Kuthiwani Ngesikhathi Esizayo?
Kungani ukuthula phakathi komuntu nesilo kukhanga kangaka? Kungenxa yokuthi abantu ekuqaleni babedalelwe ukuba nokuthula nezilwane, ngisho nalezo ezibhekwa njengezilwane zasendle.
Lapho uNkulunkulu edala indoda nowesifazane bokuqala, wababeka endaweni yomhlaba eyipharadesi ukuze bajabulele ukuphila. Kwakuyinjongo yakhe ukuba babe nabantwana futhi banwebe imingcele yaleloPharadesi lokuqala kuze kube yilapho limboza umhlaba wonke. Kuyo yonke leyondawo, isintu kwakumelwe sibuse izilwane ngokuthula.
Ukulandisa kukaGenesise kuthi: “Babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezinkomo, nomhlaba wonke, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni. . . . UNkulunkulu wabona konke akwenzileyo; bheka, kwakukuhle kakhulu.”—Genesise 1:26-31; 2:9.
Lokhu kubuswa kwezilwane kwakungamelwe kwenziwe ngonya. Abantu nezilwane kwakuhloswe ukuba baphile ndawonye ngokuthula. Lokhu kungabonakala ngeqiniso lokuthi lapho izilwane zidlula phambi komuntu ukuba aziqambe amagama, wayengahlomile. Futhi akuzange kukhulunywe ngokwesaba okwaboniswa umuntu noma isilo.—Genesise 2:19, 20.
Injongo Yasekuqaleni Okumelwe Ifezeke
Ngokujabulisayo, leyonjongo kaNkulunkulu yasekuqaleni izogcwaliswa maduzane, lapho bonke ohulumeni abenziwe ngabantu sebethathelwe indawo uMbuso kaNkulunkulu, obusa usezulwini. (Daniyeli 2:44; Mathewu 6:9, 10) Lapho ukubusa kukaNkulunkulu sekuphinde kwamiswa ngokuphelele emhlabeni wonke, injongo kaNkulunkulu yasekuqaleni ngomhlaba nangezakhamuzi zawo ezingabantu nezilwane iyoqhubeka nokugcwaliseka.
Imiphumela eguqulayo yokubusa kukaNkulunkulu kokulunga ichazwe kahle eziprofethweni eziningi zeBhayibheli. Ngokwesibonelo, phawula lokho uIsaya akubhala ngaphansi kokuphefumlelwa: “Impisi iyakuhlala newundlu, ingwe ibuthise ndawonye nezinyane lembuzi, ithole nebhongo lengonyama kukhuluphaliswe kanyekanye, nomntwana omncane uyakukuqhuba. Inkomo nebhere kuyakuklaba, amazinyane akho abuthise ndawonye, ingonyama idle utshani njengenkabi. Abayikwenza okubi, bangachithi entabeni yonke yami engcwele, ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.”—Isaya 11:6, 7, 9.
Ezinye iziprofetho zibonisa futhi ukuthula okujulile okuyoba khona ezweni elisha likaNkulunkulu. Ngokuphathelene nalokhu uMika wabikezela: “Ziyakukhanda izinkemba zazo zibe-ngamakhuba, imikhonto yazo ibe-ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa. Bayakuhlala, kube-yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; akakho oyakubesabisa.”—Mika 4:3, 4.
Akukho silwane sasendle esiyophazamisa ukuthula kwesintu, ngoba izwi likaNkulunkulu lesiprofetho lithi: “Ngiyakwenza nazo isivumelwano sokuthula, ngiqede izilwane ezimbi ezweni, zihlale zilondekile ehlane, zilale emahlathini. . . . Zihlale zilondekile ezweni lazo.”—Hezekeli 34:25, 27.
Ngakho ukuthula nokuvumelana kulo lonke leloPharadesi elibuyiselwe kuyoba okuphelele. Yingakho nje izimo lapho zichazwa ngalendlela encwadini yokugcina yeBhayibheli: “[UNkulunkulu] azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile. Wayesethi ohlezi esihlalweni sobukhosi: Bheka, ngenza konke kube-kusha. Wathi: Loba, ngokuba lawamazwi athembekile, aqinisile.”—IsAmbulo 21:4, 5.
Yebo, athembekile futhi ayiqiniso. Lokhu kusho ukuthi singathembela ezithembisweni zikaNkulunkulu, ngoba ngokungafani nabantu abangaphelele, unamandla, ukuhlakanipha, nokuzimisela ukufeza izinjongo zakhe. Njengoba enye yezinceku ezithembekile zikaNkulunkulu ezikhathini zasendulo yathi: “Akuphuthanga nento eyodwa kuzo zonke izinto ezinhle azikhuluma uJehova uNkulunkulu wenu ngani; kwenziwa konke kini, akuphuthanga nento eyodwa kukho.”—Joshuwa 23:14; bheka futhi uIsaya 55:11.
Singaba nokuqiniseka okufanayo ukuthi ngokushesha, ezweni elisha likaNkulunkulu, injongo yakhe yasekuqaleni ngalomhlaba, abantu, nangezilwane iyofezwa. Ukuthula okunikezwa uNkulunkulu kuyoba ngokoqobo emhlabeni wonke. Futhi ukuthula okunjalo ngeke nje kubuse phakathi kwabantu kuphela kodwa kuyobonakaliswa nasendaweni yezilwane.