Isahluko Samashumi Amabili Nesikhombisa
UJehova Ubusisa Ukukhulekela Okumsulwa
1. Yiziphi izihloko eziqokonyiswa esahlukweni sokugcina sika-Isaya, futhi imiphi imibuzo ephendulwayo?
ESAHLUKWENI sokugcina sika-Isaya, ezinye zezihloko eziqavile zale ncwadi yesiprofetho zifinyelela emvuthwandaba ophawulekayo, futhi kuphendulwa imibuzo eminingana ebalulekile. Phakathi kwezihloko eziqokonyiswayo kukhona esokuphakama kukaJehova, ukuzonda kwakhe ubuzenzisi, ukuzimisela kwakhe ukujezisa ababi, kanye nothando nokukhathalela kwakhe abathembekile. Ngaphezu kwalokho, kuphendulwa le mibuzo elandelayo: Yini ehlukanisa ukukhulekela kweqiniso kokwamanga? Singaqiniseka kanjani ukuthi uJehova uyophindisela kubazenzisi abazishaya abangcwele bebe becindezela abantu bakaNkulunkulu? Futhi uJehova uyobabusisa kanjani abahlala bethembekile kuye?
Isihluthulelo Sokukhulekela Okumsulwa
2. UJehova uthini ngobuhle bakhe, futhi yini lokhu okungayisikiseli?
2 Okokuqala, lesi siprofetho sigcizelela ubuhle bukaJehova: “Yilokhu uJehova akushilo: ‘Amazulu ayisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami. Khona-ke, iphi indlu eningangakhela yona, futhi-ke iphi indawo engaba yindawo yami yokuphumula?’” (Isaya 66:1) Abanye bacabanga ukuthi umprofethi akawakhuthazi amaJuda ukuba akhe kabusha ithempeli likaJehova lapho isizwe sesibuyiselwe ezweni laso. Akunjalo; uJehova ngokwakhe uzokhipha umyalo wokuba ithempeli lakhiwe kabusha. (Ezra 1:1-6; Isaya 60:13; Hagayi 1:7, 8) Lisho ukuthini-ke leli vesi?
3. Kungani kufaneleka ukuba umhlaba uchazwe ngokuthi “isenabelo sezinyawo” zikaJehova?
3 Okokuqala, ake sicabangele ukuthi kungani umhlaba uchazwa ngokuthi “uyisenabelo sezinyawo” zikaJehova. Akuyona inkulumo yokuweya lena. Kuzo zonke izindikimba zasezulwini eziyizinkulungwane zezigidi ezisemkhathini, ngumhlaba wodwa obizwa ngaleli gama elikhethekile. Kuyoze kube phakade iplanethi yethu iyingqayizivele, ngoba kulapha lapho iNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa yakhokha khona isihlengo, futhi kulapha lapho uJehova eyolwela khona ubukhosi bakhe ngoMbuso KaMesiya. Kuyafaneleka-ke ukuba umhlaba ubizwe ngokuthi isenabelo sezinyawo zikaJehova! Inkosi ingase isebenzise isenabelo esinjalo lapho ikhwela esihlalweni sayo esiphakeme bese kamuva iphumuza kuso izinyawo zayo.
4. (a) Kungani kungenakwenzeka ukuba isakhiwo esisemhlabeni sibe indawo yokuphumula kaJehova uNkulunkulu? (b) Isho ukuthini inkulumo ethi “zonke lezi zinto,” futhi yini okumelwe siphethe ngayo ngokukhulekela uJehova?
