-
‘Nizophila’Indlela Emsulwa Yokukhonza UJehova—Iyabuyiselwa Ekugcineni!
-
-
“Amathambo Ethu Omile Nethemba Lethu Lishabalele”
6. Imaphi amazwi kaJehova asiza uHezekeli ukuba aqonde ukuthi usho ukuthini lo mbono?
6 Ngemva kwalokho, uJehova wembulela uHezekeli ukuthi usho ukuthini lo mbono, wathi: “La mathambo ayiyo yonke indlu ka-Israyeli.” Ngemva kokuba abandingisiwe bezwile ukuthi iJerusalema libhujisiwe babona sengathi sekuphelile ngabo, sebefana nabafile. Ngenxa yalokho bazikhalela bathi: “Amathambo ethu omile nethemba lethu lishabalele. Sinqunywe ngokuphelele.” (Hez. 37:11; Jer. 34:20) Ngenxa yalokho kukhala kwabo, uJehova wembula ukuthi lowo mbono wamathambo empeleni wawunomyalezo onika u-Israyeli ithemba.
-
-
‘Nizophila’Indlela Emsulwa Yokukhonza UJehova—Iyabuyiselwa Ekugcineni!
-
-
8. (a) Kwenzeka kanjani ukuba “yonke indlu ka-Israyeli” kube sengathi ifile? (b) UHezekeli 37:9 usiveza kanjani isizathu esenza u-Israyeli wafana nofile? (Bheka umbhalo waphansi.)
8 Kwenzeka kanjani ukuba isizwe sakwa-Israyeli wasendulo sigcine sesifana namathambo akulo mbono oyisiprofetho? Ngo-740 B.C.E. lapho kuwa umbuso wezizwe eziyishumi futhi abantu bakhona bedingiswa, ubuhlobo buka-Israyeli noJehova base buvele busengcupheni. Ngemva kweminyaka engu-130, lapho abantu bakwaJuda nabo sebedingiswa, “yonke indlu ka-Israyeli” yayisithunjiwe. (Hez. 37:11) Ubuhlobo labo ababethunjiwe ababenabo noJehova base bufana nobufile njengamathambo uHezekeli awabona embonweni.a Khumbula nokuthi uHezekeli akabonanga nje amathambo kodwa wabona amathambo “ayome kakhulu” okubonisa ukuthi kwaphela isikhathi eside befana nabafile. Ngempela kwaphela iminyaka engaphezu kuka-200, kusukela ku-740 kuya ku-537 B.C.E. u-Israyeli noJuda befana nabantu abafile—Jer. 50:33.
-
-
‘Nizophila’Indlela Emsulwa Yokukhonza UJehova—Iyabuyiselwa Ekugcineni!
-
-
a Amathambo uHezekeli awabona embonweni kwakungewona awabantu ababezifele nje, kodwa ‘kwakungawabantu ababulewe.’ (Hez. 37:9) “Yonke indlu ka-Israyeli” yabulawa ngomqondo wokuthi yalahlekelwa ubuhlobo bayo noJehova, lapho abantu bombuso wakwa-Israyeli wezizwe eziyishumi nabantu bombuso wakwaJuda wezizwe ezimbili benqotshwa, bethunjwa futhi bedingiswa ama-Asiriya nabaseBhabhiloni.
-