-
Imibuzo Evela KubafundiINqabayokulinda (Efundwayo)—2016 | Mashi
-
-
Okokuqala, uHezekeli waphawula ukuthi amathambo abantu abafile “ayome nké.” (Hezekeli 37:2, 11) Lokhu kusho ukuthi kwase kukudala labo bantu bafa. Okwesibili, uHezekeli waqaphela ukuthi labo bantu ababefile babuyela ekuphileni kancane kancane, hhayi ngokuphazima kweso. Wezwa ‘umsindo, ukukhehlezela, amathambo aqala ukusondelana, ithambo ethanjeni lalo.’ Wabe esebona ‘kuvela phezu kwawo imisipha nenyama.’ Inyama yabe seyembeswa ngesikhumba ngaphezulu. Kamuva “umoya wangena kubo, baqala ukuphila.” Ekugcineni, ngemva kokuba laba bantu sebephila, uJehova wabanika izwe labo ukuba bahlale kulo. Konke lokhu kwakuzothatha isikhathi.—Hezekeli 37:7-10, 14.
-
-
Imibuzo Evela KubafundiINqabayokulinda (Efundwayo)—2016 | Mashi
-
-
Embonweni kaHezekeli sifunda nokuthi abantu bakaNkulunkulu baphinde baphila futhi bakhululwa kancane kancane enkolweni yamanga. Lokhu kwaqala nini ukwenzeka futhi kwenzeka kanjani? Umbono ukhuluma ‘ngomsindo wokukhehlezela.’ Lokhu kwaqala ukwenzeka emakhulwini eminyaka ambalwa ngaphambi kwesikhathi sokuphela. Phakathi naleyo minyaka, kwakunabathile abathembekile ababefuna ukuthola iqiniso futhi bakhonze uNkulunkulu nakuba babezungezwe yizimfundiso zamanga. Batadisha iBhayibheli futhi benza konke ababengakwenza ukutshela abantu ngalokho ababekufunda. Abanye basebenza kanzima behumushela iBhayibheli ezilimini ezaziqondwa abantu.
-