-
Ubani Ongamelana NeSikhulu Sezikhulu?Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!
-
-
21. Obani ‘abasendaweni engcwele’ umbuso wezwe wesikhombisa ozama ukuyichitha?
21 Namuhla abaseleyo babangu-144 000 bangabameleli basemhlabeni ‘beJerusalema lasezulwini’—uMbuso kaNkulunkulu onjengomuzi—kanye nelungiselelo lawo lethempeli. (Heberu 12:22, 28; 13:14) Ngalo mqondo ‘basendaweni engcwele’ leyo umbuso wezwe wesikhombisa ozama ukuyinyathela nokuyichitha. (Daniyeli 8:13, qhathanisa ne-NW.) Ebiza le ndawo engcwele nangokuthi “indawo yendlu [kaJehova] engcwele,” uDaniyeli uthi: ‘[UJehova] waphucwa umnikelo oshiswa imihla yonke, nendawo yendlu yakhe engcwele yaphonswa phansi. Kwabekwa impi yokulwa kanye nomnikelo oshiswa imihla yonke ngesiphambeko: lwaphonsa phansi iqiniso, lwenza njengentando yalo, lwaba nempumelelo.’ (Daniyeli 8:11, 12) Kwagcwaliseka kanjani lokhu?
22. Phakathi neMpi Yezwe II, umbuso wezwe wesikhombisa wasenza kanjani “isiphambeko” esiphawulekayo?
22 OFakazi BakaJehova babhekana nani phakathi neMpi Yezwe II? Bashushiswa kabuhlungu kakhulu! Kwaqala emazweni obuNazi nawobuFascist. Kodwa ngokushesha ‘iqiniso laphonswa phansi’ kuzo zonke izindawo ezinkulu ‘zophondo oluncane olwase lunamandla amakhulu.’ “Ibandla” labamemezeli boMbuso nomsebenzi walo wokushumayela “izindaba ezinhle” lavinjelwa cishe kuwo wonke amazwe akha uMfelandawonye Wamazwe Ayebuswa AmaNgisi. (Marku 13:10) Ngesikhathi lezi zizwe zibutha amadoda ayezoya empini, zenqaba ukukhulula oFakazi BakaJehova enkonzweni yezempi ngoba beyizikhonzi, zangakuhlonipha ukumiswa kwabo okungokwasezulwini njengezikhonzi zikaNkulunkulu. Izinceku zikaJehova ezithembekile e-United States zabhekana nobudlova bezixhwanguxhwangu nokwedelelwa okuhlukahlukene. Kufana nokuthi umbuso wezwe wesikhombisa wawuzama ukuqeda umhlatshelo wokudumisa—“isithelo sezindebe”—abantu bakaJehova ababesinikela kuYe njalo ‘njengomnikelo oshiswa imihla yonke’ wokukhulekela kwabo. (Heberu 13:15) Ngakho lowo mbuso wezwe wenza ‘isiphambeko’ ngokuhlasela indawo efanele kaNkulunkulu oPhezukonke—‘indawo yendlu yakhe engcwele.’
23. (a) Phakathi neMpi Yezwe II, uMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika wamelana kanjani ‘neSikhulu sezikhulu’? (b) Ubani “iSikhulu sezikhulu”?
23 Ngokushushisa “abangcwele” phakathi neMpi Yezwe II, uphondo oluncane lwaziphakamisa “kwaze kwaba nasesikhulwini sebandla.” Noma, njengoba ingelosi uGabriyeli isho, lwamelana ‘neSikhulu sezikhulu.’ (Daniyeli 8:11, 25) Isiqu esithi ‘iSikhulu sezikhulu’ sisebenza kuJehova uNkulunkulu kuphela. Igama lesiHeberu elithi sar, elihunyushwe ngokuthi “isikhulu” lihlobene nesenzo esisho “ukusebenzisa igunya eliphakeme kunawo wonke.” Ngalé kokubhekisela endodaneni yenkosi noma kumuntu osesikhundleni esiphezulu, leli gama libhekisela nakumuntu oyinhloko noma omkhulu. Incwadi kaDaniyeli ikhuluma nangezinye izikhulu eziyizingelosi—ngokwesibonelo, uMikayeli. UNkulunkulu uyiSikhulu Esikhulu sazo zonke lezo zikhulu. (Daniyeli 10:13, 21; qhathanisa neHubo 83:18.) Singacabanga yini ngomuntu omelana noJehova—iSikhulu sezikhulu?
“INDAWO ENGCWELE” IBUYISELWA ESIMWENI ESIFANELE
24. Yisiphi isiqinisekiso esisinikezwa uDaniyeli 8:14?
24 Akekho noyedwa ongamelana neSikhulu sezikhulu—ngisho nenkosi ‘enobuso obulukhuni’ njengoMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika! Imizamo yale nkosi yokuchitha indlu engcwele kaNkulunkulu iyabhuntsha. Ngemva ‘kokuhlwa nokusa okuyizinkulungwane ezimbili namakhulu amathathu,’ kusho isithunywa esiyingelosi, “indawo engcwele iyobuyiselwa esimweni sayo esifanele,” noma “iyonqoba.”—Daniyeli 8:13, 14; The New English Bible.
-
-
Ubani Ongamelana NeSikhulu Sezikhulu?Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!
-
-
27. Yibuphi ubufakazi obabukhona bokuthi ‘umnikelo oshiswa mihla yonke’ wawuvinjelwe phakathi neminyaka yeMpi Yezwe II eyayigcwele ushushiso?
27 Phakathi nezinsuku ezingu-2 300 ngesikhathi seMpi Yezwe II, eyaqala ngo-1939, ukunikelwa ‘komnikelo oshiswa imihla yonke’ endlini engcwele kaNkulunkulu kwavinjelwa kakhulu ngenxa yoshushiso. Ngo-1938 i-Watch Tower Society yayinamagatsha angu-39 ayeqondisa umsebenzi woFakazi emhlabeni wonke, kodwa ngo-1943 ayesengu-21 kuphela. Ukwanda kwabamemezeli boMbuso kwakukuncane phakathi naleyo nkathi.
-