Ithemba Okuwukuphela Kwalo Lokubusa Okulungile
“Ezinsukwini zalawomakhosi uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa.”—Daniyeli 2:44.
UMLANDO ubonisa ukuthi ababusi abaningi beminyaka edlule babecatshangelwa ukuthi bangawonkulunkulu. Ngisho nasekhulwini lethu leminyaka uStalin noHirohito babehalaliselwa kanjalo. Akekho kulabo ababizwa ngokuthi onkulunkulu owafinyelela izinga lobunkulunkulu bakhe elifakazelwa iBhayibheli, okungukuthi abe namandla okubikezela isikhathi esizayo. UJehova ubeka inselele kubo bonke onkulunkulu bamanga: “Nisizwise okuzayo. Sitsheleni okuzayo ngesikhathi esizayo, sazi ukuthi ningonkulunkulu.” (Isaya 41:22, 23) Abekho ababusi abangabantu abake bakwazi ukubikezela ngesikhathi esizayo, abakwazanga ngisho nangemibuso yabo. Ngaso sonke isikhathi benza izibikezelo ezivuthayo zalokho abazokwenza uma sebephethe, kodwa ngezikhathi eziningi baye bazibonakalisa ngokwabo bengabaprofethi bamanga kangangokuba manje abantu abasazethembi izibikezelo zabo.
IMpi yeZwe I yalwiwa ‘ngenjongo yokuvikela izwe embusweni weningi.’ Kodwa yehluleka. INhlangano yeZizwe yayizoba ‘ukubonakaliswa okungokombangazwe kombuso kaNkulunkulu emhlabeni.’ Kodwa ayikwazanga. IMpi yeZwe II yayizosusa izwe lomashiqela. Kodwa kunalokho basachuma. INhlangano yeZizwe Ezihlangane yayizohlanganisa izizwe zibambisane ngokuthula. Kodwa ziyahlukana zenza imibuso yaseMpumalanga, namazwe asaThuthukayo ayithuluzi elisetshenziswayo njengoba impi yezikhali neyomshoshaphansi iqhubeka. Ababusi bezwe bamemezela ithemba, kodwa ngengxenye enkulu, babonakalisa ukuphelelwa ithemba. Izibikezelo zabo ngezikhathi ezingcono azigcwaliseki. Njengoba kwakunjalo ezikhathini zamandulo, kusenjalo nanamuhla: “Bapholisa kalula ukulimala kwabantu bami, bathi: Ngukuthula, ngukuthula; kepha akukho ukuthula.” (Jeremiya 6:14) Akumangalisi abantu abasakholelwa neze ezithembisweni zabezombangazwe!
UJehova—UNkulunkulu Owazi Ikusasa
Nokho, uJehova uNkulunkulu unolwazi ngohulumeni, futhi lokho akubikezelayo ngohulumeni babantu ngaso sonke isikhathi kuyagcwaliseka. Eminyakeni eyi-150 ngaphambi kokuba uNebukadinesari aqothule iTire, umprofethi kaNkulunkulu uIsaya wabikezela ngokuqothulwa kwalo. Umprofethi wakhe uNahume wabikezela ngokuwa kweNinive, okuyinto engadlulanga nje kuphela kodwa yenzeka ngendlela uJehova achaza ngayo. (Isaya 23:1-13; Nahume 1:8; 2:6, 8; 3:13) UJeremiya wabikezela ukuthunjwa kwamaJuda yiBabiloni kusasele iminyaka eminingi kwenzeke, kanye nokukhululwa kwamaJuda okwakuyolandela ngemva kweminyaka engama-70 yencithakalo. Kodwa uIsaya wabikezela isehlakalo esifanayo eminyakeni engaphezu kwekhulu ngaphambi kukaJeremiya futhi washo negama lalowo owayezogumbuqela iBabiloni futhi akhulule amaJuda ebugqilini.—Jeremiya 29:10; 51:30, 37; Isaya 13:17-22; 44:26-28; 45:1, 2.
Okuthakazelisa nakakhulu amandla okubikezela kaJehova uma eqhathaniswa nawohulumeni babantu lapho embulela uDaniyeli umbono ngokuphakama nokuwa kwemibuso yezwe. KuDaniyeli isahluko 8 umprofethi ubona inqama enezimpondo ezimbili enkulu, kwaze kwaba yilapho impongo eyayinophondo olukhulu emkhathini wamehlo ayo iqhamuka ngaseNtshonalanga yayishaya inqama yazaphula izimpondo zayo ezimbili. Kodwa lapho impongo isinamandla, uphondo olukhulu lwaphuka esikhundleni salo kwamila ezine ezincane. (Dan 8 Amavesi. 4-8) Asishiywa singabaza ngencazelo yakho konke lokhu.
“Inqama oyibonileyo inezimpondo ezimbili,” umbhalo uyachaza, “zingamakhosi aseMediya nasePheresiya. Impongo iyinkosi yaseJavani; (Greece), uphondo olukhulu olusemkhathini wamehlo ayo luyinkosi yokuqala. Kepha olwaphukileyo, esikhundleni salo okwavela ezine, kuyakuvela imibuso emine esizweni salo, ingenamandla alo kodwa.”—Dan 8 Amavesi. 20-22.