4 Yebo, njengoba nje inkosi ingeke ihlale phezu kwesenabelo sezinyawo zayo, noJehova akahlali emhlabeni. Phela namazulu angokoqobo abanzi awanakumanela! Isakhiwo nje esingatheni esisemhlabeni ngeke samenela nakakhulu uJehova ukuba sibe indlu yakhe engokoqobo. (1 AmaKhosi 8:27) Isihlalo sikaJehova sobukhosi nendawo yakhe yokuphumula kusendaweni yomoya, okuyiwona mqondo wegama elithi “amazulu” njengoba lisetshenziswe ku-Isaya 66:1. Ivesi elilandelayo lilicacisa kahle leli phuzu: “‘Manje zonke lezi zinto zenziwe yisandla sami, zaba khona zonke lezi zinto,’ kusho uJehova.” (Isaya 66:2a) Mbone ngeso lengqondo uJehova elinganisa nangesandla lapho ethi “zonke lezi zinto”—konke okusezulwini nasemhlabeni. (Isaya 40:26; IsAmbulo 10:6) NjengoMdali Omuhle wendawo yonke, ufanelwe ukuba anikwe okungaphezu kwesakhiwo nje. Ufanelwe okungaphezu kokukhulekelwa ngendlela yokugcina icala.
5. Sibonisa kanjani ukuthi ‘sihluphekile futhi sidabukile emoyeni’?
5 Hlobo luni lokukhulekela olufanele uMbusi Wendawo Yonke? Yena ngokwakhe uyasitshela: “Yilona-ke engizombheka, ohluphekile nodabukile emoyeni nothuthumelayo ngezwi lami.” (Isaya 66:2b) Yebo, ukukhulekela okumsulwa kudinga ukuba umkhulekeli abe nesimo esihle senhliziyo. (IsAmbulo 4:11) Umkhulekeli kaJehova kumelwe ‘ahlupheke futhi adabuke emoyeni.’ Ingabe lokhu kusho ukuthi uJehova ufuna singajabuli? Cha, ‘unguNkulunkulu ojabulayo,’ futhi ufuna abakhulekeli bakhe nabo bajabule. (1 Thimothewu 1:11; Filipi 4:4) Nokho, sonke siyona kaningi, futhi akumelwe sizithathe kalula izono zethu. Kumelwe ‘zisihluphe,’ sidabuke ngokuthi sigeje uphawu lwezindinganiso zikaJehova ezilungile. (IHubo 51:17) Kumelwe sibonise ukuthi ‘sidabukile emoyeni’ ngokuphenduka, silwe nokuthambekela kwethu esonweni, futhi sithandazele intethelelo kuJehova.—Luka 11:4; 1 Johane 1:8-10.
6. Kungamuphi umqondo abakhulekeli beqiniso kufanele ‘bathuthumele ngezwi likaNkulunkulu’?
6 Ngaphezu kwalokho, uJehova uyababuka labo ‘abathuthumelayo ngezwi lakhe.’ Ingabe lokhu kusho ukuthi ufuna sivevezele ngenxa yokwesaba njalo nje lapho sifunda amazwi akhe? Cha, kunalokho ufuna sikubheke ngenhlonipho lokho akushoyo. Sifuna iseluleko sakhe ngobuqotho, sisisebenzise njengesiqondiso kuzo zonke izici zokuphila. (IHubo 119:105) Singase ‘sithuthumele’ futhi ngomqondo wokwesaba kwawona nje umcabango wokungamlaleli uNkulunkulu, wokungcolisa iqiniso lakhe ngamasiko abantu, noma okulithatha kalula. Isimo sengqondo esinjalo sokuthobeka sibalulekile ekukhulekeleni okumsulwa—kodwa ngokudabukisayo siyindlala ezweni namuhla.
UJehova Uyakuzonda Ukukhulekela Kobuzenzisi
7, 8. UJehova ukubheka kanjani ukukhulekela kokugcina icala kwabazenzisi benkolo?
