-
UDaniyeli—Incwadi Ethembekile YesiprofethoINqabayokulinda—1986 | Okthoba 1
-
-
UDaniyeli walandisa: “Ngabona embonweni wami ebusuku . . . Izilo ezine ezinkulu zakhuphuka elwandle, zahlukile esinye kwesinye. Esokuqala sasinjengengonyama . . . Bheka, esinye isilo, esesibili, sinjengebhere . . . Bheka, esinye, sinjengengwe . . . Emva kwalokho ngabona emibonweni ebusuku; bheka, isilo sesine, esesabekayo, sinamandla, siqinile kakhulu. . . . Lezozilo ezinkulu ezine zingamakhosi amane ayakuvela emhlabeni. Kepha abangcwele boPhezukonke bayakwamukeliswa umbuso, umbuso ube-ngowabo kuze kube-phakade.”—Daniyeli 7:2-18.
-
-
UDaniyeli—Incwadi Ethembekile YesiprofethoINqabayokulinda—1986 | Okthoba 1
-
-
Ngokufanayo, izilo ezine zikaDaniyeli isahluko 7 zifanekisela imibuso emine yomhlaba kusukela osukwini kukaDaniyeli kuya phambili, kuze kube sesikhathini sokumiswa koMbuso kaNkulunkulu. UDaniyeli waphila kwaze kwaba ngalé kokuwa koMbuso Wezwe WaseBabiloni (ingonyama) kwaze kwaba sekuqaleni kowawulandela, owamaMede namaPheresiya (ibhere). Isiprofetho sikaDaniyeli sesikhathi eside sabikezela ukuwa kwamaMede namaPheresiya ngaphambi [kweJavani] kweGrisi (ingwe), nayo eyayiyothathelwa indawo “isilo sesine,” uMbuso WaseRoma nomxhantela wawo, uMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika.b
-