Emva kweminyaka ethile uDaniyeli asetshenziswa ukuprofetha ngalezozehlakalo ezinzima, umbuso ombaxambili wamaMede namaPheresiya, inqama enezimpondo ezimbili waligumbuqela iBabiloni waba uMbuso weZwe weSine. Sekudlule iminyaka engaphezu kwamakhulu amabili uDaniyeli aloba lesisiprofetho, uAleksandra oMkhulu waba namandla wawachitha amaMede namaPheresiya. Ekufeni kuka-Aleksandra—ukuphuka kophondo lwempongo olukhulu—uMbuso weZwe wesiHlanu waseGreece wahlukaniselwa ezingxenyeni ezine. Ingxenye ngayinye yayibuswa oyedwa kojenene abane baka-Aleksandra izimpondo ezine ezincane ezathatha isikhundla sophondo olukhulu, kodwa zazingenamandla alo.
UDaniyeli isahluko sesi-7 futhi uveza ngombono ukulandelana kwezilo ezimelele ukuphakama nokuwa kweBabiloni, amaMede—namaPheresiya, iGreece nombuso wamaRoma. Dan 8 Esahlukweni sesi-2 iphupho likaNebukadinesari limelela ngesithombe esikhulu sensimbi ngesimo sobuntu ukuphakama nokuwa kwemibuso yezwe kuze kube usuku lwethu, beseke libonisa ukubhujiswa kwalesosithombe esikhulu ngokwesabekayo:
“Kwaqheshulwa itshe kungengazandla, lashaya isithombe ezinyaweni zaso eziyinsimbi nebumba, lazichoboza. Kwase kuchotshozwa kanyekanye insimbi, nebumba, nethusi, nesiliva, negolide, kwaba—njengamakhoba ezibuya zasehlobo, kwasuswa ngumoya, akutholwanga-ndawo; itshe elalisishaya isithombe laba-yintaba enkulu, lawugcwalisa umhlaba wonke.”—Daniyeli 2:34, 35.
Itshe eliba yintaba ligcwalise umhlaba liwumbuso kaKristu othatha indawo yabo bonke ohulumeni babantu, njengoba uDaniyeli 2:44, 45 ebonisa: “Ezinsukwini zalawomakhosi uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuchoboza uqede yonke lemibuso, wona uqobo ume phakade. Njengalokho wabona itshe ukuthi laqheshulwa entabeni kungengazandla, nokuthi lachoboza insimbi, nethusi, nebumba, nesiliva, negolide.”
Dan Isahluko sesikhombisa sikaDaniyeli naso sikhuluma ngokulandelana kwemibuso yabantu futhi siphetha ukulandelana kohulumeni ngokuthathelwa isikhundla umbuso kaKristu: “Kwafika namafu ezulu onjengendodana yomuntu; yafika komdala wezinsuku, [uJehova uNkulunkulu] yasondezwa phambi kwakhe. Yanikwa ukubusa, nobukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, nezizwe, nezilimi bayikhonze; ukubusa kwayo kungukubusa okuphakade okungayikudlula, nombuso wayo yiwo ongayikuchithwa.”—Daniyeli 7:13, 14.
Iminyaka Eyizi-6 000 Yokwehluleka Yanele!
UJehova uNkulunkulu ngokubekezela uye wavumela abantu izinkulungwane zeminyaka ukuzama izikhathi eziningi zonke izinhlobo zawohulumeni abangazicabanga. Akukho nowodwa oye walethela abantu bawo izibusiso ezihlala njalo. Kunalokho balanjiswa, benziwa mpofu, bacindezelwa, baba yizisulu zenkolo, zobuzwe, zobandlululo lobuzwe, lomnotho, bakhokhiswa intela ephakeme ukuze kusekelwe ohulumeni abonakele, baguliswa futhi babulawa yizimpi ezazilwiwa emakhulwini eminyaka ngokungenangqondo ngababusi abahahayo nabahlanyiswa ukubusa. Akekho umuntu oqotho ongaphikisa ukuthi ngesikhathi eside abanikwe sona abantu babengakwazi ukumisa uhulumeni olungileyo. Ngokuphindiwe kuye kwaboniswa ukuthi ‘akukuyo indoda ukuba ihambe iqondise izinyathelo zayo.’ (Jeremiya 10:23) Futhi, lifakazelwe kaningi iqiniso lokuthi abekho ababusi abangabantu abangonkulunkulu bangempela abakwazi ukubikezela ikusasa, ngisho nelawohulumeni ababaphethe.
Ngokwehluke kakhulu, uJehova uye wazibonakalisa ngokwakhe enguNkulunkulu owazi ikusasa, kuhlanganise nelawohulumeni babantu. Futhi uyazi, uye wasitshela nesintu ngeZwi lakhe, iBhayibheli, ngohulumeni olungileyo ngaphansi kwenkosi ayimisileyo, uKristu Jesu. Lapho ukubusa kwabantu kube yisiqalekiso esintwini, umbuso kaKristu uyoletha izibusiso ezinempilo, injabulo nokuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi.—Qhathanisa noLuka 23:42, 43; IsAmbulo 11:15.
Makuthi bonke abantu abaqotho abathanda ukulunga bakhonze uJesu Kristu manje njengoMkhululi wabo neNkosi. Beqaphela ukuthi “ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe esintwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.”—IzEnzo 4:12; Mathewu 12:21.