7 Njengoba u-Isaya ecabanga ngabantu aphila nabo, wazi kahle ukuthi bayidlanzana abanesimo uJehova asifunayo kubakhulekeli bakhe. Ngenxa yalesi sizathu, iJerusalema eliyisihlubuki lisifanele isahlulelo elizosithola. Phawula indlela uJehova akubheka ngayo ukukhulekela okwenziwa khona: “Ohlaba inkunzi unjengobulala umuntu. Owenza umhlatshelo ngemvu unjengophula intamo yenja. Onikela isipho—unjengonikela ngegazi lengulube! Owethula isikhumbuzo senhlaka yempepho unjengosho isibusiso ngamazwi angaqondakaliyo. Yibo futhi laba abakhethé ezabo izindlela, futhi wona kanye umphefumulo wabo ujabulele izinengiso zabo.”—Isaya 66:3.
8 La mazwi asikhumbuza amazwi kaJehova asesahlukweni sokuqala sika-Isaya. Lapho, uJehova watshela abantu bakhe abanhlanhlathayo ukuthi izenzo zabo zokukhulekela kokubukisa akukhona nje ukuthi azimjabulisanga kodwa empeleni zalwenza lwaba lukhulu ulaka lwakhe lokulunga ngoba laba bakhulekeli babezenzisa. (Isaya 1:11-17) Ngokufanayo, uJehova manje ufanisa iminikelo yabo nezenzo zobudlova ezinyantisayo. Ukunikela kwabo ngenkunzi ebizayo ngeke kumenze axole uJehova njengoba nje nokubulala umuntu kungeke kumenze axole! Eminye iminikelo ifaniswa nokunikela ngenja noma ingulube, izilwane ezingcolile ngaphansi koMthetho KaMose futhi okungafanelwe neze kwenziwe iminikelo ngazo. (Levitikusi 11:7, 27) Ingabe uJehova uyabuvumela ubuzenzisi obunjalo benkolo buqhubeke angenzi lutho ngabo?
9. AmaJuda amaningi asabele kanjani ezikhumbuzweni zikaJehova eziza ngo-Isaya, futhi uyoba yini umphumela ongenakugwenywa?
9 UJehova manje uthi: “Nami-ke ngizokhetha izindlela zokubaphatha kabi; ngizobalethela izinto ezibethusayo; ngenxa yokuthi ngababiza, kodwa kwakungekho ophendulayo; ngakhuluma, kodwa abekho abalalela; baqhubeka benza okubi emehlweni ami, bakhetha nento engingajabuli ngayo.” (Isaya 66:4) Akungabazeki ukuthi u-Isaya uwasho ngokuqiniseka okusuka enhliziyweni la mazwi. Sekuyiminyaka eminingi eyithuluzi likaJehova, ‘ebiza’ futhi ‘ekhuluma’ nabantu baKhe. Lo mprofethi wazi kahle ukuthi ngokuyinhloko akekho obelalela. Ngenxa yokuthi baye baqhubeka benza okubi, ngeke bakugweme ukujeziswa. Nakanjani uJehova uyosikhetha isijeziso azobanika sona futhi alethele abantu bakhe abayizihlubuki izinto ezethusayo.
10. Ukusebenzelana kukaJehova noJuda kusitshelani ngendlela alibheka ngayo eLobukholwa?
10 ELobukholwa lanamuhla nalo liye lenza izinto ezingamjabulisi uJehova. Ukukhonza izithombe kuyinsakavukela emasontweni alo, amafilosofi namasiko angasekelwe emibhalweni ashayelwa izandla emapulpiti alo, nokuhahela kwalo amandla ezombusazwe kuye kwaholela ekutheni liphinge kakhulu ngokomoya nezizwe zomhlaba. (Marku 7:13; IsAmbulo 18:4, 5, 9) Njengoba kwakunjalo ngeJerusalema lasendulo, isijeziso seLobukholwa esilifanele—into ‘ethusayo’—sisondela ngokungenakuvinjelwa. Esinye sezizathu sokuba lijezizwe nakanjani indlela eliphathe ngayo abantu bakaNkulunkulu.
11. (a) Yini esenza sibe sibi nakakhulu isono sezihlubuki ngosuku luka-Isaya? (b) Kungamuphi umqondo abantu abaphila no-Isaya becwasa abathembekile ‘ngenxa yegama likaNkulunkulu’?
