-
“Noma Kuphi Lapho Kugelezela Khona La Manzi Yonke Into Iyophila”Indlela Emsulwa Yokukhonza UJehova—Iyabuyiselwa Ekugcineni!
-
-
1, 2. NgokukaHezekeli 47:1-12, yini uHezekeli ayibonayo nayitshelwayo? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)
UHEZEKELI uphinde abone enye into emangalisayo embonweni wakhe wethempeli: Kunomfudlana ogelezayo osuka esakhiweni esingcwele! Mbone nje ngeso lengqondo ehamba elandela lo mfudlana onamanzi ahlanzekile nacwebile. (Funda uHezekeli 47:1-12.) Ugeleza usuka endaweni yokungena yendlu engcwele; bese uqhamuka esakhiweni sethempeli eduze kwesango elisempumalanga. Ingelosi ihola uHezekeli njengoba besuka ethempelini behamba bekala indawo. Le ngelosi ilokhu itshela uHezekeli ukuba ahambe emanzini, bese lo mprofethi ethola ukuthi la manzi aya ejula ngokushesha, agcine esewumfula angawuwela kuphela ngokuthi abhukude!
-
-
“Noma Kuphi Lapho Kugelezela Khona La Manzi Yonke Into Iyophila”Indlela Emsulwa Yokukhonza UJehova—Iyabuyiselwa Ekugcineni!
-
-
5. Umfula osembonweni wakuqeda kanjani ukukhathazeka kokuthi abantu babeyozithola bonke yini izibusiso?
5 Ingabe kwakuyohlale kunezibusiso ezanele wonke umuntu? Lo mbono uyakuqeda ukukhathazeka okunjalo ngokubonisa ukwanda kwalo mfula ngendlela eyisimangaliso—kusukela ekubeni umfudlana uya ekubeni umfula omkhulu onamandla kungakapheli ngisho amakhilomitha amabili! (Hez. 47:3-5) Lapho amaJuda esebuyele ezweni lawo, kwakungenzeka ande; kodwa izibusiso zikaJehova nazo zaziyokwanda ukuze zanelise izidingo zawo. Lo mfula wawufanekisela inala!
-