-
Zingobani ‘Izidalwa Eziphilayo Ngasinye Esinobuso Obune’?Indlela Emsulwa Yokukhonza UJehova—Iyabuyiselwa Ekugcineni!
-
-
15. Yiliphi iqiniso elithinta inhliziyo uHezekeli alifunda embonweni wokuqala awuthola?
15 Kulo mbono wokuqala, uHezekeli wafunda iqiniso elithinta inhliziyo nelibalulekile ngobuhlobo bakhe noJehova. Laliyini? Leli qiniso livezwe emazwini okuqala encwadi yalo mprofethi. Ngemva kokusho ukuthi ‘wayesezweni lamaKhaledi,’ ekhuluma ngaye, uHezekeli wathi: “Isandla sikaJehova saba phezu kwakhe kuleyo ndawo.” (Hez. 1:3) Phawula ukuthi uHezekeli wathi lowo mbono wawuthola ekuleyo ndawo—eBhabhiloni, hhayi eJerusalema.c Ngakho lelo qiniso lamtshelani uHezekeli? Lamtshela lokhu: Nakuba ayedingisiwe ehlukanisiwe neJerusalema nethempeli lalo, wayengahlukanisiwe noJehova futhi wayesengamkhonza. Ukubonakala kukaJehova kuHezekeli eBhabhiloni kwabonisa ukuthi ukukhonza uNkulunkulu ngendlela emsulwa kwakungaxhomekile endaweni noma esikhundleni. Kunalokho, kwakuxhomeke enhliziyweni kaHezekeli nasesifisweni sakhe sokukhonza uJehova.
-
-
Zingobani ‘Izidalwa Eziphilayo Ngasinye Esinobuso Obune’?Indlela Emsulwa Yokukhonza UJehova—Iyabuyiselwa Ekugcineni!
-
-
c Omunye umhlaziyi weBhayibheli uthi le nkulumo ethi “‘kuleyo ndawo’ iveza ukumangala uHezekeli ayenakho ngaleso sikhathi kunanoma iyiphi enye inkulumo. . . . UNkulunkulu ukuleyo ndawo eBhabhiloni! Kwaze kwaduduza!”
-