11 U-Isaya uyaqhubeka: “Yizwani izwi likaJehova, nina enithuthumela ngezwi lakhe: ‘Abafowenu abanizondayo, abanicwasayo ngenxa yegama lami, bathé, “Kwangathi uJehova angakhazinyuliswa!” Kumelwe futhi abonakale kube khona ukujabula kini, bona bahlazeke.’” (Isaya 66:5) ‘Abafowabo’ baka-Isaya, abantu bakubo, banomthwalo wemfanelo abawunikezwe uNkulunkulu wokumelela uJehova uNkulunkulu nokuzithoba ekubuseni kwakhe. Sikhulu ngempela isono sabo sokwehluleka ukwenza lokhu. Kodwa okwenza isono sabo sibe sibi nakakhulu ukuthi bayabazonda abantu abathembekile nabathobekile, njengo-Isaya. Lezi zihlubuki ziyabazonda futhi zibacwase abathembekile ngoba bamelela uJehova uNkulunkulu ngeqiniso. Ngalowo mqondo lokhu kucwasa kwenziwa ‘ngenxa yegama likaNkulunkulu.’ Ngesikhathi esifanayo, lezi zinceku zikaJehova zamanga zithi zimelela yena, zizishaya ezingcwele ngokusebenzisa izinkulumo ezizwakala zingezabantu abakholiwe njengethi “Kwangathi uJehova angakhazinyuliswa!”a
12. Yiziphi ezinye zezibonelo zokushushiswa kwezinceku zikaJehova ezithembekile ngabazenzisi benkolo?
12 Inzondo inkolo yamanga enayo ngabalandeli bokukhulekela okumsulwa ayiyintsha. Yenezela ekugcwalisekeni kwesiprofetho esikuGenesise 3:15, esabikezela ubutha obebulokhu bukhona phakathi kwenzalo kaSathane neNzalo yowesifazane kaNkulunkulu. Ngekhulu lokuqala uJesu watshela abalandeli bakhe abagcotshiwe ukuthi nabo babeyohlushwa abantu bakubo—baxoshwe emasinagogeni futhi bashushiswe kuze kube seqophelweni lokufa imbala. (Johane 16:2) Kuthiwani ngezikhathi zanamuhla? Ekuqaleni ‘kwezinsuku zokugcina,’ abantu bakaNkulunkulu babona ukuthi nabo babezohlushwa ngendlela efanayo. (2 Thimothewu 3:1) Emuva ngo-1914, INqabayokulinda (yesiNgisi) yacaphuna u-Isaya 66:5, yathi: “Cishe konke ukushushiswa kwabantu bakaNkulunkulu bekuvela kwabathi bangamaKristu.” Sona lesi sihloko sathi futhi: “Asazi noma bangase beqise yini osukwini lwethu—basicwase, bahlakaze inhlangano, noma mhlawumbe basibulale ngokoqobo.” Yeka ukuthi lawo mazwi aba yiqiniso kanjani! Kungakabiphi eshicilelwe, ushushiso olwalugqugquzelwa abefundisi lwashuba phakathi neMpi Yezwe I. Kodwa eLobukholwa lahlazeka, njengoba kwakubikezelwe. Kanjani?
Ukuvuselelwa Okusheshayo Nokuzumayo
13. Ekugcwalisekeni kokuqala, uyini “umsindo wesiyaluyalu ovela emzini”?
13 U-Isaya uyaprofetha: “Kukhona umsindo wesiyaluyalu ovela emzini, umsindo ovela ethempelini! Ngumsindo kaJehova ebuyisela okufanele ezitheni zakhe.” (Isaya 66:6) Ekugcwalisekeni kokuqala kwala mazwi, ‘umuzi’ yiJerusalema, lapho kukhona khona ithempeli likaJehova. “Umsindo wesiyaluyalu” uwukuxokozela okudalwa impi, okuzwakala kulo muzi ngesikhathi amabutho aseBabiloni ewuhlasela ngo-607 B.C.E. Kuthiwani-ke kodwa ngokugcwaliseka kwanamuhla?
