-
‘Nizophila’Indlela Emsulwa Yokukhonza UJehova—Iyabuyiselwa Ekugcineni!
-
-
“Amathambo Aqala Ukusondelana”
10. (a) Yini eyabikezelwa mayelana nabantu bakaNkulunkulu kuHezekeli 37:7, 8? (b) Yiziphi izinto okumelwe ukuba kancane kancane zabenza baba nokholo abadingisiwe abesaba uNkulunkulu?
10 Ezikhathini zasendulo uJehova wabikezela ukuthi abantu bakhe babeyokwenziwa baphile kancane kancane. (Hez. 37:7, 8) Ngakho, iziphi izinto ngokuhamba kwesikhathi ezanikeza abantu ababedingisiwe abesaba uNkulunkulu ukholo lokuthi ithemba labo lokubuyela kwa-Israyeli lalizogcwaliseka? Eyokuqala, kumelwe ukuba yiziprofetho ezenziwa abaprofethi bangaphambili. Ngokwesibonelo, u-Isaya wayebikezele ukuthi abasele, “inzalo engcwele,” babeyobuyela ezweni labo. (Isaya 6:13; Jobe 14:7-9) Okwesibili, iziprofetho eziningi zokubuyiselwa kwendlela emsulwa yokukhonza uNkulunkulu ezazibhalwe uHezekeli, akungabazeki ukuthi zabagcina benethemba. Ngaphezu kwalokho, ukuba khona kwamadoda athembekile njengomprofethi uDaniyeli eBhabhiloni kanye nokuwa okukhulu kwedolobha laseBhabhiloni ngo-539 B.C.E, kumelwe ukuba kwaliqinisa ithemba labo lokuthi bazobuyela ezweni lakubo.
11, 12. (a) Indlela emsulwa yokukhonza uNkulunkulu yabuyiselwa kanjani kancane kancane phakathi ‘kuka-Israyeli kaNkulunkulu’? (Bheka nebhokisi elithi, “Indlela Emsulwa Yokukhonza UNkulunkulu—Iyabuyiselwa Kancane Kancane.”) (b) Lokho okushiwo uHezekeli 37:10 kuphakamisa muphi umbuzo?
11 Ukubuyiselwa kancane kancane kwendlela emsulwa yokukhonza uNkulunkulu kwenzeka kanjani “ku-Israyeli kaNkulunkulu,” noma ibandla lamaKristu agcotshiwe? Ngemva kwamakhulu eminyaka u-Israyeli kaNkulunkulu ethunjiwe njengokungathi ufile, “kwaba khona umsindo, ubukhehlekhehle,” njengoba abantu abesaba uNkulunkulu bevuka besekela ukukhonza uNkulunkulu ngeqiniso. Ngokwesibonelo, ngekhulu lika-16, uWilliam Tyndale wahumushela iBhayibheli esiNgisini. Abefundisi bamaRoma Katolika bacasulwa ukuthi iBhayibheli manje lase lingafundwa yinoma ubani. Wabe esebulawa uTyndale. Noma kunjalo, abanye abantu abanesibindi baqhubeka behumusha iBhayibheli ngezinye izilimi, futhi abantu abaningi bakwazi ukuthola izimfundiso zikaNkulunkulu.
-
-
Indlela Emsulwa Yokukhonza UNkulunkulu—Iyabuyiselwa Kancane KancaneIndlela Emsulwa Yokukhonza UJehova—Iyabuyiselwa Ekugcineni!
-
-
“Ubukhehlekhehle”
UWilliam Tyndale nabanye bahumusha iBhayibheli ngesiNgisi nangezinye izilimi
-