-
‘Nizophila’Indlela Emsulwa Yokukhonza UJehova—Iyabuyiselwa Ekugcineni!
-
-
9. Yikuphi ukufana okukhona phakathi kwalokho okwenzeka ku-Israyeli wasendulo nalokho okwenzeka ‘ku-Israyeli kaNkulunkulu’?
9 Iziprofetho ezimayelana no-Israyeli eziphathelene nokwenziwa kwezinto zibe zintsha, njengalezo uHezekeli akhuluma ngazo, ziphinde zigcwaliseke ngenye indlela enkulu. (IzE. 3:21) Njengoba nje isizwe sakwa-Israyeli wasendulo ‘sasibulewe’ futhi kwaphela isikhathi eside sifana nesifile, kanjalo ‘no-Israyeli kaNkulunkulu,’ ibandla lamaKristu agcotshiwe, kwaphela isikhathi eside ethunjiwe futhi efana nofile. (Gal. 6:16) Empeleni ibandla labagcotshiwe lathunjwa isikhathi eside kangangokuba ubuhlobo balo noNkulunkulu base bungafaniswa namathambo “ayome kakhulu.” (Hez. 37:2) Njengoba kuchaziwe esahlukweni esidlule, ukuthunjwa kwebandla lamaKristu agcotshiwe kwaqala ngekhulu lesibili C.E. kwaqhubeka amakhulu eminyaka njengoba nje uJesu abonisa emfanekisweni wakhe woMbuso owawukhuluma ngokolweni nokhula.—Math. 13:24-30.
-
-
‘Nizophila’Indlela Emsulwa Yokukhonza UJehova—Iyabuyiselwa Ekugcineni!
-
-
a Amathambo uHezekeli awabona embonweni kwakungewona awabantu ababezifele nje, kodwa ‘kwakungawabantu ababulewe.’ (Hez. 37:9) “Yonke indlu ka-Israyeli” yabulawa ngomqondo wokuthi yalahlekelwa ubuhlobo bayo noJehova, lapho abantu bombuso wakwa-Israyeli wezizwe eziyishumi nabantu bombuso wakwaJuda wezizwe ezimbili benqotshwa, bethunjwa futhi bedingiswa ama-Asiriya nabaseBhabhiloni.
-