14. (a) UMalaki wabikezelani ngokuza kukaJehova ethempelini laKhe? (b) Ngokwesiprofetho sikaHezekeli, waba yini umphumela wokuza kukaJehova ethempelini lakhe? (c) UJehova noJesu balihlola nini ithempeli elingokomoya, futhi bathinteka kanjani labo ababethi bamelele ukukhulekela kweqiniso?
14 La mazwi aku-Isaya avumelana nezinye iziprofetho ezimbili, esinye sikuHezekeli 43:4, 6-9 esinye sikuMalaki 3:1-5. UHezekeli noMalaki babikezela isikhathi uJehova uNkulunkulu ayofika ngaso ethempelini lakhe. Isiprofetho sikaMalaki sibonisa ukuthi uJehova uyafika ezohlola indlu yakhe yokukhulekela okumsulwa nokuba abe uMcwengi, alahle labo abammelela kabi. Umbono kaHezekeli uveza uJehova engena ethempelini efuna ukuba kususwe yonke iminonjana yokuziphatha okubi nokukhonza izithombe.b Ekugcwalisekeni kwanamuhla kwalezi ziprofetho, ngo-1918 kwenzeka isigigaba esingokomoya esibalulekile esiqondene nokukhulekela uJehova. UJehova noJesu bahlola bonke labo abathi bamelela ukukhulekela okumsulwa. Umphumela walokho kuhlolwa waba ukulahlwa kokugcina kweLobukholwa elonakele. Kubalandeli bakaKristu abagcotshiwe, lokhu kuhlolwa kwasho inkathi emfushane yokulungiswa eyalandelwa ukuvuselelwa okusheshayo ngokomoya ngo-1919.—1 Petru 4:17.
15. Yikuphi ukuzalwa okubikezelwayo, futhi kugcwaliseka kanjani ngo-537 B.C.E.?
15 Lokhu kuvuselelwa kuchazwe kahle kula mavesi alandelayo ka-Isaya: “Ngaphambi kokuba aqalwe izinhlungu wabeletha. Ngaphambi kokuba imihelo imfikele, wabeletha umntwana wesilisa. Ubani oyizwile into enjengale? Ubani ozibonile izinto ezinjengalezi? Ingabe izwe lingazalwa ngezinhlungu ngosuku olulodwa? Noma ingabe isizwe singazalwa ngasikhathi sinye? Ngoba iZiyoni lifikelwe izinhlungu futhi lazala abantwana balo. (Isaya 66:7, 8) La mazwi agcwaliseka ngendlela evusa amadlingozi kumaJuda athunjiwe eBabiloni. IZiyoni, noma iJerusalema, liphinde lichazwe njengowesifazane obelethayo, kodwa yeka ukubeletha okungavamile! Kuyashesha futhi kuzuma kangangokuba kwenzeka nemihelo ingakaqali nakuqala! Iyafaneleka le ncazelo. Ukuzalwa kabusha kwabantu bakaNkulunkulu njengesizwe esizimele ngo-537 B.C.E. kushesha futhi kuzuma sengathi kwenzeka ngomlingo. Phela kusukela ngesikhathi uKoresi ekhulula amaJuda ekuthunjweni kuya esikhathini insali ethembekile eyayisisezweni layo ngaso, kuyizinyanga nje kuphela! Yeka ukuthi kuhluke kanjani ezigigabeni ezaholela ekuzalweni kokuqala kwesizwe sakwa-Israyeli! Ngo-537 B.C.E., asikho isidingo sokucela inkululeko enkosini enenkani, asikho isidingo sokubalekela ibutho elinenzondo, asikho isidingo sokuhlala iminyaka engu-40 ehlane.
