Imibuzo Evela Kubafundi
Sikujabulele ukufunda iziprofetho zikaDaniyeli njengoba zichazwe ku-‘Nqabayokulinda.’ Nokho, kungani izinsuku zezikhathi ezintathu nengxenye zesAmbulo 11:3 zihluka kulezo ezisencwadini ethi “Umvuthwandaba WesAmbulo?”
Yebo, INqabayokulinda ka-November 1, 1993, yenza ukulungisa okuncane ngokuphathelene nokubalwa kwezinsuku zokugcwaliseka kwanamuhla kwesAmbulo 11:3. Ngani?
Ake sibheke kuqala isAmbulo 11:2, esiphetha ngokukhuluma ‘ngezinyanga ezingamashumi amane nambili.’ Siyaqhubeka evesini 3: “Ngiyakubanika ofakazi bami ababili ukuba baprofethe izinsuku eziyinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisithupha bembethe indwangu yamasaka.” Kwenzeka nini lokho?
Nokho, oFakazi BakaJehova bakubona kudala ukuthi lesisiprofetho sagcwaliseka kumaKristu agcotshwe ngomoya ngemva kokuphela ‘kwezikhathi zabezizwe’ ngo-1914. (Luka 21:24; 2 Korinte 1:21, 22) Ikhulumela lokhu, incwadi ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!a (1988) ekhasini 164 ithi: “Kwaba nenkathi ephawulekayo yeminyaka emithathu nengxenye lapho okuhlangenwe nakho okunzima kwabantu bakaNkulunkulu kwafana nezenzakalo eziprofethwe lapha—kusukela ekugqashukeni kwempi yezwe yokuqala engxenyeni yokugcina ka-1914 futhi kuqhubeke kuze kube sekuqaleni kuka-1918.”
Phawula ukuthi ukubalwa kwezinsuku okunikeziwe kwakusukela ‘ekugqashukeni kwempi yezwe yokuqala engxenyeni yokugcina ka-1914 [kuze kube] sekuqaleni kuka-1918.’ Lokhu kuvumelana nokubalwa kwezinsuku okuvame ukunikezwa, njengalokho okusencwadini ethi “Then Is Finished the Mystery of God,” amakhasi 261-4, (1969).b
Nokho, INqabayokulinda yagxila eziprofethweni ezikuDaniyeli, okuyincwadi ekhuluma izikhathi ezimbili ngenkathi efana naleyo ekhulunyelwa kamuva kusAmbulo—iminyaka engu-3 1/2, noma izinyanga ezingu-42. Ngokuqinisekile, uDaniyeli 7:25 uthi abangcwele bakaNkulunkulu babeyohlukunyezwa “kuze kube-yisikhathi nezikhathi nenxenye yesikhathi,” noma izikhathi ezingu-3 1/2. Kamuva, uDaniyeli 12:7 ubikezela ‘isikhathi, nezikhathi, nenxenye,’ noma izikhathi ezingu-3 1/2, ezaziyofinyelela umvuthwandaba wazo ‘ngokuqeda ukuphohloza amandla abantu abangcwele.’
Ngakho sineziprofetho eziphathelene nenkathi efananayo kaDaniyeli 7:25, uDaniyeli 12:7, nesAmbulo 11:2, 3, kanye nesAmbulo 13:5. Izincwadi zethu ziye zabonisa ukuthi konke lokhu kwagcwaliseka enkathini ka-1914-18. Kodwa lapho sichaza ngasinye saleziziprofetho ngokwehlukana, izinsuku zokuqala nokuphela zazihlukile kancane.
Nokho, INqabayokulinda ka-November 1, 1993, yabuza: “Zagcwaliseka kanjani zonke leziziprofetho ezifanayo?” Yebo, iziprofetho zezikhathi ezingu-3 1/2 ezikhulunyelwe kuDaniyeli 7:25, Daniyeli 12:7, nesAmbulo 11:3 zaphawulwa ‘njengeziprofetho ezifanayo.’ Ngakho, zaziyovumelana ngokuphathelene nesiqalo nesiphetho sazo.
Ngokuphathelene nesiphetho, lomagazini wabonisa indlela ukuhlukunyezwa kwabagcotshiweyo bakaNkulunkulu (Daniyeli 7:25) okwafinyelela ngayo umvuthwandaba ngo-June 1918 lapho uJ. F. Rutherford nabanye abaqondisi be-Watch Tower Bible and Tract Society ‘begwetshwa isikhathi eside ejele ngokumangalelwa okungamanga.’ Ngokuqinisekile lesosenzakalo ‘sasiwukuqeda ukuphohloza amandla abantu abangcwele,’ njengoba kuboniswe kuDaniyeli 12:7.
Uma sibala sihlehla kusukela ku-June 1918 sifinyelela ku-December 1914 njengesikhathi okwaqala ngaso izikhathi ezingu-3 1/2. Ngaleyonyanga yokugcina ka-1914, abagcotshiweyo bakaNkulunkulu emhlabeni bafunda umbhalo oyinhloko wonyaka owawuzolandela: “‘Ningasiphuza yini isitsha engizakusiphuza na?’—Mathewu 20:20-23.” Isihloko esasiwumemezela saxwayisa: “Kodwa ubani owaziyo ukuthi abalandeli abathembekile beWundlu bangase babhekane novivinyo olukhethekile, indebe yokuhlupheka noma ihlazo phakathi no-1915!” Njengoba uDaniyeli 7:25 abikezela lenkathi yezikhathi ezingu-3 1/2, ‘ukuhlukunyezwa kwaba khona futhi kwaqhubeka ngokumelene nabangcwele boPhezukonke ngokwabo.’ Izizwe zahileleka eMpini Yezwe I, zikwenza kube lula ngazo ukuqhubeka nokuhlukumeza kwazo okungenabulungisa. Isiphetho kwaba yilesi: Zonke iziprofetho ezintathu ezifanayo—uDaniyeli 7:25, 12:7, nesAmbulo 11:3—zagcwaliseka eminyakeni engu-3 1/2, noma izinyanga ezingu-42, kusukela ku-December 1914 kuya ku-June 1918.
Lokhu kubonisa ukuthuthukiswa okuncane ekubalweni kwezinsuku zokugcwaliseka kwesAmbulo 11:3. Lokhu kulungisa singakugcina ezingqondweni njengoba sitadisha futhi sisebenzisa incwadi ethi Umvuthwandaba WesAmbulo esikhathini esizayo esiseduze.
[Umbhalo waphansi]
a Ikhishwa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
b Ikhishwa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.