNkulunkulu elisezandleni zeNkosi yobuMesiya lokuqeda yonke imibuso yezwe kaSathane. Khona-ke, akumangalisi ukuthi uMbuso kaNkulunkulu kumelwe ube obaluleke kakhulu ekuphileni kwawo wonke umuntu onguFakazi kaJehova. Siyazi ukuthi lokhu kusho ukusindela kwethu ekuphileni!—1 Thimothewu 4:16.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Buzohlala isikhathi eside kangakanani futhi bulondeke kangakanani ubukhosi bukaJehova?
◻ Iyiphi inkinga yendawo yonke okudingeka ukuba ixazululwe manje?
◻ Yini bonke abalandeli bakaJesu okumelwe balungele ukuyenza?
◻ Kungani inkulumo ethi “uJehova uyinkosi” inenjongo ngokwengezivve namuhla?
◻ Iyiphi injongo ezofezwa itekisi lonyaka ka-1986?
[Isithombe ekhasini 12]
UMathewu washiya konke emuva futhi walandela uJesu