16. Ekugcwalisekeni kwanamuhla kuka-Isaya 66:7, 8, lifanekiselani iZiyoni, futhi inzalo yalo izalwe kanjani kabusha?
16 Ekugcwalisekeni kwanamuhla, iZiyoni lifanekisela “owesifazane” kaJehova wasezulwini, inhlangano yakhe yasezulwini yezidalwa zomoya. Ngo-1919 lona ‘wesifazane wakujabulela ukubona kuzalwa amadodana akhe agcotshiwe emhlabeni njengabantu abahlelekile, ‘abayisizwe.’ Lokho kuzalwa kabusha kwashesha futhi kwaba okuzumayo.c Ngezinyanga nje ezimbalwa, abagcotshiwe njengeqembu basuka esimweni sokungasebenzi njengokungathi bafile baba sesimweni sokuphila kobungqabavu nokumatasa ‘ezweni’ labo, indawo yomsebenzi ongokomoya abayinikwe uNkulunkulu. (IsAmbulo 11:8-12) Ekwindla ka-1919, baze bamemezela nomagazini omusha ohambisana ne-Nqabayokulinda. Njengoba lo magazini omusha wawubizwa ngokuthi i-Golden Age (manje i-Phaphama!), waba ubufakazi bokuthi abantu bakaNkulunkulu base benikwe amandla amasha futhi sebephinde bahlelelwa ukwenza inkonzo.
17. UJehova ubaqinisekisa kanjani abantu bakhe ukuthi akukho lutho olungamvimba ukuba afeze injongo yakhe ngo-Israyeli ongokomoya?
17 Akukho mandla ezulwini nasemhlabeni angavimba lokhu kuzalwa kabusha okungokomoya. Ivesi elilandelayo likuchaza ngokucacile lokhu: “‘Mina-ke, ingabe ngingabangela ukubhoboka kodwa ngingabangeli ukuba kuzalwe?’ kusho uJehova. ‘Noma ingabe ngibangela ukuba kuzalwe kodwa empeleni ngibangele ukuba kuvaleke?’ kusho uNkulunkulu wakho.” (Isaya 66:9) Njengoba inqubo yokuzala ingenakuvinjwa uma isiqalile, nokuzalwa kabusha kuka-Israyeli ongokomoya kwakungenakumiswa lapho sekuqalile. Yiqiniso, kwakukhona ukuphikiswa, futhi cishe kusazoba nokuphikiswa okwengeziwe esikhathini esizayo. Kodwa uJehova kuphela ongamisa into ayiqalile, futhi akakwenzi neze lokho! UJehova ubaphatha kanjani-ke abantu bakhe abanikwe amandla amasha?
Isisa SikaJehova
18, 19. (a) UJehova usebenzisa muphi umfanekiso othinta inhliziyo, futhi usebenza kanjani kubantu bakhe abathunjiwe? (b) Insali egcotshiwe namuhla iye yazuza kanjani ekondliweni nasekunakekelweni ngothando?
18 Amavesi amane alandelayo akha umfanekiso othinta inhliziyo wesisa sikaJehova. Okokuqala, u-Isaya uthi: “Thokozani neJerusalema nijabule kanye nalo, nonke nina enilithandayo. Yethabani kakhulu kanye nalo, nonke nina enizigcina nilila ngenxa yalo; ngenxa yokuthi niyoncela futhi ngokuqinisekile nithole ukwaneliseka ebeleni lenduduzo yalo egcwele; ngenxa yokuthi niyomunca nithole injabulo enkulu engonweni yenkazimulo yalo.” (Isaya 66:10, 11) UJehova lapha usebenzisa umfanekiso wowesifazane oncelisa usana lwakhe. Lapho umntwana enephango, uvele abelesele ngokukhala. Kodwa lapho esondezwa ebeleni likanina ukuze ancele, usizi lwakhe luphenduka ukwaneliseka nokugculiseka okujabulisayo. Ngendlela efanayo, insali yamaJuda athembekile eBabiloni ngokushesha nje izosuka esimweni sokulila iye kwesokujabula nokwaneliseka lapho kufika isikhathi sokukhululwa nesokubuyiselwa. Iyojabula. Inkazimulo yeJerusalema iyovuselelwa lapho lakhiwa kabusha futhi sekuphinde kwaba nabantu abahlala kulo. Nezakhamuzi ezithembekile ziyokwamukelwa yinkazimulo yomuzi. Ziyophinde zondliwe ngokomoya abapristi abakhuthele.—Hezekeli 44:15, 23.
19 U-Israyeli ongokomoya naye wabusiswa ngensada yokudla ngemva kokuvuselelwa kwakhe ngo-1919. Kusukela ngaleso sikhathi ukudla okungokomoya okukhishwa ‘ngesigqila esikholekile nesiqondayo’ kuye kwaqhubeka kugeleza. (Mathewu 24:45-47) Ngempela lesi kuye kwaba isikhathi senduduzo nesenjabulo ngensali egcotshiwe. Kodwa kuye kwaba nezibusiso ezengeziwe.
20. IJerusalema liye labusiswa kanjani ‘ngesifufula esikhukhulayo,’ endulo nanamuhla?
20 Isiprofetho siyaqhubeka: “Yilokhu uJehova akushilo: ‘Bheka ngidlulisela ukuthula kulo njengomfula nenkazimulo yezizwe njengesifufula esikhukhulayo, futhi ngokuqinisekile niyoncela. Niyothwalwa ohlangothini, niwotawotwe emadolweni.’” (Isaya 66:12) Lapha umfanekiso wokuncelisa uhlanganiswe nowokugeleza kwezibusiso—‘umfula nesifufula esikhukhulayo.’ IJerusalema ngeke libusiswe ngokuthula okukhulu okuvela kuJehova kuphela, kodwa ‘nangenkazimulo yezizwe,’ egelezela kubantu bakaNkulunkulu futhi ibabusise. Lokhu kusho ukuthi abantu bezizwe bayothuthelekela kubantu bakaJehova. (Hagayi 2:7) Ekugcwalisekeni kwasendulo, abantu abaningi abavela ezizweni ezihlukahlukene bazimatanisa ngempela no-Israyeli, baba amaproselithe angamaJuda. Kodwa ukugcwaliseka okukhulu kakhulu kunalokhu kuye kwenzeka esikhathini sethu lapho “isixuku esikhulu . . . [esiphuma] kuzo zonke izizwe nezizwana nabantu nezilimi”—ngempela isifufula esikhukhulayo sabantu—siye sazimatanisa nensali yamaJuda angokomoya.—IsAmbulo 7:9; Zakariya 8:23.
21. Ukududuzwa okunjani okubikezelwa ngomfanekiso omnandi?
21 U-Isaya 66:12 ukhuluma nangokubonakaliswa kothando lukamama—ukuwotawota umntwana esemadolweni nokumgona ohlangothini. Kuleli vesi elilandelayo, kuvezwa umqondo ofanayo onesici esithakazelisayo esesishintshile. “Njengomuntu unina aqhubeka emduduza, kanjalo mina ngokwami ngiyoqhubeka nginiduduza; futhi niyoduduzwa ngokuqondene neJerusalema.” (Isaya 66:13) Lo mntwana ‘usengumuntu’ omdala manje. Kodwa asikapheli isifiso sikanina sokumduduza ngesikhathi sokucindezeleka.
22. UJehova usibonisa kanjani isisa namandla othando lwakhe?
22 Ngale ndlela emnandi, uJehova ucacisa amandla nesisa sothando lwakhe ngabantu bakhe. Ngisho nothando lukamama olunamandla luwukubonakaliswa okuncane kakhulu kothando olujulile uJehova athanda ngalo abantu bakhe abathembekile. (Isaya 49:15) Akuve kubalulekile ukuba wonke amaKristu abonise le mfanelo kaYise osezulwini! Umphostoli uPawulu wayibonisa, futhi ngokwenza kanjalo wabashiyela isibonelo esihle abadala ebandleni lobuKristu. (1 Thesalonika 2:7) UJesu wathi uthando lobuzalwane luyoba uphawu oluyinhloko lwabalandeli bakhe.—Johane 13:34, 35.
23. Chaza isimo esijabulisayo sabantu bakaJehova abavuselelwe.
23 UJehova ubonisa uthando lwakhe ngesenzo. Ngakho uyaqhubeka: “Ngokuqinisekile niyobona, futhi inhliziyo yenu iyokwethaba nakanjani, wona kanye amathambo enu ayohluma njengotshani obusha. Ngokuqinisekile isandla sikaJehova siyokwenziwa saziwe ezincekwini zakhe, kodwa izitha zakhe uyozilahla impela.” (Isaya 66:14) Isazi solimi lwesiHeberu sisikisela ukuthi inkulumo ethi “ngokuqinisekile niyobona” isho ukuthi nomaphi lapho izithunjwa ezibuyela ekhaya zibuka khona ezweni lazo elibuyiselwe, “kuvele kuqhilike izihlathi.” Ziyokwethaba ngempela, ziphelelwe amazwi ngenxa yenjabulo yokubuyiselwa ezweni lazo ezilithandayo. Ziyozizwa zivuselelekile, njengokungathi amathambo azo ayaqina futhi, ziyozizwa ziswabuluka njengotshani entwasahlobo. Zonke ziyokwazi ukuthi lesi simo esibusisiwe sibangelwe “isandla sikaJehova,” hhayi imizamo yomuntu.
24. (a) Ufinyelela kusiphi isiphetho uma ucabanga ngezenzakalo ezithinta abantu bakaJehova namuhla? (b) Yini okumelwe sizimisele ukuyenza?
24 Ingabe uyasibona isandla sikaJehova sisebenza kubantu bakhe namuhla? Akekho umuntu obengabuyisela ukukhulekela okumsulwa. Akekho umuntu obengenza ukuba izikhukhula zezigidi eziningi zabantu abayigugu abavela kuzo zonke izizwe bazihlanganise nensali ethembekile ezweni layo elingokomoya. NguJehova uNkulunkulu kuphela ongenza izinto ezinjalo. Lokhu kubonakaliswa kothando lukaJehova kusinika isizathu sokuthokoza kakhulu. Kwangathi singelokothe siluthathe kalula uthando lwakhe. Masiqhubeke ‘sithuthumela ngezwi lakhe.’ Masizimisele ukuphila ngezimiso zeBhayibheli futhi sithole injabulo ekukhonzeni uJehova.
[Imibhalo yaphansi]
a Namuhla abaningi kweLobukholwa abafuni ukusebenzisa igama likaJehova, bayalisusa nokulisusa ezinguqulweni eziningi zeBhayibheli. Abanye baklolodela abantu bakaNkulunkulu ngoba besebenzisa igama lakhe. Kodwa abaningi balaba bantu bazenza abantu abangcwele ngokusebenzisa igama elithi “Haleluya,” elisho ukuthi “Dumisani uJah.”
b Inkulumo ethi ‘izidumbu zamakhosi ayo’ esetshenziswe kuHezekeli 43:7, 9, ibhekisela ezithombeni. Abaholi nabantu baseJerusalema abadlubulundayo babengcolise ithempeli likaNkulunkulu ngezithombe, futhi empeleni, babezenze zaba amakhosi.
c Lokhu kuzalwa okuprofethwe ngakho lapha akufani nalokho okuchazwe kusAmbulo 12:1, 2, 5. Kuleso sahluko sesAmbulo, “indodana, owesilisa,” ifanekisela uMbuso KaMesiya owamiswa ngo-1914. Kodwa “owesifazane” okukhulunywa ngaye kulezi ziprofetho zombili uyefana.
[Isithombe ekhasini 395]
“Zonke lezi zinto zenziwe izandla zami”
[Isithombe ekhasini 402]
UJehova uyonikeza iZiyoni ‘inkazimulo yezizwe’